Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 5/1 kk. 8-9
  • Ukubonakala Kokugcina, NePentekoste Lika-33 C.E.

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubonakala Kokugcina, NePentekoste Lika-33 C.E.
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubonakala Okokugcina, NePentekoste Lika-33 C.E.
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Amakhulu Abantu Ayambona Ngaphambi KwePhentekoste
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Ubuyela Ezulwini
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Nizoba Ofakazi Bami”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 5/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukubonakala Kokugcina, NePentekoste Lika-33 C.E.

ESIKHATHINI esithile uJesu wenza amalungiselelo okuba bonke abangu-11 babaphostoli bakhe bahlangane naye entabeni yaseGalile. Abanye abafundi ngokusobala bayatshelwa ngalokho kuhlangana, futhi ingqikithi yabantu abangaphezu kuka-500 iyahlangana. Yeka ukuthi lokhu kuba umhlangano ojabulisa kanjani lapho uJesu ebonakala futhi eqala ukubafundisa!

Phakathi kokunye, uJesu uchazela lesixuku esikhulu ukuthi uNkulunkulu umniké lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. “Ngalokho hambani,” enxusa, “nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.”

Cabanga ngakho! Amadoda, abesifazane, nabantwana bonke bathola lokhu kuthunywa okufanayo kokuhlanganyela emsebenzini wokwenza abafundi. Abaphikisi bayozama ukuvimbela ukushumayela kwabo nokufundisa, kodwa uJesu uyabaduduza: “Bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” UJesu usalokhu enabalandeli bakhe ngomoya ongcwele, ukuze abasize ekufezeni inkonzo yabo.

Kukonke, uJesu uzibonakalisa ephila kubafundi bakhe isikhathi esiyizinsuku ezingu-40 ngemva kokuvuka kwakhe. Phakathi nalokhu kubonakala, ubafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu, futhi ugcizelela imithwalo yabo yemfanelo njengabafundi bakhe. Ngesinye isikhathi uze ngisho abonakale kumfowabo ngamzali munye uJakobe futhi ukholisa lona oke waba ongakholwa ukuthi ngempela Yena unguKristu.

Lapho abaphostoli beseseGalile, ngokusobala uJesu ubayala ukuba baphindele eJerusalema. Lapho ehlangana nabo lapho, uthi kubo: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”

Kamuva uJesu uyaphinda uhlangana nabaphostoli bakhe futhi ubaholela ngaphandle komuzi eBethaniya, esemthambekeni ongasempumalanga weNtaba yemiNqumo. Ngokumangalisayo, naphezu kwakho konke akushilo ngokuhamba kwakhe ngokushesha aye ezulwini, basakholelwa ukuthi uMbuso wakhe uyomiswa emhlabeni. Ngakho bayabuza: “Nkosi, usawubuyisela umbuso kuIsrayeli ngalesisikhathi na?”

Kunokuba azame futhi ukulungisa ukuqonda kwabo okungeyikho, uJesu umane nje uyaphendula: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe.” Khona-ke, ephinda egcizelela umsebenzi okumelwe bawenze, uthi: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.”

Besabhekile, uJesu uyaqala ukhuphukela ezulwini, futhi ube esesithwa yifu emehlweni abo. Ngemva kokushiya umzimba wakhe wenyama, unyukela ezulwini njengomuntu womoya. Njengoba abangu-11 beqhubeka begqolozele esibhakabhakeni, amadoda amabili agqoke izingubo ezimhlophe ayabonakala eceleni kwabo. Lezingelosi ezembethe imizimba yabantu ziyabuza: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswé kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”

Indlela uJesu asanda kumuka ngayo emhlabeni ayiwona umbukwane weningi futhi ibonwa abalandeli bakhe abathembekile kuphela. Ngakho uyobuya ngendlela efanayo—ngaphandle kokunanelwa yiningi futhi kube abalandeli bakhe abathembekile kuphela abaqonda ukuthi usebuyile futhi useqalile ukuba khona emandleni oMbuso.

Abaphostoli manje bayehla eNtabeni yemiNqumo, badabula esiGodini saseKedroni, baphinde bangene eJerusalema futhi. Abasuki lapho belalela umyalo kaJesu. Ezinsukwini eziyishumi kamuva, eMkhosini wamaJuda wePentekoste lika-33 C.E., lapho cishe abafundi abangu-120 behlangene egumbini eliphezulu eJerusalema, ngokungazelele yonke indlu igcwala inhlokomo njengaleyo yokuvunguza komoya onamandla. Kubonakala izilimi njengokungathi ezomlilo, futhi zihlala phezu kwalowo nalowo okhona, futhi abafundi bonke baqala ukukhuluma ngezilimi ezihlukahlukene. Lokhu kuwukuthululwa komoya ongcwele uJesu ayewuthembisile! Mathewu 28:16-20; Luka 24:49-52; 1 Korinte 15:5-7; IzEnzo 1:3-15; 2:1-4.

◆ Obani uJesu abanikeza iziyalezo zokuvalelisa entabeni ethile eGalile, futhi ziyini leziyalezo?

◆ Iyiphi induduzo uJesu ayinikezayo kubafundi bakhe, futhi uyohlala kanjani enabo?

◆ UJesu ubonakala kubafundi bakhe isikhathi eside kangakanani ngemva kokuvuka kwakhe, futhi ubafundisani?

◆ UJesu ubonakala kubani, lowo ngokusobala owayengeyena umfundi ngaphambi kokufa kukaJesu?

◆ Yikuphi ukuhlangana okubili kokugcina uJesu aba nakho nabaphostoli bakhe, futhi kwenzekani kulezenzakalo?

◆ Kukanjani uJesu eyobuya ngendlela efanayo namuka ngayo?

◆ Kwenzekani ngePentekoste lika-33 C.E.?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela