Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 6/1 kk. 8-9
  • UJesu Ufeza Konke UNkulunkulu Akucelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Ufeza Konke UNkulunkulu Akucelayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Ufeza Konke UNkulunkulu Akucelayo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukuvula Indlela Ephindela EPharadesi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • IPharadesi Elibuyiselwe Likhazimulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • UJesu Uletha IPharadesi Futhi Uqeda Isabelo Sakhe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 6/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

UJesu Ufeza Konke UNkulunkulu Akucelayo

LAPHO iNkosi eyiQhawe uJesu Kristu isusa uSathane nezwe lakhe elingalungile, yeka isizathu sokujabula esiyoba khona! UkuBusa kukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane okunokuthula ekugcineni kuyaqala!

Ngaphansi kokuqondisa kukaJesu namakhosi akanye naye, abasinde eArmagedoni bayohlanza izincithakalo ezishiywe yileyompi yokulunga. Futhi ngokunokwenzeka, abasindile abasemhlabeni bayozala abantwana isikhathi esithile, futhi laba bayohlanganyela emsebenzini ojabulisayo wokulima umhlaba bawenze ingadi enhle enjengepaki.

Ngesikhathi esifanele uJesu uyokhipha izigidi ezingenakubalwa emathuneni azo ukuze zijabulele leliPharadesi elihle. Uyokwenza lokhu efeza isiqinisekiso sakhe siqu: ‘Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakuphuma.’

Phakathi kwalabo uJesu abavusayo kuyoba owayekade eyiselelesi owafa eceleni kwakhe esigxotsheni sokuhlushwa. Khumbula ukuthi uJesu wamthembisa: “Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, Uyakuba nami ePharadesi.” Cha, leyondoda ngeke iyiswe ezulwini ukuze ibuse noJesu njengenkosi, futhi uJesu ngeke aphinde abe umuntu futhi aphile emhlabeni oyiPharadesi kanye nayo. Kunalokho, uJesu uyoba nalona owayekade eyiselelesi ngomqondo wokuthi uyomvusela ekuphileni ePharadesi futhi aqikelele ukuba izidingo zakhe, kokubili ezingokwenyama nezingokomoya, ziyanakekelwa, njengoba kubonisiwe kulelikhasi.

Cabanga ngakho! Ngaphansi kokunakekela kukaJesu kothando, wonke umkhaya wesintu—abasinde eArmagedoni, inzalo yabo, nezinkulungwane zezigidi ezimlalelayo zabafile abayobe bevusiwe—uyokhulela ekupheleleni kobuntu. UJehova, ngeNdodana yakhe eyinkosi, uJesu Kristu, uyohlala nesintu ngokomoya. Njengoba izwi uJohane alizwa livela ezulwini lisho: “Azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona.” Akukho muntu emhlabeni oyohlupheka noma agule.

Ekupheleni kokuBusa kukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane, isimo siyoba njengoba nje uNkulunkulu ayehlosile ekuqaleni lapho etshela umbhangqwana wokuqala ongabantu, uAdamu noEva, ukuba wande ugcwalise umhlaba. Yebo, umhlaba uyogcwala uhlanga olulungile lwabantu abaphelele. Lokhu kungenxa yokuthi izinzuzo zomhlatshelo kaJesu wesihlengo ziyobe zisetshenziswe kubo bonke. Ukufa ngenxa yesono sika-Adamu ngeke kusaba khona!

Ngaleyondlela, uJesu uyobe esekufeze konke uJehova akucela kuye. Ngakho-ke, ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uyodlulisela kuYise uMbuso nomkhaya wesintu ophelelisiwe. Khona-ke uNkulunkulu uyokhulula uSathane namademoni akhe kwalasha wokungasebenzi okunjengokufa. Ngayiphi injongo?

Phela, ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, abaningi balabo abaphila ePharadesi bayobe bengabavusiwe abangakaze bavivinywe ukholo lwabo. Ngaphambi kokuba bafe, babengakaze bazi ngezithembiso zikaNkulunkulu futhi kanjalo babengenakulubonisa ukholo kuzo. Khona-ke, ngemva kokuvuswa futhi bafundiswe amaqiniso eBhayibheli, kwaba lula ngabo ePharadesi, ngaphandle kokuphikiswa, ukuba bakhonze uNkulunkulu. Kodwa ukuba uSathane ebengase anikezwe ithuba lokuzama ukubayekisa ekuqhubekeni bekhonza uNkulunkulu, ingabe bebeyozibonakalisa bethembekile ngaphansi kokuvivinywa? Ukuze kuphendulwe lombuzo, uSathane uyokhululwa.

Isambulo esanikezwa uJohane sembula ukuthi ngemva kokuBusa kukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane, uSathane uyophumelela ekuhlubukiseni inani elinganqunyiwe labantu ekukhonzeni uNkulunkulu. Kodwa ngalesosikhathi, lapho uvivinyo lokugcina seluqediwe, uSathane, amademoni akhe, nabo bonke labo aphumelelayo ukubadukisa bayobhujiswa phakade. Ngakolunye uhlangothi, abavivinywe ngokugcwele, abasindileyo abathembekile bayoqhubeka bephila ukuze bajabulele izibusiso zikaBaba wabo wasezulwini kuze kube phakade.

Ngokucacile, uJesu uye waba nendima ebalulekile, futhi usazoqhubeka eba nayo, ekufezeni izinjongo zikaNkulunkulu ezikhazimulayo. Yeka ikusasa elihle esingase silijabulele ngenxa yakho konke akufezayo njengeNkosi enkulu kaNkulunkulu yasezulwini. Nokho, asinakukukhohlwa konke akwenza lapho engumuntu.

UJesu weza emhlabeni ngokuzithandela futhi wasifundisa ngoYise. Ngaphezu kwalokhu wabonisa izimfanelo zikaNkulunkulu eziyigugu. Izinhliziyo zethu ziyashukunyiswa lapho sicabangela isibindi nobudoda bakhe obukhulu, ukuhlakanipha kwakhe okungenakuqhathaniswa, ikhono lakhe elihle kakhulu njengomfundisi, ukuhola kwakhe ngesibindi, nesihawu sakhe sothando nozwela. Lapho sikhumbula indlela ahlupheka ngayo ngokungachazeki njengoba ayelungiselela isihlengo, okungaso kuphela esingase sizuze ukuphila, ngokuqinisekile izinhliziyo zethu zishukunyiselwa ekubeni zimazise!

Ngempela, yeka uhlobo lomuntu esiye salubona kulokhu kuhlolwa kokuphila kukaJesu! Ubukhulu bakhe busobala futhi buyamangalisa. Sishukunyiselwa ekubeni senanele amazwi ombusi waseRoma uPontiyu Pilatu: “Bhekani lomuntu!”

Ngokwamukela kwethu ilungiselelo lomhlatshelo wakhe wesihlengo, umthwalo wesono nokufa owazuzwa njengefa kuAdamu ungasuswa kithi, futhi uJesu angaba ‘uBaba wethu ongunaphakade.’ Bonke abayozuza ukuphila okuphakade kumelwe bangangenisi nje kuphela ulwazi ngoNkulunkulu kodwa futhi nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Sethemba ukuthi ukufunda kwakho nokutadisha loluchungechunge lwezihloko ezikhuluma ngokuphila nenkonzo kaJesu kukusizile ukuba ungenise ulwazi olunjalo olunikeza ukuphila! 1 Johane 2:17; 1:7; Johane 5:28, 29; 3:16; 17:3; 19:5; Luka 23:43, NW; Genesise 1:28; 1 Korinte 15:24-28; IsAmbulo 20:1-3, 6-10; 21:3, 4; Isaya 9:6.

◆ Yini eyoba ilungelo elijabulisayo labasinde eArmagedoni nabantwana babo?

◆ Obani abanye abayojabulela iPharadesi ngaphandle kwabasinde eArmagedoni nabantwana babo, futhi kungamuphi umqondo uJesu eyoba nabo?

◆ Siyoba yini isimo ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, futhi yini uJesu ayoyenza ngalesosikhathi?

◆ Kungani uSathane eyokhululwa kwalasha, futhi ekugcineni yini eyokwenzeka kuye nakubo bonke abamlandelayo?

◆ UJesu angaba kanjani ‘uBaba wethu ongunaphakade’?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela