Yiba Khona EMhlanganweni Wesigodi “Wabathandi Benkululeko”!
ULINDELWE izinsuku ezintathu ezizuzisayo zemfundo yeBhayibheli. Yiba khona ngo-10:20 ngoLwesihlanu ekuseni lapho umhlangano uqalisa ngomculo. Jabulela inkulumo yokuvula ethi, “Kungani Sibukisisa Emthethweni Ophelele Wenkululeko?,” nengxenye yokuphetha yesimiso sasekuseni, inkulumo eyisihluthulelo ethi: “Injongo Nokusetshenziswa Kwenkululeko Yethu Esiyinikwe UNkulunkulu.”
NgoLwesihlanu ntambama, amaKristu ayonikezwa isiyalo sokuba afeze ukuthunywa kwawo njengezikhonzi zikaNkulunkulu. Esithi “Ingabe Umatasa—Emisebenzini Efile Noma Enkonzweni KaJehova?” nesithi “Abantu Abakhululekile Kodwa Abanomthwalo Wemfanelo” zingezimbili zezihloko eziyokhulunyelwa. Isikhuthazo sokusebenzisa inkululeko yomuntu ekukhonzeni uJehova siyonikezwa edrameni egqokelwe ngokuphelele. Iyocaphuna kokuhlangenwe nakho kukaEzra nabangane bakhe ababuyela eJerusalema bevela eBabiloni ngo-468 B.C.E. ukuze bayohlobisa ithempeli IikaNkulunkulu.
Isimiso sangoMgqibelo ekuseni siyoba nochungechunge oluyizingxenye ezintathu olunesihloko esithi, “Inkululeko Ehambisana Nomthwalo Wemfanelo Emkhayeni.” Ngemva kwenkulumo ethinta inhliziyo ethi “Zigcine Ukhululekile Ukuze Ukhonze UJehova” kuyoba nenkulumo yokuzinikezela kobuKristu nobhapathizo. Ntambama abaningi bayolindela ngokulangazela ingxenye ethi “Ingabe Umshado Uyisihluthulelo Senjabulo?” Lesimiso siyophetha ngephuzu elivelele ngokungangabazeki eliyoletha injabulo enkulu kubo bonke abathandi benkululeko.
Uyofuna ukuba khona ngeSonto ekuseni ukuze uzwe uchungechunge oluyizingxenye ezintathu olunesihloko esithi “Ukukhonza Njengabadobi Babantu.” Lapha kuyoxoxwa ngomfanekiso kaJesu wenetha nezinhlanzi futhi kuyocatshangelwa ukuthi iyiphi ingxenye esingaba nayo ekugcwalisekeni kwawo. Isimiso sasekuseni siyophetha ngezinkulumo ezibalulekile, ethi “Ukuhlala Siphapheme ‘Esikhathini Sokugcina’” nethi “Ubani Oyosinda ‘Esikhathini Sokuhlupheka’?” Khona-ke, ntambama, awunakuthanda ukuphuthelwa inkulumo yeningi ethi, “Ukuhalalisela Izwe Elisha LikaNkulunkulu Lenkululeko.” Ngaphambi kwenkulumo eshukumisayo yokuphetha, kuyoba nengxoxo yesihloko sesifundo seNqabayokulinda salelosonto. Woza nekhophi yakho kamagazini ofundwa ngalelosonto.
Kusukela ngoSeptember kuya kuJanuary, kuhlelwe imihlangano engaphezu kwengu-20 kulo lonke elaseNingizimu Afrika kuphela, ngakho uyoba khona ongekude nekhaya lakho. Bonana noFakazi BakaJehova basendaweni yakini mayelana nesikhathi nendawo yalowo oseduzane nawe.