Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 7/1 k. 31
  • Bathembela KuJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bathembela KuJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • OFakazi BakaJehova Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1998
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1998
  • Yenza UJehova Abe Ithemba Lakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ingabe Ungamkhonza UJehova Njengephayona?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 7/1 k. 31

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Bathembela KuJehova

OFAKAZI BAKAJEHOVA bayalwe uJehova ukuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke ukuze abantu bazo zonke izizwe babe nethuba lokwazi ngezwe elisha likaNkulunkulu. Kwamanye amazwe, ngokuvamile ngokugqugquzela kwabefundisi beLobukholwa, umsebenzi wethu uvinjelwe. Kunjalo ezweni elithile eAfrika. Kodwa oFakazi BakaJehova lapho benza njengoba kwenza iNkosi uDavide. Yathi: “Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba.” (IHubo 56:11) Okuhlangenwe nakho kwabafowethu kulelozwe kubonisa ukuthi bathembela kuJehova futhi bayaqhubeka nomsebenzi wakhe obalulekile.

UFakazi owayenguthisha-nhloko esikoleni esithile waphikelela ekulaleleni “uNkulunkulu kunabantu,” ebonisa ukungathathi-hlangothi kwakhe ezindabeni zoMbuso. (IzEnzo 5:29) Washaywa kabi futhi kwakulindeleke ukuba ahlulelwe njengembuka. Wonke umuntu wayecabanga ukuthi wayezobulawa. Nokho, loFakazi wethembela kuJehova. Wahlala ethembekile futhi wachaza izizathu ezishukunyiswa unembeza zokuma kwakhe. Waba yini umphumela? Wakhululwa futhi wabuyiselwa endaweni yakubo, lapho amanxusa oMbuso ayemshayile axolisa khona. LoFakazi othembekile wabuyiselwa emsebenzini wokufundisa futhi wakhushulelwa esikhundleni sokuba umhloli wezikole!

Umphathi wesinye isikole wayexoshe uthisha onguFakazi. Ngemva kwenyanga lomphathi wamukela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ephayoneni elikhethekile futhi wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Ngemva kokuqeda isahluko 6, wayeka ukuba umphathi wesikole, futhi yena nomkakhe baqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano yoFakazi BakaJehova. Ngelinye iSonto ekuseni uthisha owayexoshiwe wamangala ngenjabulo lapho ehlangana nendoda eyayimxoshile nalapho ezwa ukuthi yayisendleleni yokuba ibe umfowabo ongokomoya.

Okunye okuhlangenwe nakho kulelizwe elifanayo kubonisa indlela oFakazi BaJehova abakubangela ngayo ukuba amalungiselelo kaJehova ahlonishwe nabasebenza ngayo ukuze bagcine lenhlangano ihlanzekile. Iphayona elikhethekile elalisebenza insimu engayodwa labhekana nokuphikiswa okukhulu. Njengoba lalivela kwesinye isizwe nesifunda, izitha zeqiniso zafuna ukulixosha kulelodolobhana. Nokho, induna yalelodolobhana yaphawula ukuziphatha kwalo okuhle nemiphumela emihle yenkonzo yalo futhi yangavuma ukuba lixoshwe. Lenduna yayiphawule ukuthi kusukela ekufikeni kwaleliphayona elikhethekile, abantu babewahlonipha amagunya abusayo ngokukhokha izintela zabo nangokwenza umsebenzi womphakathi wasemgwaqweni kanye ngesonto.—Roma 13:1, 7.

Khona-ke, ngobunye ubusuku omunye uFakazi wabanjwa oqotsheni ephinga nowesifazane ongeyena uFakazi. Kwaba nesihlamba, futhi iphayona elikhethekile labizelwa phambi kwenduna, eyalithethisa, ithi: “Nangu umfowenu ebanjwe oqotsheni lokuphinga. Nina boFakazi BakaJehova anihlukile kwezinye izinkolo.” Nokho, leliphayona elikhethekile lachaza: “Nakuba singaphelele, sihlukile kwezinye izinkolo ngoba asizivumeli izenzo zalabo abenza izono ezinkulu.”

LoFakazi owayephingile wagqunywa ejele isikhathi esithile futhi wakhokha inhlawulo. Ngaphezu kwalokho, wasuswa ekuhlanganyeleni nebandla njengomenzi wobubi ongaphenduki. Lesisenzo sayihlaba umxhwele induna futhi savala imilomo yalabo ababebahleka usulu oFakazi BakaJehova. Lenduna yaphawula: “Ningakhulumi kabi ngoFakazi BakaJehova. Baneqiniso. Isenzo esinjalo asenziwa kwezinye izinkolo.”

OFakazi abathembekile kulelozwe balandela umyalo okumaHubo 37:3: “Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka.” Ingabe siyothembela kuJehova njengoba kwenza lamaKristu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela