Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Kungani uJesu amisa iSikhumbuzo nabaphostoli kuphela bengekho abanye abafundi abazongeniswa esivumelwaneni esisha?
Lombuzo kubonakala sengathi usekelwe emqondweni oyiphutha wokuthi uJesu wahlangana nabaphostoli bakhe ngalobobusuku ukuze amise iSidlo SeNkosi Sakusihlwa nebandla lobuKristu labagcotshiwe abase besesivumelwaneni esisha kakade. Kunalokho, ngoNisan 14, 33 C.E., ibandla lobuKristu lalingakakhiwa, futhi uJesu wahlangana nabaphostoli bakhe ngenjongo yesidlo saminyaka yonke sePhasika lamaJuda.
Yebo, uJesu wayenabanye abafundi ngaphandle kwabangu-12 abaziwa ngokuthi abaphostoli. Ngonyaka ongaphambi kokufa kwakhe, wathuma abafundi abangu-70 ohambweni lokuyoshumayela. Ngemva kokuvuka kwakhe, “wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu.” Futhi kwakunabafundi ‘okwakungathi ikhulu namashumi amabili’ ababehlangene ngosuku lwePentekoste. (1 Korinte 15:6; IzEnzo 1:15, 16, 23; Luka 10:1-24) Kodwa ake sicabangele iqembu elalinoJesu lapho emisa umkhosi waminyaka yonke owaziwa ngokuthi iSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
ULuka 22:7, 8 unikeza isikhathi, ethi: “Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika. Wathuma uPetru noJohane, wathi: Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.” Ukulandisa kuyaqhubeka: “Nithi kumninindlu, Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?” Ngakho ngalobobusuku uJesu wayenabangu-12 ngenjongo yomkhosi wamaJuda. Wabatshela: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leliphasika ngingakahlupheki.”—Luka 22:11, 15.
Kusukela ekuqaleni kwalo eGibithe, iPhasika laliwumkhosi womkhaya. Lapho emisa iPhasika, uNkulunkulu watshela uMose ukuthi kwakuyohlatshwa imvu emkhayeni ngamunye. Uma umkhaya wawumncane kakhulu ukuba udle imvu ephelele, umkhaya ongumakhelwane wawungamenywa ukuba uhlanganyele esidlweni. Kanjalo, kunengqondo ukuthi ngePhasika lika-33 C.E., ngokuvamile iningi labafundi bakaJesu laliyobe lihlangene nemikhaya yalo ngenjongo yalesisidlo.
Kodwa uJesu ‘wayenxanele nokunxanela’ ukuhlanganyela lokho okwakuzoba iPhasika lokugcina, elisebenzayo nobusuku bokugcina ngaphambi kokufa kwakhe, nabafundi bakhe abaseduze, ababehambe naye phakathi nengxenye enkulu yenkonzo yakhe. Ekupheleni kwalesosidlo sePhasika, uJesu wabatshela ngomkhosi omusha okwakumelwe ugujwe yibo bonke abalandeli bakhe ngesikhathi esizayo. Iwayini lalowomkhosi wobuKristu owawusengowesikhathi esizayo laliyomelela igazi ‘lesivumelwano esisha’ esasizothatha isikhundla sesivumelwano soMthetho.—Luka 22:20.
Nokho, ngobusuku bangoNisan 14, 33 C.E., isivumelwano esisha sasingakasebenzi, ngoba umhlatshelo owawuzosenza sisebenze—uJesu—wawungakanikelwa. Isivumelwano soMthetho sasisasebenza. Sasingakabethelwa esigxotsheni. Ngaphezu kwalokho, kwakungeke kubonakale kuze kube usuku lwePentekoste ukuthi isivumelwano esidala noIsrayeli ongokwemvelo sase sithathelwe indawo yisivumelwano esisha noIsrayeli ongokomoya.—Galathiya 6:16; Kolose 2:14.
Ngakho-ke, abaphostoli abathembekile abangu-11 kanye nanoma yibaphi abanye abafundi babengakangeni esivumelwaneni esisha ngalobobusuku. Futhi uJesu wayengabonisi ukungabavumeli abanye abafundi abangamaJuda ngokubayeka bahlangane nemikhaya yabo ukuze bagubhe iPhasika.