Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wakwazisa ukufunda omagazini bamuva beNqabayokulinda? Nokho, ake ubone ukuthi ungayiphendula yini lemibuzo elandelayo:
◻ Yisiphi isisekelo abelusi abangokomoya abanaso sokuthatha isinyathelo sokubonana nabantu abathile abasusiwe ekuhlanganyeleni ukuze babone ukuthi bangashukunyiselwa yini ekuphendukeni?
Ngisho nalapho amaIsrayeli ayesekuthunjweni futhi engakaphenduki, uJehova, njengomalusi, wathatha isinyathelo sokuwafuna, ethumela abaprofethi bakhe kuwo. Abelusi abangamaKristu banesithakazelo sokusiza noma yibaphi abantu abaphendukayo abangase bafane nezimvu ezilahlekile. (Qhathanisa noLuka 15:4-7.)—4/15, amakhasi 21-3.
◻ Umfanekiso kaJesu wendodana yolahleko uyibonisa kanjani indlela okufanele sizizwe ngayo futhi senze ngayo lapho othile ebuyiselwa ebandleni lobuKristu? (Luka 15:22-32)
Umgomo wethu kufanele ube ukulingisa ubaba, owabonisa injabulo lapho indodana yakhe yolahleko ibuya. Ngakho, kufanele sikhulume ngokukhululekile nomzalwane obuyiselwe futhi kusukela manje simkhuthaze ukuba athuthuke eqinisweni.—4/15, ikhasi 25.
◻ Yiziphi izinyathelo zokuqapha eziwusizo ezingathathwa ukuze kugwenywe ukuba isisulu sobugebengu?
Lapho kunokwenzeka khona, gwema ukuba sezindaweni eziyingozi ngesikhathi sasebusuku. Fihla izinto zakho zokuhloba eziyigugu, futhi faka izinto ezinjengomshini wokuthatha izithombe esikhwameni sokuthenga. Qaphela ukuhamba eduze kakhulu nonqenqema lwendlela yabahamba ngezinyawo, ikakhulukazi uma uphethe isikhwama esikhulu noma esincane esigaxwayo. (Bheka izAga 3:21-23.)—5/1, amakhasi 5-6.
◻ Kungani isiprofetho esikuZefaniya 2:3 sithi: “Mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova”?
Ukusindiselwa ekuphileni kuxhomeke ekuthembekeni nasekukhuthazeleni. (Mathewu 24:13) Ngakho, yilabo kuphela abavumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga nabaqhubeka bekhuluma ulimi oluhlanzekile abayositshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova. (Zefaniya 2:1, 2)—5/1, ikhasi 14.
◻ Yini ehilelekile ekubekeni uNkulunkulu kuqala ekuphileni komkhaya?
Abazali nabantwana kumelwe bakhulekele uJehova futhi bafinyelele izindinganiso zakhe njengoba zibekwe eBhayibhelini.—5/15, ikhasi 5.
◻ Kungani uJehova engazange ajezise izoni ngokushesha?
Isizathu sokuqala siwukuthi igama likaNkulunkulu kumelwe lenziwe laziwe emhlabeni wonke. (Qhathanisa namaRoma 9:17.) Esinye siwukuvumela isikhathi sokuba kuxazululwe izimpikiswano zobukhosi bukaNkulunkulu nobuqotho bomuntu, ezaba umphumela wokuhlubuka kwase-Edene. Futhi, ukubekezela kukaNkulunkulu kunikeza abonayo ithuba lokuphenduka nokuba balungise izindlela zabo. (2 Petru 3:9)—5/15, amakhasi 11-12.
◻ Yimaphi amaqiniso afakazela ukuthi iBhayibheli livela emthonjeni ongaphezu komuntu?
IBhayibheli lalotshwa ngabalobi abahlukene abacishe babe ngu-40, ababevela kuzo zonke izindlela zokuphila futhi abaphila enkathini engaphezu kweminyaka engu-1 600; nokho bonke labalobi balandela isihloko esisodwa esiyisisekelo. Lokhu kuvumelana kwangaphakathi kweBhayibheli bekungenakwenzeka uma bekushiyelwe enhlanhleni noma ekuqondiseni nje komuntu.—6/1, ikhasi 5.
◻ Yisiphi isenzo esimangalisayo nomsebenzi ongandile, owabikezelwa kuIsaya 28:21, uJehova azokwenza osukwini lwethu?
Isixwayiso esikusAmbulo 17:16 sibonisa ukuthi amashende ezombangazwe eBabiloni Elikhulu ngolunye usuku ayoliphendukela. Ngenxa yalokho, eLobukholwa liyobhujiswa ngokuphelele kanye nazo zonke ezinye izinkolo zamanga. Lokhu kuyoba isenzo sikaJehova esimangalisayo nomsebenzi wakhe ongandile azowenza osukwini lwethu.—6/1, amakhasi 22-3.
◻ Yini abesifazane abangamaKristu okufanele bayikhumbule ngokuphathelene nokusebenzisa izinto eziyigugu zokuhloba kanye nezimonyo?
IBhayibheli alikwenqabeli ukusebenzisa izinto ezinjalo zokuzenza muhle. (Eksodusi 32:2, 3; Esteri 2:7, 12, 15) Kodwa kufanele kube nesizotha. Kulula ukuba owesifazane alingise izitayela zezwe, ngokusebenzisa ngokweqisa okokugcoba izindebe, okokupenda izihlathi, noma okokugcoba amajwabu amehlo, njengoba nje kwenza uJezebeli. (2 AmaKhosi 9:30) Kudingeka ukuqapha ukuze izimonyo zingasetshenziswa ngokweqile futhi izinto zokuhloba eziyigugu ezisetshenzisiwe zingabi ubukhazikhazi.—6/1, amakhasi 30-1.
◻ AmaIsrayeli asinda kanjani ‘ezifweni ezimbi zaseGibithe’ ezazivamile ngezikhathi zakuqala? (Duteronomi 7:15)
Ngokusobala asinda ezifweni ezinjalo ikakhulukazi ngenxa yokugcina imikhuba ethuthukile yenhlanzeko eyayiyalelwa yisivumelwano soMthetho.—6/15, ikhasi 4.
◻ Kungani uNkulunkulu eye wabeka umthetho wokuthi abantu akumelwe badle igazi? (Genesise 9:3, 4; Levitikusi 17:10, 11; IzEnzo 15:22-29)
Ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu futhi ukuphila komuntu kuxhomekeke esicutshini esiwuketshezi esisekela ukuphila esibizwa ngokuthi igazi. (IHubo 36:9) Ngokuhlonipha igazi njengelikhethekile, abantu babonisa ukuthi bancike kuNkulunkulu ukuze bathole ukuphila. Ngakho-ke, isizathu esiyinhloko somthetho kaNkulunkulu ngokuphathelene negazi sasingekhona ukuthi ukudla igazi kwakungaba okungenampilo, kodwa sasiwukuthi igazi lalisho okuthile okukhethekile kuNkulunkulu.—6/15, amakhasi 8-9.
◻ Abazali abangamaKristu nentsha bangaliqinisa kanjani ithuba lokuthi ukwenqaba kwengane ukumpontshelwa igazi kuhlonishwe?
Nakuba engeyena umuntu omdala ngokomthetho, umKristu osemusha kufanele akwazi ukuchaza ngokucacile nangokuqinile ukuthi kuyini ukwenqaba kwakhe okungokwenkolo okuqinile ekwamukeleni igazi. Abazali bangaba nezikhathi zokuprakthiza nabantwana babo ukuze labantwana bazuze okuhlangenwe nakho ekuchazeni inkolelo yabo siqu.—6/15, ikhasi 18.
◻ Abesifazane babusiswa kanjani kakhulu phakathi nenkonzo kaJesu yasemhlabeni?
UJesu waqalisa umsebenzi owaletha induduzo, ithemba, nesithunzi esisha kwabesifazane bazo zonke izinhlanga. Wafundisa abesifazane amaqiniso ajulile angokomoya. (Johane 4:7, 24-26) Phakathi nenkonzo yakhe, wamukela ukukhonzwa abesifazane njengoba ayehamba kulo lonke izwe. (Marku 15:40, 41)—7/1, amakhasi 14-15.
◻ Yiziphi izindlela zikaJesu zokufundisa abazali abaye bazithola ziphumelela kubantwana babo?
Abazali benza kahle ngokusebenzisa imifanekiso ukuze benze amaqiniso obuKristu akhange ezinhliziyweni zabantwana babo abasebancane, futhi bangase basebenzise imibuzo ecatshangwe kahle ukuze bakwazi ukuqonda lokho abantwana babo asebekhulile abakucabangayo ngempela. (Qhathanisa noMathewu 17:24-27.)—7/1, ikhasi 26.
◻ Kungani kufanele siphishekele umusa wothando?
Imfanelo yomusa wothando isenza sithandwe uNkulunkulu nabanye. Ithuthukisa umoya wokungenisa izihambi futhi isenza sibe ngabacabangela ngokwengeziwe. Iqinisa izibopho emkhayeni nasebandleni lobuKristu. Ngaphezu kwakho konke, umusa wothando uletha udumo kuJehova.—7/15, ikhasi 22.
◻ Kungani kungenzeka ngomKristu ukuba adukiswe endabeni yabangane? (1 Korinte 15:33)
Umuntu angase abonakale enobungane futhi amukeleka, kodwa uma engenakho ukukhathalela okufanayo umKristu anakho ngenkonzo kaJehova noma engakholelwa nokukholelwa eBhayibhelini, ungumngane omubi. Ngani? Ngoba ukuphila kwakhe kusekelwe ezimisweni ezihlukile, futhi izinto ezibalulekile kumKristu zingase zingasho lutho kuye.—7/15, ikhasi 23.
◻ Kungani uSuku Lokwahlulela luyisikhathi sethemba?
USuku Lokwahlulela luyinkathi yeminyaka eyinkulungwane. Luyokwenganyelwa uNkulunkulu ngokwakhe kanye neNdodana yakhe, uKristu Jesu, emiswe uNkulunkulu ukuba ibe uMahluleli. Lesi kuyoba isikhathi sokubuyisela esintwini ukuphila kobuntu okuphelele uAdamu akulahlekisela inzalo yakhe. (1 Korinte 15:21, 22)—8/1, amakhasi 5-7.