Ukunamathela Eduze Nenhlangano KaNkulunkulu
NJENGOBA ILANDISWA UROY A. RYAN
ISandhill, eMissouri, yaqanjwa ngokufanelekile, njengoba yayicishe ifane negquma elikhulu lesihlabathi endaweni yasemaphandleni emagqumagquma. Lomzana osezimpambanweni zemigwaqo wakhiwa endaweni eqhele ngamakhilomitha ayisihlanu entshonalanga yeRutledge futhi wawunezindlu eziyisishiyagalombili noma eziyisishiyagalolunye kuphela, isonto laseWeseli, nendawo encane yokukhanda insimbi. Ngazalelwa lapho ngo-October 25, 1900.
UBABA wayengumkhandi wensimbi wakulomzana. Nakuba abazali bami babengavamile ukuya esontweni, uMama waqala ukungiyisa kuSonto-skole eSontweni laseWeseli. Ngangingalithandi igama elithi Weseli, ngikholelwa ukuthi umuntu kufanele abizwe ngokuthi umKristu; nokho ngalomela iqiniso leBhayibheli futhi ngaba nesithakazelo ekuphileni okuphakade.
Lapho ngineminyaka engu-16 ubudala, ngasebenza kwaloliwe waseSanta Fe. Omunye wabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke (njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngalesosikhathi) ogama lakhe linguJim weza ezosebenza neqembu lethu lakwaloliwe, futhi mina naye sasivame ukusebenza ndawonye. UJim wayekhuluma, futhi ngakulalela ayekusho ngeBhayibheli. Kwakuzwakala kunengqondo kimi, ngakho ngabuza ukuthi ngangingayiboleka yini enye yezincwadi zakhe.
UJim wangiboleka umqulu wokuqala weStudies in the Scriptures, owakhishwa uC. T. Russell weNhlangano YabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke. Lapho ngiwubuyisela, ngacela ukuba angitholele imiqulu eyengeziwe. Ngokushesha ngemva kwalokho, uJim wayeka ukusebenza kwaloliwe, futhi isikhathi esilandelayo engambona ngaso kwakusemgwaqweni eRutledge, ethatha ama-oda encwadi enemifanekiso ethi Scenario of the Photo-Drama of Creation. Kamuva wangimemela emihlanganweni yeqembu eyayiba sekhaya lakhe. Njalo ngamaSonto, ngangihamba amakhilomitha ayisihlanu ngiya emihlanganweni eRutledge.
Lapho kuqaliswa ukukhishwa kukamagazini iGolden Age (manje osuyiPhaphama!) ngo-1919, ngafuna ukuqalisa enkonzweni yasensimini. Mina nomunye umFundi WeBhayibheli owayesanda kuhlanganyela sasizimisele ukusakaza lomagazini omusha endlini ngendlu. Ngandlela-thile sazizwa sesaba ukuya kubantu basedolobheni lakithi, ngakho sagibela isitimela saya edolobhaneni eliseduzane. Lapho sifika ekuseni, sehlukana futhi sangqongqoza eminyango kwaze kwaba ntambama, ngisho nakuba sasingaqeqeshwanga kulomsebenzi. Ngathatha ama-oda ezikhokhelo ezimbili, elilodwa lalingelendoda engangisebenza nayo kwaloliwe.
Ngo-October 10, 1920, ngabhapathizwa echibini eduze kwaseRutledge. Abazali bami bakuphikisa ukuzihlanganisa kwami nabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke. Lokhu kwakungenxa yokuphikisa okushoshozelwa abefundisi abaFundi BeBhayibheli ababhekana nakho phakathi neminyaka yempi ka-1914-18. Nokho, kamuva ubaba waqala ukuba khona kweminye imihlangano yabaFundi BeBhayibheli, futhi efunda neGolden Age. Ngaphambi kokuba afe, umama waqhubeka ekuthanda ngokwengeziwe ukuqonda kwethu iqiniso leBhayibheli. Nokho, akekho emkhayeni wakithi owenza iqiniso laba ngelakhe.
Isikhathi Sokuvivinywa
Ngalezozinsuku zokuqala, babebathathu kuphela ngaphandle kwami ababeba khona njalo emihlanganweni yezifundo zeBhayibheli eRutledge. Ekugcineni laba abathathu bayishiya inhlangano. Omunye wayeyisikhulumi esihle kakhulu, esasinikeza izinkulumo zeBhayibheli zeningi kulendawo. Nokho, waqhosha ngamakhono akhe futhi waba nomuzwa wokuthi kwakumehlisa isithunzi ukuhlanganyela ekushumayeleni endlini ngendlu njengoba kwakwenze amaKristu okuqala.—IzEnzo 5:42; 20:20.
Lapho laba abathathu beyeka ukuhlanganyela nabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke, ngikhumbula ngizizwa njengomphostoli uPetru ngenkathi uJesu ekhuluma nabantu mayelana ‘nokudla inyama kaJesu nokuphuza igazi lakhe.’ Bekhutshwe ukufundisa kwakhe, abaningi ngalesosikhathi bamshiya. Ngaso lesosikhathi, uJesu wabuza abaphostoli: “Nani nithanda ukumuka na?” UPetru waphendula: “Nkosi siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.”—Johane 6:67, 68.
Nakuba uPetru ayengakuqondi ngokugcwele okwakushiwo uJesu ‘ngokudla inyama kaJesu nokuphuza igazi lakhe,’ waqaphela ukuthi uJesu wayenamazwi okuphila. Ngazizwa ngaleyondlela ngenhlangano. Yayineqiniso ngisho nakuba ngangingakuqondi ngokugcwele ngaso sonke isikhathi konke engangikufunda ezincwadini. Nokho, noma nini lapho kwakushiwo okuthile engangingakuqondi, angizange ngiphikisane nakho. Kamuva, indaba yayikhanyiswa, noma ngezinye izikhathi imibono yayilungiswa. Ngangihlala ngijabule ngaso sonke isikhathi ngokuthi ngangiye ngalindela ngesineke ukukhanyiswa kwendaba.—IzAga 4:18.
Ukwenza Ukulungisa Ukuze Ngiphayone
NgoJuly 1924, ngaba khona emhlanganweni wezizwe zonke eColumbus, eOhio. IGolden Age iwuchaza ngokuthi “umhlangano wabaFundi BeBhayibheli omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona.” Lapho kwemukelwa izwi lesinqumo elishukumisayo elithi “Ukumangalelwa.” Ukwaziswa okwatholakala kanye nomoya owaboniswa kulowomhlangano kwangikhuthaza ukuba ngibe isikhonzi sesikhathi esigcwele, noma iphayona.
Lapho ngibuya emhlanganweni, ngayeka ukusebenza kwaloliwe, futhi mina nomFundi WeBhayibheli esikanye naye saqala ukukhonza ndawonye njengamaphayona. Nokho, cishe ngemva konyaka, impilo yabazali bami yawohloka kangangokuthi babedinga usizo lwami. Ngakho ngayeka ukuphayona futhi ngathola umsebenzi enkampaneni esebenza ngamapayipi, kodwa njengoba abantu ababesebenza lapho babengenalo ithonya elihle, ngawuyeka lowomsebenzi futhi ngangenela ibhizinisi lokufuya izinyosi nokudayisa uju.
Ekwindla yango-1933, bobabili abazali bami base beshonile, bengishiya ngingenazibopho. Ngakho entwasahlobo yango-1934, izinyosi ngazishiya komunye umuntu ukuba azinakekele, ngakha umahamba-nendlwana omncane ukuze ngihlale kuye, futhi ngaphinde ngaqalisa inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona. Ekuqaleni ngasebenza noFakazi osekhulile endaweni eseduze kwaseQuincy, eIllinois. Kamuva ngabuyela eMissouri, lapho ngajoyina khona iqembu lamaphayona.
Ngo-1935 kwakunesomiso esikhulu eNtshonalanga Ephakathi, futhi njengoba sasisebenza endaweni okulinywa kuyo kuphela, izinto zazinzima. Akekho owayenemali, ngakho abantu abanokwazisa babesinika ukudla noma ezinye izinto lapho sibashiyela izincwadi.
Ukuphayona Eningizimu
Ngalobobusika sathuthukela eArkansas ukuze sibalekele amakhaza. Sakwazi ukusakaza izincwadi ezengeziwe kuleyondawo futhi sathola ukudla okusemathinini okwanele esasingakusebenzisa. Sasivame ukwamukela izinto esasingazidayisa, kuhlanganise nezitsha zealuminium, ibrass nethusi elidala, amaradiator ezimoto amadala namabhethri. Lokhu kwasinikeza imali kaphethiloli weFord yami eyiModel A, esasiyisebenzisa enkonzweni.
Sakhonza ezifundeni zaseNewton, eSearcy, naseCarroll eOzark Plateau enezintaba. Okuhlangenwe nakho esaba nakho lapho sishumayela kubantu abahlala ngasezintabeni baseArkansas kungagcwala incwadi. Njengoba imigwaqo yayimibi noma ingekho ngalezozinsuku, umsebenzi wethu omningi sasiwenza sihamba ngezinyawo. Amanye amaphayona eqenjini lethu ayevame ukugibela amahhashi ukuze aye kubantu abahlala ezindaweni eziphakeme ezisezintabeni.
Ngesinye isikhathi sezwa ngowesilisa othakazelayo ogama lakhe linguSam, ekugcineni esamthola akhé phezulu entabeni. Wasamukela ngentshiseko, futhi wakujabulela ukuba silale kwakhe. Nakuba umkaSam wayengenaso isithakazelo esigijimini sethu, indodana yakhe eneminyaka engu-16 ubudala, uRex, yayinaso. Lapho sesihamba, uSam wasimema ukuba siphinde sibuye futhi. Ngakho, ngemva kwamasonto amabili, saphinde sahlala nabo futhi.
Lapho sesihamba okwesibili, kwaba umkaSam owasimema ukuba sibuye futhi. Wathi sasiyithonya elihle kuRex. “Ungumfana omubi kabi osebenzisa inhlamba,” echaza, “futhi angicabangi ukuthi uye wayethuka kangako inhlamba njengoba nina bafana benilapha.” Eminyakeni eminingi kamuva ngaphinda ngahlangana noRex lapho esesikoleni sezithunywa zevangeli saseGileyadi eNingizimu Lansing, eNew York. Okuhlangenwe nakho okunjengalokhu kuye kwanginikeza ukwaneliseka okukhulu eminyakeni eminingi.
Inkonzo YaseBethel
Lapho ngifaka isicelo sokuba iphayona, ngafaka futhi nesicelo sokukhonza endlunkulu yoFakazi BakaJehova eNew York, ebizwa ngokuthi iBethel. Entwasahlobo ka-1935, ngaziswa ukuthi isicelo sami sasamukelwe futhi kwakumelwe ngifike ePulazini LoMbuso leWatchtower Society eNingizimu Lansing, eNew York, ukuze ngiyoqalisa inkonzo yami yaseBethel. Ngokushesha ngenza amalungiselelo okuba uFakazi esikanye naye athathe inqola yami yokuphayona.
Ngaya eNew York ngeFord yami eyiModel A, futhi ngafika cishe lapho sekugamenxe ihora leshumi ekuseni ngoMay 3, 1935. Cishe ngehora lokuqala ngaleyontambama, ngafakwa emsebenzini wokucanda izinkuni. Ngosuku olulandelayo ngatshelwa ukuba ngifike endlini yokusenga ukuze ngisize ekusengeni izinkomo. Ngasebenza endaweni yokusengela iminyaka eminingana, ngezinye izikhathi ngisenga ekuseni nakusihlwa futhi ngisebenze namaqembu asebenza engadini nasensimini yezilimo phakathi nosuku. Ngangibuye nginakekele izinyosi futhi ngikhiphe uju lomkhaya waseBethel. Ngo-1953, ngashintshelwa emnyangweni owenza ushizi.
Omunye walabo abathinta ukuphila kwami ngenxa yesibonelo sakhe esihle kakhulu sokuthobeka, ukwethembeka, nokulalela uJehova kwakunguWalter John “Pappy” Thorn. Wayengomunye wabaFundi BeBhayibheli abangu-21 abamiswa ngo-1894 ukuba babe amapilgrim okuqala—abesilisa abenza umsebenzi ofana nowababonisi besifunda banamuhla—behambela amabandla amaningi ukuze bawakhuthaze. Ngemva kweminyaka eminingi esemsebenzini wokujikeleza, uMfoweth’ uThorn weza ePulazini LoMbuso futhi wasebenza ezinkukhwini. Ezikhathini eziningi ngangimuzwa ethi: “Noma nini lapho ngiqala ukuzicabangela kakhulu khona, ngizibizela eceleni, uma ngingakubeka kanjalo, bese ngithi: ‘Wena luthuli nje olungelutho. Yini onayo oqhosha ngayo?’”
Enye indoda ethobekile eyaba isibonelo esihle kimi kwakunguJohn Booth, manje oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Uye wacashunwa eminyakeni eminingi ethi: “Akubalulekile kangako ukuthi ukhonzaphi kodwa ukuthi ubani omkhonzayo yikhona okubaluleke ngempela.” Kwakuyinkulumo ebonakala ilula, kodwa yeka indlela eyiqiniso ngayo! Ukukhonza uJehova kuyilungelo elikhulu kunawo wonke!
Esinye sezici ezivelele enkonzweni yami yaseBethel kwakuwukuvulwa kwesikole sezithunywa zevangeli saseGileyadi ePulazini LoMbuso ngo-1943. Ukuhlangana namaphayona avela ezingxenyeni eziningi zomhlaba kwakuvusa amadlingozi ngempela. Ngalezozinsuku kwakunabafundi abacishe babe yikhulu ekilasini ngalinye, ngakho njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha abasha abayikhulu babefika ePulazini LoMbuso. Ukuthweswa kweziqu kwakuhehela izinkulungwane zabantu kulendawo yemfundo esemapulazini asemaphandleni asentshonalanga New York.
Ukushintsha Umsebenzi
Lapho isikole saseGileyadi sithuthela eBrooklyn futhi ikamelo elikhulu nesakhiwo sendlu yokufundela eNingizimu Lansing kudayiswa, indawo yokusengela yathuthelwa emaPulazini eWatchtower eWallkill, eNew York. Ngakho ekwindla yango-1969, ngashintshelwa epulazini eliseWallkill futhi ngaqhubeka ngenza ushizi kwaze kwaba u-1983. Khona-ke ngashintsha umsebenzi, futhi ngaqala ukusebenza engadini.
Lapho kuxoxwa nami esikhathini esithile esidlule, ngabuzwa ukuthi ngangicabangani ngokushintsha umsebenzi ngemva kweminyaka engu-30 ngenza ushizi. “Akuzange kungikhathaze,” ngiphawula ngokungagunci, “ngenxa yokuthi bengingakuthandi ukwenza ushizi.” Iphuzu laliwukuthi singakhonza uJehova ngenjabulo kunoma yisiphi isabelo uma sigcina umbono oqondile futhi sizithoba ekuqondiseni okungokwasezulwini. Ngakho nakuba ngangingakuthandi ngempela ukwenza ushizi, ngasijabulela isabelo sami ngoba sasisiza umkhaya waseBethel. Uma sikhonza uNkulunkulu wethu omuhle, uJehova, ngokwethembeka nangokungakhonondi, singajabula kungakhathaliseki ukuthi isabelo sethu siyini.
Eminyakeni yami yokuguga, angicabangi ukuthi ngingaba sesimweni esingcono kunokukhonza eBethel. Nginakekelwa kahle futhi ngiye ngakwazi ukuqhubeka ngifeza izabelo zami zomsebenzi ngisho nakuba ngineminyaka engu-90 ubudala. Iminyaka eminingi manje, ngiye ngaba nelungelo lokuba nethuba lokwengamela isimiso sokukhulekela sasekuseni somkhaya waseBethel lapha emaPulazini eWatchtower. Njengoba nginethuba, ngikhuthaza abasha abaseBethel ukuba bawasebenzise ngokunenzuzo wonke amalungelo enkonzo abawanikezwayo futhi bafunde ukwaneliseka nokujabula ngawo.
Kuyo yonke leminyaka, izikhathi eziningana ngiye ngakwazi ukuvakashela izindawo ezikude—eNdiya, eNepal, eMpumalanga Ekude, naseYurophu. Iseluleko esilandelayo singase sibe usizo kubantu bakaJehova abasemabandleni ahlukahlukene emhlabeni wonke: Jabulani futhi naneliseke ezimweni enikuzo manje futhi niqhakaze ngendlela engokomoya emhlabathini enitshalwe kuwo.
Ngiye ngakhetha ukuhlala ngingashadile, njengoba kuye kwangenza ngakwazi ukuqhubeka ngokungaphazamiseki enkonzweni yami eya kuNkulunkulu. Njengomvuzo wokwethembeka, uNkulunkulu wethu omkhulu uye wanikeza ithemba lokuphila okuphakade. Ngabaningi, lokho kuyosho ukuphila okungenasiphelo ekhaya eliyipharadesi lapha emhlabeni. Abanye bethu babheke phambili ekuphileni okungenasiphelo emazulwini, sinakekela noma isiphi isabelo esisinikezwayo.
Abanye bangacabanga ukuthi iminyaka yami engu-90 iye yaba ukuphila okude nokucebile. Ukuphila kwami kuye kwaba okucebile kodwa akubanga kude ngokwanele. Ngokuhlala eduze nenhlangano kaNkulunkulu namazwi akhe eqiniso, singakwandisa ukuphila kwethu phakade.a
[Umbhalo waphansi]
a Phakathi nesikhathi uRoy Ryan abhala ngaso ngokuhlangenwe nakho kokuphila kwakhe, impilo yakhe yashintsha ngokushesha yaba yimbi. Waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngoJuly 5, 1991, esikhathini esingeside ngemva kokuba nengxenye yakhe evamile njengosihlalo wokukhulekela kwasekuseni emaPulazini eWatchtower.
[Isithombe ekhasini 26]
UMfoweth’ uRyan esemusha eseceleni kweFord eyiModel T