Ukubuthana Nabathandi Benkululeko Enikezwe NguNkulunkulu
OFAKAZI BAKAJEHOVA bavelele ngezindlela eziningi kakhulu. Yibo bodwa abakhuluma “ulimi oluhlanzekile.” (Zefaniya 3:9, NW) Yibo kuphela abanobunye, abanophawu olubahlukanisayo lothando olwachazwa uJesu Kristu. (Johane 13:35) Futhi yibo bodwa abajabulela inkululeko uJesu Kristu athi iqiniso liyoyiletha, njengoba kulotshwe kuJohane 8:32: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
Lawomazwi uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, awasho kubafundi bakhe, aye aba yiqiniso. Futhi manje aqondwa kakhulu kunanini ngaphambili yibo bonke oFakazi BakaJehova ababekhona eMihlanganweni YesiGodi ‘Yabathandi Benkululeko.’ Isimiso somhlangano siye sabacacisela izici ezihlukahlukene zenkululeko yabo, indlela okumelwe bayisebenzise ngayo, umthwalo wemfanelo ohambisana nenkululeko yabo, nendlela ababusiswe ngayo ngokuba abantu abakhululekile.
Lemihlangano efike ngesikhathi newusizo yaqala eNyakatho Enhla Nenkabazwe ngoJune 7, 1991, eLos Angeles, eCalifornia, eU.S.A. Isimiso saqala ngo-10:20 a.m. ngokudlalwa komculo, okwalandelwa yingoma nomthandazo. Inkulumo yokuqala kwakuyinkulumo enamandla esekelwe kuJakobe 1:25. NgokweJerusalem Bible, lelivesi lifundeka kanje: “Umuntu obuka ngesineke emthethweni ophelele wenkululeko futhi lokho akwenze umkhuba wakhe—engalaleli abese ekhohlwa, kodwa awusebenzise ngentshiseko—uyojabula kukho konke akwenzayo.” Njengoba nje sibheka esibukweni ukuze sibone lapho kudingeka sithuthukise khona ukubukeka kwethu, ngakho kudingeka siphikelele ekuhlolisiseni umthetho ophelele kaNkulunkulu wenkululeko ukuze sithole lapho okudingeka khona senze izinguquko ebuntwini bethu. Futhi kufanele siphikelele ekubukeni kulesosibuko.
Kwalandela inkulumo kasihlalo, ethi “Niyemukelwa, Nonke Nina Bathandi Benkululeko.” OFakazi BakaJehova bayayithanda inkululeko, futhi bafuna ukuhlala bekhululekile. Isikhulumi sacaphuna izingcaphuno ezingokomthetho ezabonisa ukuthi inkululeko ngeke ibe khona ngaphandle komthetho. Yebo, amaKristu awakhululekile ukwenza noma yini ayithandayo kodwa akhululekile ukwenza intando kaJehova. Afuna ukuyisebenzisa ngokugcwele inkululeko yawo kodwa angayisebenzisi kabi. Ikakhulukazi kusukela ngo-1919 oFakazi BakaJehova bebejabulela inkululeko eyengeziwe. Isikhulumi salandelela ukugcizelelwa kwenkululeko ezihlokweni zomhlangano nasezincwadini zobuKristu. Bonke ababeze emhlanganweni babezofunda okuningi ngenkululeko enikezwa nguNkulunkulu nangendlela yokuyisebenzisa.
Lawomazwi afike ngesikhathi alandelwa izingxoxo ezaqhutshwa nabathandi benkululeko ababejabulela ukuba kulowomhlangano. Imihlangano enjalo iyizikhathi zokujabula, njengoba nje imikhosi emithathu yaminyaka yonke kwaIsrayeli wasendulo yayiphawulwa injabulo enkulu. Izingxoxo eziningi zafakazela ukuthi imihlangano iyizikhathi zokujabula ezakhayo ngokomoya.
Khona-ke kwaba nenkulumo eyisihluthulelo, ethi “Injongo Nokusetshenziswa Kwenkululeko Yethu Esiyinikwe UNkulunkulu.” Kulenkulumo ababeze emhlanganweni bathola ukuthi nguJehova yedwa onenkululeko ephelele ngoba uyiGunya Eliphakeme Ukuwedlula Wonke futhi ungumninimandla onke. Nokho, ngenxa yegama lakhe nangenxa yenzuzo yezidalwa zakhe ngezinye izikhathi uyayilinganisela inkululeko yakhe ngokuba ngowephuzayo ukuthukuthela nangokubonisa ukuzithiba. Zonke izidalwa zakhe ezihlakaniphile zinenkululeko elinganiselwe, ngoba ziyazithoba kuJehova futhi zilinganiselwe imithetho yakhe ebonakalayo neyokuziphatha. UJehova uye wazinikeza inkululeko ukuze zijabule kodwa ikakhulukazi ukuze zimlethele udumo nenjabulo ngokumkhulekela. Ngenxa yokuyisebenzisa kahle inkululeko yabo, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baye bazuza idumela lokuba ngabaziphethe kahle nabashisekayo enkonzweni yabo.
NgoLwesihlanu Ntambama
Esithi “Ingabe Umatasa—Emisebenzini Efile Noma Enkonzweni KaJehova?” kwakuyisihloko esishukumisa ingqondo senkulumo eyaqalisa isimiso sangoLwesihlanu ntambama. Imisebenzi efile ayihlanganisi eyenyama kuphela kodwa neminye efile ngokomoya, eyize, nengenazithelo—izimiso zokwenza imali. Ngokuphathelene nalokhu, ukuzihlola ngokwethembeka kubalulekile ukuze sibone ukuthi sibeka uMbuso kuqala yini ekuphileni.
Inkulumo eyalandela nayo yayinomfutho ofanayo, ithi “Ukufeza Ukuthunywa Kwethu Njengezikhonzi ZikaNkulunkulu.” Isikhulumi sabonisa ukuthi amaKristu akufanele aneliswe yinkonzo yokugcina icala nje noma ukuhlangabezana nje nomgomo wamahora. Kufanele afune ukuba ngaphumelelayo kuzo zonke izici zenkonzo yawo yobuKristu. Lamaphuzu agcizelelwa ezingqondweni ngemiboniso nangezingxoxo. Wonke anxuswa ukuba afeze inkonzo yawo ngesilinganiso esigcwele kangangokunokwenzeka.
Enkulumweni ethi “Abantu Abakhululekile Kodwa Abanomthwalo Wemfanelo,” isikhulumi sagcizelela ukuthi nakuba abantu bakaJehova beyazisa inkululeko abayilethelwe yiqiniso, kufanele bakhumbule ukuthi ihambisana nomthwalo wemfanelo. Akufanele basebenzise inkululeko yabo njengezaba zokuhlanganyela ekuziphatheni okubi, kodwa bayisebenzisele ukudumisa uJehova. NjengamaKristu, kufanele balandise ‘emandleni ombuso’ futhi kufanele babambisane nabadala bebandla. (Roma 13:1) Ngaphezu kwalokho, banomthwalo wemfanelo ngezingubo zabo zokugqoka, ukuzilungisa, nokuziphatha. Akufanele nanini bakhohlwe ukuthi “yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12; 1 Petru 2:16.
Khona-ke kwalandela ingxoxo ephathelene nesidingo sokuba wonke amaKristu ‘Angesabi Njengoba Ukuphela Kwalelizwe Kusondela.’ Njengoba isintu sikwesaba lokho ikusasa elingase likulethe, amaKristu kudingeka angesabi ukufeza inkonzo yawo. Ukungesabi kuwumphumela wokwethembela kuJehova, ngoba lapho umKristu esaba ukudumaza uNkulunkulu, kuba yilapho kuncipha khona ukwesaba ezinye izidalwa. Ukuyazi ngekhanda imibhalo eduduzayo kungamqinisa umuntu ukuba angesabi. Ukuze ziqine ngokomoya futhi zingesabi, izinceku zikaNkulunkulu zidinga futhi ukuba ziwasebenzise kahle wonke amathuba okuhlanganyela nezikholwa nabo. Futhi ngamunye kudingeka akhumbule indima umthandazo onayo ekubeni nesibindi. Ngokuhlala engesabi, amaKristu ayolondoloza ubuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu.
Isimiso sosuku lokuqala saphetha ngedrama efundisa kakhulu ethi Ukukhululelwa Ukuthuthukisa Ukukhulekela Kweqiniso. Yabonisa indlela umkhaya wosuku lwanamuhla owafunda ngayo isifundo kuEzra neqembu lakhe labantu abangu-7 000, abadela okuthile ukuze babuyele eJerusalema. Ledrama yenza ukuba ngamunye wababeze emhlanganweni ahlole izinto eziza kuqala kuye futhi abone indlela angawandisa ngayo amalungelo akhe enkonzo. Ledrama yayizuzisa abadala nabasebasha ngokufanayo.
NgoMgqibelo Ekuseni
Ngemva kwesimiso somculo, ingoma, umthandazo, kanye nengxoxo yetekisi leBhayibheli lansuku zonke, isimiso sangoMgqibelo ekuseni saba nochungechunge olwalunesihloko esithi “Inkululeko Ehambisana Nomthwalo Wemfanelo Emkhayeni.” Engxenyeni yokuqala ethi, “Indlela Obaba Abangamlingisa Ngayo UJehova,” obaba belulekwa ngezindlela ezihlukahlukene abangamlingisa ngazo uBaba wethu wasezulwini. Eyokuqala kaThimothewu 5:8 ibeka imfuneko yokuba bangagcini ngokulungiselela izinto ezibonakalayo kuphela kodwa futhi ezingokomoya. Balingisa uJehova ngokuba abafundisi abahle bemikhaya yabo nangokunikeza isiyalo sothando lapho kudingeka. Lamaphuzu aboniswa ngezingxoxo eziningana.
Esithi “Indima Yomfazi Yokusekela” saba ingxenye elandelayo yaloluchungechunge. Saqala ngokugcizelela ukuthi umfazi unesikhundla esihloniphekile emkhayeni wamaKristu, sokuba osekelayo. Lokhu kubeka yiphi imfuneko kuye? Ukuba azithobe ngokufanele, angalokothi acindezele umyeni wakhe ukuba enze into efunwa uyena kuphela. Kudingeka azinakekele kahle izibopho zakhe kumyeni wakhe nabantwana, futhi angathola ukwaneliseka kwangempela ngokugcina ikhaya lakhe lihlanzekile futhi licocekile. Futhi njengesikhonzi esingumKristu, angase abe namathuba amaningi okuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Ingxoxo eyenziwa nomkhaya othile yagcizelela ukuhlakanipha kweseluleko esinjalo esingokomBhalo.
Intsha yathola ukunakekela engxenyeni ethi “Abantwana Abalalelayo Futhi Bafunde.” Ngokuqeqesha abantwana babo ukuba balalele futhi bafunde, abazali baletha udumo kuJehova futhi babonisa uthando ngabafowabo abangokomoya nangabantwana babo siqu. Kuyoba nesibopho esiqinile phakathi kwabazali nabantwana uma bechitha isikhathi esizuzisayo bendawonye. Abazali kumelwe bakuhlomele ukuphendula imibuzo yabantwana babo futhi bashukumisele ukomela kwabo ukwazi. Nakulokhu, izingxoxo zabonisa indlela lokhu okungenziwa ngayo.
Kwalandela iseluleko esihle esithi “Zigcine Ukhululekile Ukuze Ukhonze UJehova.” Lokhu kwenziwa kanjani? Ngokuhlala ukhululekile ekuphishekeleni imisebenzi yezwe, izinto ezithandwayo ezidla isikhathi, nemigomo yezinto ezibonakalayo. UJesu nomphostoli uPawulu basibekela izibonelo ezinhle ngokuba ngabazidelayo. Abantu bakaJehova kudingeka bagcine iso elihle, ligxile ezithakazelweni zoMbuso. Uma kuziwa ekutholeni izinto ezibonakalayo, kuhlakaniphe kakhulu ukulondoloza imali manje bese uthenga kamuva kunokuthenga manje bese ukhokha kamuva. Intsha kumelwe iqaphele ukuphupha ngezinjabulo zobulili nemisebenzi yezwe. Ingxoxo eyenziwa nephayona elingashadile yabonisa izibusiso ezitholakalayo lapho umuntu ehlala ekhululekile ukuze akhonze uJehova.
Isimiso sangoMgqibelo ekuseni saphetha ngenkulumo ethi “Ngena Enkululekweni Ngokuzinikezela Nobhapathizo.” Ababezobhapathizwa bakhunjuzwa ukuthi nakuba indalo iye yafakwa ebugqilini ngokuhlubuka kuka-Adamu, uMkhululi onamandla, uJesu Kristu, wavula indlela eyisa enkululekweni ngomhlatshelo wakhe. Isikhulumi sabonisa lokho okwakuhilelekile ekugqashuleni ukuze senze intando kaNkulunkulu futhi saqokomisa izibopho nezibusiso ezaziyoba ezalabo ababezobhapathizwa.
NgoMgqibelo Ntambama
Isimiso sangoMgqibelo ntambama saqalisa ngombuzo obangela ukuzihlolisisa othi “Ubani Ofuna Azuze?” Izwe libonisa umoya kaDeveli wokuzifunela okwakho. Nokho, amaKristu kumelwe alingise umoya wokuzidela kaJesu Kristu. Yeka isibonelo asibeka! Washiya inkazimulo yasezulwini futhi wadela ukuphila kwakhe kobuntu ukuze kuzuze thina. Izinselele eziphathelene nokuthi sifuna kuzuze bani zivela lapho kuba khona ukungaqondani phakathi kwamaKristu ebhizinisini noma ezindabeni zezimali, lapho kuba khona ukungavumelani kobuntu, nokunye. Izinto ezinjalo zivivinya uthando lwamaKristu. Kodwa ngokufuna ukuba kuzuze abanye, umuntu angaqiniseka ngokuthola isibusiso esikhulu ngokwengeziwe sokupha, futhi uyozuza ukuvunyelwa uJehova.
Khona-ke kwalandela isihloko esihlobene kakhulu nalesi, esithi “Ukuqaphela Nokunqoba Ubuthakathaka Obungokomoya.” Lenkulumo yagcizelela isidingo sokubona izimpawu zobuthakathaka obungokomoya bese kuthathwa isinyathelo esiwujuqu ekulweleni ukunqoba uSathane nezingibe zakhe. Izinceku zikaJehova kumelwe zihlakulele uthando olujulile ngaye nenzondo ngokubi. Lokhu kubeka imfuneko yokuba zimazi uJehova ngesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke, esinenjongo somuntu siqu nesomkhaya. Kumelwe zigweme zonke izinhlobo zokuzijabulisa ezikhazimulisa ubudlova nokuziphatha okubi ngokobulili. (Efesu 5:3-5) Umthandazo wasikhathi sonke nokuba khona njalo emihlanganweni nakho kubalulekile ukuze uphumelele ekunqobeni ubuthakathaka obungokomoya.
Cishe inkulumo eyayiwundab’uzekwayo kunazo zonke izinkulumo ezanikezwa kulomhlangano kwakuyileyo eyayinesihloko esithi “Ingabe Umshado Uyisihluthulelo Senjabulo?” Abantu abaningi kakhulu abasebasha bacabanga kanjalo! Kodwa isikhulumi sakwenza kwacaca ukuthi kunezidalwa zomoya ezithembekile ezingenakubalwa ezijabulayo nakuba zingashadile, njengoba nje amaKristu amaningi azinikezele ejabula kakhulu nakuba engaboshelwe emshadweni. Ngaphezu kwalokho, imibhangqwana eminingi eshadile ayijabuli, njengoba kuboniswa yisilinganiso esiphakeme sezehlukaniso. Umuntu kudingeka nje ukuba acabange ngezibusiso eziningi ezijatshulelwa yiwo wonke amaKristu azinikezele ukuze abone ukuthi umshado, nakuba ungaba yisibusiso, awusona isihluthulelo senjabulo.
Lenkulumo yalandelwa uchungechunge olwaluthi “Inkululeko YobuKristu Osukwini Lwethu.” Isikhulumi sokuqala saxoxa ‘Ngezici Zenkululeko Yethu YobuKristu.’ Lezizici zihlanganisa ukukhululeka ezimfundisweni zenkolo yamanga ezinjengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo womuntu, nokuhlushwa kwaphakade. Khona-ke kukhona ukukhululeka ebugqilini besono obucindezelayo. Nakuba amaKristu engaphelele, akhululekile emikhubeni emibi enjengokubhema, ukugembula, ubudakwa, ukuziphatha okuxekethile ngokobulili. Kukhona futhi ukukhululeka ekungabini nathemba, ngoba anethemba lePharadesi eliwashukumisela ukuba atshele abanye ngalo.
Isikhulumi esalandela sabuza lombuzo “Ingabe Wena Ngokwakho Uyayazisa Leyonkululeko?” Ukwazisa kusho ukuthanda, ukunakekela ngokucophelela. Ukuze yenze lokho, inceku kaNkulunkulu kumelwe iqaphele ingalingeki ukuba yeqele ngalé kwemingcele yenkululeko yobuKristu. Inkululeko yezwe ingamanga akhohlisayo, ngoba iphumela ebugqilini besono nokonakala.
Isikhulumi sokugcina kuloluchungechunge sakhuluma ngesihloko esithi “Abathandi Benkululeko Bama Beqinile.” Ukuze enze lokho, amaKristu kumelwe anamathele ngokuseduze kubazali bawo basezulwini, uJehova nenhlangano yakhe enjengomfazi. Abantu bakaJehova ngeke bazivumele ukuba baphambukiswe yinkulumo-ze yezihlubuki; kumelwe babenqabe labo ababanxenxela ekuziphatheni okubi. Ukuze ame eqinile enkululekweni yokwesaba uNkulunkulu, amaKristu kumelwe ‘aphile ngomoya.’—Galathiya 5:25.
Inkulumo yokugcina yosuku yayiwumthombo wangempela wenjabulo. Yayinesihloko esithi “Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.” UJesu Kristu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke, ngoba wathinta ukuphila kwesintu ngokunamandla kakhulu ngaphezu kwawo wonke amabutho, nemikhumbi yempi, izigele, namakhosi ehlanganiswe ndawonye. WayeyiNdodana kaNkulunkulu, eyayiphila ezulwini ngaphambi kokuba ize emhlabeni. UJesu wamlingisa kahle uYise wasezulwini kulokho ayekukhuluma nayekufundisa nangendlela ayephila ngayo kangangokuba wayengathi: “Ongibonile mina ubonile uBaba.” (Johane 14:9) Yeka indlela uJesu abonisa kahle ngayo ukuthi “uNkulunkulu uluthando”! (1 Johane 4:8) Ngemva kokuxoxa ngokuningiliziwe ngezimfanelo zikaJesu, isikhulumi saphawula ukuthi uchungechunge lwezindaba ezinesihloko esithi “Ukuphila NeNkonzo KaJesu” bezilokhu zinyatheliswa kuNqabayokulinda kusukela ngoApril 1985. Ekuphenduleni izicelo eziningi, iNhlangano manje ikhulula incwadi entsha ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Inezahluko ezingu-133 futhi inyatheliswe ngemibala emine. Ukwaziswa okukuloluchungechunge kuye kwahlelwa, futhi konke kuhlanganiswe emakhasini angu-448 alencwadi. Ngempela, lolusuku lomhlangano lwaphela ngenjabulo enkulu ngokukhethekile!
NgeSonto Ekuseni
Ekuqaleni kwesimiso sangeSonto ekuseni kwaba nochungechunge oluthi “Ukukhonza Njengabadobi Babantu.” Inkulumo ethi “Ukubamba Izinhlanzi—Okungokoqobo Nokungokomfanekiso” yazibekela isisekelo izinkulumo ezalandela. Isikhulumi sabonisa ukuthi ngemva kokuba uJesu ebangele ukuba kubanjwe izinhlanzi ngokuyisimangaliso, wamema labo badobi ukuba babe abadobi babantu. Phakathi nesikhathi esithile, uJesu waqeqesha abafundi bakhe ukuba babe abadobi babantu, futhi kusukela ngePentekoste lika-33 C.E., babephumelela ekusizeni izixuku zamadoda nabesifazane ukuba zibe abafundi.
Isikhulumi esalandela saxoxa ngomfanekiso wenetha olotshwe kuMathewu 13:47-50. Saveza ukuthi inetha elingokomfanekiso lalihlanganisa kokubili amaKristu agcotshiwe neLobukholwa, laba okugcinwe ngabo kungenxa yomsebenzi owenziwayo ekuhumusheni, ekunyatheliseni, nasekusakazeni amaBhayibheli, nakuba lemizamo yabuthela ndawonye izinqwabanqwaba zezinhlanzi ezingafanelekile. Kusukela ngo-1919 ikakhulukazi kuye kwaba nomsebenzi wokwehlukanisa, kwalahlwa izinhlanzi ezingafaneleki, kuyilapho ezifanelekayo zibuthelwa ndawonye emabandleni anjengezikebhe aye asiza ekuvikeleni amaKristu eqiniso nasekuwalondolozeleni inkonzo yaphezulu.
Inkulumo yesithathu ethi, “Ukudoba Abantu Emanzini Asembulungeni Yonke,” yagcizelela isibopho sawo wonke amaKristu azinikezele sokuba ahlanganyele ekudobeni okwenziwa emhlabeni wonke. Manje abangaphezu kuka-4 000 000 bahlanganyela kulomsebenzi emazweni angaphezu kwangu-200, futhi eminyakeni yamuva nje abangaphezu kuka-230 000 baye babhapathizwa unyaka ngamunye. Bonke abantu bakaJehova banxuswa ukuba bathuthukise amakhono abo okudoba, futhi kwaxoxwa ‘nabadobi’ abaningana abaphumelela ngokukhethekile.
Enkulumweni eyalandela, eyayinesihloko esithi “Ukuhlala Siphapheme ‘Esikhathini Sokugcina,’” isikhulumi sabala izinto eziyisikhombisa ezingasiza abantu bakaNkulunkulu ukuba bahlale bephapheme: ukulwa neziphazamiso, ukuthandaza, ukumemezela isixwayiso ngokuphela kwalesimiso, ukunamathela enhlanganweni kaJehova, ukuzihlola, ukuzindla ngeziprofetho esezigcwalisekile, nokukhumbula ukuthi ukusindiswa kwabo kuseduze kakhulu kunangesikhathi abaqala ngaso ukuba abakholwayo.
Isimiso sasekuseni saphetha ngenkulumo ethi “Ubani Oyosinda ‘Esikhathini Sokuhlupheka’?” Isikhulumi sabonisa indlela isiprofetho sikaJoweli esagcwaliseka ngayo ngezinga elithile ngezikhathi zabaphostoli, ukuthi manje besiqhubeka sigcwaliseka, nokuthi siyogcwaliseka ngokuphelele esikhathini esizayo esingekude.
NgeSonto Ntambama
Isimiso santambama saqalisa ngenkulumo yeningi ethi, “Ukuhalalisela Izwe Elisha LikaNkulunkulu Lenkululeko!” Lenkulumo yaqhubeka nesihloko somhlangano senkululeko. Kwavezwa ukuthi iZwi likaNkulunkulu libikezela izwe elisha okuyoba khona kulo inkululeko ekucindezelweni amandla angokwenkolo, angokombangazwe, angokomnotho, angokobuhlanga. Futhi kuyoba khona ukukhululeka esonweni nasekufeni. Impilo ephelele iyobuyiselwa ukuze abantu bakwazi ukuphila phakade ngenjabulo emhlabeni oyipharadesi. Ngakho, abathandi bokulunga banazo zonke izizathu zokubonga uMenzi wezwe elisha ngokumemeza bathi: “Siyakubonga, Jehova, ngenkululeko yeqiniso ekugcineni!”
Inkulumo yeningi yalandelwa okuthile okusha emihlanganweni yesigodi—inkulumo esekelwe esifundweni sangalelosonto kuNqabayokulinda. Khona-ke umhlangano wafika esiphethweni ngenkulumo eshukumisayo futhi eyisiyalo ethi “Bathandi Benkululeko, Qhubekani Nithuthuka.” Isikhulumi saxoxa kafushane ngamaphuzu avelele esihloko somhlangano senkululeko. Sagcizelela indlela abantu bakaJehova abajabula ngayo ngenxa yenkululeko yabo, sabala izindlela amaKristu aye enza ngazo intuthuko, sase siwanxusa ukuba aqhubeke ethuthuka ngobunye ukuze avune izibusiso ezengeziwe. Saphetha ngalamazwi: “Njengoba senza lokhu, kwangathi uJehova angaqhubeka esibusisa ngothi lwethu ukuze siqhubeke sithuthuka njengabathandi benkululeko.”
“Okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo, ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.” — Roma 8:20, 21.
[Izithombe ekhasini 25]
Isihambeli somhlangano esisesisha esasize emhlanganweni ePrague, eCzechoslovakia
[Izithombe ekhasini 26]
1. Ababezobhapathizwa baya endaweni yobhapathizo ePrague, eCzechoslovakia
2. Ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova eTallinn, e-Estonia
3. Izincwadi ezintsha zaletha injabulo kwabeze emhlanganweni eUsolye-Sibirskoye, eSiberia
4. Ukukhululwa kwe“New World Translation of the Holy Scriptures” ngesiCzech nangesiSlovak emhlanganweni ePrague