Lokho UMbuso KaNkulunkulu Okushoyo Kwabaningi
UJESU KRISTU wakhuluma kaningi ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngokuqondene nalokhu isazimlando uH. G. Wells sabhala: “Okuphawulekayo ukuvelela okukhulu uJesu akunikeza ekufundiseni ngalokho akubiza ngokuthi uMbuso weZulu, uma kuqhathaniswa nokungabaluleki kwawo enqubweni nasemfundisweni yamasonto amaningi obuKristu. Lemfundiso yoMbuso weZulu, okwakuyimfundiso eyinhloko kaJesu, futhi enengxenye encane kakhulu ezivumweni zokholo zobuKristu, ngokuqinisekile ingenye yezimfundiso eziningi ezinesisekelo esihluke kakhulu ezake zashukumisa futhi zashintsha ukucabanga komuntu.”
Kungani amasonto enokuncane kangaka angakusho ngoMbuso kaNkulunkulu? Esinye isizathu singase sibe ukuthi kunokungaqiniseki mayelana noMbuso. Kuye kwaba namiphi imibono maqondana nawo?
Indlela UMbuso Oye Wabhekwa Ngayo
Abanye baye bahlanganisa uMbuso kaNkulunkulu neSonto LamaKatolika. Ngemva kokuba ababhishobhi bemukele uMbusi uConstantine njengenhloko yabo eMkhandlwini WaseNicaea ngonyaka ka-325 C.E., isonto lahileleka kwezombangazwe, futhi abantu batshelwa ukuthi uMbuso wawusufikile kakade. IEncyclopædia Britannica ichaza ukuthi ngokolwazi lwezenkolo lukaAugustine (354-430 C.E.), “uMbuso kaNkulunkulu usuqalile kakade kulelizwe ngokumiswa kwesonto” futhi “usukhona kakade emasikweni esonto.”
Abaningi babheka uMbuso kaNkulunkulu njengolethwe abantu. Iencyclopedia efanayo ithi: “Amasonto eNguquko . . . ngokushesha aba amasonto esifunda amisiwe, kamuva okwaqeda ithemba lesikhathi sokuphela” lokuza koMbuso kaNkulunkulu. UH. G. Wells wabhala: “Abantu bagudluza ukubaluleka okuyinhloko ekuphileni kwabo kwasuka embusweni kaNkulunkulu nobuzalwane besintu kwaya kulokho okubonakala kungokoqobo ngokwengeziwe, iFrance neNgilandi, iRussia eNgcwele, iSpain, iPrussia . . . Ayengonkulunkulu abangokoqobo nabaphilayo eYurophu.”
Ngisho nasezikhathini zanamuhla, uMbuso uye wehlukaniswa nenkolo. IEncyclopædia Britannica iyachaza: “Okuvelele isimo sengqondo esiyisisekelo sokuthi umuntu ngokwakhe kumelwe alungiselele umphakathi ophelele wesikhathi esizayo ngendlela yokwakha nokuhleleka nokuthi ‘ukwethemba’ ‘nokulinda’ kuthathelwa indawo umzamo womuntu.” Ngokuqondene “nokusetshenziswa kwezimiso zobuKristu ezinkingeni zomphakathi,” umthombo ofanayo wokwaziswa uyaqhubeka: “Lesinyathelo sabheka isigijimi sobuKristu soMbuso kaNkulunkulu ngokuyinhloko njengamandla ashukumisayo okuhlanganisa kabusha izimo zomphakathi ezingezona ezingokwenkolo ngomqondo wesimiso soMbuso kaNkulunkulu.”
AmaJuda amaningi futhi aye abheka uMbuso njengempumelelo yomuntu. Ngo-1937 umhlangano worabi abasekela iziNguquko eColumbus, eOhio, eU.S.A., wathi: “Sikuthatha njengomsebenzi wethu ongokomlando ukubambisana nabantu bonke ekumisweni kombuso kaNkulunkulu, wobuzalwane bendawo yonke, ubulungisa, iqiniso nokuthula emhlabeni. Lona umgomo wethu wobumesiya.”
Omunye umbono osakazekile uwukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyisimo senhliziyo yomuntu. Ngokwesibonelo, eUnited States, uMhlangano WamaBaptist AseNingizimu wango-1925 wathi: “UMbuso kaNkulunkulu uwukubusa kukaNkulunkulu enhliziyweni nasekuphileni komuntu ngamunye kubo bonke ubuhlobo bomuntu, nakuzo zonke izimiso zomphakathi ohlelekile. . . . UMbuso kaNkulunkulu uyopheleliswa lapho yonke imicabango nentando yomuntu ivumelana nentando kaKristu.”
Khona-ke, ingabe isonto linguMbuso kaNkulunkulu? Ingabe lowoMbuso uyolethwa ngezindlela ezingokwezwe? Ingabe uyisimo senhliziyo? Futhi yini uMbuso kaNkulunkulu ongayisho kuwe?