Umehluko Phakathi KukaPawulu NoPlato Ngokuphathelene Novuko
UMPHOSTOLI uPawulu wabhala ngovuko kweyoku-1 Korinte 15:35-58 neyesi-2 Korinte 5:1-10. Lapho enza kanjalo, ingabe walandela imibono yokungafi komphefumulo kaPlato nezinye izazi zefilosofi zamaGreki, noma wavumelana nemfundiso kaJesu nayo yonke eminye imiBhalo?
Incwajana ethi Immortality of the Soul or Resurrection of the Individual: St. Paul’s View with Special Reference to Plato, eyabhalwa ngo-1974 futhi yasekelwa umbhishobhi omkhulu weSonto LamaGreki LobuOrthodox laseNyakatho naseNingizimu Melika, inikeza impendulo ekhanyayo. Ngemva kokukhulumela isimo sovuko emibhalweni okukhulunywe ngayo ngenhla namathonya angalesosikhathi aphathelene nomlando namasiko amaGreki, umlobi ufinyelela kulesiphetho esilandelayo:
“UPlato ufundisa ukuthi umphefumulo uqhubeka ukhona ngokunganqamuki futhi phakade, ngaphandle komzimba. Umphefumulo ngokukaPlato awufi ngokwemvelo nangokuyisisekelo . . . UPawulu akawufundisi lowombono noma azame ukwenza kanjalo . . .
“Umphostoli uPawulu akanandaba nokungafi kwepsyche noma umoya njengezingxenye ezihlukene nezingafani kodwa unendaba nokuvuswa kwawo wonke umzimba ophelele womuntu womoya ongumphefumulo ngenxa yomphumela wokuvuka kukaKristu. Ukuqonda kukaPawulu isimo okufanele sithathwe abayovuswa ovukweni oluvamile lwabo bonke abafile akuphathelene nokuvuswa kwemizimba efile ethuneni.
“Ukuqonda kwakhe umzimba ovuswayo kungachazwa kangcono njengokuguqulwa, ukudalwa kabusha nokwenziwa kabusha, ngamandla kaNkulunkulu, kwabo bonke ubunye bomuntu, komuntu ofanayo, kobuntu, izinto eziphilayo eziphathelene nengqondo nomzimba, umuntu onezimfanelo ezingokwengqondo nezingokomzimba. Uvuko lwethu lwesikhathi esizayo luyoba khona hhayi njengefa lethu siqu elingokwemvelo, kodwa njengesipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu.”
Yebo, ukuphila okungenakufa akulona ifa elingokwemvelo lanoma yimuphi umuntu. Kunalokho, kuyisipho esingumklomelo nesomusa esivela kuJehova ngeNkosi yethu uJesu Kristu kulabo abakha ibandla lamaKristu agcotshiwe.—1 Korinte 15:20, 57; Filipi 3:14.
[Isithombe ekhasini 9]
Isazi sefilosofi yamaGreki uPlato
[Umthombo]
Vatican Museum photograph