Abathweswa Iziqu EGileyadi Bamukela Isipho Senkonzo Yezithunywa Zevangeli
NGOMARCH 1, 1992, amalungu angu-22 ekilasi lama-92 elithweswa iziqu leWatchtower Bible School of Gilead amukela isipho—isipho senkonzo yezithunywa zevangeli. Lapho ekhuluma nekilasi, uLloyd Barry weNdikimba Ebusayo wathi: “Kwangathi ningasamukela ngenjabulo enkulu lesosipho esimangalisayo, futhi kwangathi ningasisebenzisa ekuletheleni abanye injabulo.”
Izivakashi ezimenyiwe ezingaba ngu-4 662 namalungu omkhaya waseBethel bahlangana eHholo LoMhlangano laseJersey City, eNew Jersey, bezokwethamela isimiso sokuthwesa iziqu. Abanye abangu-970 ezakhiweni zaseNew York zeWatchtower Society eBrooklyn, eWallkill, nasePatterson babexhunywe ngocingo. Bonke balalela ngokunakekela njengoba abathweswa iziqu babenikezwa izeluleko zokuvalelisa ezaziyobasiza ukuba basazise kakhulu isipho senkonzo yezithunywa zevangeli futhi basisebenzise ngokuhlakanipha.
Isimiso sasiqaliswe ngokuhlatshelelwa ngentshiseko kwengoma 155, “Yamukelanani”! Ngemva kwalokho, bonke bathinteka njengoba uFrederick W. Franz, umongameli oneminyaka engu-98 ubudala weSikole SaseGileyadi, enikeza umthandazo othinta inhliziyo. Khona-ke, usihlalo, uCarey Barber weNdikimba Ebusayo, wamukela bonke esimisweni sokuthwesa iziqu futhi wathi: “Akukaze kube nesidingo esikhulu sezithunywa zevangeli zaseGileyadi kunanamuhla.” Ngemva kwenkulumo yakhe, wethula uchungechunge lwezinkulumo ezimfushane, eziwusizo.
UCurtis Johnson weKomiti Yekhaya LaseBethel wakhuluma kuqala, ethuthukisa isihloko esithi “Yinakekele Kahle Insimu Yakho.” UMzalwan’ uJohnson waphawula ukuthi lapho lezithunywa zevangeli ezintsha zifika ezabelweni zazo, ngasinye sazo siyoba nensimu engokomoya okumelwe siyilime. (1 Korinte 3:9) Abantu bakaJehova emhlabeni wonke bayinsimu engokomoya ehluma ukulunga nodumo phambi kwazo zonke izizwe. (Isaya 61:11) ‘Indlela eniyonakekela ngayo insimu yenu engokomoya esikhathini esizayo,’ kugcizelela isikhulumi, ‘iyoyithinta kakhulu impumelelo yenu esabelweni senu sobuthunywa bevangeli.’ Yini eyobasiza ukuba bayinakekele kahle insimu yabo engokomoya? ‘UJehova angaba udonga oluyisivikelo olubiyele insimu yenu engokomoya. Uma nizimisele ukuhlakulela imisebenzi emihle, hlalani niseduze naye ngomthandazo, bese nisebenza ngokuvumelana nemithandazo yenu.’
Ngokulandelayo, uLloyd Barry wakhuluma ngesihloko esithi “Thokozani ENkosini Njalonjalo.” (Filipi 4:4) Njengoba ayenokuhlangenwe nakho kweminyaka engaphezu kwengu-25 yezithunywa zevangeli eJapane ayengakusebenzisa, wayenokusikisela okuwusizo kokusiza abathweswa iziqu ukuba bajabulele isipho senkonzo yezithunywa zevangeli. Waphawula: ‘Niyothola ukuthi injabulo eninayo enkonzweni kaNkulunkulu inisiza ukuba ninqobe ukucindezela okuningi futhi mhlawumbe nezinye izinkinga ezingokomzimba enibhekana nazo.’ (IzAga 17:22) Wakhumbuza abathweswa iziqu ukuba bangase babhekane nezimo ezihluke kakhulu kunalokho ababekujwayele. Kungase kudingeke bafunde ulimi olusha. ‘Kuyodingeka nisebenze kanzima lapho nifunda ulimi olusha. Kodwa lapho senikwazi ukuxhumana ngokukhululekile nabantu ngolimi lwabo siqu, lokhu nakho kuyonezela enjabulweni yenu.’
Ethuthukisa isihloko esithi “Gcinani Amehlo Enu Ebheke Umklomelo,” uEldor Timm weKomiti Yefekthri wakhuluma ngokulandelayo. Uyini umklomelo? Ukuphila okuphakade! Ukuze sikuzuze kumelwe sigcine amehlo ethu egxile kukho. Isikhulumi sakhuluma ngokunye kokufana nokwehluka phakathi kwamaKristu asemncintiswaneni wokuphila nabagijimi abasemincintiswaneni yokugijima yekhulu lokuqala leminyaka. Njengabagijimi, amaKristu kumelwe aziqeqeshe ngentshiseko, agcine imithetho, futhi alahle okusindayo. Kodwa ngokungafani nabagijimi abangokoqobo, amaKristu asemncintiswaneni wakho konke ukuphila futhi afuna umklomelo ohlala phakade. Esikhundleni sokuba kube noyedwa kuphela owinayo, bonke abagijima kulomncintiswano wokuphila baze bawuqede bayothola umklomelo. UMzalwan’ uTimm waphetha: ‘Ukuze sizuze umklomelo wokuphila, kumelwe sibe nokuthula noJehova, uMniki womklomelo. Futhi ukuze sibe nokuthula noJehova, kumelwe sibe nokuthula nabafowethu.’
UMilton Henschel weNdikimba Ebusayo wakhuluma ngokulandelayo ngesihloko esithi “Ngenduduzo YemiBhalo, Sinethemba.” (Roma 15:4) ‘Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule,’ kuqala isikhulumi, ‘benimatasa ngeBhayibheli. Kuye kwakhekha ukusondelana okukhulu nalo. Ninethemba eliqinile. Njengoba niya ezabelweni zenu, sizani nikhumbule ukuthi kungani ithemba lenu liqine kangaka. Kungenxa yokuthi niye nahlala niseduze nemiBhalo.’ Ukuze sibonise isibonelo sokulandisa kweBhayibheli esinikeza ithemba, isikhulumi sabhekisela encwadini yabAhluleli izahluko 6 kuya ku-8, elandisa indlela uGideyoni athunywa ngayo ukuba akhulule uIsrayeli ekucindezeleni kwabakwaMidiyani. Ngemva ngokuxoxa ngalokhu kulandisa nokubaluleka kwakho osukwini lwethu, saphawula: ‘Lapho ninethuba lokuba seduze nemiBhalo futhi nicabanga ngalezinto, kuyaniqabula. Nithola isibindi.’
Bonke babelangazelela ukuzwa ukuthi isiphi iseluleko sokuvalelisa abaqeqeshi abayinhloko ababili besikole ababesiphathele abafundi. UJack Redford wakhuluma kuqala ngesihloko esithi “Yenza Okulungile.” Wakhumbuza abathweswa iziqu: ‘EGileyadi niqeqeshwe ngesineke kulokho okulungile ngokwemiBhalo. Manje niya ezabelweni zezithunywa zevangeli eziyinselele. Futhi siyazi ukuthi cishe niyohlangabezana nezinkinga ezinzima. Naphezu kwalokhu, futhi naphezu kwemizwa yenu siqu, siyazi ukuthi ningakwenza okulungile.’ Yini eyosiza? Phakathi kokunye, ukuba nombono omuhle ngabanye. Isikhulumi sathi: ‘Ningalindeli ukuphelela esimweni sokungapheleli.’ Ukuba nombono omuhle ngezimo ezivivinyayo nakho kungasiza. ‘Sonke siyabhekana nezikhathi ezimnandi nezinzima ekuphileni,’ siphawula. ‘Noma ubani angabhekana nezikhathi ezimnandi. Indlela osingatha ngayo izikhathi ezinzima eyonquma ukuthi uyakhuthazela yini enkonzweni yezithunywa zevangeli.’—Jakobe 1:2-4.
Umbhalisi wesikole, u-Ulysses Glass, wakhetha isihloko esithi “Liyini Ithemba Ngesikhathi Esizayo?” Ngephimbo lobubaba, wakhuthaza abathweswa iziqu ukuba bagcine ithemba labo likhanya kakhulu. (IzAga 13:12) ‘Ukuqala kokulahlekelwa ithemba kungase kungabonakali,’ echaza. ‘Izimo zingasibangela ukuba sizikhathalele kakhulu thina ngokwethu esikhundleni sobuhlobo bethu noNkulunkulu. Singase sigule noma sizizwe sixhashazwa abanye. Abanye bangaba nezinto ezibonakalayo eziningi kunesinazo noma bangathola imiphumela engcono enkonzweni, futhi singaba nomona ngandlela-thile. Uma singalokotha sivumele izinto ezinjalo ukuba zisinqobe kancane kancane, ngokushesha ukuba ngokoqobo kwethemba loMbuso kuyofiphala enhliziyweni nasengqondweni yethu, futhi singase ngisho siyeke ukukhuthazela emncintiswaneni wokuphila.’ Yini engenziwa? ‘Kumelwe kuthathwe isinyathelo esiqondile ukuze sivuselele ithemba lethu. Kumelwe sigcwalise izingqondo nezinhliziyo zethu ngezithembiso eziqinisekile zikaNkulunkulu futhi siphendulele ukunakekela kwethu okuphelele ekubeni ngokoqobo koMbuso kaNkulunkulu. Futhi kumelwe sibuyisele ukuxhumana kwethu noJehova, ngoba lokhu ngokuqinisekile kuyoholela enjabulweni.’
UKarl Klein weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokuthwesa iziqu. Isihloko sakhe sasithi “Kungani Kumelwe Nithobeke?” Futhi iyini impendulo yalowombuzo? ‘Ngoba kuyinto okulungile nokufanele ukuyenza, yinto okuwukuhlakanipha nokuwuthando ukuyenza,’ echaza esingenisweni sakhe. Izilaleli zavuswa isithakazelo lapho exoxa ngezibonelo ezine zokuthobeka esenza kahle ukuzilingisa: (1) UJehova uNkulunkulu, lowo ngokuqinisekile owayethobekile lapho esebenzelana noAbrahama noMose (Genesise 18:22-33; Numeri 14:11-21; Efesu 5:1); (2) uJesu Kristu, lowo ‘owazithobisa futhi walalela kwaze kwaba sekufeni esigxotsheni sokuhlushwa’ (Filipi 2:5-8, qhathanisa neNW; 1 Petru 2:21); (3) umphostoli uPawulu, ‘owakhonza iNkosi ngokuthobeka okukhulu’ (IzEnzo 20:18, 19; 1 Korinte 11:1); kanye (4) ‘nalabo abasiholayo,’ njengomongameli wokuqala weNhlangano, uMzalwan’ uRussell, owake wabhala: “Umsebenzi iNkosi eye yathokozela ukusebenzisa amathalenta ethu angelutho kuwo ubungewona umsebenzi wokusungula kodwa owokuvuselela, ukulungisa, nokuvumelanisa.” (Heberu 13:7) UMzalwan’ uKlein wachaza nezinye izizathu ezinamandla zokuthobeka. Ngokuqinisekile, ukulalela iseluleko sokuthobeka kuyosiza abathweswa iziqu ukuba basisebenzise ngokuhlakanipha isipho senkonzo yezithunywa zevangeli!
Ngemva kwaleyonkulumo, usihlalo wahlanganyela nababekhona imikhonzo evela ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Manje kwase kufike isikhathi sokuba abathweswa iziqu bathole iziqu zabo. Babevela emazweni ayisikhombisa—eCanada, eFinland, eFrance, eMauritius, eNetherlands, eSweden, naseUnited States. Kodwa izabelo zabo zobuthunywa bevangeli zibathumela emazweni angu-11—eBolivia, e-Estonia, eGrenada, eGuatemala, eHonduras, eHungary, eMauritius, ePeru, eTogo, eTurkey, naseVenezuela.
Ngemva kwekhefu, isimiso santambama saqalisa ngeSifundo SeNqabayokulinda esifushanisiwe esasiqhutshwa uJoel Adams weKomiti Yomnyango Wenkonzo. Ngemva kwalokho, abathweswa iziqu benza imiboniso yokunye kokuhlangenwe nakho kwenkonzo yasensimini abaye bakujabulela ngesikhathi bekulesikole. Ekugcineni, kwadlalwa idrama ethi Kungani Kufanele Uhloniphe Uhlelo Olungokwasezulwini? ngenjongo yokwaka zonke izilaleli, kuhlanganise nabathweswa iziqu.
Ngempela, laba abathweswa iziqu baya ezabelweni zabo kwamanye amazwe beneseluleko nesikhuthazo esiyobasiza ekusebenziseni isipho senkonzo yobuthunywa bevangeli ukuba bangaziletheli udumo bona kuphela kodwa nabanye.
[Ibhokisi ekhasini 22]
Imininingwane Yekilasi
Inani lamazwe amelelwe: 7
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 11
Ingqikithi yabafundi: 22
Isilinganiso seminyaka: 33,4
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16,7
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 11,8
[Isithombe ekhasini 23]
Ikilasi Lama-92 Elithweswa Iziqu LeWatchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva futhi amagama ahlelwe kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Chan Chin Wah, M.; Bouancheaux, N.; Chapman, B.; Östberg, A.; Cole, L.; Jackson, K.; Meerwijk, A. (2) Smith, J.; Wollin, K.; Chapman, R.; Gabour, N.; Chan Chin Wah, J.; Smith, C.; Edvik, L. (3) Bouancheaux, E.; Östberg, S.; Cole, K.; Jackson, R.; Gabour, S.; Edvik, V.; Meerwijk, R.; Wollin, G.