Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe kufanele siqonde uJobe 1:8 njengobonisa ukuthi phakathi nesikhathi ayephila ngaso, uJobe wayewukuphela komuntu othembekile kuJehova?
Cha. Ayisivumeli lesosiphetho incwadi kaJobe 1:8, ethi:
“Wayesethi uJehova kuSathane: Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.” UNkulunkulu wamchaza ngendlela efanayo kuJobe 2:3, ebuza uSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.”
Incwadi kaJobe ngokwayo ibonisa ukuthi uJobe wayengeyena kuphela umuntu ophilayo owamukelwa uNkulunkulu njengothembekile. Kusukela esahlukweni 32, sifunda ngoElihu. Nakuba ayeyindoda esencane, uElihu walungisa iphutha lombono kaJobe futhi wadumisa uNkulunkulu weqiniso.—Jobe 32:6–33:6, 31-33; 35:1–36:2.
Ngakho-ke, ukusho kukaNkulunkulu ukuthi ‘wayengekho onjengoJobe emhlabeni’ kumelwe ukuba kusho ukuthi uJobe wayevelele ngokukhethekile njengomuntu olungileyo. Kungenzeka uJobe wayephila phakathi nesikhathi sokufa kukaJosefa eGibithe nokuqala kwenkonzo kaMose njengomprofethi kaNkulunkulu. Phakathi nalesosikhathi inani elikhulu lamaIsrayeli lalihlala eGibithe. Asikho isizathu sokucabanga ukuthi bonke babengathembekile futhi bengamukeleki kuNkulunkulu; cishe babebaningi ababethembela kuJehova. (Eksodusi 2:1-10; Heberu 11:23) Nokho, akekho kubo owaba nendima evelele, njengoJosefa, futhi labobakhulekeli babengavelele ngokuqondene nokukhulekela kweqiniso, njengoba uMose ayeyoba njalo ekuholeni isizwe sakwaIsrayeli esikhipha eGibithe.
Nokho, kwakukhona indoda eyayihlala kwenye indawo eyayinobuqotho obuphawulekayo. “Kwakukhona umuntu ezweni laseUzi ogama lakhe lalinguJobe; lowomuntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.”—Jobe 1:1.
Ngaleyondlela uJehova wayengakhuluma ngoJobe njengesibonelo esivelele noma esiphawulekayo sokholo nokuzinikela. Ngokufanayo, lapho bebheka emuva abalobi beBhayibheli uHezekeli noJakobe baqokomisa uJobe njengobeka isibonelo sokulunga nokukhuthazela.—Hezekeli 14:14; Jakobe 5:11.