Izinguqulo ZeBhayibheli ZaseAfrika
Izinguqulo zakuqala zalo lonke iBhayibheli ezazihunyushelwa olimini lwaseAfrika zazenziwa eGibithe. Zazaziwa ngokuthi izinguqulo zamaCopt, kukholelwa ukuthi zisukela ekhulwini lesithathu noma lesine leminyaka C.E. Cishe emakhulwini amathathu eminyaka kamuva, iBhayibheli lahunyushelwa olimini lwase-Ethiopia.
Amakhulu ezilimi ezingabhalwa ezazikhulunywa eningizimu Ethiopia naseSahara kwakumelwe alinde kuze kufike abavangeli ngekhulu le-19 leminyaka. Ngo-1857 kwafinyelelwa ingqopha-mlando lapho uRobert Moffat eqeda ukuhumushela iBhayibheli olimini lwesiTswana, ulimi lwaseningizimu Afrika. Wabuye walinyathelisa ngezingxenye zalo ngomshini wokunyathelisa ohlelwa ngesandla. Leli kwakuyiBhayibheli lokuqala eliphelele elanyatheliswa eAfrika futhi kwakuyinguqulo yokuqala ephelele eyahunyushelwa olimini ngaphambili olwalungabhalwa lwaseAfrika. Ngokuthakazelisayo, uMoffat wasebenzisa igama laphezulu uYehova enguqulweni yakhe. Enguqulweni yango-1872 eyakhishwa yiBritish and Foreign Bible Society, igama elithi Yehova lisetshenziswe ezinkulumweni eziyisisekelo ezashiwo uJesu njengoba zilotshwe kuMathewu 4:10 nakuMarku 12:29, 30.
Ngo-1990 lonke iBhayibheli lase lihunyushelwe ezilimini ezingu-119 zaseAfrika, nezingxenye zalo ezitholakala ngezilimi ezingu-434 ezengeziwe.