Umoya KaJehova Uhola Abantu Bakhe
“Umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.”—IHUBO 143:10.
1, 2. Yini engase ibangele ukucindezeleka ezincekwini ezithembekile zikaJehova?
‘NGIZIZWA ngicindezeleke kakhulu! Ngingayitholaphi induduzo? Ingabe uNkulunkulu ungilahlile?’ Ingabe uke uzizwe ngaleyondlela? Uma kunjalo, awuwedwa. Nakuba izinceku ezithembekile zikaJehova zisepharadesi elichumayo elingokomoya, ngezinye izikhathi zibhekana nezinkinga ezicindezelayo, uvivinyo, nezilingo ezivamile esintwini.—1 Korinte 10:13.
2 Mhlawumbe ubhekene novivinyo oluthile lwesikhathi eside noma into ebangela ukucindezeleka okukhulu. Kungenzeka ukuthi udabukile ngenxa yokufa kothandekayo futhi ungase uzizwe unesizungu esikhulu. Noma inhliziyo yakho ingase ikhathazwe ukugula komngane othandekayo. Izimo ezinjalo zingase zikuphuce injabulo nokuthula futhi zingase ngisho zisongele ukholo lwakho. Yini okufanele uyenze?
Cela Ukuba UNkulunkulu Akunike Umoya Wakhe
3. Uma okuthile kukuphuca izimfanelo ezinjengokuthula nenjabulo, yini okuyoba ukuhlakanipha ukuyenza?
3 Uma okuthile kukuphuca ukuthula, injabulo, noma imfanelo ethile yokwesaba uNkulunkulu, kuyoba ukuhlakanipha ukuba uthandazele umoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla ayisiphekupheku. Ngani? Ngoba umoya kaJehova uveza izithelo ezinhle ezisiza umKristu ukuba abhekane nezinkinga, uvivinyo, nezilingo. Ngemva kokuxwayisa ‘ngemisebenzi yenyama,’ umphostoli uPawulu wabhala: “Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho-mthetho omelana nokunjalo.”—Galathiya 5:19-23.
4. Lapho ubhekene novivinyo oluthile noma isilingo, kungani kungase kube okufanelekile ukuba ongagwegwesi emithandazweni yakho?
4 Ngenxa yohlobo lovivinyo obhekene nalo, ungase uqaphele ukuthi usengozini yokuphelelwa ubumnene bakho, noma umoya omnene. Khona-ke yiba ongagwegwesi ngokuthandaza kuJehova uNkulunkulu ucele isithelo somoya sobumnene. Uma ubhekene nesilingo esithile, udinga ngokukhethekile isithelo sokuzithiba. Yebo, kuyoba okufanelekile futhi ukuthandazela usizo lwaphezulu lokumelana nesilingo, ukuba ukhululwe kuSathane, nokuba uthole ukuhlakanipha okudingekayo kokukhuthazelela uvivinyo.—Mathewu 6:13; Jakobe 1:5, 6.
5. Uma izimo zicindezela kangangokuba ungazi ukuthi isiphi isithelo somoya okumelwe usithandazele, yini engenziwa?
5 Nokho, ngezinye izikhathi izimo zingase zicindezele kakhulu noma zikhungathekise kangangokuba ungazi ukuthi isiphi isithelo somoya osidingayo. Empeleni, injabulo, ukuthula, ubumnene, nezinye izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu zonke zingase zibe sengozini. Khona-ke yini okumelwe yenziwe? Kungani ungaceli kuNkulunkulu umoya ongcwele bese uwuvumela ukuba ubangele izithelo ezidingekayo zichume kuwena? Izithelo ezidingekayo kungase kube uthando noma injabulo noma ukuthula noma inhlanganisela yezithelo zomoya. Futhi thandazela ukuba uNkulunkulu akusize ukuba uvumele ukuqondisa komoya wakhe, ngoba usebenzisa wona ekuholeni abantu bakhe.
UJehova Uzimisele Ukusiza
6. UJesu wasigcizelela kanjani kubalandeli bakhe isidingo sokuba bathandaze bangayeki?
6 Lapho abafundi bakaJesu Kristu befuna ukufundiswa ukuthandaza, ngokwengxenye wabanxusa ukuba bathandazele umoya kaNkulunkulu. Okokuqala uJesu wasebenzisa umfanekiso owawuklanyelwe ukubashukumisela ukuba bathandaze bangayeki. Wathi: “Ngumuphi kini oyakuba-nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe-zintathu, ngokuba kufiké kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe; yena-ke ophakathi aphendule athi: Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike, na? Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.”—Luka 11:5-8.
7. Uyini umqondo wamazwi kaJesu akuLuka 11:11-13, futhi isiphi isiqiniseko asinikeza sona ngokuphathelene noNkulunkulu nomoya wakhe?
7 UJehova uzimisele ukusiza zonke izinceku zakhe ezithembekile ezizinikezele, futhi uyazilalela izicelo zazo. Kodwa uma umuntu onjalo ‘eqhubeka ecela,’ njengoba uJesu anxusa, lokhu kubonisa isifiso esiqotho futhi kuwukuboniswa kokholo. (Luka 11:9, 10, qhathanisa neNW.) UKristu wanezela: “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” (Luka 11:11-13) Uma umzali wasemhlabeni, nakuba ecishe abe ngomubi ngenxa yokuba nesono akuzuze njengefa, enikeza ingane yakhe izinto ezinhle, ngokuqinisekile uBaba wethu wasezulwini uyoqhubeka enikeza umoya wakhe ongcwele kunoma iyiphi yezinceku zakhe ezithembekile eziwucela ngokuzithoba.
8. IHubo 143:10 lisebenza kanjani kuDavide, kuJesu, nasezincekwini zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla?
8 Ukuze sizuze emoyeni kaNkulunkulu, kumelwe sizimisele ukulandela ukuhola kwawo njengoDavide. Wathandaza: “Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.” (IHubo 143:10) UDavide, owayedingiswe inkosi yakwaIsrayeli uSawule, wafuna umoya kaNkulunkulu ukuba umhole ukuze aqiniseke ukuthi inkambo yakhe iqotho. Ngokuhamba kwesikhathi uAbiyathara weza nemvunulo yompristi eyayisetshenziselwa ukuqinisekisa intando kaNkulunkulu. Njengommeleli kaNkulunkulu ongumpristi, uAbiyathara wayala uDavide ngendlela okwakumelwe enze ngayo ukuze athokozise uJehova. (1 Samuweli 22:17–23:12; 30:6-8) NjengoDavide, uJesu wayeholwa umoya kaJehova, futhi lokhu kuye kwaba njalo nangabalandeli bakaKristu abagcotshiwe njengesigaba. Ngo-1918-19, umphakathi wesintu wawubabheka njengabantu abalahliwe, futhi izitha zabo ezingokwenkolo zacabanga ukuthi zazingababhubhisa. Abagcotshiwe bathandazela indlela yokuphuma esimweni sabo sokungashiseki, futhi ngo-1919, uNkulunkulu wayiphendula imithandazo yabo, wabakhulula, futhi waphinde wabashukumisela enkonzweni yakhe. (IHubo 143:7-9) Ngokuqinisekile, umoya kaJehova ngalesosikhathi wawusiza futhi uhola abantu bakhe, njengoba wenza kuze kube namuhla.
Indlela Umoya Osiza Ngayo
9. (a) Umoya ongcwele usebenza kanjani ‘njengomsizi’? (b) Sazi kanjani ukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu? (Bheka umbhalo waphansi.)
9 UJesu Kristu wabiza umoya ongcwele ngokuthi “umsizi.” Ngokwesibonelo, watshela abalandeli bakhe: “Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi [“umsizi,” NW] wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba-kini.” Phakathi kokunye, lowo ‘msizi’ wawuyoba umfundisi, ngoba uKristu wathembisa: “[Umsizi], uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshelé khona.” Umoya futhi wawuyofakaza ngoKristu, futhi waqinisekisa abafundi bakhe: “Kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, [umsizi] kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.”—Johane 14:16, 17, 26; 15:26; 16:7.a
10. Umoya ongcwele uye wazibonakalisa ngaziphi izindlela ungumsizi?
10 Ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E., esezulwini, uJesu wathululela phezu kwabalandeli bakhe umoya ongcwele owawuthenjisiwe. (IzEnzo 1:4, 5; 2:1-11) Njengomsizi, umoya wabanikeza ukuyiqonda ngokwengeziwe intando kaNkulunkulu nenjongo yakhe futhi wabavulela iZwi lakhe lesiprofetho. (1 Korinte 2:10-16; Kolose 1:9, 10; Heberu 9:8-10) Lowomsizi futhi wanikeza abafundi bakaJesu amandla okuba ofakazi kuwo wonke umhlaba. (Luka 24:49; IzEnzo 1:8; Efesu 3:5, 6) Namuhla, umoya ongcwele ungasiza umKristu ozinikezele ukuba akhule ngolwazi uma ezenza atholakale emalungiselelweni angokomoya enziwa uNkulunkulu ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Umoya kaNkulunkulu unganikeza usizo ngokunikeza isibindi namandla adingekayo okunikeza ubufakazi njengenye yezinceku zikaJehova. (Mathewu 10:19, 20; IzEnzo 4:29-31) Nokho, umoya ongcwele usiza futhi abantu bakaNkulunkulu nangezinye izindlela.
“Ngokububula Okungenakuphinyiselwa”
11. Uma uvivinyo lubonakala luqeda amandla, yini umKristu okufanele ayenze?
11 Uma umKristu ebhekene novivinyo olubonakala luqeda amandla, yini okufanele ayenze? Phela, kumelwe athandazele umoya ongcwele, abese ewuvumela wenze umsebenzi wawo! “[Umoya] uyasisiza ebuthakathakeni bethu,” kusho uPawulu, “ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa; kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.”—Roma 8:26, 27.
12, 13. (a) EyabaseRoma 8:26, 27 isebenza kanjani emithandazweni eyenziwa ezimweni ezivivinya ngokukhethekile? (b) Yini uPawulu nabangane bakhe abayenza lapho becindezeleke kakhulu esifundeni saseAsiya?
12 Labo abangcwele umoya kaNkulunkulu obakhulumelayo bangabalandeli abagcotshiwe bakaJesu, abanethemba lasezulwini. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi unobizo lwasezulwini noma ithemba lasemhlabeni, njengomKristu ungathola usizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu. UJehova ngezinye izikhathi unikeza impendulo eqondile emthandazweni ongagwegwesi. Nokho, ngezinye izikhathi ungase ucindezeleke kakhulu kangangokuba ungakwazi ukubeka imizwa yakho ngamazwi futhi ungase ukwazi nje ukunxusa uJehova ngokububula okungaphinyiselwe. Empeleni, ungase ungakwazi okungcono kakhulu ngawe futhi ungase ucele ngisho nento okungeyona uma ungathandazeli umoya ongcwele. UNkulunkulu uyazi ukuthi ufuna ukuba kwenziwe intando yakhe, futhi uyakuqonda okudinga ngempela. Ngaphezu kwalokho, ngomoya wakhe ongcwele, wabangela ukuba kulotshwe imithandazo eminingi eZwini lakhe, futhi lemithandazo iphathelene nezimo ezivivinyayo. (2 Thimothewu 3:16, 17; 2 Petru 1:21) Ngakho, uJehova angabheka imizwelo ethile ezwakaliswa emithandazweni enjalo ephefumlelwe njengamazwi obungathanda ukuwasho njengenye yezinceku zakhe, futhi angayiphendula ngenxa yakho.
13 UPawulu nabangane bakhe kungenzeka ukuthi babengazi ukuthi yini okwakumelwe bayithandazele lapho bebhekana nokushushiswa esifundeni saseAsiya. Njengoba ‘basindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla abo, bona ngokwabo babezizwele ukuthi banqunyelwe ukufa.’ Kodwa bacela ukuba abanye babanxusele futhi bathembela kuNkulunkulu, ongavusa abafileyo, futhi wabakhulula ngempela. (2 Korinte 1:8-11) Yeka indlela okududuza ngayo ukuthi uJehova uNkulunkulu uyayizwa futhi ayiphendule imithandazo yezinceku zakhe ezithembekile!
14. Iyiphi inzuzo engase itholakale uma uJehova evumela uvivinyo luqhubeke isikhathi esithile?
14 Abantu bakaNkulunkulu ngokuvamile babhekana novivinyo bebonke njengenhlangano. Njengoba kuphawulwe ngaphambili, bashushiswa phakathi neMpi Yezwe I. Nakuba ngalesosikhathi babengasiqondi ngokucacile isimo sabo futhi ngalokho bengazi ngokuqondile ukuthi bathandazeleni, iZwi likaJehova laliqukethe imithandazo engokwesiprofetho ayiphendula ngenxa yabo. (IHubo 69, 102, 126; Isaya, isahluko 12) Kodwa kuthiwani uma uJehova evumela uvivinyo ukuba luqhubeke isikhathi esithile? Lokhu kungase kuphumele ekunikezeni ubufakazi, kungase kushukumisele abanye ukuba bamukele iqiniso, futhi kunikeze amaKristu ithuba lokubonisa uthando lobuzalwane ngokuthandazela noma ngokusiza ngezinye izindlela abakholwa nabo ababhekene nokuhlupheka. (Johane 13:34, 35; 2 Korinte 1:11) Khumbula ukuthi uJehova uhola abantu bakhe ngomoya wakhe ongcwele, abenzele okungcono kakhulu, futhi njalo uqondisa izindaba ngendlela eyodumisa futhi ingcwelise igama lakhe elingcwele.—Eksodusi 9:16; Mathewu 6:9.
Ungalokothi Uwudabukise Umoya
15. AmaKristu angathembela emoyeni kaJehova ukuba uwenzeleni?
15 Ngakho-ke, uma uyinceku kaJehova thandazela umoya ongcwele phakathi novivinyo nangezinye izikhathi. Bese uqiniseka ukuthi ulandela ukuqondisa kwawo, ngoba uPawulu wabhala: “Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube-lusuku lokuhlengwa.” (Efesu 4:30) Umoya kaNkulunkulu wawuwuphawu futhi useyilo, noma ‘umelele lokho okwakuzokuza,’ kumaKristu agcotshiwe athembekile—okungukuthi, ukuphila kwasezulwini okungenakufa. (2 Korinte 1:22; Roma 8:15; 1 Korinte 15:50-57; IsAmbulo 2:10) Kokubili amaKristu agcotshiwe kanye nalabo abanethemba lasemhlabeni bangathembela emoyeni kaJehova ukuthi uzobenzela okuningi. Ungabaqondisa ekuphileni kokuthembeka futhi ubasize ukuba bagweme imisebenzi yesono eholela ekubeni bangavunyelwa uNkulunkulu, balahlekelwe umoya wakhe ongcwele, futhi bahluleke ukuzuza ukuphila okuphakade.—Galathiya 5:19-21.
16, 17. UmKristu angawudabukisa kanjani umoya?
16 UmKristu, azi noma engazi, angawudabukisa kanjani umoya? Phela, uJehova usebenzisa umoya wakhe ekuthuthukiseni ubunye nasekumiseni amadoda anokwethenjelwa ebandleni. Ngakho-ke, uma ilungu lebandla lingase likhononde ngabadala abamisiwe, lisakaze inhlebo enyundelayo, nokunye okunjalo, liyobe alilandeli ukuhola komoya kaNkulunkulu oholela ekuthuleni nasebunyeni. Ngendlela evamile, liyobe lidabukisa umoya.—1 Korinte 1:10; 3:1-4, 16, 17; 1 Thesalonika 5:12, 13; Juda 16.
17 Lapho ebhalela amaKristu ase-Efesu, uPawulu waxwayisa ngokuthambekela emangeni, intukuthelo yesikhathi eside, ukweba, inkulumo engafanelekile, isithakazelo esikhulu ebufebeni, ukuziphatha okuhlazisayo, kanye namahlaya angcolile. Uma umKristu ezivumela ukuba akhukhulekele ezintweni ezinjalo, uyobe wenza ngokuphambene neseluleko seBhayibheli esiphefumlelwe umoya. (Efesu 4:17-29; 5:1-5) Yebo, kanjalo uyobe ngezinga elithile udabukisa umoya kaNkulunkulu.
18. Yini engenzeka kunoma imuphi umKristu oqala ukungasinaki iseluleko seZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe umoya?
18 Empeleni, noma yimuphi umKristu oqala ukungasinaki iseluleko seZwi likaJehova eliphefumlelwe umoya angase aqale ukuba nesimo sengqondo noma imikhuba engaphumela esonweni sangamabomu nokulahlekelwa umusa waphezulu. Nakuba kungenzeka ukuthi akakasenzi isono ngalesosikhathi, uyobe uphikelele khona. UmKristu onjalo owenza ngokuphambene nokuhola komoya uyobe uyawudabukisa. Kanjalo futhi uyobe umelana futhi udabukisa uJehova, uMthombo womoya ongcwele. Umthandi kaNkulunkulu ngeke alokothe afune ukwenza lokho!
Qhubeka Uthandazela Umoya Ongcwele
19. Kungani abantu bakaJehova bewudinga ngokukhethekile umoya wakhe namuhla?
19 Uma uyinceku kaJehova, qhubeka uthandazela umoya wakhe ongcwele. Ikakhulukazi ‘kulezinsuku zokugcina,’ nezikhathi zazo ezinzima okunzima ukubhekana nazo, amaKristu ayaludinga usizo lomoya kaNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1-5) UDeveli namademoni akhe, njengoba bexoshiwe ezulwini futhi manje besemhlabeni, bahlasela inhlangano kaJehova. Ngakho, manje kunanini ngaphambili, abantu bakaNkulunkulu badinga umoya wakhe ongcwele ukuba ubahole, noma ubaqondise, futhi ubenze bakwazi ukukhuthazelela ubunzima nokushushiswa.—IsAmbuso 12:7-12.
20, 21. Kungani kumelwe ulandele isiqondiso seZwi likaJehova, umoya, kanye nenhlangano yakhe?
20 Ngaso sonke isikhathi bonisa ukwazisa ngosizo uJehova uNkulunkulu alunikezayo ngomoya wakhe ongcwele. Landela isiqondiso seZwi lakhe eliphefumlelwe umoya, iBhayibheli. Bambisana ngokugcwele nenhlangano kaNkulunkulu yasemhlabeni eholwa umoya. Ungazivumeli ukuba ukhukhulekele enkambweni engeyona engokombhalo engafana nokudabukisa umoya ongcwele, ngoba lokhu ekugcineni kungase kuholele ekubeni usuke kuwe futhi kanjalo kuholele enhlekeleleni engokomoya.—IHubo 51:11.
21 Ukuholwa umoya kaJehova ukuphela kwendlela esingamthokozisa ngayo futhi sibe nokuphila okunokuthula, nokujabulisayo. Khumbula futhi ukuthi uJesu wabiza umoya ongcwele ngokuthi “umsizi,” noma ‘umduduzi.’ (Johane 14:16, qhathanisa neNW.) Ngawo, uNkulunkulu ududuza amaKristu futhi uwaqinisela ukuba abhekane novivinyo. (2 Korinte 1:3, 4) Umoya unikeza abantu bakaJehova amandla okushumayela izindaba ezinhle futhi ubasize ukuba bakhumbule amaphuzu angokomBhalo adingekayo ukuze banikeze ubufakazi obuhle. (Luka 12:11, 12; Johane 14:25, 26; IzEnzo 1:4-8; 5:32) Ngomthandazo nangokuqondisa komoya, amaKristu angahlangabezana novivinyo lokholo ngokuhlakanipha kwasezulwini. Ngakho-ke, kuzo zonke izimo zokuphila ayaqhubeka ethandazela umoya ongcwele kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, umoya kaJehova uyabahola abantu bakhe.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba wenziwa samuntu ngokuthi “umsizi,” umoya ongcwele awuyena umuntu, ngoba isabizwana esingenabo ubulili sesiGreki (esihunyushwa ngokuthi “it” ngesiNgisi) siyasetshenziswa kumoya. Izabizwana zesifazane zesiHeberu zisetshenziswa ngendlela efanayo ekuhlakanipheni okwenziwe samuntu. (IzAga 1:20-33, qhathanisa neNW; 8:1-36, qhathanisa neNW.) Ngaphezu kwalokho, umoya ongcwele ‘wathululwa,’ okungeke kwenziwe ngomuntu.—IzEnzo 2:33.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Kungani kumelwe sithandazele umoya ongcwele kaJehova?
◻ Kukanjani umoya ongcwele ungumsizi?
◻ Kusho ukuthini ukudabukisa umoya, futhi singakugwema kanjani ukwenza lokho?
◻ Kungani kumelwe siqhubeke sithandazele umoya ongcwele futhi silandele ukuhola kwawo?
[Isithombe ekhasini 15]
Njengoba ubaba onothando enikeza indodana yakhe izinto ezinhle, ngakho uJehova unikeza izinceku zakhe umoya ongcwele eziwuthandazelayo
[Isithombe ekhasini 17]
Ingabe uyazi ukuthi umoya kaNkulunkulu uwakhulumela kanjani amaKristu athandazayo?