Ingabe Isintu Siyamdinga Ngempela UMesiya?
“IZWE LIDINGA UMESIYA, KUSHO ISIKHULU ESITHILE”
Lesosihloko esikhulu saphuma kuThe Financial Post yaseToronto, eCanada, ngo-1980. Lesikhulu esicashuniwe sasinguAurelio Peccei, umongameli kanye nomsunguli wenhlangano yezokucwaninga eyaziwayo okuthiwa iClub of Rome. NgokwePost, uPeccei wayekholelwa ukuthi “umholi onogazi—ongokwesayensi, ongokwezombangazwe, noma ongokwenkolo—wayengaba ukuphela kwensindiso yezwe eziphithiphithini zezenhlalo nezomnotho ezisongela ukubhubhisa impucuko.” Yini oyicabangayo? Ingabe lelizwe ngempela lisesimweni esibucayi kangangokuba isintu sidinga uMesiya? Cabangela nje enye yezinkinga lelizwe elibhekene nazo—indlala.
AMEHLO amabili amakhulu, ansundu akugqolozele esithombeni esisephephandabeni noma kumagazini. Amehlo engane, intombazanyana engakayihlanganisi ngisho neminyaka emihlanu ubudala. Kodwa lamehlo awakwenzi umoyizele. Abukho ubuhle bobungane kuwo, awukho umuzwa ojabulisayo wokumangala, akukho ukwethemba okumsulwa. Esikhundleni salokho agcwele ubuhlungu obukhungathekisayo, ukuqaqamba okwenza umzimba ube ndikindiki, indlala engenakuxazululwa. Lengane ibulawa yindlala. Ubuhlungu kanye nendlala yilokho kuphela ekwaziyo.
Mhlawumbe, njengabaningi, awukuthandi ukugxila ezithombeni ezinjalo, ngakho ngokushesha uphenya elinye ikhasi. Akukhona ukuthi awunandaba, kodwa uzizwa ukhungatheka ngenxa yokuthi usola ukuthi sekwephuze kakhulu ngalentombazanyana. Izitho eseziwohlokile kanye nesisu esikhukhumele kuyizimpawu zokuthi umzimba wayo kakade usuqalile ukuzilimaza. Ngesikhathi obona ngaso isithombe sayo, mhlawumbe isifile kakade. Okubi nakakhulu, uyazi ukuthi akuyona yodwa ekulesisimo.
Empeleni inkulu kangakanani lenkinga? Ingabe, ungaba nawo yini umbono wezingane eziyizigidi zezigidi ezingu-14? Abaningi bethu abanakukwazi; lelinani limane nje likhulu kakhulu ukuba ungaba nombono walo. Khona-ke, cabanga ngenkundla yezemidlalo ehlalisa abantu abangu-40 000. Manje ake uyicabange igcwele ithé phama ngezingane—zonke izihlalo, izindimbane ngezindimbane, ubuso obuningi. Ngisho nalokho kunzima ukukubona ngeso lengqondo. Nokho, bekungathatha izinkundla zemidlalo ezinjalo ezingu-350 ezigcwele izingane ukuba zifinyelele izigidi zezigidi ezingu-14. NgokweUNICEF (United Nations Children’s Fund), lelo inani elishaqisayo lezingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ubudala ezifa unyaka ngamunye ngenxa yokungondleki kahle kanye nezifo ezivikeleka kalula emazweni asathuthuka. Lokho kucishe kulingane nenkundla yezemidlalo eyodwa yezingane ezifa usuku ngalunye! Yenezela kulelinani inani labantu abadala abalambayo, futhi uthola ingqikithi yomhlaba wonke elinganiselwa ezigidini zezigidi zabantu abangondlekile kahle ngokuqhubekayo.
Kungani Kunendlala Engaka?
Okwamanje leplanethi ikhiqiza ukudla okuningi kunalokho manje abantu abakudlayo, futhi inamandla okukhiqiza okwengeziwe. Nokho, umzuzu ngamunye, izingane ezingu-26 zibulawa ukungondleki kahle kanye nezifo. Phakathi nalowomzuzu ofanayo, izwe lichitha cishe u-R5 500 000 ekulungiseleleni impi. Ingabe ungacabanga ukuthi yonke leyomali—noma nje ingxenyana yayo—ibingazenzelani lezozingane ezingu-26?
Ngokusobala, akunakumane nje kusolwe ukuswelakala kokudla noma imali ngenxa yendlala yomhlaba. Inkinga ijule ngokwengeziwe. Njengoba uJorge E. Hardoy, uprofesa waseArgentine, akubeka, “umhlaba wonke awukwazi ngokungenakulungiseka ukuhlanganyela induduzo, amandla, isikhathi, umcebo kanye nolwazi nalabo abazidinga kakhulu lezizinto.” Yebo, inkinga ayikho engcebweni yomuntu, kodwa ikumuntu ngokwakhe. Ukuhaha nobugovu kubonakala kungamandla alawulayo emphakathini wesintu. Abacebe kakhulu abayingxenye eyodwa kwezinhlanu benani labantu abakhona emhlabeni bajabulela izimpahla eziningi kanye nezinkonzo ngokuphindwe izikhathi ezingaba ngu-60 ngaphezu kwalabo abampofu kakhulu abayingxenye eyodwa kwezinhlanu.
Yiqiniso, abanye bayazama ngobuqotho ukuba bathumele abalambile ukudla, kodwa imizamo yabo eminingi ikhutshazwa izici ezingaphezu kwamandla abo. Ngokuvamile indlala ihlasela amazwe onakaliswe impi yangaphakathi noma ukuvukela umbuso, futhi akuyona into engavamile ukuba amabutho alwayo avimbele izinto zokusiza ukuba zifinyelele abampofu. Izinhlangothi zombili zesaba ukuthi ngokuvumela ukuba ukudla kufinyelele izakhamuzi ezingalwi ezilambayo ezisezweni lesitha, ziyobe zondla izitha zazo. Ohulumeni ngokwabo bayayisebenzisa indlala njengesikhali sezombangazwe.
Ingabe Alikho Ikhambi?
Ngokudabukisayo, inkinga yezigidi ezilambayo ayiyona neze okuwukuphela kwenhlekelele ekhathaza abantu banamuhla. Ukonakaliswa kwendawo ezungezile kanye nokufakelwa kwayo ushevu okwandile, ubhadane olungapheli lwempi olubhubhisa izigidi zokuphila, imiqedazwe yobugebengu obunobudlova okubangela ukwesaba kanye nokungethembi okukhona yonke indawo, kanye nesimo sokuziphatha esiqhubekayo siwohloka okubonakala kuwumsuka walezinkinga eziningi—zonke lezinhlekelele zomhlaba kuba sengathi ziyahlangana, futhi zivumelane ngeqiniso elifanayo elibuhlungu—umuntu ngeke azibuse ngokuphumelelayo.
Akukho kungabaza ngokuthi kungani abantu abaningi beye baphelelwa ithemba lokubona ikhambi ezinkingeni zomhlaba. Abanye bazizwa njengoAurelio Peccei, isazi saseNtaliyane okukhulunywe ngaso ekuqaleni. Uma lizokuba khona ikhambi, bacabanga ukuthi, kufanele livele emthonjeni ongaphezu kovamile—mhlawumbe ngisho nongaphezu kwamandla omuntu. Ngakho umqondo kamesiya uyakhanga kakhulu. Kodwa ingabe kuwukubheka isimo ngokoqobo ukuthembela kumesiya? Noma ingabe ithemba elinjalo limane nje liyisifiso senhliziyo?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Cover photos: Top: U.S. Naval Observatory photo; Bottom: NASA photo
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
WHO photo by P. Almasy
[Imithombo Yezithombe ekhasini 4]
WHO photo by P. Almasy
U.S. Navy photo