Isizathu Sokuba Abanye Bazalwe Ngokusha
“UMA umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” (Johane 3:3) Lawomazwi aye avusa amadlingozi futhi abadida abantu abaningi kusukela uJesu Kristu awakhuluma eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule.
Ukuze siwaqonde ngokufanele amazwi kaJesu ngokuzalwa ngokusha, kumelwe siqale siphendule lemibuzo: Iyini injongo kaNkulunkulu ngesintu? Yini eyenzekayo emphefumulweni lapho sifa? Yini uMbuso kaNkulunkulu okumelwe uyenze?
Injongo KaNkulunkulu Ngesintu
Umuntu wokuqala, uAdamu, wayedalwe eyindodana kaNkulunkulu ephelele engumuntu. (Luka 3:38) UJehova uNkulunkulu akazange ahlose ukuba uAdamu afe. UAdamu nomkakhe, uEva, babenethemba lokuveza umkhaya wabantu ongenasono owawuyophila phakade futhi ugcwalise umhlaba oyipharadesi. (Genesise 1:28) Ukufa kwakungeyona ingxenye yenjongo yokuqala kaNkulunkulu ngendoda nowesifazane. Kwahlasela abantu kuphela ngenxa yokuhlubuka emthethweni waphezulu.—Genesise 2:15-17; 3:17-19.
Lokhu kuhlubuka kwaphakamisa izimpikiswano ezinkulu zokuziphatha, ezinjengokufaneleka kobukhosi bukaNkulunkulu nekhono labantu lokuhlala bethembekile emithethweni yakhe. Kwakuzodingeka isikhathi ukuze kuxazululwe lezimpikiswano. Kodwa injongo kaJehova uNkulunkulu ngesintu ayizange ishintshe, futhi ngeke ahluleke kulokho azimisele ukukwenza. Uhlose ngokuphelele ukugcwalisa umhlaba ngomkhaya wesintu ophelele oyojabulela ukuphila okuphakade ePharadesi. (IHubo 37:29; 104:5; Isaya 45:18; Luka 23:43) Kumelwe silikhumbule leliqiniso eliyisisekelo lapho sicabangela amazwi kaJesu aphathelene nokuzalwa ngokusha.
Kwenzekani Emphefumulweni Lapho Sifa?
Njengoba zingakwazi lokho umoya ongcwele kaNkulunkulu owawukwambulile kubalobi beBhayibheli, izazi zefilosofi ezingamaGreki zazikhandla ukuze zithole injongo ekuphileni. Zazingakholelwa ukuthi umuntu wayedalelwe ukuphila iminyaka embalwa kuphela, ngokuvamile ngaphansi kwezimo ezidabukisayo, bese engabe esaba khona. Kulokhu zaziqinisile. Kodwa eziphethweni zazo ngamathemba omuntu ngemva kokufa, zaziphambukile. Zaphetha ngokuthi umuntu uyaqhubeka ephila ekwesinye isimo ngemva kokufa, nokuthi ngaphakathi kwawo wonke umuntu kunomphefumulo ongafi.
AmaJuda nabazisholo ukuthi bangamaKristu bathonywa imibono enjalo. Incwadi iHeaven—A History ithi: “Noma kuphi lapho amaJuda ayehlala ePalestine ehlangana khona nezazi ezingamaGreki, umqondo womphefumulo ongafi wawuvela.” Lencwadi iyanezela: “Izimfundiso zamaGreki ngomphefumulo zagxila ezinkolelweni zamaJuda futhi kamuva nakwezamaKristu. . . . Ngokwenza inhlanganisela eyingqayizivele yefilosofi kaPlato nesiko elingokweBhayibheli, uPhilo [isazi sefilosofi esingumJuda sika-Alexandria sekhulu lokuqala] wawavulela indlela amaKristu akamuva acabangayo.”
Yini uPhilo ayeyikholelwa? Yona lencwadi iyaqhubeka: “Kuyena, ukufa kubuyisela umphefumulo esimweni sawo sokuqala, sangaphambi kokuzalwa. Njengoba umphefumulo ungowasezweni lomoya, ukuphila enyameni kuba isenzakalo esifushane, ngokuvamile esidabukisayo.” Nokho, “isimo” sika-Adamu “sangaphambi kokuzalwa” kwakungesokungabibikho. Ngokokulandisa kweBhayibheli, uNkulunkulu akazange ahlose ukudluliselwa okuzenzekelayo kokuya kwenye indawo ethile lapho sifa, njengokungathi umhlaba uyindawo yokulungiselela ukuphila okuphakeme noma okuphansi.
Inkolelo yokuthi umphefumulo womuntu awufi ayifundiswa eZwini likaNkulunkullu eliphefumlelwe ngomoya, iBhayibheli. Aliyisebenzisi nakanye inkulumo ethi “umphefumulo ongafi.” Lithi uAdamu wadalwa engumphefumulo, hhayi enomphefumulo. UGenesise 2:7 uthi: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba kanjalo umphefumulo ophilayo.” Isintu sasingakaze sibe nethemba lokuphila okuphakade ezulwini noma ukuhlushwa phakade esihogweni somlilo. IBhayibheli libonisa ukuthi umphefumulo, noma umuntu, ofayo akabibikho. (IHubo 146:3, 4; UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4) Ngokomphumela, izazi zefilosofi ziye zaba nemibono engekho ngokombhalo ngokuphathelene nomphefumulo. Sidinga ukuqaphela imibono edukisayo engafiphaza ukuqonda kwethu amazwi kaJesu ngokuzalwa ngokusha.
Bazalwa Ngokusha Ukuze Babuse Njengamakhosi
UJesu watshela uNikodemu ukuthi labo ‘abazalwa ngokusha bangena embusweni kaNkulunkulu.’ (Johane 3:3-5) Uyini lowoMbuso? Ngolimi olungokomfanekiso ekuqaleni komlando wabantu, uJehova uNkulunkulu waphawula ngenjongo yakhe yokusebenzisa “imbewu” ekhethekile—umbusi ozayo—ukuze ichoboze ikhanda leNyoka yokuqala, uSathane uDeveli. (Genesise 3:15, qhathanisa neNW; IsAmbulo 12:9) Njengoba kwembulwa ngokuqhubekayo emiBhalweni, ‘imbewu’ iphawulwa ngokuthi inguJesu Kristu, obusa nababusi akanye nabo ekubonisweni kobukhosi bukaNkulunkulu obuyingqayizivele, uMbuso wobuMesiya. (IHubo 2:8, 9; Isaya 9:6, 7; Daniyeli 2:44; 7:13, 14) Lona uMbuso wasezulwini, uhulumeni osemazulwini oyolwela ubukhosi bukaJehova futhi ukhulule isintu ebugqilini besono nokufa.—Mathewu 6:9, 10.
Abahlanganyela kanye noJesu njengababusi bangu-144 000 abathengwe esintwini. (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1-4) UNkulunkulu uye wakhetha abathile emkhayeni ka-Adamu ongaphelele ongabantu ukuba babe ‘yilesizwe sabangcwele boPhezukonke,’ babuse noKristu eMbusweni wobuMesiya. (Daniyeli 7:27; 1 Korinte 6:2; IsAmbulo 3:21; 20:6) Lamadoda nabesifazane banokholo kuJesu Kristu, owathi ‘bayozalwa ngokusha.’ (Johane 3:5-7) Lokhu kuzalwa kwenzeka kanjani futhi ngasiphi isizathu?
Labantu baye babhapathizwa emanzini njengabalandeli bakaKristu. UNkulunkulu uye wabathethelela izono zabo ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo, uye wathi balungile, futhi uye wabamukela njengamadodana angokomoya. (Roma 3:23-26; 5:12-21; Kolose 1:13, 14) Kulabo abanjalo umphostoli uPawulu uthi: “Namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba! Yena lowoMoya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.”—Roma 8:15-17.
Njengabalandeli bakaKristu, laba baye bazalwa ngokusha, noma baba nesiqalo esisha, ekuphileni. Kuye kwabenza baqiniseka ngokuthi bayohlanganyela ifa likaJesu lasezulwini. (Luka 12:32; 22:28-30; 1 Petru 1:23) Umphostoli uPetru wakuchaza ngalendlela ukuphinde uzalwe: “Owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu [sikaNkulunkulu] esikhulu ukuba sibe-nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, sibe-nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini.” (1 Petru 1:3, 4) Lokhu kuphila okusha kwasezulwini kuba nokwenzeka ngabantu abanjalo ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyabavusa njengoba avusa uJesu.—1 Korinte 15:42-49.
Kuthiwani Ngomhlaba?
Lokhu akusho ukuthi sonke isintu esilalelayo ekugcineni siyozalwa ngokusha ukuze sisuke emhlabeni siye ezulwini. Umbono onjalo oyiphutha wawufana nalowo wezazi zefilosofi ezinjengoPhilo, owayecabanga ukuthi “ukuphila emzimbeni kumane kuyisenzakalo esifushane, ngokuvamile esidabukisayo.” Kodwa kwakungekho lutho olungalungile ngendalo yokuqala kaJehova uNkulunkulu yasemhlabeni.—Genesise 1:31; Duteronomi 32:4.
Ukuphila komuntu akuzange kudalelwe ukuba kube kufushane futhi kube nosizi. UJesu Kristu kanye nalabo abazalwa ngokusha ukuze bakhonze njengamakhosi nabapristi kanye naye ezulwini bayosusa yonke imiphumela elimazayo yokuhlubuka kukaSathane. (Efesu 1:8-10) Ngabo njengoba ‘beyinzalo ethenjisiwe ka-Abrahama,’ “ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba.” (Galathiya 3:29; Genesise 22:18) Ngesintu esilalelayo lokhu kuyosho ukuphila emhlabeni oyipharadesi, okuhluke ngokuphelele ekuphileni kwanamuhla okufushane, okugcwele ubuhlungu.—IHubo 37:11, 29; IsAmbulo 21:1-4.
Obani Abayozuza?
Phakathi kwalabo abazuzayo elungiselelweni likaNkulunkulu lokubusisa isintu kuyoba abafileyo abavusiwe abanokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Iningi labo alikaze lifunde ngoNkulunkulu noKristu ngakho-ke alinakulubonisa ukholo kuJesu. Labo abavusiwe bayohlanganisa nabantu abathembekile abanjengoJohane uMbhapathizi, owafa ngaphambi kokuba ukufa kukaJesu kuvule indlela yokuphila kwasezulwini. (Mathewu 11:11) Ngaphandle kwalaba, ‘isixuku esikhulu esivela kuzo zonke izizwe siye sahlanza izingubo zaso, sazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu,’ uJesu Kristu. Sisabela kahle emsebenzini wokushumayela ngoMbuso manje oholwa ‘abafowabo’ bakaJesu abazalwe ngokusha futhi siyosinda empini kaNkulunkulu yeArmagedoni ukuze siphile emhlabeni ohlanziwe. (IsAmbulo 7:9-14; 16:14-16; Mathewu 24:14; 25:31-46) Ngakho-ke, elungiselelweni likaNkulunkulu, izigidi ziyosindiswa, nakuba zingazalwa ngokusha ukuze zibuse noKristu emazulwini.—1 Johane 2:1, 2.
Ingabe uyoba phakathi kwalabo abayozuza ifa lokuphila emhlabeni oyipharadesi? Ungaba phakathi kwabo uma unokholo emhlatshelweni kaJesu Kristu futhi uhlanganyela ngenkuthalo nebandla lobuKristu beqiniso. Alizange lonakaliswe amafilosofi kodwa liye lahlala ‘liyinsika nesisekelo seqiniso.’ (1 Thimothewu 3:15; qhathanisa noJohane 4:24; 8:31, 32.) Khona-ke ungabheka phambili esikhathini esizayo esimangalisayo lapho amadodana kaNkulunkulu azelwe ngokusha ebusa ezulwini futhi nabo bonke abantwana bakaNkulunkulu basemhlabeni bebuyiselwa ekupheleleni emhlabeni omangalisayo oyipharadesi. Ngakho-ke zibambele ithuba lakho lokuphila kulowomhlaba omusha wezibusiso zaphakade.—Roma 8:19-21; 2 Petru 3:13.
[Isithombe ekhasini 6]
UAdamu akanikezwanga ukukhetha ukuba aphile ezulwini noma ukuba ahlushwe phakade esihogweni somlilo