Badala—Lungisani Abanye Ngomoya Wobumnene
INHLIZIYO yomKristu weqiniso ingase ifaniswe nensimu engokomoya ethela izithelo ezinhle. Uthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukholo, ubumnene, nokuzithiba ngokuvamile kuyochuma lapho. Futhi kube kufanele. Kakade, lezi izithelo zomoya ongcwele uJehova uNkulunkulu awunikeza izinceku zakhe ezizinikezele. (Galathiya 5:22, 23) Nokho, wonke umKristu ofisa ukulondoloza insimu yenhliziyo yakhe njengendawo ethokozisayo kuYise wasezulwini kumelwe alwe impi enzima, eqhubekayo ngokumelene nokhula lwesono esizuzwe njengefa.—Roma 5:5, 12.
Ngezikhathi ezithile, okuthile okungafiseleki kuqala ukukhula enhliziyweni engaphelele yomuntu owesaba uNkulunkulu. Kungenzeka uye waba nomlando omuhle ongokomoya. Kodwa manje sekuphakama inkinga ethile, mhlawumbe ebangelwa ukujwayelana nababi noma isinqumo sobuwula. Abadala bebandla bangamsiza kanjani ngokomoya umuntu onjalo?
Iseluleko Somphostoli
Ekusizeni umKristu oye waphambuka, abadala badinga ukulandela iseluleko somphostoli uPawulu: “Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungeyiso ngaphambi kokuba asiqaphele, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumlungisa umuntu onjalo ngomoya wobumnene, njengoba ngamunye wenu ezibheka yena, ngokwesaba ukuthi nani ningase nilingwe.” (Galathiya 6:1, NW) Lapho esikholwa naye eye wathatha “isinyathelo okungeyiso ngaphambi kokuba asiqaphele,” abadala banomthwalo wemfanelo wokunikeza usizo ngokushesha ngangokunokwenzeka.
UPawulu ubhekisela ‘kumuntu’ njengothatha isinyathelo okungeyiso. Igama lesiGreki (anʹthro·pos) elisetshenziswe lapha lingasebenza kumuntu wesilisa noma wesifazane. Futhi kusho ukuthini ‘ukulungisa’ umuntu? Leligama lesiGreki (ka·tar·tiʹzo) lisho “ukuletha esimweni esifanelekile.” Lona leligama lisetshenziswa ekuchibiyeleni amanetha. (Mathewu 4:21) Liyasebenza futhi ekululeni isitho somuntu esiphukile. Udokotela lokhu ukwenza ngokucophelela ukuze agweme ukubangela isiguli sakhe ubuhlungu obungadingekile. Ngokufanayo, ukusiza umzalwane noma udade ukuba abe sesimweni esifanelekile ngokomoya kudinga ukucophelela, ukuhlakanipha, nozwela.
Ngokubonisa umoya wobumnene lapho bezama ukulungisa umuntu abadala banikeza ubufakazi besimo sabo esingokomoya. Ngokuqinisekile, uJesu omnene wayengazisingatha ngobumnene izindaba ezinjalo. (Mathewu 11:29) Abadala kufanele babonise lemfanelo encekwini kaJehova eye yathatha isinyathelo okungeyiso ngoba bona ngokwabo ababona abangenakunqotshwa yisono, ngokuphambene nezinhloso zenhliziyo yabo. Lokhu kungenzeka esikhathini esizayo uma kungakaze kwenzeke esikhathini esidlule.
Lamadoda afanelekayo ngokomoya kufanele ‘athwale imithwalo’ yabakhulekeli abakanye nawo ngothando. Ngempela, kuyisifiso sabadala ukusiza umzalwane noma udade ukuba alwisane noSathane, izilingo, ubuthakathaka benyama, nokucindezela kwesono. Ngokuqinisekile lena enye indlela ababonisi abangamaKristu ‘abagcwalisa’ ngayo ‘umthetho kaKristu.’—Galathiya 6:2.
Amadoda anezimfanelo ezingokomoya zangempela athobekile, futhi ayaqaphela ukuthi “uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.” (Galathiya 6:3) Kungakhathaliseki ukuthi abadala bazama kanzima kangakanani ukwenza okuhle nokusizayo, basayolokhu behluleka ukufinyelela ezingeni leNdodana kaNkulunkulu ephelele nenozwela lothando, uJesu Kristu. Kodwa lokho akusona isizathu ngabo sokuba bangenzi konke okusemandleni abo.
Abadala bayazi ukuthi kungaba okungalungile ukusola elinye ikholwa ngendlela yokuqhosha, yokucabanga ukuthi bona bangcwele! Ngokuqinisekile uJesu wayengeke akwenze lokho. Phela, wabeka ukuphila kwakhe phansi hhayi nje ngenxa yabangane bakhe kuphela kodwa ngisho nangenxa yezitha zakhe! Abadala bazama ukubonisa uthando olufanayo lapho bezama ukusiza abazalwane noma odade ukuba baphume ebunzimeni futhi babasondeze eduze kukaYise wasezulwini nezindinganiso zakhe zokulunga. Yiziphi ezinye izinyathelo eziyosiza abadala ukuba balungise abakhulekeli abakanye nabo?
Ezinye Izinyathelo Eziwusizo
Ncika kuJehova ngomthandazo lapho ukhuluma futhi wenza ngendlela yobumnene. UJesu wayemnene, wathandazela isiqondiso kuYise wasezulwini ngokuzimisela, futhi ngaso sonke isikhathi wenza izinto ezimthokozisayo. (Mathewu 21:5; Johane 8:29) Abadala kufanele benze okufanayo lapho bezama ukulungisa umuntu oye wathatha isinyathelo okungeyiso. Njengomalusi ongaphansi omnene, umdala uyokhuthaza futhi akhe enkulumweni yakhe, ngeke asongele. Phakathi nengxoxo, uyozama ukwakha umoya umKristu odinga usizo ayozizwa ekhululeke ngangokunokwenzeka kuwo ukuze aveze imicabango yakhe. Ukuze enze kanjalo, umthandazo wokuvula osuka enhliziyweni uyosiza kakhulu. Lowo othola iseluleko esinikezwa ngobumnene uyosamukela kalula ngokwengeziwe uma azi ukuthi, njengoJesu, umeluleki ufuna ukwenza izinto ezithokozisayo kuNkulunkulu. Umthandazo wokuphetha cishe uyobonisa lowomuntu isidingo sokusebenzisa iseluleko aye wasinikezwa ngendlela enothando, nenobumnene kanjalo.
Ngemva komthandazo, nikeza ukutusa okuqotho. Kungase kuphathelane nezimfanelo ezinhle zalowomuntu, njengomusa, ukwethenjelwa noma ukukhuthala. Kungase kubhekiselwe enkonzweni yakhe yokwethembeka kuJehova, mhlawumbe isikhathi esiyiminyaka eminingi. Ngalendlela, sibonisa ukuthi siyakhathalela futhi sinenhlonipho enjengekaKristu ngalowomuntu. UJesu waqalisa isigijimi sakhe esasiya ebandleni laseThiyathira ngokutusa, ethi: “Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.” (IsAmbulo 2:19) Lawomazwi aqinisekisa amalungu ebandla ukuthi uJesu wayewuqaphela umsebenzi omuhle ayewenza. Nakuba ibandla lalinawo amaphutha alo—ithonya ‘likaJezebeli’ lalibekezelelwa—lalenza kahle kwezinye izici, futhi uJesu wayefuna ukuba labobazalwane nodade bazi ukuthi umsebenzi wabo wentshiseko wawuqashelwa. (IsAmbulo 2:20) Ngendlela efanayo abadala kufanele banikeze ukutusa lapho kufanele.
Ungathathi isinyathelo okungeyiso ngokungathi sína ngaphezu kokuba izimo zidinga. Abadala kumelwe bavikele umhlambi kaNkulunkulu futhi bagcine inhlangano yakhe ihlanzekile. Kodwa okunye ukuphambuka okungokomoya okudinga iseluleko esiqinile kungasingathwa umdala oyedwa noma ababili ngaphandle kokuqulwa kwecala lokwahlulela. Ezimweni eziningi, ubuthakathaka bobuntu kunokuba bube ububi bangamabomu obuyisizathu sesinyathelo okungeyiso somKristu. Abadala kufanele bawuphathe ngothando umhlambi futhi bakhumbule lokhu: “Ukwahlulela okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.” (Jakobe 2:13; IzEnzo 20:28-30) Ngakho-ke, kunokuba bakhulise izindaba, abadala kufanele basebenzelane ngendlela yobumnene nabakholwa nabo abazisolayo ngokuphambuka, njengoNkulunkulu wethu onozwela nesihawu, uJehova.—Efesu 4:32.
Bonisa ukuthi uyaziqonda izici okungenzeka ziye zaholela esinyathelweni okungeyiso. Abadala kudingeka balalele ngokucophelela njengoba okholwa kanye nabo ethulula isifuba sakhe. Njengoba ‘uNkulunkulu engayideleli inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,’ nabo akumelwe bayidelele. (IHubo 51:17) Mhlawumbe ukuntuleka kokusekela okungokomzwelo komngane womshado kuwumsuka wenkinga. Ukucindezeleka kwengqondo okungathi sína nokuqhubekayo kungenzeka kuye kwagugula amandla alowomuntu angokomzwelo aqinile noma kungenzeka kuye kwakwenza kwaba nzima kakhulu ukwenza izinqumo ezihlakaniphile. Abadala abanothando bayozicabangela izici ezinjalo, ngoba nakuba uPawulu ayala abafowabo ukuba ‘baluleke abangahambi ngomthetho,’ wanxusa futhi: “Nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.” (1 Thesalonika 5:14) Nakuba abadala kungamelwe benze buthakathaka amandla ezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga, kufanele bacabangele izici ezixegiselayo, ngisho nanjengoba uNkulunkulu enza.—IHubo 103:10-14; 130:3.
Gwema ukululaza ukuzihlonipha komKristu okanye naye. Asifuni neze ukuphuca noma yimuphi umzalwane noma udade isithunzi noma sibonise isimo sokuthi akalutho. Kunalokho, isiqinisekiso sokuthi siyazethemba izimfanelo zobuKristu zalowomuntu nothando ngoNkulunkulu siyomkhuthaza ukuba alungise iphutha. Cishe, abaseKorinte bakhuthazeka ukuba baphane lapho uPawulu ebatshela ukuthi wayeqhosha kwabanye ‘ngothando’ lwabo ‘nentshiseko’ kulokhu.—2 Korinte 9:1-3.
Bonisa ukuthi inkinga inganqotshwa ngokuthembela kuJehova. Yebo, ngobuqotho zama ukusiza lowomuntu ukuba abone ukuthi ukuthembela kuNkulunkulu nokusebenzisa iseluleko seZwi laKhe kuyosiza ekwenzeni ukulungisa okudingekile. Ukuze senze lokho kulungisa, amazwi ethu kufanele asekelwe emiBhalweni nasezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini. Umgomo wethu ukabili: (1) ukusiza lowo odinga usizo ukuba abone futhi aqonde umbono kaJehova (2) nokubonisa lowomuntu ukuthi ngezinga elithile uye wanganaka noma wahluleka kanjani ukulandela leziqondiso zaphezulu.
Hlanganisa iseluleko esingokomBhalo nemibuzo enomusa kodwa engagwegwesi. Lokhu kungaphumelela kakhulu ekufinyeleleni inhliziyo. Ngomprofethi wakhe uMalaki, uJehova wasebenzisa umbuzo ukuze enze abantu bakhe baqonde ukuthi babephambuke kanjani. “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na?” wabuza, enezela: “Nokho niyangiphanga.” (Malaki 3:8) Ukwehluleka kukaIsrayeli ukunikela ingxenye yeshumi yesivuno sakhe njengoba kwakudingwa uMthetho kaMose kwakufana nokuphanga uJehova. Ukuze kulungiswe lesisimo, amaIsrayeli ayedinga ukugcwalisa izibopho zawo ekukhulekeleni okumsulwa ngokholo lokuthi uNkulunkulu wayezowabusisa ngokuchichimayo. Ngemibuzo eshukumisa ingqondo neyokubonelela, nabadala bangagcizelela ukuthi ukwenza into elungile namuhla kuhilela ukuthemba uBaba wethu wasezulwini nokumlalela. (Malaki 3:10) Ukusho lelophuzu ngenhliziyo kuyofeza okukhulu ekusizeni umzalwane wethu ukuba ‘enzele izinyawo zakhe izindlela eziqondileyo.’—Heberu 12:13.
Gcizelela izinzuzo zokwamukela iseluleko. Iseluleko esiphumelelayo sihlanganisa kokubili isixwayiso ngemiphumela yokuphishekela inkambo engalungile nezikhumbuzo ngezinzuzo ezitholakala ekulungiseni izindaba. Ngemva kwesixwayiso esifike ngesikhathi, uJesu waqinisekisa labo bebandla laseLawodikeya elipholile ngokomoya ngokuthi uma bephenduka enkambweni yabo yokuqala futhi beba abafundi abashisekayo, babeyojabulela amalungelo avelele, kuhlanganise nethemba lokubusa naye emazulwini.—IsAmbulo 3:14-21.
Bonisa isithakazelo ekutheni iseluleko siyalalelwa yini. Njengoba udokotela omuhle ehlola njalo ukuze abone ukuthi ithambo aye walelula lisesesimweni esifanelekile yini, kanjalo abadala kufanele bazame ukuthola ukuthi iseluleko esingokomBhlo siyasetshenziswa yini. Bangase bazibuze: Ingabe kudingeka usizo olwengeziwe? Ingabe iseluleko kufanele siphindwe, mhlawumbe ngenye indlela? UJesu kwadingeka aluleke abafundi bakhe ngokuphindaphindiwe ngesidingo sokuthobeka. Isikhathi eside kakhulu, wafuna ngokubekezela ukulungisa ukucabanga kwabo ngeseluleko, imifanekiso, nezifundo ezingokoqobo. (Mathewu 20:20-28; Marku 9:33-37; Luka 22:24-27; Johane 13:5-17) Ngokufanayo, abadala bangasiza ukuze baqinisekise ukulungiswa okuphelele komzalwane noma udade ngokulungiselela izingxoxo ezingokomBhalo zokulandelela eziklanyelwe ukuqhubekisela phambili intuthuko yalowomuntu ize ifike empilweni engokomoya ephelele.
Nikeza ukutusa nganoma iyiphi intuthuko eyenziwe. Uma lowo othathe isinyathelo okungeyiso ezama ngobuqotho ukusebenzisa iseluleko esingokomBhalo, mtuse ngokufudumele. Lokhu kuyogxilisa iseluleko sokuqala futhi cishe kuyokhuthaza intuthuko eyengeziwe. Encwadini yokuqala kaPawulu eya kwabaseKorinte, wayebophekile ukuba abanikeze iseluleko esiqinile ngezindaba eziningi. Ngokushesha ngemva kokuba uThithu azise umphostoli ngokusabela okuhle encwadini yakhe, uPawulu wabhala ukuze abatuse. Wathi: “Manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabukiswa kwaba-ngukuphenduka; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu.”—2 Korinte 7:9.
Isizathu Sokuthokoza
Yebo, uPawulu wathokoza lapho ezwa ukuthi iseluleko sakhe sasibasizile abaseKorinte. Ngokufanayo, abadala bosuku lwanamuhla bajabula kakhulu lapho umkhulekeli abakanye naye esinda esinyathelweni okungeyiso ngenxa yokusabela kahle osizweni lwabo lothando. Ngempela bangajabula ukusiza umKristu ozisolayo ukuba asiphule ukhula lwesono olunameva enhliziweni yakhe ukuze izithelo zikaNkulunkulu zichume ngobuningi lapho.
Uma abadala bephumelela ekulungiseni umuntu oye wathatha isinyathelo okungeyiso, lowomuntu angase abuyiswe enkambweni ebingaba yinhlekelele ngokuphelele ngokomoya. (Qhathanisa noJakobe 5:19, 20.) Ngenxa yosizo olunjalo, owamukela usizo kufanele abonise ukubonga kuJehova uNkulunkulu. Amazwi okwazisa kwangempela ngosizo lothando, uzwela, nokuqonda kwabadala nawo ayofaneleka. Futhi lapho ukululama okungokomoya sekuphelile, bonke labo abahilelekile bangajabula ngokuthi ukulungisa kuye kwenziwa ngomoya wobumnene.