Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 12/15 kk. 5-7
  • Lingakuzuzisa Kanjani IVangeli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lingakuzuzisa Kanjani IVangeli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Abasizwe YiVangeli
  • Zisho Ukuthini Izindaba Ezinhle Namuhla?
  • Amandla EVangeli Namuhla
  • Izibusiso Ezisengaphambili
  • ‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Liyini Ngempela IVangeli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Kunezindaba Ezinhle Ezidingwa Abantu Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 12/15 kk. 5-7

Lingakuzuzisa Kanjani IVangeli?

IBHAYIBHELI laziswa kakhulu ngenxa yokubaluleka kwalo ngokwemfundo—laziswa ngisho nangabathile abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Nakuba kunjalo, bambalwa ngempela abalifunda ngenjongo yokusebenzisa elikushoyo. Ngaphezu kwalokho, njengoba izindaba ezinhle eliziqukethe zisukela eminyakeni ecishe ibe izinkulungwane ezimbili ezedlule, abantu abaningi babonakala bekholelwa ukuthi kufanele libhalwe ngendlela yesimanje, livunyelaniswe nesikhathi. Ingabe iVangeli lingelasendulo noma seliphelelwe yisikhathi? Lutho neze.

Kunamadoda nabesifazane, abancane nabadala, ababalelwa ezigidini, abaziyo ukuthi iBhayibheli liwumthombo wosizo oyigugu kakhulu. Kunjengoba isandulela seToday’s English Version sifundeka kanje: “IBhayibheli aliyona nje incwadi enkulu yokuba yaziswe futhi ihlonishwe; liyiziNdaba Ezinhle zabo bonke abantu kuyo yonke indawo—isigijimi okufanele ukuba siqondwe futhi sisetshenziswe ekuphileni kwansuku zonke.”

Lisho ukuthini iVangeli kuwe? Ingabe ulisebenzisa njengesiqondiso ekuphileni kwakho kwansuku zonke? Cabangela indlela izindaba ezinhle eziye zazuzisa ngayo abanye abaye bazilalela ekhulwini lokuqala nendlela abanye abaye bazuza ngayo esikhathini sethu.

Abantu Abasizwe YiVangeli

Osukwini lukaJesu abantu abanjengabadobi abazikhandlayo nomama bamakhaya bakhangwa yizindaba ezinhle futhi bafunda iqiniso ngokuqondene nenjongo kaNkulunkulu ngomuntu. Izindaba ezinhle zakushinsha kakhulu ukuphila kwabo futhi ngokuvamile zazibalethela inkululeko enkulu. Ngokwesibonelo, uMariya Magdalena waphulukiswa ekubusweni amademoni. UZakewu, owayengumthelisi omkhulu, washiya indlela yakhe yokuphila yobugovu. (Luka 8:2; 19:1-10) Izimpumputhe nabanochoko basizwa lapho beza kuJesu, lowo owayeshumayela izindaba ezinhle. (Luka 17:11-19; Johane 9:1-7) UJesu ngokufanelekile wayengase athi: “Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.”—Mathewu 11:5.

Nokho, okwakubaluleke ngaphezu kokuphulukiswa kwabo, kwakuyindlela izindaba ezinhle ezashintsha ngayo abaningi balabobantu ngabanye ababempofu. Abanhliziyo-ziqotho baba nethemba lesikhathi esizayo. Babeka ithemba labo eMbusweni kaNkulunkulu—okuthile okungcono kunanoma yiliphi ivangeli elenzelwa ukuxazulula izinkinga zomphakathi. (Mathewu 4:23) Ithemba labo alizange likhungathekiswe ukufa kukaJesu. Zichaza izimo ngisho nangemva kwalesosenzakalo, izEnzo 5:42 zithi ngabafundi bakhe: “Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.” Ekhulwini lokuqala, emazweni amaningi abantu bathola usizo olungokomoya ngoba basabela ekushumayeleni okunjalo.

UMbuso wawuyizindaba ezingcono kakhulu emuva ngalesosikhathi. Ingabe isigijimi soMbuso siseyizo izindaba ezinhle?

Zisho Ukuthini Izindaba Ezinhle Namuhla?

Uma ulangazelela izwe elilondekile, elinokuthula, khona-ke izindaba zoMbuso ngokuqinisekile zinhle. Eqinisweni, ezweni elinamakhulu ezigidi zabantu abangatholi ukudla okunomsoco nababulawa yindlala, nezifo ezesabekayo ezisongela wonke umuntu, elinokwanda okushaqisayo kobugebengu, kanye nokuguquguquka kwezombangazwe okusakazekile, izindaba ezinhle ziwukuphela kwezindaba ezinhle zangempela futhi ezihlala njalo. Zimelela ithemba okuwukuphela kwalo lentuthuko yeqiniso.

Kungakho uJesu aprofetha ngokuqondene nosuku lwethu: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Lamazwi agcwaliseka ngendlela ephawulekayo njengoba oFakazi BakaJehova beshumayela izindaba ezinhle emazweni angaphezu kuka-200. Incwadi yamaKatolika ethi, Nova Evangelização 2000, itusa oFakazi ngalokhu, ithi: “Sibatholaphi oFakazi BakaJehova? Eminyango yasemakhaya. Futhi ukuze ube uFakazi kaJehova, ngaphandle kokuba ngokaJehova, umuntu kumelwe abe ufakazi. Ngakho-ke, sibathola besebenza, bememezela, bedlulisela lokho abaye baba nokuhlangenwe nakho kwakho.”

Nokho, akekho umuntu ozuza ngokuzenzakalelayo ezindabeni ezinhle. Ziyosiza kuphela labo abalalelayo. Ukuze abonise leliphuzu, uJesu wenza umfanekiso ngomuntu oyohlwanyela imbewu. Izinhlobo ezihlukahlukene zomhlabathi imbewu eyawela kuzo zafanekisela izinhlobo ezihlukahlukene zesimo senhliziyo esiboniswa yilabo abezwa izindaba ezinhle. UJesu wathi: “Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe . . . Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.”—Mathewu 13:18-23.

Njengasekhulwini lokuqala leminyaka, abantu abaningi namuhla abawenzi umzamo wokuqonda izindaba ezinhle. Abawutholi umqondo wazo, futhi ngaleyondlela bayalahlekelwa. Abanye babonisa ukwazisa ngezindaba ezinhle futhi bafunda indlela yokuvumelanisa ukuphila kwabo nentando kaNkulunkulu. Ngalendlela bayabusiswa. Wena ungowaliphi iqembu?

Amandla EVangeli Namuhla

Okuhlangenwe nakho kufakazela ukuthi ukuqonda izindaba ezinhle kuyabasiza labo ‘ababengenathemba futhi bengenaNkulunkulu.’ (Efesu 2:12; 4:22-24) URoberto waseRio de Janeiro wayedinga usizo. Kusukela ebusheni bakhe, wayephile ukuphila okonakele, ehileleka ekusebenziseni izidakamizwa, ekuziphatheni okubi, nasekwebeni. Ekugcineni wagqunywa ejele. Ngenkathi elapho uRoberto watadisha iBhayibheli noFakazi owayemvakashela. Wathuthuka kahle kakhulu ngokomoya kangangokuthi isigwebo sakhe sasejele sehliswa kakhulu.

Ngemva kokuba ekhululiwe, uRoberto wahlangana nentombazane esentsha ayeke wayiphanga futhi wayisongela ngesibhamu. Nayo futhi yayitadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Yini eyenzeka? Okulandelayo yingxenye yencwadi elandisa okwenzeka: “Bahlangana eHholo LoMbuso okokuqala ngemva kwalokho kuhlasela. Lokhu kunqwamana kwakuthinta inhliziyo. Bobabili bakhala izinyembezi zenjabulo futhi bangana njengabantu bandawonye. Manje bobabili owayeyisela nesisulu sakhe badumisa uJehova.”

Omunye umuntu, uIsabel, naye wayedinga usizo, ngoba wayaziwa njengonenhliziyo embi. Wayehileleke ngokujulile emimoyeni engabonakali nasebuthakathini futhi wayehlushwa amademoni. Njengoba ayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wathola ukuthi izindaba ezinhle zazisiza ngempela. Ngemva kwesikhathi esithile, waphuma ngaphansi kokulawulwa amademoni futhi washintsha ubuntu bakhe—ekugcineni wafunda ukulawula inhliziyo yakhe. Manje ungumKristu othembekile, owaziwa njengomuntu onomusa ekusebenzelaneni nabanye.

Yebo, izindaba ezinhle aziyona indaba nje ecatshangwayo. Zinamandla angempela okuguqula ukuphila. (1 Korinte 6:9-11) Zenza ngisho nokungaphezu kwalokho. Futhi zikhomba ezibusisweni zesikhathi esizayo.

Izibusiso Ezisengaphambili

NgokweZwi likaNkulunkulu, ikusasa liphethe amathemba amangalisayo. Siyobona ukugcwaliseka komthandazo kaJesu wokuba uMbuso kaNkulunkulu uze nokuba intando yaKhe yenziwe emhlabeni njengasezulwini. (Mathewu 6:10) Ngokushesha, isimiso sezinto samanje nokonakala kwaso okucindezelayo nobudlova kuyosuswa, futhi uhulumeni wasezulwini kaNkulunkulu, uMbuso wakhe, uyobusa phezu kwabantu abanhliziyo zilungile ababezimisele ukulalela izindaba ezinhle.—Daniyeli 2:44.

Kuyolandela ushintsho olukhulu njengoba abantu abathembekile beqondiswa ukuba baguqule umhlaba ube yipharadesi lapho abathobekileyo beyohlala khona phakade. (IHubo 37:11, 29) Ngokuqinisekile, kuyizindaba ezinhle ukuthi ubugebengu, izifo, indlala, ukungcola, nezimpi kuyophela phakade! Ingabe ungazibona wena nomkhaya wakho niphila ngokuthula nempilo ephelele kulelozwe elisha ngaphandle kokwesaba ukugula noma ukufa?—IsAmbulo 21:4.

Yiqiniso, abaningi babheka izindaba ezinhle ezinjalo njengezingasho lutho noma ezicatshangelwayo. Kodwa banephutha. Izindaba ezinhle zisekelwe ebufakazini obuqine kakhulu, futhi kakade seziye zashintsha ukuphila okuyizigidi. Ngakho-ke, ungesabi uma abanye bengazikholelwa.

Cabanga ngomuntu ohlakaniphile othenga umhlaba endaweni esathuthuka, enethemba lokwenza inzuzo ngalomhlaba wakhe. Ingabe ukhona obengamsola ngokwandisa imali yakhe ngalendlela? Cha. Cishe, abantu bebengathi wenza ngokuhlakanipha. Khona-ke, kungani ungahleli kusengaphambili ngokuqondene noMbuso futhi uzibekelele, ngomqondo ongokomfanekiso, ngezindaba ezinhle? Njengoba ukwamukela izindaba ezinhle kusho insindiso, akukho okunye ukuzibekelela okungaletha izinzuzo ezingaphezu kwalokho.—Roma 1:16.

Ungazibekelela kanjani ngezindaba ezinhle? Okokuqala, zimisele ukufundiswa uNkulunkulu. Khona-ke yenza ngokuvumelana nalokho okufundayo. Landela izimfuneko eziyisisekelo, njengoba zalotshwa umprofethi wasendulo ongumHeberu: “UJehova ufunani kuwe, kungabi-ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?” (Mika 6:8) Ukufunda ukuhamba noNkulunkulu kudinga isikhathi nomzamo. Nakuba kunjalo, oFakazi BakaJehova, abasiza uRoberto noIsabel, bayokujabulela ukukusiza kulokhu—njengoba beye basiza abanye abayizigidi eminyakeni edlule.

Njengoba ulindele ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu, londoloza lokho ozibekelele khona ngokuphila ngokuvumelana nezindaba ezinhle, ujabulela ukuthula kwengqondo futhi wakha ubuhlobo obuseduze kakhulu noNkulunkulu. Lokho ozibekelele khona kuyolondeka—ngeke kusongelwe wukucindezeleka kwezomnotho noma ukuvukela kwezombangazwe. Futhi ekugcineni, kuyokulethela izinzuzo ezimangalisayo. Ziyini lezo zinzuzo? Umphostoli uJohane wabhala: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17.

[Isithombe ekhasini 7]

Izimbewu zezindaba ezinhle ziwela ezinhlotsheni ezihlukahlukene zomhlabathi

[Umthombo]

Garo Nalbandian

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela