Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 5/1 k. 27
  • Ukwethembeka Kutusa Inkonzo Yethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwethembeka Kutusa Inkonzo Yethu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ingabe Ukwethembeka Kuyabuyisela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Kusho Ukuthini Ukwethembeka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 5/1 k. 27

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukwethembeka Kutusa Inkonzo Yethu

UKWETHEMBEKA kuyimfuneko eyisisekelo yamaKristu. Umphostoli uPawulu wabhala kumaHeberu 13:18: “Siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.” Ukwethembeka kwethu ‘kuhlobisa isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.’ (Thithu 2:10) Ukwethembeka, kanye nokushumayela ngoMbuso, kwamaKristu amabili eNingizimu Pacific yombuso waseTonga kunikeza ubufakazi obunamandla. Ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society eNtshonalanga Samoa liyalandisa:

“Kwase kuyiminyaka eminingi umbhangqwana ongoFakazi ukhulume ngoMbuso kaNkulunkulu kubantu abasezigodini ezine ezisesiqhingini sawo kodwa kungekho miphumela ebonakalayo. Khona-ke, ngesikhathi umyeni wayo egula, inkosikazi kwadingeka inakekele amasimu bese isika futhi yomisa i-copra [inyama eyomisiwe eyenziwe ngokhukhunathi eveza amafutha], okuwukuphela kwento ababethola ngayo imali. Lapho kufika isikhathi sokuba i-copra ihlolwe abathengi, isikhwama sothile sahlangana nezikhwama zakhe ezinhlanu. Abantu basesigodini bamtshela ukuthi akasigcine lesi esinye isikhwama futhi asibheke njengesibusiso esivela kuNkulunkulu. Nokho, lodade wenqaba futhi ngisho nalapho ekhokhelwa imali yezikhwama eziyisithupha, wamukela kuphela imali afanele ukuyithola. Ukwethembeka kwakhe kwaphawulwa.

“Kamuva, lapho umyeni wakhe kufanele ahambe aye kwesinye isiqhingi, umnini sitolo wamcela ukuba amthengele izimpahla ezithile. LoFakazi wenza njengoba ayeceliwe futhi wabuyisela ushintshi kulendoda. Yamangala. Yathi kwakungokokuqala ngqá ukuba umuntu abuyise ushintshi. Abanye eyayibacelile ukuba bayithengele izinto babewugcina ushintshi. Ngesinye isikhathi, lapho loFakazi edinga okuthile esitolo salendoda, yamnikeza ukhiye wasesitolo, yamtshela ukuba athathe lokho akudingayo bese eshiya imali yokukhokha esitolo. Abanye ababekhona babuza umnini sitolo ukuthi kungani enikeza uFakazi ukhiye wasesitolo enganiki bona. Umnini sitolo wachaza ukuthi loFakazi wayewukuphela komuntu esigodini angamethemba.

“Ukuziphatha okuhle kwalombhangqwana kungundab’ uzekwayo kubantu bakulesigodi. OFakazi bayaziwa ngokwethembeka kwabo, ukungathathi-hlangothi kwabo kwezombangazwe, nangokufakaza kwabo ngoMbuso kaNkulunkulu, okubonisa umehluko phakathi kwezinkolelo zabantu basesigodini nezimfundiso zeBhayibheli. Manje lapho kuphakama imibuzo ephathelene neBhayibheli, ngokuvamile abantu baya kulaboFakazi ukuze bathole izimpendulo. Indoda iye yavuka ngisho nasebusuku, yaya emhlanganweni wakulesigodi, futhi yaphendula imibuzo eyayikade iphakanyisiwe ngendaba ethile yeBhayibheli. Lapho iya emngcwabeni kulesigodi, ngokuvamile iye yacelwa ukuba ibonise ukuthi iBhayibheli lithini ngokufa, futhi ukukhulumela kwayo kuye kwamukelwa.”

Ngakho ukwethembeka kwalombhangqwana ongoFakazi nokushumayela kwawo ngoMbuso kunikeza ubufakazi obuhle kulesiqhingi esihle esiseNingizimu Pacific. Banethemba lokuthi nabanye bazofunda iBhayibheli futhi bamelele iqiniso. Uma benza kanjalo, ngokuqinisekile uJehova uNkulunkulu uyobabusisa.—Johane 8:32.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela