Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 2/1 kk. 25-29
  • Ingabe Awubalulazi Abanye Lapho Weluleka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Awubalulazi Abanye Lapho Weluleka?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ilungelo Lomuntu Elingokwemvelo Lokuhlonishwa
  • UJehova Wadala Umuntu Enokuhlonipheka Akuzuze Njengefa
  • Izimiso Ezilondoloza Ukuhlonipheka
  • Hlonipha Abanye—Melana NoDeveli
  • Dumisa UJehova Ngokuziphatha Ngendlela Enesithunzi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ingabe Uyasihlonipha Isithunzi Sabo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Bonke Abantu Bangahlonishwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukuhlonishwa Njengomuntu—Ilungelo Elivame Ukunyathelwa Phansi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 2/1 kk. 25-29

Ingabe Awubalulazi Abanye Lapho Weluleka?

YEKA ukuthi kuhle futhi kuzuzisa kanjani ukwelulekwa ngendlela engalulazi! “Iseluleko esinomusa, ukucabangela, nokukhathalela siphumela ebuhlotsheni obuhle,” kusho u-Edward. “Lapho unomuzwa wokuthi umeluleki ukunikeza udumo futhi uyakuhlonipha ngokubonisa ukuzimisela ukulalela indaba yakho, kuba lula kakhudlwana ukwamukela iseluleko,” kusho uWarren. “Lapho umeluleki engihlonipha, ngizizwa ngikhululekile ukusondela kuye, ngicele iseluleko,” kuphawula uNorman.

Ilungelo Lomuntu Elingokwemvelo Lokuhlonishwa

Iseluleko esifudumele, sobungane, nesothando siyamukeleka ngempela. Ukweluleka abanye ngendlela ofuna ukwelulekwa ngayo kunenzuzo. (Mathewu 7:12) Umeluleki omuhle uzinika isikhathi sokulalela futhi ufuna ukuqonda lowo owelulekwayo—ukucabanga kwakhe, isikhundla sakhe, nemizwa yakhe—kunokuba amgxeke futhi amlahle.—IzAga 18:13.

Abeluleki banamuhla, kuhlanganise nabadala abangamaKristu, kudingeka baqaphele ukuba bangabalulazi abanye lapho beluleka. Ngani? Ngenxa yesizathu esilula sokuthi isimo sengqondo esivamile emphakathini siwukusebenzelana nabanye ngendlela elulazayo. Lokhu kuyathathelwana. Ngokuvamile labo olindele kubo impatho enenhlonipho yibo kanye abahluleka ukuyinikeza, kungaba izingcweti, abaholi benkolo, noma abanye. Ngokwesibonelo, endaweni yomsebenzi ukuxoshwa emsebenzini kuyigalelo elinzima kakhulu futhi kuyacindezela kubo bobabili umqashi nomqashwa. Konakalisa ukuzethemba, ikakhulukazi uma lowo oxoshwayo ephathwa ngendlela elulazayo. Lapho abaqondisi bexosha othile emsebenzini wabo kumelwe bafunde ukwethula “isigijimi esinzima ngendlela yokuba sizwakale simsulwa, singenamininingwane engadingekile futhi siwubungcweti, futhi singonakalisi isithunzi somuntu,” kubika i-Vancouver Sun. Yebo, bonke abantu bafanelwe ukuphathwa ngendlela ehloniphekile.

IsiShaya-mthetho seZizwe Ezihlangene siyabika: “Bonke abantu bazalwa bekhululekile futhi belingana ngesithunzi namalungelo. Baphiwe ingqondo nonembeza futhi kumelwe baphathane ngomoya wokuzwana.” Njengoba isithunzi somuntu sihlaselwa, kungesizathu esihle uMthetho-sisekelo weZizwe Ezihlangene namazwi esingeniso e-Universal Declaration of Human Rights kuyiqaphela lemfanelo. Kusekela “ukuthembela emalungelweni abantu ayisisekelo, isithunzi nokubaluleka komuntu.”

UJehova Wadala Umuntu Enokuhlonipheka Akuzuze Njengefa

UJehova unguNkulunkulu onesithunzi. IZwi lakhe eliphefumlelwe ngokufanelekile lithi, “Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe,” liphinde lithi, ‘Inkazimulo [yaKhe] ibekwe ezulwini.’—1 IziKronike 16:27; IHubo 8:1.

NjengoNkulunkulu onesithunzi noMbusi Wendawo Yonke, unikeza yonke indalo yakhe yasezulwini neyasemhlabeni isithunzi. Ovelele phakathi kwalabo abanikezwa udumo ngaleyondlela iNdodana yakhe ekhazinyulisiwe nebusayo, iNkosi, uKristu Jesu. “Udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo,” kwabhala uDavide eprofetha.—IHubo 21:5; Daniyeli 7:14.

Ngokudabukisayo, lelilungelo labantu eliyisisekelo liye lasetshenziswa kabi kakhulu phakathi nawo wonke umlando. Ingelosi enamandla, eyaba uSathane uDeveli ngenxa yezenzo zayo, yabekela ukuba nelungelo, ukulunga, nokufaneleka kobukhosi bukaNkulunkulu inselele. Ngokwenza kanjalo yabonisa ukwedelela uJehova futhi yahlazisa igama laKhe elihloniphekile kuyilapho ibekela ilungelo laKhe lokubusa inselele. Yafuna ukuhlonishwa ngokwedlulele. NjengoDeveli, amakhosi anamandla angabantu, njengoNebukadinesari wezikhathi zeBhayibheli, aye aziqhenya ‘ngezikhwepha nobukhosi’ bawo. Aye ahlasela ukuhlonipheka kukaJehova, ezinikeza ngokwawo ukuhlonipheka okungawafanele. (Daniyeli 4:30) Ukubusa kukaSathane okucindezelayo, okuqondiswe ezweni lesintu, kuye kwahlasela futhi kuyaqhubeka kuhlasela ukuhlonipheka komuntu.

Ingabe ukuhlonipheka kwakho kwake kwalulazwa? Lapho welulekwa, ingabe wake wenziwa wazizwa unecala ngokweqile, unamahloni, uhlazekile, noma wehlisiwe? “Angizange ngiwuzwe umuzwa wokukhathalela, isihawu, nokuhlonipheka. Ngenziwa ngazizwa ngingelutho,” kusho u-André, enezela: “Lokhu kwaholela emizweni yokukhungatheka nokukhathazeka, ngisho nokucindezeleka.” “Kunzima ukwamukela iseluleko kothile onomuzwa wokuthi akanasithakazelo enhlala-kahleni yakho,” kusho uLaura.

Ngenxa yalesisizathu, ababonisi abangamaKristu baxwayiswa ukuba baphathe umhlambi kaNkulunkulu ngenhlonipho nangodumo. (1 Petru 5:2, 3) Uma kuphakama izimo lapho kudingekile futhi kunenzuzo ukweluleka abanye, ungazivikela kanjani ekucabangeni nasekuziphatheni kwabantu bezwe, labo ngaphandle kokungabaza, abahlasela ukuhlonipheka kwabanye? Yini engakusiza ukuba ulondoloze ukuhlonipheka kwamaKristu okanye nawo, kanye nokwakho?—IzAga 27:6; Galathiya 6:1.

Izimiso Ezilondoloza Ukuhlonipheka

IZwi likaNkulunkulu alithulile kulendaba. Umeluleki onekhono uyokwethembela ngokuphelele eselulekweni seZwi likaNkulunkulu, kunokuba athembele ekuhlakanipheni kwalelizwe. ImiBhalo Engcwele iqukethe isiqondiso esiwusizo. Lapho silandelwa, sinikeza ukuhlonipheka kubo bobabili umeluleki nalowo oyalwayo. Ngakho, isiqondiso sikaPawulu kumbonisi ongumKristu uThimothewu sasithi: “Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu, abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.” (1 Thimothewu 5:1, 2) Yeka ukuthi luningi kangakanani usizi, imizwa elimele, nokudumazeka okungagwenywa ngokunamathela kulezizindinganiso!

Phawula ukuthi isihluthulelo seseluleko esiphumelelayo inhlonipho efanelekile ngomunye umuntu nelungelo lakhe lokuphathwa ngendlela ehloniphekile, yokukhathalela. Abadala abangamaKristu, kuhlanganise nababonisi abajikelezayo, kufanele bazame ukulandela lesisiqondiso, bafune ukuthola ukuthi kungani lowo odinga ukuqondiswa ecabanga futhi enza ngendlela enza ngayo. Kufanele bafune ukuzwa umbono wakhe, futhi benze yonke imizamo ukuze bagweme ukubangela amahloni, ukwehlisa, noma ukuhlazisa lowo osizwayo.

Njengomdala, yenza ukuba umzalwane wakho azi ukuthi uyamkhathalela futhi ufuna ukumsiza ngezinkinga zakhe. Yilokho udokotela omuhle akwenzayo lapho uvakashela ihhovisi lakhe ukuze uhlolwe impilo. Ukucabanga ngokukhumula izembatho ekamelweni elibandayo, elingenamfudumalo kungakukhungathekisa futhi kukudumaze. Yeka indlela omazisa ngayo udokotela okukhathalelayo ukubaluleka kwakho nokuhloniphayo ngokukwembathisa ingubo lapho enza ukuhlola okudingekayo ukuze athole imbangela yokugula kwakho! Ngendlela efanayo, umeluleki ongumKristu obonisa inhlonipho efanele ngomuntu unomusa futhi uqinile, nokho wembathisa lowo owamukela iseluleko ngokuhlonipheka. (IsAmbulo 2:13, 14, 19, 20) Ngokuphambene, iseluleko esinokhahlo, esingenamusa, nesingenaluzwela sinjengokukhumula izembatho okungokomfanekiso okukwenza uzizwe unamahloni, uhlazekile, futhi uhlutshulwe ukuhlonipheka kwakho.

Ababonisi beSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini banakekela ngokukhethekile ukweluleka ngendlela engalulazi. Lapho beluleka asebekhulile, babonakalisa uthando olufanayo nalolo ababeyolubonisa abazali babo abangokwenyama. Bayacabangela, banobungane, futhi banemfudumalo. Ukukhathalela okunjalo kuyadingeka. Kuthuthukisa umoya okhuthaza ukunikezwa nokwamukelwa okufanelekile kweseluleko.

Badala, khumbulani ukuthi iseluleko esingokoqobo siyaphakamisa, siyakhuthaza, siyakha, futhi sinikeza ithemba. Eyabase-Efesu 4:29 ithi: “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube-ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.”

Asikho isidingo sokusebenzisa amagama, ulimi, noma inkulumo enokhahlo. Kunalokho, inhlonipho ngomunye umuntu nesifiso sokulondoloza imizwa yakhe yokuzizwa ebalulekile nokuzethemba kukushukumisela ukuba ubeke izinto ngendlela enikeza ithemba, eyakhayo. Yandulela noma yikuphi ukukhulumela ngokutusa okuqotho, ngezimfanelo zakhe ezinhle, kunokuba ugcizelele imibono emenza azizwe ekhungathekile futhi engelutho. Uma ukhonza njengomdala, sebenzisa ‘amandla akho ukuba wakhe futhi ungabhidlizi.’—2 Korinte 10:8.

Yebo, umphumela wanoma yisiphi iseluleko esivela kubabonisi abangamaKristu kufanele ube ukunikeza isikhuthazo esidingekayo, ukuze sakhe. Akufanele sidumaze noma ‘sithuse.’ (2 Korinte 10:9) Ngisho nalowo owenze ububi obungathi sína kudingeka anikezwe isilinganiso esithile sokuzihlonipha nesithunzi. Iseluleko kumelwe silinganiselwe ngamazwi okweluleka anomusa, kodwa aqinile ukuze amshukumisele ekuphendukeni.—IHubo 44:15; 1 Korinte 15:34.

Ngokuphawulekayo, uMthetho kaNkulunkulu kuma-Israyeli wawuhlanganisa lezizimiso ezifanayo. Wavumela iseluleko ngisho nokushaya, kuyilapho ngesikhathi esifanayo ulondoloza ilungelo lomuntu lokuba nesilinganiso esithile sokuhlonipheka. Ukushaya imivimbo ‘ngobuningi bemivimbo obunjengokwecala lakhe’ kwakuvunyelwe, kodwa lokhu kwakungamelwe kweqise. Kwakunesilinganiso esibekiwe senani lemivimbo enikezwayo ukuze umenzi wobubi ‘angahlazeki.’—Duteronomi 25:2, 3.

Ukukhathalela imizwa yabenzi bobubi abaphendukayo kwakuyisici noJesu ayenaso. U-Isaya waprofetha ngaye: “Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima; uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.”—Isaya 42:3; Mathewu 12:17, 20; Luka 7:37, 38, 44-50.

Okugcizelela ngokuqhubekayo isidingo sozwela amazwi kaJesu eNtshumayelweni yaseNtabeni: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.” (Mathewu 7:12) Lesisimiso sibaluleke kakhulu ekuthuthukiseni ubuhlobo obuhle kangangokuthi ngokuvamile sibizwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Njengomdala ongumKristu, singakusiza kanjani ukuba uphathe abanye ngomusa nangendlela engalulazi lapho weluleka?

Khumbula ukuthi nawe ngokufanayo uyawenza amaphutha. Njengoba uJakobe aphawula, “sonke siyakhubeka ngokuningi.” (Jakobe 3:2) Ukukhumbula lokhu kuyokusiza ukuba ulinganisele ukukhulumela kwakho futhi ulawule imizwa yakho lapho kudingeka ukuba ukhulume nabanye ngokushiyeka kwabo. Qaphela indlela abathinteka ngayo. Lokhu kuyokusiza ukuba ugweme ukugxeka ngokweqile, udonsela ukunaka emaphutheni amancane noma ukushiyeka. UJesu wakugcizelela lokhu lapho ethi: “Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangalesosilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”—Mathewu 7:1, 2.

Hlonipha Abanye—Melana NoDeveli

Amacebo kaSathane enzelwe ukukululaza, ukuveza imizwa yehlazo, ukuzizwa ungelutho, futhi uphelelwe yithemba. Phawula indlela asebenzisa ngayo inxusa elingumuntu ukuze lishukumise imizwelo ephambene kuJobe othembekile. U-Elifazi ongumzenzisi wathi: “Nasezincekwini zakhe [uJehova] akethembi, nezingelosi zakhe [ezingcwele] uyazibeka icala; kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka [abantu abanesono], abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu.” (Jobe 4:18, 19) Ngakho ngokusho kwakhe, uJobe wayengasabalulekile kuNkulunkulu ukwedlula inundu. Ngempela, iseluleko sika-Elifazi nabangane bakhe, kunokuba sakhe, sasiyoshiya uJobe elahlekelwe ngisho nayinkumbulo yezikhathi ezinhle kakhulu. Ngokombono wabo ukwethembeka kwakhe kwangesikhathi esidlule, ukuqeqesha umkhaya, ubuhlobo noNkulunkulu, nezipho zesihe kwakungelutho.

Ngokufanayo nanamuhla, abenzi bobubi abaphendukayo bathambekele ikakhulukazi emizweni enjalo, futhi kunengozi yokuba ‘bahlulwe ukudabuka kwabo.’ Badala, lapho niluleka abanjalo, ‘baphatheni ngothando’ ngokubavumela ukuba balondoloze isilinganiso esithile sokuzizwa behloniphekile. (2 Korinte 2:7, 8) “Ukuphathwa ngendlela elulazayo kwenza kube nzima ukwamukela iseluleko,” kuvuma uWilliam. Kubalulekile ukuqinisa ukukholelwa kwabo ekutheni babalulekile emehlweni kaNkulunkulu. Bakhumbuze ukuthi uJehova “kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi [wabo] nothando [abalubonakalisa] ngakulo igama lakhe” phakathi neminyaka edlule yenkonzo yabo yokwethembeka.—Heberu 6:10.

Yiziphi ezinye izici ezengeziwe ezingakusiza ukuba ungabalulazi abanye lapho weluleka? Qaphela ukuthi bonke abantu banelungelo elingokwemvelo lokuzizwa behloniphekile, njengoba benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bababheka njengababalulekile; ilungiselelo elikabili lesihlengo novuko lifakazela leloqiniso. UJehova unezela ukuhlonipheka okwengeziwe kumaKristu ‘ngokuwamisa enkonzweni,’ ewasebenzisa ukuba anxuse isizukulwane esonakele ukuba sibuyisane noNkulunkulu.—1 Thimothewu 1:12.

Badala, khumbulani ukuthi abazalwane benu abaningi abangamaKristu bangamalungu ayisisekelo esikhathi esizayo omphakathi omusha wesintu emhlabeni ohlanziwe. Njengabantu ababaluleke ngaleyondlela nabayigugu ngaleyondlela, bafanelwe ukunikezwa udumo. Lapho niluleka, khumbulani indlela bobabili uJehova noJesu ababonisa ngayo ukucabangela abantu, futhi niqhubeke nifeza ingxenye yenu ekusizeni abazalwane benu ukuba balondoloze umuzwa wokuhlonipheka nokubaluleka ekubhekaneni nezinselele zikaSathane.—2 Petru 3:13; qhathanisa neyoku-1 Petru 3:7.

[Ibhokisi ekhasini 29]

Iseluleko Esingalulazi

(1) Tusa ngobuqotho. (IsAmbulo 2:2, 3)

(2) Yiba yisilaleli esihle. Phawula ngokucacile nangomusa inkinga nesizathu seseluleko. (2 Samuweli 12:1-14; IzAga 18:13; IsAmbulo 2:4)

(3) Sekela iseluleko sakho emiBhalweni. Yiba nombono oqondile, ucabangele, futhi ukhuthaze, ubonise nobubele. Gcina inhlonipho nokubaluleka kwalowo owamukela iseluleko. (2 Thimothewu 3:16; Thithu 3:2; IsAmbulo 2:5, 6)

(4) Qinisekisa owamukela iseluleko ngokuthi izibusiso ziza ngokwamukela nokusebenzisa iseluleko. (Heberu 12:7, 11; IsAmbulo 2:7)

[Isithombe ekhasini 26]

Abadala abangamaKristu akudingekile ukuba balulaze abanye lapho benikeza iseluleko

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela