Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Iqiniso LeBhayibheli Lihlanganisa Umkhaya
NAMUHLA, ezingxenyeni eziningi zezwe, cishe ubunye bomkhaya buyinto yesikhathi esidlule. Nokho, iBhayibheli lembula imfihlo yobunye bomkhaya. Cabanga ngamazwi kaJesu: “Yilowo nalowo owezwa lawamazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.” (Mathewu 7:24) Izinkulungwane zemikhaya phakathi koFakazi BakaJehova ziye zazuza ubunye ngokusebenzisa lamazwi nangokusebenzisa iBhayibheli njengesisekelo sokwakha umkhaya onobunye. Abanye ngokufanayo bazuza ubunye obunjalo, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
Lapho uDaniel ekhonza embuthweni wezempi eFrance, umphathi webutho wasikisela ukuba uDaniel athenge iBhayibheli, okuyinto ayenza, futhi waqala ukulifunda njalo. Ekugcineni wathunyelwa eTahiti. Amanye amasosha ayekanye noDaniel ayengama-Adventist, futhi amanye ayengamaMormon. Ngokuvamile ingxoxo yawo yayigxila endabeni yenkolo. Ngolunye usuku usayitsheni omkhulu wethula uDaniel kumkakhe, owayengomunye woFakazi BakaJehova. Wasebenzisa sonke isikhathi sakhe santambama ephendula imibuzo eminingi kaDaniel futhi wamxhumanisa nelinye lamabandla endawo oFakazi BakaJehova eTahiti. Ngokushesha waqala isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.
Abazali bakaDaniel abahlala eFrance babengamaKatolika aqotho. Uyise wayengumeluleki wezingane esikoleni futhi enikeza iziqondiso ezingokwenkolo esikoleni samaKatolika. Njengoba ayefuna ukuhlanganyela nabazali bakhe amagugu athile angokomoya ayefunda ngawo, uDaniel waqala ukufaka kancane kancane izindaba ezimbalwa ezingokweBhayibheli ezincwadini zakhe ayebabhalela zona.
Ekuqaleni unina kaDaniel wajabula, kodwa kamuva washaqeka lapho ethola igama elithi Jehova kwenye yezincwadi zendodana yakhe. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, wezwa uhlelo lomsakazo olwaluchaza oFakazi BakaJehova ‘njengehlelo eliyingozi.’ Wabhalela uDaniel, emcela ukuba anqamule ngokushesha bonke ubudlelwane bakhe noFakazi. Nokho, uDaniel waqhubeka ethuthuka esifundweni sakhe seBhayibheli futhi ngokushesha wenza amalungiselelo okushiya umbutho wezempi futhi aphindele eFrance.
Ngokushesha lapho esephindele ekhaya, uDaniel wasebenzisa isikhathi ngasinye sakusihlwa—ngezinye izikhathi kuze kube sebusuku kakhulu—ezingxoxweni ezinde zeBhayibheli nonina. Ekugcineni wavuma ukuhambisana noDaniel ukuya eHholo LoMbuso. Emhlanganweni wokuqala aba khona kuwo, wahlabeka umxhwele kakhulu kangangokuba waqala ukuba nesifundo sakhe siqu seBhayibheli sasikhathi sonke. Wathuthuka ngokushesha futhi wabhapathizwa.
Uyise kaDaniel wayengumuntu ozivumelanisa nezimo kodwa ozinikele kakhulu emisebenzini yakhe yobuchwepheshe nengokwenkolo. Nakuba kunjalo, ngesinye isikhathi wahambisa umkakhe noDaniel emhlanganweni wesigodi. Kwakungo-July 14, futhi wayecabanga ukuyobona umbukiso woSuku LweBastille edolobheni. Njengoba ayenesithakazelo sokwazi, lapho esalindile wanquma ukuyobona ngaphakathi ehholo lomhlangano. Ukuhleleka nokuthula akubona phakathi kwabantu bakaJehova kwamhlaba umxhwele, futhi njengoba ayedlula phakathi kweminyango ehlukahlukene yomhlangano wonke umuntu wayembiza ngokuthi “mfowethu.” Wakhohlwa ngokuphelele umbukiso woSuku LweBastille futhi wahlala kwaze kwaba sekuphetheni komhlangano. Wacela ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi wathuthuka ngokushesha ekufundeni iqiniso. Nokho, lapho efunda ngokwengeziwe, yilapho ayeqala ukuzizwa khona engakhululekile ngenxa yezimo zomsebenzi wakhe, ngakho lapho eneminyaka engu-58, wawushiya umsebenzi wakhe. Manje laba bobathathu emkhayeni bazinikezele babhapathizwa futhi ngobunye bakhonza uJehova ndawonye.
Iqiniso leBhayibheli elahlanganisa umkhaya wakubo kaDaniel. Lingayihlanganisa neminye imikhaya uma ilifunda futhi ilisebenzisa ngenhliziyo yonke.