Ukwazi Inkolo Yeqiniso Kuhambisana Nomthwalo Wemfanelo
“[Bayajabula, NW] abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”—LUKA 11:28.
1. Lapho nje sebeyibonile inkolo yeqiniso, hlobo luni lwabantu abakha ukuphila kwabo ngokuvumelana nayo?
AKWANELE ukumane nje ubone inkolo yeqiniso. Uma singabathandi bokulungileyo nokuyiqiniso, lapho nje sesiyitholile, siyokwakha ukuphila kwethu ngokuvumelana nayo. Inkolo yeqiniso ayiyona nje ifilosofi engokwengqondo; iyindlela yokuphila.—IHubo 119:105; Isaya 2:3; qhathanisa nezEnzo 9:2.
2, 3. (a) UJesu wakugcizelela kanjani ukubaluleka kokwenza intando kaNkulunkulu? (b) Yimuphi umthwalo wemfanelo bonke abazi inkolo yeqiniso abanawo?
2 UJesu Kristu wagcizelela ukubaluleka kokwenza lokho uNkulunkulu akwembulile ukuthi kuyintando yaKhe. Ekuphetheni lokho okwaziwa ngokuthi iNtshumayelo yaseNtabeni, uJesu wenza kwaziwa ukuthi akubona bonke ababembiza ngokuthi Nkosi (ngaleyondlela bethi bangamaKristu) ababeyongena eMbusweni; yilabo abenza intando kaYise kuphela. Wathi abanye babeyolahlwa ‘njengabenzi bokungabi namthetho.’ Kungani kuthiwa bokungabi namthetho? Ngenxa yokuthi njengoba iBhayibheli lisho, ukuhluleka ukwenza intando kaNkulunkulu kuyisono, futhi sonke isono siwukungabi namthetho. (Mathewu 7:21-23, NW; 1 Johane 3:4; qhathanisa neyabaseRoma 10:2, 3.) Umuntu angase ayazi inkolo yeqiniso, angase abatuse labo abayifundisayo, futhi angase akhulume kahle ngalabo abayiqhubayo, kodwa naye unomthwalo wemfanelo wokuyisebenzisa ekuphileni kwakhe siqu. (Jakobe 4:17) Uma ewamukela lowomthwalo wemfanelo, uyothola ukuthi ukuphila kwakhe kuyocetshiswa, futhi uyothola injabulo engasoze yatholakala ngenye indlela.
3 Esihlokweni esandulele, sicabangele izimpawu ezihlukanisayo eziyisithupha zenkolo yeqiniso. Ngalunye lwalezo alusisizi nje kuphela ukuba sibone inkolo yeqiniso kodwa futhi lunikeza thina ngabanye izinselele namathuba. Kanjani?
Usabela Kanjani EZwini LikaNkulunkulu?
4. (a) Njengoba abasanda kuhlanganyela beqala ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova, yini abayibona ngokushesha ngokuphathelene nendlela oFakazi abasebenzisa ngayo iBhayibheli? (b) Ukuba ngowondleke kahle ngokomoya kuzithinta kanjani izinceku zikaJehova?
4 Njengoba oFakazi BakaJehova betadisha iBhayibheli nabasanda kuthakazela, abaningi balaba bayashesha ukuqonda ukuthi abakufundiswayo kuvela eBhayibhelini. Lapho kuphendulwa imibuzo yabo, akubhekiselwa ezivumweni zesonto, emasikweni abantu, noma emibonweni yabantu abavelele. IZwi likaNkulunkulu uqobo lingumthombo wokwaziswa. Lapho beya eHholo LoMbuso, bayaqaphela ukuthi nalapho iBhayibheli liyincwadi eyinhloko. Akubathathi isikhathi eside abafuni beqiniso ukuqaphela ukuthi isici esiyinhloko enjabulweni abayibona phakathi koFakazi BakaJehova iqiniso lokuthi bondliwa kahle ngokomoya ngeZwi likaNkulunkulu.—Isaya 65:13, 14.
5. (a) Babhekene nayiphi inselele labo abaqaphela oFakazi BakaJehova? (b) Bangahlanganyela kanjani enjabulweni yoFakazi?
5 Uma ukuqaphela lokhu, usabela kanjani? Uma ukuqonda, awunakumane nje ube isibukeli esingenzi lutho, futhi ngeke uthande ukuba njalo. IBhayibheli libonisa ukuthi labo ‘abezwayo kuphela’ kodwa bengebona ‘abalenzayo izwi, bayazikhohlisa.’ (Jakobe 1:22) Bayazikhohlisa ngoba bayahluleka ukuqaphela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi bangase bathini, ukuhluleka kwabo ukulalela uNkulunkulu kubonisa ukuthi abamthandi ngempela. Ukholo lokuzisholo olungasekelwe ngemisebenzi luwukholo olufile. (Jakobe 2:18-26; 1 Johane 5:3) Ngokuphambene, umuntu oshukunyiswa uthando ngoJehova lokuba abe “ngowenzayo asebenze” ‘uyojabula ekwenzeni kwakhe.’ Yebo, njengoba uJesu Kristu achaza, “[bayajabula] abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”—Jakobe 1:25; Luka 11:28; Johane 13:17.
6. Uma silazisa ngempela iZwi likaNkulunkulu, yimaphi amathuba thina ngabanye esiyozama ukuwabamba?
6 Leyonjabulo iyojula njengoba ukhula ekwazini intando kaNkulunkulu futhi usebenzisa izinto ezengeziwe ozifundayo. Uyokwenza umzamo ongakanani wokutadisha iZwi likaNkulunkulu? Amashumi ezinkulungwane abantu ababengafundile aye asebenza kanzima ukuze afunde ukuzifundela, enza lokhu ikakhulukazi ukuze akwazi ukufunda imiBhalo futhi ayifundise nabanye abantu. Abanye bavuka ekuseni kakhulu nsuku zonke ukuze basebenzise isikhathi esithile usuku ngalunye befunda iBhayibheli nezinsiza-kufundisa zeBhayibheli, njenge-Nqabayokulinda. Njengoba uzifundela wena siqu iBhayibheli izikhathi zilandelana noma ubheka imibhalo ekhonjiwe kwezinye izincwadi zokutadisha, yiphawule ngokucophelela imithetho nemiyalo kaJehova, futhi ufune ukuqonda izimiso eziningi ezilungiselelwe ukusiqondisa. Zindla ngalokho ingxenye ngayinye ekwambulayo ngoNkulunkulu, injongo yakhe, nokusebenzelana kwakhe nesintu. Zinikeze isikhathi sokuba lokhu kulolonge inhliziyo yakho. Cabangela ukuthi zikhona yini izindlela ongasebenzisa ngazo iseluleko seBhayibheli ngokugcwele ekuphileni kwakho siqu.—IHubo 1:1, 2; 19:7-11; 1 Thesalonika 4:1.
Ingabe Ukuzinikela Kwakho KuJehova Kuphelele?
7. (a) Imfundiso kaZiqu-zintathu iye yayithonya kanjani imizamo yabantu yokukhulekela uNkulunkulu? (b) Yini engase yenzeke lapho umuntu efunda iqiniso ngoJehova?
7 Ezigidini zabantu, kuye kwaletha inkululeko ukwazi ukuthi uNkulunkulu weqiniso akayena uZiqu-zintathu. Incazelo ethi “uyimfihlakalo” ayizange neze izanelise. Zazingasondela kanjani kuNkulunkulu ongaqondakali? Ngenxa yaleyomfundiso, zazinokuthambekela kokungamgqizi-qakala uYise (ogama lakhe zazingakaze zilizwe esontweni) zikhulekela uJesu njengoNkulunkulu noma ziqondise ukukhulekela kwazo kuMariya (ezazifundiswe ukuthi “unguNina kaNkulunkulu”). Kodwa izinhliziyo zazo zasabela ngenjabulo lapho omunye woFakazi BakaJehova evula iBhayibheli ezibonisa igama likaNkulunkulu siqu, elithi Jehova. (IHubo 83:18) Owesifazane waseVenezuela wajabula kakhulu lapho eboniswa igama laphezulu kangangokuba wanga ngokoqobo uFakazi osemusha owayehlanganyela naye leloqiniso eliyigugu futhi wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya. Lapho abantu abanjalo befunda ukuthi uJesu wakhuluma ngoYise ngokuthi ‘uNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu’ nokuthi uJesu wabhekisela kuYise ‘njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso,’ bayaqaphela ukuthi lokho iBhayibheli elikufundisayo ngoNkulunkulu akukhona okungaqondakali. (Johane 17:3, qhathanisa ne-NW; 20:17) Njengoba beya beqonda izimfanelo zikaJehova, bazizwa besondelana naye, baqale ukuthandaza kuye, futhi bafune ukumjabulisa. Uba yini umphumela?
8. (a) Ngenxa yothando lwazo ngoJehova nangesifiso sazo sokumjabulisa, yini izigidi zabantu eziye zayenza? (b) Kungani ubhapathizo lwamaKristu lubaluleke kakhulu?
8 Phakathi neminyaka eyishumi edlule, abantu abangu-2 528 524 emazwekazini ayisithupha naseziqhingini eziningi baye banikezela ukuphila kwabo kuJehova futhi babonakalisa lokhu kuzinikezela ngobhapathizo lwamanzi. Ingabe wawungomunye wabo, noma ingabe manje ulungiselela ukubhapathizwa? Ubhapathizo luyisenzakalo esibalulekile ekuphileni kwawo wonke amaKristu eqiniso. UJesu wathuma abalandeli bakhe ukuba benze abantu bazo zonke izizwe ukuba babe abafundi bese bebabhapathiza. (Mathewu 28:19, 20) Futhi kuyaphawuleka ukuthi kwakungemva nje kokubhapathizwa kwakhe siqu uJesu lapho uJehova akhuluma ngokwakhe esezulwini, ethi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”—Luka 3:21, 22.
9. Ukuze silondoloze ukuba nobuhlobo obamukelekayo noJehova, yini edingekayo kithi?
9 Ukuba nobuhlobo obamukelekayo noJehova kungokuthile okumelwe kwaziswe. Uma ungene ebuhlotsheni obunjalo ngokuzinikezela nobhapathizo, gwema konke okungase kubonakalise. Ungavumeli izinkathazo zokuphila nokukhathazeka ngezinto ezibonakalayo kubenze ukuba buze kamuva. (1 Thimothewu 6:8-12) Phila ngokuvumelana ngempela neseluleko sezAga 3:6: “Mazise [uJehova] ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”
Lukuthinta Ngokujule Kangakanani Uthando LukaKristu?
10. Kungani ukukhulekela kwethu uJehova kungasibangeli ukuba singamgqizi-qakala uJesu?
10 Yebo, ukwazisa okufanele ngoJehova njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, akubangeli ukuba umuntu angamgqizi-qakala uJesu Kristu. Ngokuphambene, isAmbulo 19:10 sithi: “Ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.” Kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo, iziprofetho eziphefumlelwe zinikeza imininingwane ngokuphathelene nendima kaJesu Kristu enjongweni kaJehova. Njengoba umuntu ejwayelana naleyomininingwane, kuvela umfanekiso okhangayo ongenakho ukusonteka nokudideka okuye kwabangelwa izimfundiso zamanga zeLobukholwa.
11. Ukufunda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela ngeNdodana kaNkulunkulu kwamthinta kanjani omunye wesifazane ePoland?
11 Ukuqonda iqiniso ngeNdodana kaNkulunkulu kungaba nethonya elinamandla kumuntu. Yilokho okwenzeka kuDanuta, owesifazane wasePoland. Wayexhumane noFakazi BakaJehova iminyaka eyisishiyagalombili, ekujabulela ababekufundisa, kodwa ukukhulekela kweqiniso engakwenzi kube indlela yakhe yokuphila. Khona-ke wamukela ikhophi yencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, elandisa ngokuphila kukaKristu ngendlela okulula ukuyiqonda.a Kamuva sekuhlwile, wavula lencwadi, ehlose ukufunda isahluko esisodwa kuphela. Nokho, akayekanga ukuyifunda waze wayiqeda lapho sekuntwela ezansi. Wakhala dlí izinyembezi. “Jehova ngithethelele,” encenga. Ngenxa yalokho ayekufundile, walubona ngokucace kunanini ngaphambili uthando olwaboniswa uJehova neNdodana yakhe. Waqaphela ukuthi iminyaka eyisishiyagalombili wayelubalekela ngokungabongi usizo uNkulunkulu ayeludlulisela kuye ngesineke. Ngo-1993 wabhapathizwa ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngesisekelo sokholo kuJesu Kristu.
12. Ulwazi oluqondile lukaJesu Kristu lukuthonya kanjani ukuphila kwethu?
12 ‘Ulwazi oluqondile ngeNkosi yethu uJesu Kristu’ luhlangene nokuba umKristu oshisekayo nothelayo. (2 Petru 1:8) Uyohlanganyela ngezinga elingakanani emsebenzini onjalo, uhlanganyela isigijimi soMbuso nabanye? Isilinganiso somsebenzi abantu ngabanye abangase bakwazi ukuwenza sithonywa izimo eziningi. (Mathewu 13:18-23) Ezinye izimo asikwazi ukuziguqula; ezinye singaziguqula. Yini eyosishukumisela ekubeni sikwazi ukubona futhi senze izinguquko ezingase zenziwe? Umphostoli uPawulu wabhala: “Uthando lukaKristu luyasiqhubezela”; ngamanye amazwi, uthando alubonisa ngokubeka phansi ukuphila kwakhe ngenxa yethu luvelele kangangokuba lapho ukulazisa kwethu kukhula, izinhliziyo zethu ziyoshukunyiswa ngokujulile. Ngenxa yalokho, siyaqaphela ukuthi kuyoba okungafanelekile ngempela ngathi ukuqhubeka siphishekela imigomo yobugovu nokuphilela ngokuyinhloko ukuzijabulisa ngokwethu. Kunalokho, silungisa izindaba zethu ukuze siwenze uze kuqala umsebenzi uKristu afundisa abafundi bakhe ukuba bawenze.—2 Korinte 5:14, 15.
Ukuhluka Ezweni—Kangakanani?
13. Kungani singenakufuna ukuzihlanganisa nenkolo eye yazenza yaba ingxenye yezwe?
13 Kulula ukubona umlando owenziwa eLobukholwa nezinye izinkolo ngoba zifuna ukuba ingxenye yezwe. Izimali zesonto ziye zasetshenziselwa ukukhokhela umsebenzi wokuvukela. Abapristi baye baba izilwi ezingabavukeli. Usuku nosuku amaphephandaba aveza imibiko ephathelene nemibango yenkolo ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba ezilwisanayo. Izandla zabo zigcwele igazi. (Isaya 1:15) Futhi emhlabeni wonke abefundisi bazama ukulawula isimo sezombangazwe. Abakhulekeli beqiniso abaqotho abanangxenye kulokhu.—Jakobe 4:1-4.
14. (a) Yini thina ngabanye okumelwe siyigweme ukuze singabi ingxenye yezwe? (b) Yini engasisiza ukuba sigweme ukubanjwa ogibeni izimo zengqondo nemikhuba yezwe?
14 Kodwa ukuhluka ezweni kuhilela okungaphezu kwalokho. Izwe libonakala ngokuthanda imali nalokho imali engakuthenga, isifiso sokuvelela komuntu siqu, nokuphishekelwa kwenjabulo okungenasiphelo, kanye nezinto ezinjengokuntuleka kokukhathelela kwangempela ngabanye, ukuqamba amanga nenhlamba, ukuvukela igunya, nokwehluleka ukuzithiba. (2 Thimothewu 3:2-5; 1 Johane 2:15, 16) Ngenxa yokungapheleli kwethu siqu, ngezinye izikhathi singase sibonise ezinye zalezozici. Yini engasisiza emzamweni wethu wokugwema izingibe ezinjalo? Kudingeka sizikhumbuze ukuthi ubani ongumshoshozeli wazo. “Izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19, NW) Kungakhathaliseki ukuthi inkambo ethile ingase ibonakale iyenga kangakanani, kungakhathaliseki ukuthi bangaki abanye abantu abaphila ngaleyondlela, lapho sibona isitha esikhulu sikaJehova, uSathane uDeveli, singumshoshozeli wayo, siyayiqaphela indlela embi ngayo ngempela.—IHubo 97:10.
Lubanzi Kangakanani Uthando Lwakho?
15. Uthando olungenabugovu oye waluqaphela luye lwakusiza kanjani ukuba ubone inkolo yeqiniso?
15 Lapho uqala ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova, akungabazeki ukuthi uthando olubonakala phakathi kwabo lwakukhanga ngenxa yokwehluka kwalo emoyeni wezwe. Ukugcizelela uthando olungenabugovu kwenza ukukhulekela kukaJehova okumsulwa kuhluke kuzo zonke ezinye izinhlobo zokukhulekela. Kungenzeka ukuthi yilokhu okwakuqinisekisa ukuthi oFakazi BakaJehova ngempela baqhuba inkolo yeqiniso. UJesu Kristu ngokwakhe wathi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:35.
16. Yimaphi amathuba thina ngabanye angase asivulekele okuba sanuleke othandweni lwethu?
16 Ingabe leyomfanelo nawe ikuveza njengomunye wabafundi bakaKristu? Zikhona yini izindlela onganuleka ngazo ekuboniseni kwakho uthando? Ngokungangabazeki sonke singakwenza. Uthando lungaphezu nje kokubonisa ubungane kwabanye eHholo LoMbuso. Futhi uma sibonisa uthando kulabo abasithandayo kuphela, siyobe sihluke kangakanani ezweni? “Kunakho konke yibani-nokuthandana okunganqamukiyo,” kunxusa iBhayibheli. (1 Petru 4:8) Ubani esingambonisa uthando olukhudlwana? Ingabe umzalwane noma udade ongumKristu onesizinda esihlukile kwesethu nowenza izinto ezithile ngendlela esicasulayo? Ingabe othile, ngenxa yokugula noma ukuguga, obengakwazi ukuya njalo emihlanganweni? Ingabe umngane wethu womshado? Noma mhlawumbe, abazali bethu abagugile? Abanye abebenza kahle ekubonakaliseni izithelo zomoya, kuhlanganise nothando, bazizwa sengathi bakufunda ngokuphindaphindiwe lokhu lapho bebhekene nazo kanye izimo ezinzima kakhulu ezingaphakama ekunakekeleni cishe ngokuphelele ilungu lomkhaya eliye lakhubazeka kakhulu. Yebo, ngisho nalapho sibhekene nalezizimo, uthando lwethu kufanele ludlulele ngalé kwemikhaya yethu siqu.
Ukufakaza NgoMbuso—Kubaluleke Kangakanani Kuwe?
17. Uma thina ngabanye siye sazuza ekuvakashelweni oFakazi BakaJehova, yini manje okumelwe sizizwe sishukunyiselwa ukuyenza?
17 Indlela ebalulekile esibonisa ngayo uthando ngomakhelwane bethu ingokufakaza kubo ngoMbuso kaNkulunkulu. Linye kuphela iqembu labantu elenza lomsebenzi owabikezelwa uJesu. (Marku 13:10) Laba oFakazi BakaJehova. Thina ngabanye siye sazuza kuwo. Manje kuyilungelo lethu ukusiza abanye. Uma sinombono kaNkulunkulu ngalendaba, lomsebenzi uyoba ngovelele ekuphileni kwethu.
18. Ukufunda kwethu incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu kungakuthonya kanjani ukuhlanganyela kwethu siqu ekufakazeni ngoMbuso?
18 Ukulandisa okuvusa amadlingozi ngendlela isigijimi soMbuso esiye sayiswa ngayo ezingxenyeni ezikude zomhlaba phakathi nalezinsuku zokugcina kulandiswe encwadini ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Uma itholakala ngolimi lwakho, ungalokothi uphuthelwe ukuyifunda. Futhi njengoba uyifunda, phawula ngokukhethekile zonke izindlela abantu ngabanye abaye bahlanganyela ngazo ekunikezeni ubufakazi ngoMbuso. Bakhona yini ongalingisa isibonelo sabo? Sonke sivulekelwe amathuba amaningi. Kwangathi uthando lwethu ngoJehova lungasishukumisela ukuba siwasebenzise ngokunenzuzo.
19. Sizuza kanjani lapho samukela umthwalo wemfanelo ohambisana nokwazi inkolo yeqiniso?
19 Lapho sizikhandla kanjalo ekwenzeni intando kaJehova, siyayithola impendulo yombuzo othi, Iyini injongo yokuphila? (IsAmbulo 4:11) Asisabubuli neze, asishiyiwe sinomuzwa wobuze. Awukho umsebenzi ongazinikela kuwo oyokulethela ukwaneliseka okukhulu kunalokho oyokulethelwa ukuzikhandla ngenhliziyo yonke enkonzweni kaJehova uNkulunkulu. Futhi yeka ikusasa elihle okusiphathele lona! Ukuphila okwanelisayo phakade ezweni lakhe elisha, lapho siyokwazi khona ukusebenzisa amandla ethu okucabanga ngokugcwele ngokuvumelana nenjongo yothando uNkulunkulu adala isintu ngenxa yayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ikhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kubalulekile ngenkolo ukuba yamukele iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu futhi idumise uJehova njengoNkulunkulu weqiniso?
◻ Inkolo yeqiniso ifundisani ngokuphathelene nendima kaJesu njengoMhlengi?
◻ Kungani kufanele ukuba amaKristu azigcine ehlukile ezweni futhi abonise uthando olungenabugovu?
◻ Ukufakaza ngoMbuso kunayiphi indima enkolweni yeqiniso?
[Izithombe ekhasini 16]
Ubhapathizo luyisinyathelo esibalulekile ekwamukeleni imithwalo yemfanelo yokukhulekela kweqiniso. Inyanga ngayinye, abangaba ngu-25 000 emhlabeni wonke bathatha lesosinyathelo
Russia
Senegal
Papua New Guinea
U.S.A.
[Izithombe ekhasini 17]
Ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye kuyingxenye yokukhulekela kweqiniso
U.S.A.
Brazil
U.S.A.
Hong Kong