Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 7/15 kk. 21-24
  • Ukuxazulula Kanjani Ukungezwani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuxazulula Kanjani Ukungezwani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukungezwani Okuncane
  • Ukuxazulula Ukungezwani Okungathi Sína
  • Ingabe Ungathethelela?
  • Ungase Umzuze Umfowenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Lungisani Ukungaboni Ngaso Linye Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • ‘Qhubekani Nithethelelana Ngokukhululekile’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Thethelela Ngokusuka Enhliziyweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 7/15 kk. 21-24

Ukuxazulula Kanjani Ukungezwani?

Kuba nokundindizela—futhi indlovu yesithathu emgqeni wezindlovu ezinhlanu ezenziwe ngobumba iyawa eshalofini. Lolucezu lwendlovu yokuhlobisa kuzomelwe lubuyiselwe. Ngaphandle kwalokho, ngeke kube khona ukuvumelana kwayo yonke lesethi. Nokho, lenqubo ibucayi, futhi unomuzwa wokuthi uzohluleka ukuyilungisa. Kuzomelwe ufune isiqondiso noma ucele ngisho nochwepheshe ukuba enze lomsebenzi.

UKUVUMELANA phakathi kwabazalwane nodade abangokomoya kuyigugu ngaphezu kwezinto zokuhlobisa. Umhubi wahlabelela ngokufanelekile: “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.” (IHubo 133:1) Ukuxazulula ukungezwani nomKristu okanye naye kungase kube indaba ebucayi ngezinye izikhathi. Ngaphezu kwalokho, abanye abakwenzi lokhu ngendlela efanele. Ngokuvamile “ukuvuselela” ubuhlobo kuletha ubuhlungu obungadingekile noma akubi nangqondo ngempela, kushiya izibazi ezingabonakali ezihlala isikhathi eside.

Amanye amaKristu ngokungadingekile afuna ukuhilela abadala abamisiwe ezindabeni angazisingatha ngokwawo. Lokhu kungase kube njalo ngoba engaqiniseki ngokuthi yini okumelwe ayenze. “Abafowethu abaningi abayazi indlela yokusebenzisa iseluleko seBhayibheli ukuze baxazulule ukungezwani kwabo,” kusho omunye umzalwane onokuhlangenwe nakho ekunikezeni iseluleko seBhayibheli. “Ngokuvamile,” eqhubeka, “abayilandeli indlela kaJesu yokwenza izinto.” Ngakho, yini ngempela uJesu ayisho ngokuphathelene nendlela umKristu okufanele axazulule ngayo ukungezwani nomfowabo? Kungani kubalulekile ukujwayelana kahle nalesiseluleko nokufunda indlela yokusisebenzisa?

Ukungezwani Okuncane

“Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho ealtare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, shiya lapho umnikelo wakho phambi kwealtare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.”—Mathewu 5:23, 24.

Lapho uJesu ekhuluma lawomazwi, ngokwesiko amaJuda ayenikela ngemihlatshelo, noma alethe izipho, e-altare lasethempelini eJerusalema. Uma umJuda ayone umIsrayeli okanye naye, owonile wayenganikela ngawo wonke umnikelo wokushiswa noma umnikelo wesono. Isibonelo esalandiswa uJesu sisebenza ngesikhathi esibucayi ngempela. Lapho lomuntu ese-altare futhi esezonikela ngesipho sakhe kuNkulunkulu, ukhumbula ukuthi umfowabo umbambele igqubu. Yebo, umIsrayeli kwakudingeka aqonde ukuthi ukubuyisana nomfowabo kwakufanele kuze kuqala ngaphambi komsebenzi onjalo ongokwenkolo.

Nakuba iminikelo enjalo yayiyimfuneko yoMthetho kaMose, yona ngokwayo yayingabalulekile ngaphezu kwanoma yini enye emehlweni kaNkulunkulu. Umprofethi uSamuweli wathi eNkosini engathembekile uSawule: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.”—1 Samuweli 15:22.

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wasiphinda lesisimiso sezinto okufanele zize kuqala futhi wabonisa abafundi bakhe ukuthi kumelwe balungise ukungezwani kwabo ngaphambi kokwenza iminikelo yabo. Namuhla, iminikelo okudingeka amaKristu anikele ngayo ingokomoya—“umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.” (Heberu 13:15) Nokho, lesisimiso sisasebenza. Umphostoli uJohane naye ubonisa ukuthi bekungaba yize ukuba umuntu othile athi uthanda uNkulunkulu uma ezonda umfowabo.—1 Johane 4:20, 21.

Ngokuthakazelisayo, umuntu okhumbula ukuthi umfowabo umbambele igqubu kumelwe athathe isinyathelo kuqala. Kanjalo, ukuthobeka akubonisayo cishe kuyoletha imiphumela emihle. Cishe, umuntu owoniwe akanakwenqaba ukubambisana nothile oza kuye evuma amaphutha akhe siqu. UMthetho kaMose wawufuna ukuba noma yini ethathwe ngephutha ibuyiselwe ngokuphelele futhi kunezelwe ingxenye eyodwa kwezinhlanu ngaphezulu. (Levitikusi 6:5) Ukubuyisela ubuhlobo obunokuthula nokuvumelana nakho kungenziwa kube lula uma lowo owonile ebonisa isifiso sokudlulela ngalé kwalokho okulindelekile, ngokomqondo ojulile wencazelo yaleligama, ukuze alungise noma imuphi umonakalo okungenzeka uwubangele.

Nokho, imizamo yokubuyisela ubuhlobo bokuthula ayiphumeleli ngaso sonke isikhathi. Incwadi yezAga isikhumbuza ukuthi kunzima ukulungisa ukungezwani nomuntu okuthola kunzima ukusabela. IzAga 18:19 zithi: “Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.” Enye inguqulo ifundeka kanje: “Umzalwane owoniwe kulukhuni ukumzuza kunomuzi onamandla: Futhi ukuxabana kwabo kunjengemigoqo yenqaba.” (The Englishman’s Bible) Nokho, ekugcineni imizamo eqotho neyokuthobeka cishe iyophumelela endabeni yabantu esikholwa kanye nabo abanesifiso sokujabulisa uNkulunkulu ezintweni zonke. Kwezinye izimo, iseluleko sikaJesu esilotshwe kuMathewu isahluko 18 kudingeka sisetshenziswe.

Ukuxazulula Ukungezwani Okungathi Sína

“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu. Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe-munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu. Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe-kuwe njengowezizwe nomthelisi.”—Mathewu 18:15-17.

Kuthiwani uma umJuda (noma kamuva, umKristu) ayehlangabezana nobunzima obungathi sína nomkhulekeli kaJehova akanye naye? Lowo owayecabanga ukuthi woniwe kwakufanele athathe isinyathelo kuqala. Kwakufanele axoxe ngenkinga nalowo owonile ngasese. Ngokungazami ukuzitholela ukusekelwa kulesisimo, cishe ngokuqinisekile wayeyolwela ukuzuza umfowabo, ikakhulukazi uma kuye kwaba nokungaqondani okwakungase kulungiswe ngokushesha. Konke kungaxazululwa kalula kakhulu uma labo ababehileleke ngokuqondile kuyibona kuphela ababazi ngalendaba.

Nokho, isinyathelo sokuqala sasingase singeneli. Ukuze kubhekanwe nalesosimo, uJesu wathi: “Thatha . . . abe-munye noma bebabili.” Laba babengaba ofakazi bokuzibonela. Mhlawumbe bamzwile omunye enyundela omunye, noma mhlawumbe labo abathathwe njengofakazi babengofakazi esivumelwaneni esibhaliwe manje lababantu ababili abangasavumelani ngaso. Ngakolunye uhlangothi, labo abathathiwe babengaba ofakazi lapho kuvezwa noma iziphi izici njengobufakazi obubhaliwe noma bomlomo, zivezwa njengesizathu senkinga. Nalapha futhi, abambalwa kakhulu ngangokunokwenzeka—‘abe-munye noma babe babili’—okwakufanele bazi ngalenkinga. Lokhu kwakuyovimbela ukuba izinto zingabi zimbi kakhulu uma kwakumane kuwukungaqondi kahle.

Yiziphi izisusa umuntu owoniwe okufanele abe nazo? Ingabe kufanele azame ukululaza umKristu akanye naye futhi afune ukumehlisa? Ngokweseluleko sikaJesu, amaKristu akufanele asheshe abalahle abazalwane bawo. Uma umoni eliqaphela iphutha lakhe, exolisa, futhi ezama ukulungisa izindaba, lowo owoniwe uyobe ‘umzuzile umfowabo.’—Mathewu 18:15.

Uma inkinga ingenakuxazululeka, kwakufanele iyiswe ebandleni. Ekuqaleni, lokhu kwakubhekisela kubadala bamaJuda kodwa kamuva kwabhekisela kubadala bebandla lobuKristu. Umenzi wobubi ongaphenduki kungase kudingeke axoshwe ebandleni. Yilokho okushiwo ukumbheka “njengowezizwe nomthelisi,” abantu amaJuda ayengazihlanganisi nabo. Lesisinyathelo esingathi sína asinakuthathwa yinoma imuphi umKristu eyedwa. Abadala abamisiwe, abamelela ibandla, yibona kuphela abagunyazwe ukuba bathathe lesosinyathelo.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 5:13.

Ukuthi kungenzeka umenzi wobubi ongaphenduki asuswe ekuhlanganyeleni kubonisa ukuthi uMathewu 18:15-17 akaphathelene nokungezwani okuncane. UJesu wayebhekisela emacaleni angathi sína, nokho ohlobo olungalungiswa phakathi kwabantu ababili abathintekile. Ngokwesibonelo, icala lingase libe ukunyundela, okuthinta ngokungathi sína idumela loyisisulu. Noma ingase iphathelane nezindaba zezimali, ngoba amavesi andulelayo aqukethe umfanekiso kaJesu wenceku engenasihawu eyaxolelwa ngesikweleti sayo esikhulu. (Mathewu 18:23-35) Isikweleti esingazange sikhokhwe ngesikhathi okuvunyelwane ngaso singase sibe ubunzima obudlulayo obungaxazululwa kalula phakathi kwabantu ababili. Kodwa kungaba isono esingathi sína, okungukuthi, ukweba, uma lowo obolekile enqaba ngenkani ukukhokha lokho akukweletayo.

Ezinye izono azinakuxazululwa kalula phakathi kwamaKristu amabili. Ngaphansi koMthetho kaMose, izono ezingathi sína kwakumelwe zibikwe. (Levitikusi 5:1; IzAga 29:24) Ngokufanayo, izono ezingathi sína ezihilela ukuhlanzeka kwebandla kumelwe zibikwe kubadala abangamaKristu.

Nokho, amacala amaningi okungezwani phakathi kwamaKristu awangeni ngaphansi kwalenqubo.

Ingabe Ungathethelela?

Ngemva nje kokuchaza kukaJesu indlela yokuxazulula ukungezwani okungathi sína, wafundisa ngesinye isifundo esibalulekile. Siyafunda: “Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube-kasikhombisa na? UJesu wathi kuye: Angisho kuwe ukuthi kuze kube-kasikhombisa kodwa kuze kube-kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” (Mathewu 18:21, 22) Ngesinye isikhathi uJesu watshela abafundi bakhe ukuba bathethelele “kasikhombisa ngosuku.” (Luka 17:3, 4) Khona-ke, kuyacaca ukuthi abalandeli bakaKristu bakhuthazwa ukuba baxazulule ukungezwani ngokuthethelelana ngokukhululekile.

Lena ingxenye edinga umzamo omkhulu. “Abanye abazalwane bamane nje abazi ukuthi bangathethelela kanjani,” kusho umuntu ocashunwe ekuqaleni. Wanezela: “Babonakala bemangala lapho othile echaza ukuthi bangakhetha ukuthethelela ukuze, okokuqala, kulondolozwe ukuthula ebandleni lobuKristu.”

Umphostoli uPawulu wabhala: “Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.” (Kolose 3:13) Ngakho-ke, ngaphambi kokuba siye kumzalwane okungenzeka ukuthi usonile, kungaba kuhle ukuzindla ngemibuzo elandelayo: Ingabe kufanele ukukhuluma naye ngalokhu koniwa? Ingabe ngempela akunakwenzeka ukuba ngikhohlwe ukungezwani kwangaphambili ngomoya weqiniso wobuKristu? Uma bengisesimweni sakhe, bengingefune yini ukuthethelelwa? Futhi uma ngikhetha ukungathetheleli, ngingalindela yini ukuba uNkulunkulu aphendule imithandazo yami futhi angithethelele? (Mathewu 6:12, 14, 15) Imibuzo enjalo ingasisiza ukuba sithethelele.

NjengamaKristu, omunye wemithwalo yethu yemfanelo ebalulekile ukulondoloza ukuthula ebandleni labantu bakaJehova. Ngakho-ke, masisebenzise iseluleko sikaJesu. Lokhu kuyosisiza ukuba sithethelele ngokukhululekile. Umoya onjalo wokuthethelela uyoba nengxenye othandweni lobuzalwane oluwuphawu olubonakalisa abafundi bakaJesu.—Johane 13:34, 35.

[Isithombe ekhasini 23]

AmaKristu angakuxazulula ukungezwani kwawo ngokulandela iseluleko sikaJesu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela