Lezizindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala
“Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.”—MARKU 13:10.
1, 2. Yiluphi uphawu olwenza oFakazi bahluke, futhi ngani?
KUNGANI oFakazi BakaJehova beshumayela ngokuphikelela kangaka? Ngokuqinisekile saziwa emhlabeni wonke ngenkonzo yethu yasobala, kungakhathaliseki ukuthi ukuya endlini ngendlu, emigwaqweni, noma lapho sixhumana nabantu ngokwethukela. Ngazo zonke izikhathi ezifanelekile, siyaziveza ukuthi singoFakazi futhi ngokuhlakanipha sizama ukudlulisela izindaba ezinhle esizibheka njengeziyigugu. Eqinisweni, singase sithi lenkonzo iwuphawu lwethu olusenza sihluke!—Kolose 4:6.
2 Cabanga nje ngakho—lapho abantu bebona endaweni abahlala kuyo iqembu lamadoda, abesifazane, nabantwana abagqoke kahle bephethe izikhwama, ngokuvamile yini abayicabanga kuqala? Ingabe ukuthi, ‘Oh, nawo-ke amaKatolika (noma abesonto lobu-Orthodox) eza futhi!’ noma, ‘Nabo-ke abakaMoya (noma amaBaptist) beza futhi!’ Cha. Abantu bayazi ukuthi ezinkolweni ezinjalo imikhaya ephelele ayiyenzi inkonzo yendlu ngendlu. Mhlawumbe amaqembu athile enkolo athumela “izithunywa zevangeli” isikhathi esingaba iminyaka emibili emazweni athile, kodwa amalungu awo avamile awahlanganyeli kunoma iyiphi inkonzo enjalo. OFakazi BakaJehova kuphela abaqashelwa emhlabeni wonke ngentshiseko yabo ekudluliseleni isigijimi sabo kwabanye ngazo zonke izikhathi ezifanelekile. Futhi baziwa ngomagazini babo, INqabayokulinda ne-Phaphama!—Isaya 43:10-12; IzEnzo 1:8.
Bahlukile Kubefundisi BeLobukholwa
3, 4. Ngokuvamile abefundisi beLobukholwa bavezwa kanjani kwezokusakaza?
3 Ngokuhluke kakhulu, ezikhathini eziningi imibiko yezindaba iye yaveza abefundisi abaningi bengabantu abanukubeza izingane ngokobulili, abakhohlisi abaziphethe kabi, nabaphambi. Imisebenzi yabo yenyama nezindlela zabo zokuphila zokutamasa kusobala kubo bonke. Omunye umqambi wezingoma odumile wakuchaza kahle engomeni yakhe enesihloko esithi “Ingabe UJesu Wayeyoyigqoka IRolex [iwashi legolide elibiza kakhulu] Embukisweni Wakhe Wethelevishini?” Ubuza lombuzo: “Ingabe uJesu ubengaba nengxenye kwezombangazwe uma ebengabuya eMhlabeni? Ingabe ubengaba nekhaya laKhe lesibili ePalm Springs [umphakathi waseCalifornia ocebe kakhulu] futhi azame ukufihla ingcebo yaKhe?” Yeka ukuthi amazwi kaJakobe afaneleka kanjani: “Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba.”—Jakobe 5:5; Galathiya 5:19-21.
4 Ukudla ngakhezo lunye kwabefundisi nabezombangazwe ngisho nokuhlanganyela okhethweni njengabameleli bezombangazwe kubaveza njengababhali nabaFarisi bosuku lwanamuhla. Ngesikhathi esifanayo, emazweni anjenge-United States neCanada, izimali zenkolo zishona ezindlekweni eziphakeme zamacala ombango nezahlulelo ezimelene nabefundisi, ezibangelwa ukuziphatha kwabo okungenakuzithiba nezingane nabantu abadala.—Mathewu 23:1-3.
5. Kungani abefundisi beLobukholwa bengazange bazibonakalise ‘beyinceku ethembekileyo neqondayo’?
5 Ngokufanelekile, uJesu wayengase athi kubefundisi bosuku lwakhe: “Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.” Ngakho, uNkulunkulu akabathumanga abefundisi beLobukholwa ukuba bayoshumayela izindaba ezinhle, kungakhathaliseki ukuthi abobuKatolika, ubuProthestani, ubu-Orthodox, noma abangebona abenhlangano ethile yenkolo ehleliwe. Abazange bazibonakalise ‘beyinceku ethembekileyo neqondayo’ eyabikezelwa.—Mathewu 23:27, 28; 24:45-47.
Kungani Kufanele Kushunyayelwe Izindaba Ezinhle Kuqala?
6 .Yiziphi izenzakalo ezizokwenzeka maduzane?
6 Ekulandiseni kwakhe okufushane okushaya emhloleni okuphathelene nomyalo kaJesu wokushumayela izindaba ezinhle ezizweni zonke, uMarku kuphela osebenzisa igama elithi “kuqala.” (Marku 13:10; qhathanisa noMathewu 24:14.) Inguqulo kaJ. B. Phillips ifundeka kanje: “Ngoba ngaphambi kokuba kufike ukuphela ivangeli kumelwe limenyezelwe ezizweni zonke.” Ukusetshenziswa okuyisandiso kwegama elithi “kuqala” kubonisa ukuthi ezinye izenzakalo ziyolandela umsebenzi wokushumayela ivangeli emhlabeni wonke. Lezozenzakalo ziyohlanganisa usizi olukhulu nokubusa kukaKristu kokulunga phezu kwezwe elisha okuthenjisiwe.—Mathewu 24:21-31; IsAmbulo 16:14-16; 21:1-4.
7. Kungani uNkulunkulu efuna ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe kuqala?
7 Kungani-ke uNkulunkulu efuna ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe kuqala? Esinye isizathu siwukuthi unguNkulunkulu wothando, ubulungisa, ukuhlakanipha, namandla. Ekugcwalisekeni kwamazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 24:14 nakuMarku 13:10, singathola ukubonakaliswa okuhlaba umxhwele kwalezizimfanelo zikaJehova. Ake sizihlole kafushane ngazinye futhi sibone indlela ezihlobana ngayo nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle.
Izindaba Ezinhle Nothando LukaJehova
8. Kukanjani ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kuwukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu? (1 Johane 4:7-16)
8 Ukushumayela izindaba ezinhle kulubonakalisa kanjani uthando lukaNkulunkulu? Okokuqala, ngenxa yokuthi akusona isigijimi esihloselwe uhlanga noma iqembu elilodwa kuphela. Siyizindaba ezinhle ‘zazo zonke izizwe.’ UNkulunkulu uthanda umkhaya wabantu, kangangokuba wathumela emhlabeni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba ibe umhlatshelo wesihlengo wezono zaso sonke isintu, hhayi uhlanga olulodwa nje kuphela. Umphostoli uJohane wabhala: “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.” (Johane 3:16, 17) Ngokuqinisekile izindaba ezinhle, isigijimi esithembisa izwe elisha lokuthula, ukuzwana, nobulungisa, ziwubufakazi bothando lukaNkulunkulu.—2 Petru 3:13.
Izindaba Ezinhle Namandla KaJehova
9 .Kungani uJehova engazange asebenzise izinkolo zeLobukholwa ezinamandla ekushumayeleni izindaba ezinhle?
9 Amandla kaJehova abonakaliswa kanjani ngokushunyayelwa kwezindaba ezinhle? Cabangela lokhu, ubani aye wamsebenzisa ukuba afeze lokhu kuthunywa? Ingabe kuye kwaba izinhlangano zenkolo zeLobukholwa ezinamandla kakhulu, njengeSonto LamaRoma Katolika noma izinkolo ezivelele zobuProthestani? Cha, ukuhileleka kwazo kwezombangazwe kuzenza zingasifanelekeli lesisabelo. (Johane 15:19; 17:14; Jakobe 4:4) Ingcebo yazo enkulu nobuhlobo nethonya ezinalo kwabasesigabeni esiphakeme sokubusa, kanye nemfundiso yazo yenkolo exutshwe namasiko akuzange kumhlabe umxhwele uJehova uNkulunkulu. Amandla omuntu awazange adingeke ukuze kwenziwe intando kaNkulunkulu.—Zakariya 4:6.
10. Ubani okhethwe uNkulunkulu ukuba ashumayele?
10 Kunjengoba umphostoli uPawulu asho encwadini yakhe eyayiya ebandleni laseKorinte: “Bhekani ukubizwa kwenu-bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho-nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.”—1 Korinte 1:26-29.
11. Yimaphi amaqiniso ngoFakazi aye abenza baba abahlukile?
11 OFakazi BakaJehova banamalungu ambalwa kakhulu acebile ezinhlwini zabo futhi ngokuqinisekile abanawo anamandla kwezombangazwe. Ukungathathi hlangothi kwabo okuqinile ezindabeni zezombangazwe kusho ukuthi ngeke basebenzisa ithonya lezombangazwe. Ngokuphambene, ngokuvamile baye baba izisulu zokushushiswa okubi kakhulu okushoshozelwa abaholi benkolo nabezombangazwe phakathi nalelikhulu lama-20. Nokho, naphezu kokuphikiswa kwabo okunonya okushoshozelwa abalandeli bobuNazi, ubuFascist, ubuKhomanisi, ubuzwe, nabenkolo yamanga, oFakazi abashumayeli izindaba ezinhle ezweni lonke nje kuphela kodwa futhi baye banda ngokumangalisayo.—Isaya 60:22.
12. Kungani oFakazi beye baphumelela?
12 OFakazi bathi yini ebenza baphumelele? UJesu wathembisa abafundi bakhe: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” Ngakho, yini ngempela eyayiyoba umthombo wokuphumelela kwabo? UJesu wathi: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu.” Ngokufanayo nanamuhla, amandla avela kuNkulunkulu, hhayi ikhono lomuntu, ebelokhu eyisici esiyinhloko esibangela impumelelo yoFakazi enkonzweni yabo eyenziwa emhlabeni wonke. Esebenzisa abantu ababonakala bebuthakathaka kakhulu, uNkulunkulu ufeza umsebenzi wokufundisa omkhulu kunayo yonke emlandweni.—IzEnzo 1:8; Isaya 54:13.
Izindaba Ezinhle Nokuhlakanipha KukaJehova
13. (a) Kungani oFakazi bekhonza ngokuzithandela nangaphandle kwenkokhelo? (b) UJehova uye wakuphendula kanjani ukusola kukaSathane?
13 Izindaba ezinhle zishunyayelwa izisebenzi zokuzithandela. UJesu wathi: “Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Ngakho, akekho koFakazi BakaJehova othola iholo ngokukhonza uNkulunkulu, futhi nabo abalifuni. Eqinisweni, abanazo ngisho nezinkongozelo emihlanganweni yabo. Ngenkonzo yabo yokuzinikela engenabugovu, bayakujabulela ukunikeza uNkulunkulu impendulo kummangaleli wakhe, uSathane uDeveli. Eqinisweni lomphikisi kaNkulunkulu ongumoya wasikisela ukuthi abantu babengenakumkhonza uNkulunkulu ngesisusa esingenabugovu. Ngokuhlakanipha kwakhe uJehova uye wanikeza impendulo esobala ekusoleni kukaSathane—izigidi zoFakazi abathembekile abangamaKristu ezishumayela izindaba ezinhle endlini ngendlu, emigwaqweni, nangokwethukela.—Jobe 1:8-11; 2:3-5; IzAga 27:11.
14. Kuyini “ukuhlakanipha okufihliwe” uPawulu abhekisela kukho?
14 Obunye ubufakazi bokuhlakanipha kukaNkulunkulu ekwenzeni ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe buwukuthi isithembiso soMbuso ngokwaso siwukubonakaliswa kokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesisikhathi nokwababusi balesisikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu [emfihlakalweni engcwele, ukuhlakanipha okufihliwe, NW] uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube-yinkazimulo yethu.” Lokho “kuhlakanipha okufihliwe” kubhekisela ezindleleni zikaNkulunkulu zokuhlakanipha zokuqeda ukuhlubuka okwaqala e-Edene. Ukuhlakanipha kwaleyomfihlakalo engcwele kwembulwa kuJesu Kristu, okunguyena izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ezigxile kuye.a—1 Korinte 2:6, 7; Kolose 1:26-28.
Izindaba Ezinhle Nobulungisa BukaNkulunkulu
15. Sazi kanjani ukuthi uJehova unguNkulunkulu wobulungisa? (Duteronomi 32:4; IHubo 33:5)
15 Sibona ukubaluleka kwegama elithi “kuqala” kuMarku 13:10 ikakhulukazi ngokuphathelene nobulungisa. UJehova unguNkulunkulu wobulungisa obuhambisana nomusa wothando. Ngomprofethi wakhe uJeremiya uthi: “Ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa [nobulungisa, NW] nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo, usho uJehova.”—Jeremiya 9:24.
16. Kungafanekiswa kanjani ukuthi ubulungisa bufuna ukuba kunikezwe isixwayiso kuqala?
16 Ubulungisa bukaJehova buboniswa kanjani ngokuphathelene nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle? Ake sifanekise ngomama obhaka ikhekhe elimnandi likashokolethi elizodliwa kamuva ngalolosuku lapho kufika izivakashi. Uma elishiya etafuleni lasekhishini engazitshelanga izingane zakhe ukuthi lizodliwa nini, kuyoba yini ukuthambekela okungokwemvelo kwezingane? Sonke sake saba izingane! Umunwe omncanyana uzofuna ukulizwa lelokhekhe! Uma umama ehlulekile ukunikeza isixwayiso kusengaphambili, akanakuba naso isisekelo esiqinile sokunikeza isiyalo. Ngakolunye uhlangothi, uma esho ngokucacile ukuthi ikhekhe lizodliwa kamuva lapho kufika izivakashi futhi ngenxa yalokho akumelwe lithintwe, khona-ke unikeze isixwayiso ngokucacile. Uma kukhona ukungalaleli, unelungelo lokuthatha isinyathelo esiqinile nesifanele.—IzAga 29:15.
17. UJehova uye wabubonisa kanjani ubulungisa ngendlela ekhethekile kusukela ngo-1919?
17 Ngobulungisa bakhe, uJehova akanakuletha isinyathelo sokwahlulela kulesisimiso sezinto esibi ngaphandle kokunikeza kuqala isixwayiso esidingekile. Ngakho-ke, ikakhulukazi kusukela ngo-1919, ngemva kokuba impi yezwe yokuqala ilethe ‘imihelo’ uJehova uye wenza ukuba oFakazi bakhe baye emhlabeni wonke bememezela izindaba ezinhle ngentshiseko. (Mathewu 24:7, 8, 14) Izizwe azinakusho ngokufanele ukuthi bezingazi lutho ngalesisixwayiso esiyingqayizivele.
Izwe Liye Lahlanganiswa Kabanzi Kangakanani?
18. (a) Kunabuphi ubufakazi bomsebenzi woFakazi ezindaweni ezisemajukujukwini? (b) Yiziphi ezinye izibonelo ozaziyo?
18 Inkomba yokuphumelela kwalomsebenzi wokufundisa owenziwa emhlabeni wonke ingabonakala encwadini ethi Last Places—A Journey in the North. Umlobi wayo ulandisa ukuthi lapho ehlola amabalazwe olwandle ukuze athole isiqhingi saseFoula esingasodwa, esinye seziQhingi zaseShetland enyakatho yeScotland, amabalazwe ayebonisa “endaweni ezungeze lesisiqhingi izimpawu ezithi WKS (wrecks [izingcezu zemikhumbi ephahlazekile]), RKS (rocks [amadwala]), LDGS (ledges [amawa]) nezithi OBS (obstructions [izithiyo]).” Lezizimpawu “zazixwayisa owayezoba itilosi ukuba angasondeli. Amanzi aseFoula ayeyindawo yezinhlekelele eyesabeka kakhulu, okwakwenza lesisiqhingi singathandeki kubashayeli bezikejana zomjaho, abantu abathatha uhambo losuku, ngisho nasemabuthweni asebenzela iNdlovukazi—nakuba kunjalo ezinsukwini ezimbalwa ngathola ukuthi— lezizithiyo azizange zibavimbele oFakazi BakaJehova.” Waqhubeka: “Njengoba nje babefunisisa abangabaguqula ezindaweni ezingamafuku ezisemadolobheni amakhulu nasemaZweni Angathuthukile, kanjalo baguqulela abantu enkolweni yabo eFoula esemajukujukwini.” Waqaphela ukuthi isakhamuzi sendawo, u-Andrew, sasishiyelwe ikhophi ye-Nqabayokulinda emnyango waso ezinyangeni ezithile ngaphambili. Khona-ke wanezela: “Ngemva kwesonto elilodwa ngabona ikhophi [ye-Phaphama! yesiDanish] eziqhingini zaseFaeroe [iziqhingi ezisoLwandle LwaseNyakatho] futhi ezinyangeni ezimbili kamuva ngabona ikhophi [ye-Nqabayokulinda yesiDanish] eNuuq, eGreenland.” Yeka ubufakazi obushukumisayo bomsebenzi wentshiseko woFakazi BakaJehova kulezozifunda zasenyakatho!
Yini Egcina OFakazi Beqhubeka?
19, 20. (a) Yini eshukumisela oFakazi BakaJehova ukuba baqhubeke beshumayela? (b) Yimiphi imibuzo ezophendulwa ngokulandelayo?
19 Yiqiniso, ukushumayela endlini ngendlu kubantu ongabazi akuyona into elula, kungakhathaliseki ukuthi umuntu useneminyaka emingaki enguFakazi. Khona-ke yini egcina lamaKristu eqhubeka? Ukuzinikezela kwawo kobuKristu nomuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo. UPawulu wabhala: “Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!” AmaKristu eqiniso anesigijimi esihilela ukuphila, ngakho angasigodla kanjani? Sona kanye isimiso sokuba necala legazi ngenxa yokuhluleka ukunikeza isixwayiso ngesikhathi sengozi siyisizathu esishukumisayo sokushumayela izindaba ezinhle.—1 Korinte 9:16; Hezekeli 3:17-21.
20 Khona-ke, izindaba ezinhle zishunyayelwa kanjani? Siyini isici esiyinhloko esibangela impumelelo yoFakazi? Yiziphi izici zenkonzo nenhlangano yabo ezisiza ekubavezeni njengenkolo yeqiniso? Isihloko sethu esilandelayo sizophendula leyomibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole incazelo eyengeziwe yokuhlakanipha kukaNkulunkulu ‘nemfihlakalo engcwele,’ bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu II, ikhasi 1190, ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Uyakhumbula?
◻ Yini ehlukanisa oFakazi BakaJehova kubefundisi?
◻ Ukushumayela kulubonakalisa kanjani uthando, amandla, nokuhlakanipha kukaNkulunkulu?
◻ Ukushumayela izindaba ezinhle kububonakalisa kanjani ubulungisa bukaNkulunkulu?
◻ Yini egcina oFakazi BakaJehova beqhubeka enkonzweni yabo?
[Izithombe ekhasini 15]
Kungakhathaliseki ukuthi abantu basendaweni ethé qekelele kangakanani, oFakazi BakaJehova bafuna ukubafinyelela