Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 10/1 k. 9
  • Izwi LikaNkulunkulu Linamandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwi LikaNkulunkulu Linamandla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “UNkulunkulu Akabheki Ubuso Bamuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Uthando Luhlanganisa Imikhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 10/1 k. 9

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Izwi LikaNkulunkulu Linamandla

“IZWI likaNkulunkulu liphilile, linamandla.” (Heberu 4:12) Lamazwi aye abonakala eyiqiniso izikhathi eziningi lapho abantu ababekhohliswe inkolo yamanga bethola amaqiniso eBhayibheli. Njengoba kuboniswa kulokhu okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela eDominican Republic, amandla eBhayibheli angakushintsha ukuphila kwabantu futhi anikeze ithemba.

OFakazi BakaJehova bavakashela owesifazane ongumKatolika ovelele owayesanda kulahlekelwa abantwana ababili abancane ngokufa. Wayekhungethwe usizi futhi ebubula ngokudabuka kwakhe nsuku zonke. OFakazi bambonisa lokho iBhayibheli elikushoyo kuJohane 5:28, 29 ngethemba lovuko. Ngemva kwezingxoxo ezengeziwe noFakazi, akazange athole induduzo ethembeni lovuko nje kuphela kodwa waqaphela ukuthi abaholi besonto lakhe lobuKatolika babemkhohlisa.

Ngokushesha wesula eSontweni LamaKatolika, futhi wamukela isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke noFakazi BakaJehova. Nokho, umyeni wakhe akazange avumelane nemibono yakhe. Njengoba naye ayengumKatolika ovelele kakhulu, wahlela ukuba abangane bakhe abaziwa kakhulu bezombangazwe nabenkolo bavakashele umkakhe ukuze bazame ukumkhipha enkambweni yakhe futhi bambuyisele enkolweni yobuKatolika. Kamuva wamsongela ngesehlukaniso, ngesinye isikhathi waze wazisa nezihlobo namalungu esonto akanye nawo ukuthi babezohlukanisa.

Kodwa isu lakhe alizange lisebenze. Ngokuphambene, umkakhe wazimisela kunanini ngaphambili ukuqhubeka nezifundo zakhe zeBhayibheli. Ngenxa yokukhula kwakhe ngokomoya nokwakha izimfanelo zakhe ezinhle zobuKristu, umyeni wakhe wanquma ukuhlala naye kunokuba afune isehlukaniso. Ngolunye usuku waze wavuma ngisho nokuvuma ukuhlola izincwadi zeBhayibheli umkakhe ayezitadisha—kodwa ngaphansi kombandela owodwa. Wayefuna ukusebenzisa inguqulo yakhe siqu yeBhayibheli lamaKatolika.

Wamangala kakhulu ukuthi ngosizo lwezincwadi zoFakazi BakaJehova, waqala ukufunda izinto ezintsha khona kanye eBhayibhelini lakhe siqu. Waqaphela ukuthi umkakhe wayekhethe inkambo eqondile, futhi ngokushesha wayezimisele ukulandela isibonelo sakhe. Ngempela, wasibona isidingo sokwenza izinguquko ekuphileni kwakhe siqu. Inselele enzima kwakuwukuyeka umkhuba wokubhema. Ngemva kokufunda i-Phaphama! ka-July 8, 1989, eyayinesihloko sesembozo esithi “Ukufa Kuyadayiswa—Izindlela Eziyishumi Zokuyeka Ukubhema,” wayezimisele ukuwulahla lomkhuba ongewona ongokombhalo. Esikhundleni sephakethe elivamile likagwayi ngokuvamile elalitholakala ephaketheni lakhe, waqala ukuphatha lowomagazini we-Phaphama! Isikhathi ngasinye lapho efisa ukubhema, wayefunda izihloko ezikhuluma ngokubhema. Lendlela yasebenza! Ngemva kokufunda lezizihloko izikhathi eziningi, wakwazi ukuyeka ukubhema.

Namuhla bobabili lendoda nomkayo bakhonza uJehova njengezikhonzi ezibhapathiziwe. Lapho izimo zivuma, indoda ikhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele, inikele isikhathi sayo esiningi ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, futhi ikhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova. Yona kanye nomkayo babheke phambili ovukweni lapho bengase bamukele khona abantwana babo bephila ezweni elisha. Yebo, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liphilile futhi linamandla!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela