Ukugcwalisa Isidingo Somuntu Esiyisisekelo Ngokubonisa Ukubaqaphela Abanye
AMAZWI aqotho athi “Wenze kahle!” “Halala!” noma athi “Usebenzile; siyakubongela” asiza kakhulu ekwenyuseni ukuzethemba, ikakhulukazi uma evela kothile omhloniphayo. Abantu bayakuthanda ukuqashelwa. Uma bekuthola, benza kahle kakhulu futhi bajabula kakhudlwana. Ngempela, ukuqashelwa okufanele kubalulekile engqondweni nasenhliziyweni njengoba nokudla okunempilo kunjalo emzimbeni.
Esinye isichazamazwi sichaza ukuqashelwa ngokuthi “ukwamukelwa komuntu njengofanelekela ukucatshangelwa noma ukunakwa” nangokuthi “ukuqashelwa okukhethekile noma ukunakwa.” Kuhlobene eduze nokuhlonishwa, umuzwa wokuzethemba, okuthi lapho unikezwa usho ukwaziswa okunengqondo noma ukuqondwa komuntu kanye nesilinganiso sokuqashelwa okumfanele.
Ukuqashelwa—Isidingo Esiyisisekelo
Ukutusa lapho kufanele khona kunengqondo futhi kufanele. UJesu wabeka isibonelo emfanekisweni wakhe wezinceku inkosi yazo ezinikeza okungokwayo. Lapho ibonga ngokuphathwa kahle kwempahla yayo, yathi: “Kuhle‚ nceku enhle nethembekileyo.” (Mathewu 25:19-23) Nokho, ngokuvamile, lokhu kubonga okufanelekayo akunakwa. Ukwehluleka ukuqaphela othile kuqeda umdlandla nogqozi. U-Iona, ukubeka ngalendlela: “Ukuqashelwa kukwenza uzizwe udingeka, ufunwa, futhi waziswa . . . Kukunikeza ugqozi. Uma unganakwa, uzizwa usele dengwane futhi ulahliwe.” UPatrick uyanezela: “Khona-ke kuba nzima ukugcina izinga nomkhiqizo kusesilinganisweni esiphakeme.” Ngakho-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sifunde ukuthi singakubonisa kanjani futhi nini ukubaqaphela abanye. Sonke siyakunxanela ukuqiniseka kokwazi ukuthi siyamukeleka. Kuyisidingo somuntu esiyisisekelo.
Izwi lokutusa, umthwalo wemfanelo owengeziwe, noma ngisho nesipho sezinto ezibonakalayo kukushukumisela ukuba uqhubeke wenza okusemandleni akho. Lokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi ungumzali, indoda, umfazi, ingane, ilungu lebandla, noma umbonisi. “Uma ngiqashelwa,” kusho uMargaret, “ngizizwa ngijabula, ngidingekile, futhi ngiba nesifiso sokwenza kangcono.” U-Andrew uyavuma, ethi: “Umoya wami uyakhululeka, okwenza ngizikhandle ngisho nangokwengeziwe.” Nokho, ukubonisa ukumqaphela nokumhlonipha othile kudinga ukucabangisisa nokwahlulela okuhle.
Lingisa Isibonelo SikaJehova Ekuboniseni Ukubaqaphela Abanye
Isibonelo esihamba phambili ekuqapheleni ukubaluleka kwabanye uJehova uNkulunkulu. Uyabaqaphela abakudingayo ukuqashelwa. Wawaphawula amadoda anjengo-Abela, u-Enoke, noNowa. (Genesise 4:4; 6:8; Juda 14) UJehova wamqaphela uDavide ngokwethembeka kwakhe okuvelele. (2 Samuweli 7:16) USamuweli, owadumisa uJehova iminyaka eminingi njengomprofethi, naye wadunyiswa uNkulunkulu owasabela ngokushesha emkhulekweni kaSamuweli ecela usizo ekunqobeni amaFilisti. (1 Samuweli 7:7-13) Ubungeke yini uzizwe udunyisiwe ngokuqashelwa okunjalo kwaphezulu?
Ukubonga nokwazisa kuhambelana eduze nokuqaphela abanye. IBhayibheli lisinxusa ukuba ‘sibe-ngababongayo’ futhi sibonge ngalokho esiye sakwenzelwa. (Kolose 3:15; 1 Thesalonika 5:18) Nakuba kusebenza ngokuqondile ekubongeni uJehova, kungokufanayo nasezindabeni zokuphila zemihla ngemihla. Umphostoli uPawulu wayekuqaphela lokhu. Wamqaphela uFebe ‘njengomsizi wabaningi’ kanye noPriska no-Akwila ‘ngokudela ukuphila kwabo’ ngenxa yakhe nangenxa yabanye. (Roma 16:1-4) Cabanga nje ukuthi kumelwe ukuba bazizwa kanjani lapho bethola ukubongwa okuyingcaca kanjalo. Kwakukuhle futhi nakuPawulu ukuba nenjabulo yokubonisa ukubaqaphela abanye, udumo, nesikhuthazo. Nathi singamlingisa uJehova nabakhulekeli bakhe abanokwazisa ngokubonisa ukubaqaphela okufanele labo abakufanelekelayo.—IzEnzo 20:35.
Ukuqaphela Abanye Emkhayeni
“Ukuqashelwa okuncane kusho okukhulu ekwenzeni ukuphila kujabulise,” kusho uMitchell, oyindoda nomdala ongumKristu. “Kukwenza umthande kakhulu lowo obonisa ukukuqaphela.” Ngokwesibonelo, indoda engumKristu ithwele umthwalo wemfanelo onzima futhi yenza izinqumo ezibalulekile ezihilela inhlalakahle yomkhaya. Kumelwe inakekele izidingo zomkhaya ezingokomoya, ezingokwenyama, nezingokomzwelo. (1 Thimothewu 5:8) Yeka ukuthi ibonga kangakanani lapho iboniswa ukuqashelwa okufanele ngesabelo sayo esivela kuNkulunkulu njengenhloko yomkhaya nalapho umkayo eyibonisa “inhlonipho ejulile”!—Efesu 5:33, NW.
Okungafanele kunganakwa umsebenzi wenkosikazi yekhaya, ongabonwa abantu abaningi. Imiqondo yesimanje ingase iwubhekele phansi futhi isuse isithunzi nokubaluleka kwawo. Nokho, uyamjabulisa uNkulunkulu. (Thithu 2:4, 5) Yeka ukuthi kuqabula kanjani lapho indoda enokuqonda idumisa umkayo, ikakhulukazi kuzo zonke izici zokuphila enza kahle kakhulu kuzo, imbonisa ukumqaphela okunjalo ngaphansi kobunhloko bayo! (IzAga 31:28) URowena uthi ngomyeni wakhe: “Lapho ekuqaphela lokho engikwenzayo, ngikuthola kulula ukumthobela nokumhlonipha.”
Isazi sezemfundo saseMelika uChristian Bovee sake sathi: “Ezinganeni ukudunyiswa okusesilinganisweni kufana nelanga ezimbalini.” Yebo, ngisho nengane encane iyakudinga ukuqinisekiswa njalo ngokuthi iyilungu lomkhaya elaziswayo. Phakathi neminyaka yokukhula yokweva eshumini nambili, egcwele ushintsho olungokomzwelo nolungokomzimba, ukukhathazeka ngokubukeka komuntu siqu kuyakhula, kuhambisana nokufuna inkululeko nokuqashelwa. Kulesisikhathi ikakhulu, omusha udinga ukuzizwa ethandwa abazali bakhe futhi ephathwa ngokuqonda nangomusa wobuntu. Abazali asebekhulile nogogo nomkhulu nabo badinga ukuqinisekiswa ngokuthi basabalulekile futhi bayathandwa, ukuthi ‘abalahliwe esikhathini sobudala.’ (IHubo 71:9; Levitikusi 19:32; IzAga 23:22) Ukusanelisa ngokufanelekile isidingo sokuqashelwa kuletha injabulo eyengeziwe nempumelelo emkhayeni.
Ukuqaphela Abanye Ebandleni LobuKristu
Kubaluleke ngokungenakulinganiswa ukuhlakulela ukuba nesithakazelo kwabanye ebandleni lobuKristu nokubonisa ngokungagodli ukuziqaphela izenzo nemizamo yabo. Abadala abangamaKristu kufanele bahole ekuqapheleni okufeziwe futhi okuyimizamo yabanye ebandleni. “Ngangingaqapheli kwaze kwaba ngemva kokuhanjelwa kokwalusa okuningana ukuthi amazwi okuqashelwa abaluleke kangakanani ekunikezweni isikhuthazo, ukwaneliseka, nenjabulo,” kusho uMargaret. “Ngakubona lokho umuntu alahlekelwa yikho uma engaboniswa ukuqashelwa okuvamile.” Yeka isizathu esihle sokubonisa isithakazelo somuntu siqu esiqotho, nesothando kubo bonke ebandleni! Bonisa ukuwuqaphela umsebenzi wabo omuhle. Tusa ngokungagodli futhi ukhuthaze. Emabandleni amaningi kunomzali ongayedwa ozikhandlayo ukuze agxilise izindinganiso ezingokomoya kubantwana bakhe. Abanjalo badinga ukutuswa okukhethekile. Qokomisa izici ezinhle kunezimbi. Yenza abanye balubone uthando lobuzalwane onalo ngabo. Benze babone ukuthi uyakhathalela. Ngalendlela, ababonisi abanothando baphishekela ukwakha ibandla. (2 Korinte 10:8) Ilungu ngalinye lisabela ngokubaqaphela nokubanikeza inhlonipho abanjalo abazikhandlayo ngenxa yalo.—1 Thimothewu 5:17; Heberu 13:17.
Kodwa kusenesinye isici kulendaba. Kuyavunywa ukuthi isifiso sokuqapheleka sinamandla. Osukwini lukaJesu sasiphishekelwa phakathi kwabaholi benkolo. UJesu kwadingeka alungise umbono ongalungile kubafundi bakhe mayelana nalendaba. (Marku 9:33-37; Luka 20:46) AmaKristu kudingeka abe nengqondo ehluzekile nokulinganisela. Uma singalawulwa, isifiso sokuqashelwa singalimaza ngokomoya. (Jakobe 3:14-16) Ngokwesibonelo, yeka ukuthi kungaba inhlekelele kangakanani uma umdala eba ngozazisayo futhi aqale nokufuna ukuba abanye bamukele ukuzikhukhumeza kwakhe!—Roma 12:3.
Umphostoli uPawulu ngokuhlakanipha wanxusa amaKristu ayekanye nawo eRoma: “Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.” (Roma 12:10) Lamazwi asebenza ngokuyinhloko kubadala abangamaKristu, okumelwe ngaso sonke isikhathi baqaphele uKristu njengeNhloko yebandla. Ukuzithoba esandleni sakhe sokunene segunya kubonakala ngokufuna isiqondiso sikaKristu ngomoya ongcwele, izimiso zeBhayibheli, nokuhola okunikezwa iNdikimba Ebusayo ‘yenceku ethembekileyo neqondayo.’—Mathewu 24:45-47; bheka IsAmbulo 1:16, 20; 2:1.
Ngakho, lapho abadala behlangana, futhi bethandazela isiqondiso sikaJehova ekwaluseni umhlambi kaNkulunkulu, bayolwela ukwenza izinqumo ezihambisana nemiBhalo. Isizotha sobuKristu, ubumnene, nokuzithoba kuyovimbela noma imuphi umdala ekubeni azame ukuziphakamisa, abuse abazalwane bakhe, futhi aphoqelele imibono yakhe kulemihlangano. (Mathewu 20:25-27; Kolose 3:12) Noma nini uma kungenzeka, usihlalo wendikimba yabadala uyokwenza kahle kakhulu ukucela ukusikisela kubadala akanye nabo bese enza uhlaka lwamaphuzu azocatshangelwa kusenesikhathi impela ukuze kube nesikhathi sokucabangela ngokucophelela nangomthandazo iphuzu ngalinye elisohlakeni. Phakathi nomhlangano wabadala, ngeke azame ukuthonya imibono yabadala, kodwa, kunalokho uzobakhuthaza ukuba babe “nenkululeko yokukhuluma” mayelana nezindaba okukhulunywa ngazo. (1 Thimothewu 3:13) Abadala nabo, kufanele balalelane ngokucophelela futhi bazuze ngenjabulo ekuqondeni kwabadala asebeneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho kobuKristu.—Eksodusi 18:21, 22.
Nokho, ababonisi bayaqonda ukuthi uKristu angasebenzisa noma imuphi umdala endikimbeni ukuze anikeze izimiso zeBhayibheli ezidingekayo ukuze kubhekwane nesimo esithile noma kwenziwe isinqumo esibalulekile. Umoya omuhle uyochuma phakathi kwaleyondikimba uma ukuqapheleka okufanele kunikezwa umdala ngamunye ngokuba nengxenye kwakhe ekunakekeleni izithakazelo ezingokomoya zebandla.—IzEnzo 15:6-15; Filipi 2:19, 20.
Lwela Ukubonisa Ukubaqaphela Okufanele Abanye Futhi Ukuzuze
Ukuqaphela abanye kuyakha. Kuyakhuthaza futhi kwenza umuntu athandeke. “Ngisho noma singase sizizwe singabantu abavamile nje,” kusho uMary, “siyasidinga isikhuthazo ngenxa yokubaluleka kwethu ngabanye.” Yiqaphele ngobuqotho imizamo yabanye yansuku zonke. Ukwenza kanjalo kwenza ukuphila kube okuzuzisa kakhudlwana futhi kube mnandi kubo. Bazali, bantwana, babonisi, namalungu ebandla lobuKristu, ningazuza ukuqashelwa ngendlela enikhuluma futhi nenze ngayo. IBhayibheli likhuluma kahle ngabantu abakhuthele, abanesizotha, futhi abathobekile. (IzAga 11:2; 29:23; Heberu 6:1-12) Funda ukukwazisa ngomusa ukubaluleka kwabanye. Yicabangele imizwa yabanye lapho usebenza nabo. Umphostoli uPetru wanikeza lesisiyalo: “Okokugcina‚ manibe-nhliziyonye nonke‚ nihawukelane‚ nithandane ngokwabazalwane‚ nibe-nobubele nokuthobeka.” (1 Petru 3:8) Lokhu kudinga ukubaqaphela abanye, ngaleyondlela sanelisa isidingo somuntu esiyisisekelo.