Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 1/15 kk. 24-29
  • Ukuhlangana Nalabo Abesaba UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlangana Nalabo Abesaba UNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Mesabe UNkulunkulu Ugcine Imiyalo Yakhe’
  • ‘Yenza Inkonzo Engcwele Ngokwesaba UNkulunkulu Nangokuthuthumela’
  • “Mesabeni UNkulunkulu, Nimnike Inkazimulo”
  • UKufunda UKuthola Injabulo Ngokwesaba UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Yenza Ukuba Inhliziyo Yakho Yesabe UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Yesaba UJehova Futhi Ukhazimulise Igama Lakhe Elingcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukwesaba UNkulunkulu—Ingabe Kungakuzuzisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 1/15 kk. 24-29

Ukuhlangana Nalabo Abesaba UNkulunkulu

“KUYO yonke indawo abantu balangazelela ukukhululeka ekwesabeni—ukwesaba ubudlova, ukwesaba ukungatholi umsebenzi, nokwesaba ukugula babangwe nezibi. Nathi siyakulangazelela lokho. . . . Kungani-ke sikhuluma ngokuthi singakuhlakulela kanjani ukwesaba?” Lowombuzo ovusa isithakazelo waphakanyiswa isikhulumi esasinikeza inkulumo eyisihluthulelo kuyo yonke iMihlangano Yesigodi ‘Yokwesaba UNkulunkulu’ eyaqala ngo-June 1994.

Izigidi ezaba khona—okokuqala eNyakatho Melika, kwathi kamuva eYurophu, eMelika Ephakathi naseNingizimu Melika, e-Afrika, e-Asia, naseziqhingini zolwandle—zazishisekela ukufunda ukuhlakulela lokho kwesaba. Ngani? Ngoba ukuhlanganyela kwethu ezibusisweni uJehova uNkulunkulu azigcinele abantu bakhe kuxhomeke ekwesabeni kwethu uNkulunkulu. Ababeze kulemihlangano babehlangene ngenjongo yokuzofundiswa ngokwesaba uNkulunkulu, futhi phakathi nesimiso sezinsuku ezintathu, baye bafunda okuningi ngalemfanelo ebalulekile yamaKristu.

‘Mesabe UNkulunkulu Ugcine Imiyalo Yakhe’

Leso kwakuyisihloko sosuku lokuqala lomhlangano, esasisekelwe kumShumayeli 12:13. Kusho ukuthini ukwesaba uNkulunkulu? Engxenyeni yokuqala ngqá esimisweni, usihlalo womhlangano wachaza ukuthi ukwesaba uNkulunkulu kubonisa ukwesaba nenhlonipho ejulile ngoJehova kanye nokwesaba okunempilo ukumdumaza. Ukwesaba okunjalo akukhona okukhwantabalisayo; kunempilo futhi kufanelekile.

Kusizuzisa kanjani lokhu kwesaba okunempilo? Inkulumo eyalandela, ethi “Ungakhathali Bese Uyayeka,” yachaza ukuthi ukwesaba uNkulunkulu kuyosishukumisela ekugcineni imiyalo yakhe ngokujabula. Uma kuhambisana nothando ngoNkulunkulu nomakhelwane, ukwesaba okunjalo kuyosinika amandla angokomoya. Yebo, ukwesaba uNkulunkulu kungasisiza ukuba sigweme ukwehlisa ijubane emncintiswaneni wokuphila okuphakade.

Kwabe sekulandela izingxoxo nabathile eziveza ubufakazi obungokoqobo bokuthi ukwesaba uNkulunkulu kungasilondoloza. Labo okwaxoxwa nabo bachaza indlela ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho okwabathonya ngayo ukuba baqhubeke enkonzweni naphezu kokunganaki, noma ushushiso nendlela okwabasiza ngayo ukuba bakhuthazele ngisho nalapho bebhekene novivinyo olunzima lomuntu siqu.

Kungani-ke abanye abantu bemesaba uNkulunkulu abanye bengamesabi? Enkulumweni ethi “Ukuhlakulela Ukwesaba UNkulunkulu Nokuzuza Kukho,” isikhulumi esanikeza inkulumo eyisihluthulelo sachaza ukuthi kuJeremiya 32:37-39, uJehova wathembisa ukuthi wayeyonika abantu baKhe inhliziyo yokuba bamesabe. UJehova ufaka ukwesaba ezinhliziyweni zethu. Kanjani? Ngomoya wakhe ongcwele nangeZwi lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli. Nokho, kusobala ukuthi kumelwe senze umzamo oqotho wokutadisha iZwi likaNkulunkulu futhi siwasebenzise ngokugcwele amalungiselelo achichimayo angokomoya awenzile. Lamalungiselelo ahlanganisa imihlangano yethu emikhulu neyebandla, esisiza ukuba sifunde ukumesaba.

Isimiso santambama saqala ngesixwayiso sokuthembela kuJehova naseZwini lakhe. Salandelwa ingxoxo yezindlela eziyinhloko uMbuso okufanele ukuthinte ngazo ukuphila kwethu njengamaKristu.

Khona-ke kwalandela inkulumo ewuchungechunge yokuqala kwezintathu ezanikezwa kulomhlangano. Isihloko saloluchungechunge sasithi: “Ukwesaba UNkulunkulu Kusishukumisela Ukuba Silalele Izimfuneko Zaphezulu,” futhi sagxila emkhayeni. Lokhu okulandelayo iseluleko esingokomBhalo—nesisebenzayo—esanikezwa.

□ Emadodeni: Ukwesaba uNkulunkulu kufanele kushukumisele indoda ukuba ithande umkayo njengomzimba wayo. (Efesu 5:28, 29) Indoda ayiwulimazi ngamabomu umzimba wayo, izehlise phambi kwabangane bayo, noma ihlebe ngokushiyeka kwayo siqu. Ngakho-ke, kufanele iphathe umkayo ngendlela yokungamlulazi neyenhlonipho eziphatha ngayo.

□ Kubafazi: Ukwesaba uNkulunkulu kukaJesu kwamshukumisela ekubeni ‘enze njalo okuthandeka kuNkulunkulu.’ (Johane 8:29) Lesi isimo esihle sengqondo abafazi okufanele basilingise ekusebenzelaneni namadoda abo.

□ Kubazali: Abazali abangamaKristu bangabonisa ukwesaba uNkulunkulu ngokuyithatha ngokungathi sína imithwalo yemfanelo yobuzali, bebheka abantwana babo njengefa elivela kuJehova. (IHubo 127:3) Umgomo oyinhloko wabazali kufanele ube ukukhulisa abantwana babo ukuba babe amaKristu aqotho.

□ Kubantwana: UJehova uyala abantwana ukuba balalele ‘abazali babo eNkosini.’ (Efesu 6:1) Ngakho, ukulalela abazali babo kuwukulalela uNkulunkulu.

Inkulumo yokugcina yalolosuku yasithinta ngokomzwelo, ngoba yaxoxa ngemizwa ejulile sonke esiba nayo lapho silahlekelwa othile ngokufa. Nokho, cishe maphakathi nenkulumo kwaba nesimangaliso. Isikhulumi sajabulisa izilaleli ngokumemezela ukukhululwa kwencwajana entsha engangomagazini ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Lencwajana enombala ophelele enamakhasi angu-32 ikhuluma ngokuningi okungasiza labo abalilayo ukuba baqonde futhi babhekane nemizwa kanye nemizwelo ebangelwa ukufa kothandekayo. Ingabe wake wazithola ungazi ukuthi uzothini kumuntu ofelwe? Ingxenye ethile kulencwajana ikhuluma ngendlela esingabasiza ngayo abalilayo. Lapho belalele isikhulumi, abaningi ezilalelini babecabanga ngabathile abangazuza kulencwajana entsha.

‘Yenza Inkonzo Engcwele Ngokwesaba UNkulunkulu Nangokuthuthumela’

Leso kwakuyisihloko sosuku lwesibili, esasisekelwe kumaHeberu 12:28. Phakathi nesimiso sasekuseni kwalandela uchungechunge lwesibili, “Amabandla Ahamba Ngokwesaba UJehova.” Ingxenye yokuqala yakhuluma ngokuba khona emihlanganweni. Ukuba khona kwethu emihlanganweni kubonisa inhlonipho yethu ngoNkulunkulu namalungiselelo akhe angokomoya. Ngokuba khona, sibonisa ukuthi sesaba igama lakhe futhi sishisekela ukwenza ngokuvumelana nentando yakhe. (Heberu 10:24, 25) Isikhulumi sesibili sachaza ukuthi ukuze ibandla lilonke lihambe ngokwesaba uJehova, umuntu ngamunye kumelwe afeze ingxenye yakhe ekulondolozeni ukuziphatha okuhle. Isikhulumi sokugcina sakhuluma ngelungelo nomsebenzi wonke amaKristu anawo—ukumemezela izindaba ezinhle ngokungayeki. Sisazoqhubeka sishumayela isikhathi eside kangakanani? Kuze kube yilapho uJehova ethi kwanele.—Isaya 6:11.

Isihloko senkulumo eyalandela sasithi: “Injabulo KaJehova Iyinqaba Yenu,” njengoba sihlanganisiwe ezihlokweni ezifundwayo kulomagazini. (Nehemiya 8:10) Kungani abantu bakaJehova bejabula? Isikhulumi sanikeza izizathu eziningi. Esiyingqayizivele kunazo zonke ukuthi ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu busenza sibe abantu abajabula kunabo bonke emhlabeni. Ake ucabange, isikhulumi sakhumbuza ababesemhlanganweni, sinelungelo lokuba phakathi kwabantu uJehova abadonsele kuJesu Kristu. (Johane 6:44) Yeka isizathu esinamandla sokujabula!

Isici esivelele somhlangano ngamunye siwubhapathizo, futhi iMihlangano Yesigodi ‘Yokwesaba UNkulunkulu’ yayingahlukile. Enkulumweni ethi “Ukuzinikezela Nobhapathizo Ngokwesaba UJehova,” isikhulumi sachaza ukuthi izibopho zabo bonke abantu ababhapathiziwe zihlukaniswe izigaba ezine: (1) Kumelwe sitadishe iZwi likaNkulunkulu ngosizo lwezincwadi ezisisiza ukuba siliqonde futhi silisebenzise; (2) kumelwe sithandaze; (3) kumelwe sihlanganyele nesikholwa nabo emihlanganweni yebandla; futhi (4) kumelwe sinikeze ubufakazi ngegama nangoMbuso kaJehova.

Isimiso sangoMgqibelo ntambama saqala ngesihloko esiqinisekisayo, “Abantu UJehova Angeke Abashiye.” Eminyakeni engamakhulu angu-35 edlule, lapho isizwe sakwa-Israyeli sibhekene nezikhathi ezinzima, uJehova wanikeza isiqinisekiso ngoMose, ethi: “UJehova uNkulunkulu wakho . . . akayikukuyeka, akushiye.” (Duteronomi 31:6) UJehova wabonakala eneqiniso kulesosiqinisekiso ngokuvikela ama-Israyeli lapho engena eZweni Lesithembiso futhi ehlala kulo. Namuhla, lapho sibhekene novivinyo olunzima, nathi ngokufanayo singaba nethemba eligcwele lokuthi uJehova akayikusilahla, uma nje sinamathela kuye futhi silalela iseluleko seZwi lakhe.

Ungayithola kanjani injabulo ekufundeni iBhayibheli? Enkulumweni ethi, “Funda IZwi LikaNkulunkulu, IBhayibheli Elingcwele, Nsuku Zonke,” isikhulumi sasikisela ukufunda unengqondo efuna ukwazi futhi ubuze imibuzo enjengalena: Lendaba ingifundisani ngezimfanelo nezindlela zikaJehova? Ngingafana kanjani kakhulu noJehova kulezizici? Ukufunda iBhayibheli ngalendlela kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo nokuvuzayo.

Ngokulandelayo kwabhekiselwa ukunakekela ochungechungeni lwesithathu lwesimiso, “Amalungiselelo Okusiza Labo Abesaba UJehova.” Nakuba uJehova engase angazenzeli izimangaliso izinceku zakhe namuhla, ngokuqinisekile uyazisiza lezo ezimesabayo. (2 Petru 2:9) Loluchungechunge lwacabangela amalungiselelo amane avela kuJehova okusisiza kulezizikhathi ezinzima: (1) Ngomoya wakhe, uJehova usinika amandla okufeza imisebenzi engaphezu kwaleyo ebesingayenza ngamandla ethu siqu. (2) NgeZwi lakhe, usinika iseluleko nesiqondiso. (3) Ngesihlengo, usinika unembeza ohlanzekile. (4) Ngenhlangano yakhe, kuhlanganise nabadala, usinika isiqondiso nesivikelo. (Luka 11:13; Efesu 1:7; 2 Thimothewu 3:16; Heberu 13:17) Ngokuwasebenzisa ngokugcwele lamalungiselelo, siyokwazi ukukhuthazela futhi samukeleke kuJehova.

Inkulumo yokuphetha ngoMgqibelo ntambama yayinesihloko esithi, “Usuku LukaJehova Olwesabekayo Luseduze,” esisekelwe esiprofethweni sikaMalaki. Ziye zaba khona izinsuku ezesabekayo emlandweni wesikhathi esidlule, njengalapho kukhishwa isahlulelo phezu kweJerusalema ngo-70 C.E. Kodwa usuku olwesabeka ngaphezu kwazo zonke kukho konke okuhlangenwe nakho kwabantu kuyoba usuku oluzayo lukaJehova lapho “ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.” (2 Thesalonika 1:6-8) Kuyoshesha kangakanani lokho? Isikhulumi sathi: “Ukuphela kuseduze! UJehova uyalwazi lolosuku nalelohora. Ngeke alushintshe uhlelo lwakhe lwezikhathi. Sinxuswa ukuba sikhuthazele ngesineke.”

Kwakunzima ukukholelwa ukuthi kwase kudlule izinsuku ezimbili kakade. Yini eyayiphethwe usuku lokugcina?

“Mesabeni UNkulunkulu, Nimnike Inkazimulo”

Isihloko sosuku lwesithathu sasisekelwe kusAmbulo 14:7. Phakathi nesimiso sasekuseni, uchungechunge lwezinkulumo lwaqokomisa ezinye izimfundiso ezihlukanisa oFakazi BakaJehova kuzo zonke ezinye izinhlangano ezingokwenkolo.

Enkulumweni ethi, “Kuyoba Novuko Lwabalungileyo,” isikhulumi saphakamisa umbuzo othakazelisayo: “Phakathi naloloSuku Lokwahlulela lweminyaka eyinkulungwane, bayovuswa nini labo abafé bethembekile kuleminyaka yokugcina yesimiso sezinto sikaSathane?” Impendulo? “IBhayibheli alisho,” kuchaza isikhulumi. ‘Nokho, akunakuba nengqondo yini ukuthi labo abafa osukwini lwethu bayovuswa kuqala ukuze bahlanganyele nesixuku esikhulu sabasinde e-Armagedoni emsebenzini omkhulu wokufundisa ozokwenziwa phakathi noSuku Lokwahlulela? Kungaba nayo ngempela!’ Ingabe bakhona abayosinda? Ngokuqinisekile bayoba khona. Izimfundiso nezibonelo zeBhayibheli ezisiqinisekisa ngalokhu zachazwa ngokucacile enkulumweni elandelayo, ethi “Ukusinda Siphila Sidlule Osizini Olukhulu.”

Sekuyisikhathi eside oFakazi BakaJehova beqonda ukuthi iBhayibheli liphethe imiphumela emibili—ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi ngezigidi ezingenakubalwa nokuphila kwasezulwini okungenakufa ngenani elilinganiselwe eliyobusa noKristu eMbusweni wakhe. Ithemba lasezulwini kwaxoxwa ngalo enkulumweni ethi, “Ungesabi, Mhlambi Omncane.” (Luka 12:32) Ngokwesimo sezwe lanamuhla, umhlambi omncane akumelwe wesabe; ngamunye kuwona kumelwe akhuthazele kuze kube sekugcineni. (Luka 21:19) “Isibindi sawo,” kusho isikhulumi, “siyabakhuthaza abesixuku esikhulu. Nabo kufanele bahlakulele isimo sengqondo sokungesabi njengoba belindele ukukhululwa phakathi nesikhathi sosizi olukhulu kakhulu olungakaze lube khona emhlabeni.”

Ekuphetheni kwesimiso sasekuseni, izilaleli zayibukela ngenjabulo idrama yeBhayibheli ethi Ukukhetha Okumelwe Ukwenze. Ezinsukwini zikaJoshuwa, kanye nezomprofethi u-Eliya, ama-Israyeli kwakumelwe enze isinqumo. Kwakumelwe enze ukukhetha okuthile. U-Eliya wathi: “Koze kube-nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” (1 AmaKhosi 18:21) Namuhla ngokufanayo, isintu kumelwe senze isinqumo. Lesi akusona isikhathi sokuba manqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili. Ikuphi ukukhetha okufanele? Kungokufanayo nalokho uJoshuwa wasendulo akwenza. Wathi: “Mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”—Joshuwa 24:15.

Kungazelelwe, kwabonakala sekuyiSonto ntambama futhi sekuyisikhathi senkulumo yeningi enesihloko esithi “Isizathu Sokuba Wesabe UNkulunkulu Weqiniso Manje.” KusAmbulo 14:6, 7, sonke isintu siyanxuswa: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo.” Kungani kuphuthuma ukwesaba uNkulunkulu manje? Ngoba, njengoba lombhalo uqhubeka ubonisa, “ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.” NgeNdodana yakhe, manje emiswe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, uJehova uzoqeda lesisimiso sezinto samanje esingahlanzekile, esivukelayo. Isikhulumi sachaza ukuthi lena ukuphela kwendlela yokulethela labo abesaba uNkulunkulu inkululeko kanye nokukhulula nokulondoloza ikhaya lethu eliwumhlaba. Njengoba lezi kuyizinsuku zokugcina zalesisimiso sezinto, kuyaphuthuma ukuba sesabe uNkulunkulu weqiniso manje!

Ngemva kokubukezwa kwesifundo se-Nqabayokulinda salelosonto, isikhulumi sokugcina saya esiteji. Ngenxa yesimiso salomhlangano, ababeze emhlanganweni bakuqonda kakhudlwana okushiwo ukwesaba uNkulunkulu, sichaza. Sagcizelela izinzuzo eziningi ezitholwa yilabo abesaba uNkulunkulu. Isikhulumi samemezela ukukhululwa kwe-video entsha ethi—United by Divine Teaching. Iqokomisa izici eziyingqayizivele zeMihlangano Yezizwe ‘Yokufundisa Kwaphezulu’ eyaqhutshwa ngo-1993-94. Njengoba lenkulumo yayiphetha, abaningi babezibuza, ‘Yini esibheke phambili kuyo onyakeni ozayo?’ Imihlangano yesigodi yezinsuku ezintathu ezindaweni eziningi.

Ekuphetheni, isikhulumi sabhekisela kuMalaki 3:16, othi: “Khona abamesaba uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.” Ababesemhlanganweni bahamba bezimisele ngempela ukucabanga ngegama likaJehova nokumkhonza ngokwesaba uNkulunkulu.

[Isithombe ekhasini 24]

Abafundi ababhapathizwayo kudingeka baqhubeke bebonisa ukwesaba uNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 25]

Idrama ethi “Ukukhetha Okumelwe Ukwenze” yagcizelela ezilalelini isidingo sokunquma ukukhonza uJehova ngokunganqikazi

[Isithombe ekhasini 26]

Ababesemhlanganweni bakujabulela ukuthola incwajana entsha ethi “Lapho Ufelwa Othandekayo”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela