Inkolo Yakho—Ingabe Iwumkhumbi Okungafanele Wehle Kuwo?
UMKHUMBI uphakathi kwesiphepho. Amatilosi, alwa ngokungenathemba ukuze asindise lomkhumbi, abhekene nesinqumo esikhulu: ukuhlala emkhunjini noma ukwehla kuwo futhi azisindise. Ubuwazi yini ukuthi lesisenzakalo esithusayo sisetshenziswa njengomfanekiso wemfundiso yenkolo?
Izazi zemfundiso yenkolo, ikakhulukazi izazi zamaKatolika, ngokuvamile ziqhathanisa isonto lazo nomkhumbi omelana nesiphepho. Zithi lomkhumbi, uJesu noma uPetru angumshayeli kuwo, umelela okuwukuphela kwendlela yensindiso. Isiqubulo sabefundisi sithi, ‘Ungehli emkhunjini. Lelisonto liye labhekana nezingozi ezingathi sína ngaphambili, kodwa liwumkhumbi oye wamelana nazo zonke iziphepho ezingokomlando.’ Ezinye zithi, ‘Nehlelani kuwo? Kukhona yini okuhlukile okungenziwa? Kungani ningahlali futhi nisize ekuwujikiseni uye emanzini athulile?’
Ngokuvumelana nalolulimi olungokomfanekiso, abantu abaningi bazo zonke izinhlobo zenkolo bacabanga ngalendlela, ‘Ngiyazi ukuthi inkolo yami inamaphutha amaningi, kodwa nginethemba lokuthi izoshintsha. Angifuni ukuyishiya. Ngingathanda ukuba nengxenye ekuyisizeni ukuba inqobe izinkinga zayo.’ Lomcabango ungase ubangelwe uthando oluqotho lomuntu ngenkolo yawokhokho noma ngisho nokwesaba “ukuyilahla.”
Isibonelo esihle ngesikaHans Küng, isazi semfundiso yenkolo esingumKatolika esinombono ohlukile, esazibuza: “Ingabe kufanele ngehle esikebheni phakathi nesiphepho, ngishiye labo ebengigibele nabo ukuba babhekane nesivunguvungu nezinye izingozi zasemkhunjini, mhlawumbe nokulwela ukusinda?” Lesisazi saphendula: “Ngeke ngikuyeke ukushiseka kwami phakathi esontweni.” Okunye umuntu angakwenza kungaba “ukuyeka kulelisonto, ngenxa yokukhohlisa kwalo, ngenxa yokuthanda izindinganiso zokuziphatha eziphakeme, futhi mhlawumbe, ukuze abe umKristu oqotho.”—Die Hoffnung bewahren.
Kodwa ingabe umuntu angahlala esemkhunjini wesonto lakhe ngethemba lokuthi, ngomusa wakhe, uNkulunkulu uzonikeza zonke izinkolo isikhathi esingenakulinganiswa ukuze ziguquke? Lowo umbuzo ongathi sína. Njengoba kuboniswe kulomfanekiso, ukuphuma ngokushesha emkhunjini owonakele kungenwe ezikebheni zokuphila ezingalondekile kungaba ingozi njengokuhlala emkhunjini ocwilayo. Kuhlakaniphile yini ukuhlala esontweni kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, kungakhathaliseki ukuthi isimo salo siyini? Imaphi amathemba enguquko anikezwa izinkolo zanamuhla? UNkulunkulu uyozivumela isikhathi eside kangakanani ukuba zisebenze ngokumelene nentando yakhe?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Chesnot/Sipa Press