Imithandazo EseBhayibhelini Ifanelwe Ukuhlolisiswa
OWESIFAZANE okhathazekile, inkosi, neNdodana kaNkulunkulu uqobo benza imithandazo esizoyihlolisisa manje. Umthandazo ngamunye wawushukunyiswa izimo ezihlukile. Nokho, izimo ezinjalo zingasithinta nathi namuhla. Yini esingayifunda kulezizibonelo?
‘Bheka Ukuhlupheka Kwencekukazi Yakho’
Ingabe ulwisana nenkinga ephikelelayo? Noma ingabe ucindezelwa ukukhathazeka? Uma kunjalo usesimweni esifana ncimishí nesikaHana ngaphambi kokuba azale izibulo lakhe, uSamuweli. Wayengenamntwana futhi ehlushwa omunye wesifazane. Eqinisweni, isimo sakhe uHana sasimcunula futhi simkhathaza kangangokuthi wayengadli. (1 Samuweli 1:2-8, 15, 16) Wanxusa kuJehova futhi wenza isicelo esilandelayo:
“Jehova-Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, besengimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti-mpuco ekhanda lakhe.”—1 Samuweli 1:11.
Phawula ukuthi uHana akazange athemeleze. Wakhuluma noJehova ngesicelo esiqondile (inzalo yesilisa) futhi wahlanganisa nesinqumo esiqinisekile (ukwenza inzalo yakhe itholakalele inkonzo kaNkulunkulu). Kusitshelani lokhu?
Lapho usosizini, yisho izinkinga zakho ngokuqondile emthandazweni. Kungakhathaliseki ukuthi iyini inkinga yakho—kungaba inkinga yasekhaya, isizungu, noma impilo ebuthaka—thandaza kuJehova ngayo. Mchazele ngokuqondile ukuthi hlobo luni lobunzima obhekana nalo nendlela ozizwa ngayo. “Njalo kusihlwa ngiphonsa zonke izinkinga zami kuJehova,” kusho umfelokazi okuthiwa uLouise. “Ngezinye izikhathi ziba ziningana, kodwa ngiyisho ngokucacile inkinga ngayinye.”
Ukukhuluma noJehova ngenkulumo engagunci kuletha izinzuzo. Ukwenza kanjalo kusisiza ukuba siyiqonde kangcono inkinga yethu, ngalesosikhathi engase ibonakale ingethusi. Ukwenza imithandazo engagunci kuyasikhulula ekukhathazekeni. Ngisho nangaphambi kokuba umthandazo wakhe uphendulwe, uHana wazizwa eqinisekisiwe, futhi “ubuso bakhe ababe busanyukumala.” (1 Samuweli 1:18) Ngaphezu kwalokho, ukungagunci kusenza siyibone impendulo yomthandazo wethu. “Lapho ngiyisho ngokuqonde ngokwengeziwe imithandazo yami,” kusho uBernhard, umKristu waseJalimane, “izimpendulo ziba ezicace kakhudlwana.”
“Ngingumntwana Omncane Nje”
Nokho, umuntu angase abe nomuzwa othile ohlukile wokukhathazeka uma ethola isabelo anomuzwa wokuthi asimfanele. Ingabe ngezinye izikhathi ukhungathekiswa umthwalo wemfanelo uJehova akunika wona? Noma ingabe abanye abantu bakubheka njengongasifanelekeli isabelo sakho? USolomoni osemusha wayesesimweni esifanayo lapho egcotshwa njengenkosi yakwa-Israyeli. Amadoda athile avelele akhetha ukuba othile abekwe esihlalweni sobukhosi. (1 AmaKhosi 1:5-7, 41-46; 2:13-22) Ekuqaleni kokubusa kwakhe, uSolomoni wenza isicelo ngomthandazo:
“Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi . . . Ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma. . . . Yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi.”—1 AmaKhosi 3:7-9.
USolomoni wagxilisa umthandazo wakhe ebuhlotsheni bakhe noJehova, elungelweni ayelinikeziwe, nasekhonweni lakhe lokufeza lesisabelo. Ngendlela efanayo, noma nini lapho sinikezwa umthwalo wemfanelo esinomuzwa wokuthi ungaphezu kwamandla ethu, kufanele sinxuse uNkulunkulu ukuba asihlomisele ukwenza lowomsebenzi. Cabangela okuhlangenwe nakho okulandelayo:
“Lapho ngicelwa ukuba nginakekele umthwalo wemfanelo omkhulu ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society,” kuchaza u-Eugene, “ngazizwa ngingawufanelekele neze. Kwakunabanye ababefaneleka kangcono futhi benokuhlangenwe nakho okwengeziwe. Cishe angizange ngilale ubusuku obubili obalandela, ngichitha isikhathi esiningi emthandazweni, owanginikeza amandla nokuqiniseka engangikudinga.”
URoy wacelwa ukuba anikeze inkulumo yomngcwabo ngemva kokufa okuzumayo nokuhlasimulisayo komngane omncane owayaziwa kakhulu. Ngokuqinisekile kwakuzoba khona abantu abaningi. Yini uRoy ayenza? “Zimbalwa izikhathi engiye ngathandaza ngazo kakhulu kangako ngithandazela amandla nekhono lokuthola amazwi afanelekayo, ukuveza imiqondo eyakhayo, nokunikeza induduzo.”
Njengoba uMdali ‘esheshisa izinto’ futhi nanjengoba inhlangano yakhe yanda, umphumela ongokoqobo uba ukuthi izinceku zakhe ezengeziwe ziphathiswa umthwalo wemfanelo. (Isaya 60:22) Uma ucelwa ukuba ube nengxenye ethé xaxa, qiniseka ukuthi uJehova uyosivala isikhala sanoma ikuphi ukuntula okuhlangenwe nakho, ukuqeqeshwa, noma ikhono. Yiya kuNkulunkulu ngendlela efanayo uSolomoni enza ngayo, futhi uyokuhlomisela ukuba usifeze lesosabelo.
“Ukuze Bonke Babe Munye”
Isimo sesithathu esiphakamayo namuhla yilapho kudingeka umelele iqembu ngomthandazo. Lapho sicelwa ukuba sithandazele abanye, yini okufanele siyithandazele? Cabangela umthandazo kaJesu olotshwe kuJohane isahluko 17. Wenza lomthandazo kukhona abafundi bakhe ngentambama yakhe yokugcina njengomuntu. Hlobo luni lokunxusa akuqondisa kuYise wasezulwini?
UJesu wagcizelela imigomo efanayo nethemba elihlanganyelwa yilabo ababekhona. Wakhuluma ngokukhazinyuliswa kwegama likaJehova uNkulunkulu nokwenza uMbuso waziwe. UJesu wagcizelela ukubaluleka kobuhlobo bomuntu siqu noBaba neNdodana, obusekelwe olwazini lwemiBhalo. Wakhuluma ngokuzihlukanisa nezwe, okwakuyolungiselela abalandeli bakhe ukubhekana nokuphikiswa. UKristu wacela futhi ukuba uYise avikele lababafundi futhi abahlanganise ekukhulekeleni kweqiniso.
Yebo, uJesu wagcizelela ubunye. (Johane 17:20, 21) Ngaphambili ngalobobusuku, abafundi babeké baba nengxabano ethile eyayibangelwa ukungavuthwa. (Luka 22:24-27) Nokho, ngomthandazo uKristu akazange afune ukwahlulela kodwa ukuhlanganisa. Ngendlela efanayo, imithandazo yomkhaya neyebandla kufanele igqugquzele uthando futhi ifune ukunqoba ukungezwani phakathi kwabantu. Labo abamelelwe kufanele bahlanganiswe ngobunye.—IHubo 133:1-3.
Lobubunye bubonakala lapho labo abalalele bethi, “Amen,” ekuphetheni okusho ukuthi “Makube njalo.” Ukuze bakwazi ukusho kanjalo, kufanele bakuqonde futhi bavumelane nakho konke okushiwo. Ngakho-ke, kungaba okungafanelekile ukusho indaba ethile emthandazweni engaziwa abanye abakhona. Ngokwesibonelo, umdala omelela ibandla ngomthandazo angase anxusele umzalwane noma udade ongokomoya obangwa nezibi isibusiso sikaJehova. Kodwa cishe kuyoba ngcono kakhulu uma enza kanjalo kuphela uma abaningi balabo abamelele bemazi lowomuntu futhi beye bezwa ngalokho kugula.
Phawula futhi, ukuthi uJesu akazange abale izidingo zelungu ngalinye eqenjini. Ukwenza kanjalo bekuyohilela ukukhuluma izindaba zomuntu siqu ezaziwa abathile kuphela. Ukukhathazeka komuntu siqu kuyindaba efanele engase ishiwo emthandazweni wangasese, onganwetshwa futhi ube ngowomuntu siqu ngendlela umuntu athanda ngayo.
Umuntu kufanele azilungiselele kanjani ukumelela iqembu elikhulu labakhulekeli ababuthene ngomthandazo? Omunye umKristu onokuhlangenwe nakho uyachaza: “Ngikucabangela kusengaphambili lokho okufanele ngikubonge, ukuthi iziphi izicelo okungenzeka abazalwane banazo, nokuthi ikuphi ukunxusa engingabenzela khona. Ngiyihlela kahle imibono yami, kuhlanganise nezinkulumo zokudumisa engqondweni yami. Ngaphambi kokuba ngenze umthandazo wasobala, ngithandaza buthule, ngicela usizo ukuze ngimelele abazalwane ngendlela enesizotha.”
Kungakhathaliseki ukuthi izimo zakho zinjani, cishe uyowuthola umthandazo eBhayibhelini owenziwa othile owayesesimweni esifana nesakho. Uchungechunge lwemithandazo esemiBhalweni iwubufakazi bomusa wothando kaNkulunkulu. Ukufunda lemithandazo nokuzindla ngayo kuyokusiza ukuba ucebise imithandazo yakho.
[Ibhokisi ekhasini 5]
IMITHANDAZO EPHAWULEKAYO ESEBHAYIBHELINI
Izinceku zikaJehova zithandaza zingaphansi kwezimo eziningi. Ingabe ungazihlobanisa nesimo esisodwa noma ezengeziwe kwezilandelayo?
Ingabe udinga isiqondiso sikaNkulunkulu, njengoba kwakunjalo ngo-Eleyazare?—Genesise 24:12-14.
Ingabe ubhekene nengozi ephikelelayo, njengoba kwakunjalo ngoJakobe?—Genesise 32:9-12.
Ingabe ufuna ukwazi uNkulunkulu kangcono, njengoba kwakunjalo ngoMose?—Eksodusi 33:12-17.
Ingabe ubhekene nabaphikisi, njengoba kwakunjalo ngo-Eliya?—1 AmaKhosi 18:36, 37.
Ingabe ukushumayela kunzima kuwe, njengoba kwakunjalo ngoJeremiya?—Jeremiya 20:7-12.
Ingabe kudingeka uvume izono futhi ufune intethelelo, njengoba kwenza uDaniyeli?—Daniyeli 9:3-19.
Ingabe ubhekene noshushiso, njengoba kwakunjalo ngabafundi bakaJesu?—IzEnzo 4:24-31.
Bheka futhi uMathewu 6:9-13; Johane 17:1-26; Filipi 4:6, 7; Jakobe 5:16.
[Ibhokisi ekhasini 6]
LOKHO OKUMELWE UKUTHANDAZELE LAPHO ULWISANA NOMKHUBA OGXILILE
Ingabe ulwisana nobuthakathaka obuphikelelayo? Imithandazo elotshwe eBhayibhelini ingakuzuzisa kanjani? Funda esibonelweni sikaDavide, owathandaza ngezikhathi ezihlukahlukene ngokuphathelene nobuthakathaka bakhe siqu.
UDavide wahlabelela: “[Ngihlole], Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami.” (IHubo 139:23) Kwakuyisifiso sikaDavide ukuba uJehova uNkulunkulu ahlole izifiso, imizwelo, noma izisusa ezingafanele. Ngamanye amazwi, uDavide wathola usizo lukaJehova ukuze agweme isono.
Kodwa uDavide wanqotshwa ubuthakathaka bakhe, futhi wenza isono esikhulu. Nalapha futhi, umthandazo wamsiza—ukuba manje abuyisele ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. NgokweHubo 51:2, uDavide wanxusa: “Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.”
Nathi ngokuthobeka singathandazela usizo lukaJehova ukuze sivimbele ukuthambekela okungalungile. Lokhu kuyosiqinisela ukuba sinqobe ubuthakathaka obugxilile futhi kungasisiza ukuba sigweme isono. Uma siphinda siwa, kufanele siphinde siye kuJehova simnxuse ukuba asisize siqhubeke nokulwa.
[Izithombe ekhasini 7]
Imithandazo eyenzelwa iqembu kufanele igcizelele amathemba angokomBhalo nemigomo efanayo engokomoya