Kuyomelwe Balinde Isikhathi Eside Kangakanani Abampofu?
“Uma umphakathi okhululekile ungenakubasiza abaningi abampofu, awunakulilondoloza idlanzana elicebile.”—John F. Kennedy.
“NGINGATHANDA ukuba ikusasa libe eliqhakazile kubo bonke—kungabibikho ubumpofu, kungabibikho olala epaki, kube ipharadesi!” Washo kanjalo umfana oneminyaka engu-12 ubudala waseSão Paulo, eBrazil. Kodwa kungenzeka yini ukuba ubumpofu buqedwe? Kuyomelwe balinde isikhathi eside kangakanani abampofu?
Abanye bazibheka njengabampofu ngenxa yokuthi abakwazi ukuthenga izinto abazifunayo. Nokho cabanga ngosizi lwalabo abakhungethwe ubumpofu ngempela. Ungacabanga yini ngobunzima obukhulu nokudumala kwalabobantu? Abanye kudingeka babangisane nezinyoni namagundane, njengoba behlwaya ezindaweni zokulahla udoti befuna ukudla! Kuyoze kube nini lobubumpofu bukhathaza isintu? Ukunxusa kukaFederico Mayor, umqondisi-jikelele we-UNESCO (United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization) kuyafaneleka: “Asikulahle lokhukubekezela okusolekayo okusibangela ukuba sibekezelele lokho okungabekezeleleki—ubumpofu, indlala, ukuhlupheka kwezigidi zabantu.”
Ingabe iphupho lenhlalakahle yendawo yonke liyogcwaliseka? Banaliphi ithemba abampofu?
Yimaphi Amathuba Abampofu Abanawo?
Abaholi abanezinhloso ezinhle baveza amathuba emisebenzi eyengeziwe, imiholo engcono, izimiso ezithuthukisiwe zezenhlalo, nokwabiwa kabusha komhlaba. Bangase bavumelane nowayengumongameli wase-United States uJohn F. Kennedy: “Uma umphakathi okhululekile ungenakubasiza abaningi abampofu, awunakulilondoloza idlanzana elicebile.” Nokho, izinhloso ezinhle azanele ukuqeda ubumpofu. Ngokwesibonelo, ingabe ukudlondlobala kwezomnotho kuyolisiza iningi labampofu? Akunjalo ngempela. Owayengumholi waseNdiya uJawaharlal Nehru wathi: “Uma engaqashelwe, amandla omphakathi osekela isimiso sokuhweba ngokukhululekile abonakala enza abacebile bacebe kakhulu nabampofu babe mpofu kakhulu.” Nokho, naphezu kobunzima nokuswela, umuzwa wokungabi yinto yalutho wandisa ubunzima babampofu. Ingabe abaholi abangabantu bangabasiza abampofu ukuba banqobe imizwa yokungabi usizo nokungabi nathemba?
Empeleni, iningi lalabo abampofu kakhulu liye lafunda ukubhekana nobumpofu nokunqoba imizwa yokungazihloniphi lapho libhekene nobunzima obukhulu, njengokuwa kwamandla emali okuphakeme kakhulu nokuphelelwa umsebenzi. Ngaphezu kwalokho, indlala, ukungabi nekhaya, nosizi kuyoqedwa ngokuphelele. Ingabe lokhu kuyakumangaza? Sikumema ukuba ufunde isihloko esilandelayo esithi: “Ngokushesha, Akekho Oyoba Mpofu!”