“Abadumisi Abajabulayo”—UMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova
Ulindelwe izinsuku ezintathu ezivuzayo zokufundiswa ngeBhayibheli. Njengoba i-Afrika eseningizimu iyodwa inemihlangano engaphezu kuka-35 ehleliwe, cishe kuyoba nomhlangano eduze nalapho uhlala khona.
Isimiso sasekuseni ngosuku lokuqala siyoba namazwi okwamukela abakhona kanye nenkulumo eyisihluthulelo ethi, “Sihlukaniselwe Ukuba Abadumisi Abajabulayo Emhlabeni Wonke.” Ntambama isimiso siyogxila entsheni, kubazali, nasemfundweni. Abasha bayofuna ukungaphuthelwa inkulumo ethi, “Ingabe Ngikulungele Ukushada?” Abazali kufanele bayilalelisise ethi “Abazali Abajatshuliswa Abantwana Babo.” Isimiso santambama siyophetha ngenkulumo ethi “Imfundo—Yisebenzisele Ukudumisa UJehova.” Okuyoxoxwa ngakho kufanele kusize intsha ukuba iqhubeke ngokuphumelelayo esikoleni.
Isimiso sasekuseni ngosuku lwesibili siyoba nobhapathizo, futhi labo abafanelekela ukubhapathizwa bayonikezwa ithuba. Ntambama kuyoba nengxoxo engagwegwesi ephathelene nendlela uSathane aye wasebenzisa ngayo isifiso sobulili kusukela ezikhathini zakudala ukuze abambe abantu ngogibe. Futhi kuyoba nenkulumo enamandla ethi “Qaphela Izingibe ZikaDeveli.” Isimiso salolo suku siyophetha ngenkulumo ebalulekile ethi “Okwenza Isintu Sidinge Ulwazi NgoNkulunkulu.”
Ekuseni ngosuku lokugcina, uchungechunge olunesihloko esithi “Abadumisi Abajabulayo Phakathi Nesiphelo Salesi Simiso” luyogxilisa ukunakekela ezenzakalweni ezizamazamisa umhlaba esizobhekana nazo maduze nje. Luyogcizelela ukuphuthuma kokubalekela endaweni ephephile ngaphambi kokuqala ‘kosizi olukhulu’ uJesu Kristu akhuluma ngalo, njengoba kulotshwe kuMathewu 24:21.
Isimiso sasekuseni siyophetha nge-drama ebalulekile ethi “Ukwazisa Abafanelekayo Eminyakeni Yabo Yobudala.” Khona-ke, ntambama, kuyonikezwa inkulumo yeningi ethi, “Dumisani INkosi Yaphakade!” Iyoba isici esivelele kulomhlangano.
Hlela manje ukuba ube khona. Ukuze uthole indawo yawo eseduze kakhulu nekhaya lakho, thintana neHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova elisendaweni yakini, noma ubhalele abanyathelisi balomagazini.