Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 7/15 kk. 8-9
  • OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IBrazil

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IBrazil
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhonza Lapho Indingeko Inkulu Khona
  • Ukuhambisa Izincwadi ZeBhayibheli
  • UJehova Uyasilonda
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • OFakazi BakaJehova Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1998
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1998
  • Ngasekelwa Ukuthembela Kwami KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Umlando Omangalisayo “Wezwe Elinezinto Ezinhlobonhlobo”
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 7/15 kk. 8-9

OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IBrazil

IBRAZIL iyizwe elikhulu ngezici eziningi. Kokubili ngobukhulu nangenani labantu, iyizwe lesihlanu kwamakhulu ukuwedlula wonke emhlabeni. Ihlanganisa indawo ecishe ibe ingxenye yezwe laseNingizimu Melika futhi inezakhamuzi eziningi kunawo wonke amanye amazwe aleso sifundazwe ehlangene. IBrazil ibuye ibe namahlathi emvula amakhulu kunawo wonke emhlabeni. Phakathi kwalawo mahlathi kugeleza umfula onamandla kunayo yonke emhlabeni—i-Amazon.

IBrazil inkulu futhi nangomunye umqondo. Inani labamemezeli bayo bezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu lisondela ku-400 000, futhi abangaphezu kuka-1 000 000 baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngonyaka odlue. Ngakho lelizwe livelele ngokuphathelene nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Okuhlangenwe nakho kwamuva kuyalikhanyisa leli phuzu.

Ukukhonza Lapho Indingeko Inkulu Khona

U-Antonio nomkakhe benza isinqumo esinzima sokushiya izihlobo zabo nomsebenzi olondekile, okhokhela kahle eSão Paulo ukuze bayokhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso ezweni laseMinas Gerais. Insimu yabo yayihlanganisa iqembu lezisebenzi ezazisebenza lapho kuhlungwa khona ushukela. Ngosuku lokuqala befakaza lapho, baqala izifundo zeBhayibheli ezingu-9. Phakathi nezinyanga ezingu-18, babeqhuba izifundo ezingaphezu kuka-40!

Ekuqaleni, imihlangano yayiqhutshwa khona kanye endlini okwakuhlungelwa kuyo. Nokho, abamemezeli abasanda kuhlanganyela babefuna ukubona iHholo LoMbuso langempela. Ngakho, kwaqashwa ibhasi elalizothwala abantu abangu-75 libayise ebandleni elaliseduze. Khona-ke kwalandela umhlangano wesigodi; abangu-45 balaba bafundi beBhayibheli baba khona futhi kwaxoxwa nabo. Abangu-15 balaba babhapathizwa kuleso senzakalo. Eqinisweni, kwamane kwageleza izinyembezi zenjabulo!

Inkampane yamabhasi efanayo yasetshenziselwa uhambo olufanayo, futhi izikhulu zehlisa amanani. Ebonisa ukwazisa, u-Antonio wanikeza umnikazi wefemu insiza kufundisa yeBhayibheli. Wavuma ukuqala ukufunda iBhayibheli ngayo kanye leyo ntambama futhi wabhapathizwa ngemva kwezinyanga eziningana zokutadisha ngenkuthalo. Ekuqaleni, umkakhe wayemelene nesifundo, kodwa ngokuhamba kwesikhathi, isimo sakhe sengqondo saba ngcono. Namuhla naye unguFakazi kaJehova obhapathiziwe.

Ngo-February 1992 kwamiswa ibandla elinabamemezeli abashisekayo abangu-22. Ngo-1994 leli nani lase lande lafinyelela ku-42, kanye namaphayona avamile amane, noma abashumayeli besikhathi esigcwele bezindaba ezinhle. Ngenxa yalokho, u-Antonio waphetha: “Mina nomkami siye sabona ukuthi uma ‘simvivinya uJehova’ njengoba kusho uMalaki 3:10, ‘uyosithululela isibusiso kunokwaneleyo.’”

Ukuhambisa Izincwadi ZeBhayibheli

Mhlawumbe esinye isizathu sokuba umsebenzi wokushumayela usheshe kakhulu kangaka eBrazil siwukuthi oFakazi bahambisa izincwadi zeBhayibheli ngawo wonke amathuba. Ngokwesibonelo, elinye ibandla labhalela ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society licela amakhophi angu-250 encwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Kungani lacela i-oda elikhulu kangaka?

Lencwadi yachaza: ‘Esinye sezikole zakuleli dolobha sinqume ukusebenzisa lencwadi njengento yokufundisa kwelinye lamakilasi. Isinqumo seziphathimandla zesikole sibangelwe ukufakaza ngokwethukela obekwenziwa abazali babafundi abangoFakazi BakaJehova nangomunye umqondisi wakulesi sikole. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa izinceku zakhe njengoba zinikeza isiqondiso esihle ngalencwadi.’ Yebo, futhi kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa intuthuko enhle yomsebenzi wokushumayela ngoMbuso ezweni elikhulu laseBrazil.

[Ibhokisi ekhasini 8]

UMBIKO WEZWE

Unyaka Wenkonzo Ka-1994

INANI ELIPHAKEME LABAFAKAZAYO: 385 099

ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-404

INANI LABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 1 018 210

ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 38 348

ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 461 343

INANI LABABHAPATHIZWA: 24 634

INANI LAMABANDLA: 5 928

IHHOVISI LEGATSHA: ICESÁRIO LANGE

[Isithombe ekhasini 9]

Imoto yombhobho eyayisetshenziswa eSão Paulo cishe ngawo-1940

[Isithombe ekhasini 9]

Ukufakaza eBotanical Garden eRio de Janeiro

[Isithombe ekhasini 9]

Ihhovisi legatsha eCesário Lange

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela