Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 8/15 kk. 28-30
  • Melana Namasiko Okungamhloniphi UNkulunkulu!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Melana Namasiko Okungamhloniphi UNkulunkulu!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imikhuba Yemingcwabo Esekelwe Ekukholelweni Ezeni
  • “Ukuhlanzwa” Ngokobulili
  • Ukuphuphuma Kwezisu Nokuzalwa Kwabantwana Befile
  • Gwema Izimpikiswano, Kodwa Yima Uqinile
  • Umbono WamaKristu Ngamasiko Omngcwabo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Qaphela Amasiko Angamjabulisi UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Amasiko Okuzila—Uwabheka Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • “Yondla Umlomo, Hhayi Izinyawo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 8/15 kk. 28-30

Melana Namasiko Okungamhloniphi UNkulunkulu!

UJESU KRISTU wathi: “Iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Yebo, ubuKristu bukhulula abantu—bubakhulula ekugqilazweni izinkolelo-ze, bubakhulule ekukholelweni izimfundiso namathemba angamanga, bubakhulule ebugqilini bemikhuba eyehlisa isithunzi.

Nokho, njengasezikhathini zasendulo, ngokuvamile amaKristu namuhla abhekana nokucindezela kokuba aphindele emasikweni angaphambili. (Galathiya 4:9, 10) Akukhona ukuthi yonke imikhuba ethandwayo iyalimaza. Ngempela, umKristu angase akhethe ukulandela imikhuba yendawo emihle nezuzisayo. Kodwa lapho imikhuba ethile ingavumelani neZwi likaNkulunkulu, amaKristu awahlehli. Ngaleyo ndlela oFakazi BakaJehova baziwa kakhulu ngokwenqaba ukuhlanganyela emikhosini kaKhisimusi, izinsuku zokuzalwa, neminye imikhuba engqubuzana neZwi likaNkulunkulu.

Lokhu kuma kokuba nesibindi ngokuvamile kuye kwaphumela ekuhlekweni usulu nasekuphikisweni okukhulu abantu obajwayele, omakhelwane, nezihlobo ezingakholwa. Lokhu kuye kwaba njalo ikakhulukazi kwamanye amazwe ase-Afrika, lapho izinhlobonhlobo zamasiko zivame ukugcinwa khona emingcwabeni, emishadweni, nalapho kuzelwe umntwana. Ukucindezela kokuba uzivumelanise nazo kungase kube namandla—ngokuvamile kuhilele ukusongelwa nezenzo zobudlova. AmaKristu angama kanjani eqinile lapho? Ikhona yini indlela yokugwema ukubhekana nalezi zinto ngaphandle kokuyekethisa? Ukuze sinikeze impendulo, ake sihlole indlela amaKristu athembekile aye asingatha ngayo amanye amasiko angasekelwe emibhalweni.

Imikhuba Yemingcwabo Esekelwe Ekukholelweni Ezeni

E-Afrika eseningizimu kunamasiko amaningi ahlobene nemingcwabo nokungcwaba. La-bo abadabukile ngokuvamile bachitha ubusuku bonke—noma ubusuku obuningana—endlini yokulila, lapho umlilo ugcinwa uvutha khona. Abashonelwe bayenqatshelwa ukupheka, ukugunda izinwele, noma ukugeza kuze kube yilapho sekungcwatshiwe. Ngemva kwalokho, kufanele bageze ngentelezi ekhethekile. Ingabe imikhuba enjalo iyamukeleka kumaKristu? Cha. Yonke ibonisa ukukholelwa ekungafini komphefumulo nokuba nokwesaba okukhwantabalisayo ngabafile.

UmShumayeli 9:5 uthi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho.” Ukwazi leli qiniso kuyamkhulula umuntu ekwesabeni ‘imimoya yabafile.’ Kodwa yini umKristu okumelwe ayenze lapho izihlobo ezinezinhloso ezinhle zifuna ngenkani ukuba ahlanganyele emikhubeni enjalo?

Cabangela okuhlangenwe nakho kukaFakazi wase-Afrika okuthiwa uJane, owafelwa uyise. Lapho efika emzini okwakunomngcwabo kuwo, ngokushesha watshelwa ukuthi yena kanye nawo wonke umkhaya kwakufanele badanse bazungeze isidumbu ubusuku bonke ukuze bashweleze emoyeni kamufi. “Ngabatshela ukuthi njengomunye woFakazi BakaJehova, ngangingeke ngihlanganyele emikhubeni enjalo,” kulandisa uJane. “Nokho, ngosuku olulandelayo ngemva komngcwabo, izihlobo esezikhulile zathi zazizogeza amalungu omkhaya ofelwe ukuze avikeleke emoyeni kamufi. Ngaphinde ngenqaba ukuhlanganyela. Ngaleso sikhathi, umama wayehlaliswe yedwa endlini. Noma ubani owayefuna ukumbona kwakudingeka aqale aphuze utshwala obuthile obabugayelwe leyo njongo.

“Ngenqaba ukuhileleka kunoma ikuphi kwalokhu. Kunalokho ngaya ekhaya ngapheka ukudla, engakuyisa endlini umama ayehlezi kuyo. Lokhu kwawudumaza kakhulu umkhaya wakithi. Izihlobo zami zacabanga ukuthi ngangisangene.” Ngaphezu kwalokho, bamhleka futhi bamqalekisa, bethi: “Njengoba ulahle isiko lethu ngenxa yenkolo yakho, umoya kayihlo uzokuhlupha. Empeleni, ungase ungabi nazo ngisho nezingane.” Noma kunjalo, uJane wenqaba ukwesatshiswa. Umphumela? Uthi: “Ngaleso sikhathi nganginezingane ezimbili. Manje ngineziyisithupha! Lokhu kuye kwabahlazisa labo abaye bathi ngangingeke ngiphinde ngibe nezingane.”

“Ukuhlanzwa” Ngokobulili

Omunye umkhuba uhilela umkhosi wokuhlanzwa ngemva kokufa komngane womuntu womshado. Uma kufa umfazi, umkhaya wakubo uyolethela umfelwa umlamu wakhe noma omunye wesifazane ohlobene eduze nomkakhe ofile. Ubophekile ukuba abe nobuhlobo bobulili naye. Kungemva kwalokho kuphela lapho engashada nanoma ubani afisa ukushada naye. Kwenzeka okufanayo lapho umfazi efelwa indoda. Kucatshangwa ukuthi lomkhuba wenza umngane womshado osaphila angangcoliswa “umoya” womngane womshado ofile.

Noma ubani owenqaba ukudlula kulenqubo “yokuhlanzwa” uzifaka engozini yokuthukuthelelwa izihlobo. Angase akhishwe inyumbazane futhi enziwe isisulu sokuhlekwa usulu nesokuqalekiswa. Noma kunjalo, amaKristu ayakwenqaba ukulandela lomkhuba. Ayazi ukuthi kunokuba ubuhlobo bobulili ngaphandle komshado bube uhlobo oluthile “lokuhlanzwa,” buwukuzingcolisa emehlweni kaNkulunkulu. (1 Korinte 6:18-20) Ngaphezu kwalokho, amaKristu kumelwe ashade “kuphela eNkosini.”—1 Korinte 7:39.

Owesifazane ongumKristu waseZambia okuthiwa uViolet wafelwa umyeni wakhe. Ngemva kwalokho, izihlobo zamlethela indoda ethile, ziphikelela ekutheni abe nobuhlobo bobulili nayo. UViolet wenqaba, futhi wajeziswa ngokuthi avinjelwe ukuba akhe amanzi emthonjeni womphakathi. Futhi waxwayiswa ukuba angahambi ngomgwaqo omkhulu, funa ehlelwe yishwa. Nokho, wenqaba ukwesatshiswa izihlobo noma izakhamuzi.

Kamuva uViolet wabizelwa enkantolo yendawo. Lapho, wachaza ngokunganqikazi izizathu zakhe ezingokomBhalo zokwenqaba ukuhlanganyela ebulilini obungemthetho. Inkantolo yamthola engenacala, ithi yayingeke imphoqelele ukuba abambelele emikhubeni namasiko endawo aphikisana nezinkolelo zakhe. Ngokuthakazelisayo, ukwenqaba kwakhe ngokuqinile ukuhlehla kwasiza ekunciphiseni ukucindezelwa kwabanye oFakazi kuleli dolobhana ababhekana nenselele efanayo kamuva.

UFakazi wase-Afrika okuthiwa uMonika wabhekana nokucindezela okufanayo ngemva kokufa komyeni wakhe. Umkhaya wakubo kamyeni wakhe waphikelela ngokuthi wawuzomnika enye indoda. UMonika uthi: “Ngenqaba, ngizimisele ukulalela umyalo okweyoku-1 Korinte 7:39.” Nokho, ukucindezela akuzange kuphele. “Bangisongela,” kukhumbula uMonika. “Bathi: ‘Uma wenqaba, ngeke uphinde ushade.’ Babeze basho nokusho ukuthi amanye amaKristu enganginawo aye ahlanzwa ngalendlela ngasese.” Noma kunjalo, uMonika wama eqinile. “Ngahlala ngingashadile iminyaka emibili, okwathi ngemva kwayo ngaphinde ngashada ngendlela yobuKristu,” esho. Manje uMonika ukhonza njengephayona elivamile.

Ukuphuphuma Kwezisu Nokuzalwa Kwabantwana Befile

AmaKristu e-Afrika eseningizimu kumelwe futhi abhekane nemikhuba ephathelene nokuphuphuma kwezisu nokuzalwa kwabantwana befile. Izenzakalo ezinjalo zosizi ziwumphumela wokungapheleli kobuntu—hhayi isijeziso saphezulu. (Roma 3:23) Kodwa uma owesifazane ephuphunyelwa isisu, amanye amasiko ase-Afrika aphoqelela ukuba akhishwe inyumbazane isikhathi esithile.

Omunye wesifazane owayesanda kuphuphunyelwa isisu wamangala lapho ebona uFakazi eza emzini wakhe. Njengoba ayesondela, wamemeza ethi: “Ungezi lapha! Ngokuvumelana nomkhuba wethu, owesifazane osanda kuphuphunyelwa isisu akufanele avakashelwe.” Nokho, loFakazi wamtshela ukuthi oFakazi BakaJehova bayisa isigijimi seBhayibheli kubantu bazo zonke izinhlobo nokuthi abayigcini imikhuba yendawo ehambisana nokuphuphunyelwa izisu. Khona-ke wamfundela u-Isaya 65:20, 23, ochaza ukuthi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu ukuphuphuma kwezisu nokuzalwa kwabantwana befile ngeke kwenzeke. Ngenxa yalokho, lona wesifazane wamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya.

Imikhuba eyizinkolelo-ze ingase ihambisane nokungcwatshwa kwabantwana abazalwe befile. Lapho uFakazi okuthiwa uJoseph eya emngcwabeni onjalo, watshelwa ukuthi bonke ababekhona kwakufanele bageze izandla zabo ezintelezini ezithile futhi bazihlikihle ngekhubalo ezifubeni. Kwathiwa lokhu kuvimbela “umoya” wosana ukuba ungabuyi futhi ubabangele amashwa. UJoseph wenqaba ngenhlonipho, njengoba ayeyazi imfundiso yeBhayibheli yokuthi abafile abanakubalimaza abaphilayo. Noma kunjalo, abanye baye bazama ukumphoqa ukuba azihlikihle ngaleli khubalo. UJoseph waphinde wenqaba. Bebona ukuma kwesibindi kwalomKristu, abanye ababekhona nabo bazenqaba lezi zintelezi.

Gwema Izimpikiswano, Kodwa Yima Uqinile

Ukwesaba abaphilayo nokwesaba ukukhishwa inyumbazane kungaba amathonya amakhulu angenza umuntu ayekethise. IzAga 29:25 zithi: “Ukwesaba abantu kubeka ugibe.” Okuhlangenwe nakho okwandulelayo kubonisa ukuba yiqiniso kwengxenye yokugcina yalelo vesi: “Kepha owethemba uJehova uyalondeka.”

Noma kunjalo, ngokuvamile impikiswano ingagwenywa. Ngokwesibonelo, uma umKristu ebizelwa emngcwabeni wesihlobo, akufanele alinde kuze kube yilapho ezithola esesimweni esingaholela ekuhlehleni. “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.”—IzAga 27:12.

Bekungaba ukuhlakanipha ukubuza ngesu ukuthi imiphi imikhuba eyolandelwa. Uma lena ingamukeleki, umKristu angase asebenzise lona leli thuba ukuchaza ukuthi kungani engeke ahlanganyele, enza kanjalo “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) Lapho umKristu echaza ngenhlonipho ukuma kwakhe okusekelwe eBhayibhelini kusengaphambili, ngokuvamile izihlobo zakhe zithambekela kakhudlwana ekuhlonipheni izinkolelo zakhe kunokuba zithambekele ekusongeleni nasekwesabiseni.

Kungakhathaliseki ukuthi izihlobo zisabela kanjani, umKristu akanakuyekethisa ngokulandela amasiko ahlazisa uNkulunkulu—kungakhathaliseki ukuthi iziphi izinsongo noma ukuhlukunyezwa angase akuthole. Siye sakhululwa ekwesabeni okusekelwe ekukholelweni ezeni. Umphostoli uPawulu wanxusa: “UKristu wasikhululela inkululeko enjalo. Ngakho-ke yimani niqinile, futhi ningazivumeli ukuba niphinde niboshelwe ejokeni lobugqila.”—Galathiya 5:1.

[Isithombe ekhasini 29]

Abaningi bakholelwa ukuthi umuntu osanda kufa angaba umxhumanisi futhi adlulisele izigijimi ezihlotsheni ezafa kudala

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela