Isibani Sabo Asizange Sicime
EZIKHATHINI zeBhayibheli kunofakazi bakaJehova ababhekana nezithiyo nobunzima. Babhekana nokuphikiswa nezimo ezazibonakala ziwukwehluleka. Noma kunjalo, abazange bayeke ngenxa yokudumazeka. Eqinisweni, isibani sabo asizange sicime.
Ngokwesibonelo, umprofethi uJeremiya wathunywa ukuba abe umprofethi kaNkulunkulu esizweni esihlubukayo sakwaJuda. Wamemezela isixwayiso ngokubhujiswa kweJerusalema okwakuzoza. (Jeremiya 1:11-19) Ngenxa yalokho, uJeremiya wayexabana njalo nabantu bezwe lakubo, ababembheka njengommemezeli wenhlekelele.
Umpristi uPhashuri, umbonisi omkhulu endlini kaNkulunkulu, ngesinye isikhathi washaya uJeremiya ngenxa yalokho ayekuprofethile futhi wamfaka esitokisini. Ngenxa yalokhu okwakubonakala kuyisithiyo, uJeremiya wathi: “Ngibé-yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela. Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.” Lomprofethi wadumala kangangokuba waze wathi: “Angisayikumkhumbula [uJehova], ngingasakhulumi egameni lakhe.”—Jeremiya 20:1, 2, 7-9.
Nokho, uJeremiya akazange avumele ukunqotshwa ukudumazeka. Ekhuluma ‘ngezwi likaJehova,’ wathi: “Kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.” (Jeremiya 20:8, 9) Eshukunyiselwe ngokunamandla ukuba akhulume amazwi kaNkulunkulu, uJeremiya wasekelwa umoya ongcwele futhi wafeza ukuthunywa kwakhe.
Umphostoli uPawulu naye wayenezizathu eziningi zokudumazeka, ukube wazivumela. Wabekezelela izinhlekelele ezingokwemvelo, ukuphukelwa umkhumbi, ukushushiswa, nokushaywa. Ngaphezu kwalokho, ‘usuku nosuku wayecindezelwa ukukhathazeka ngawo wonke amabandla.’ (2 Korinte 11:23-28) Yebo, nsuku zonke uPawulu kwakumelwe asingathe izinkinga, ekhathazeka ngamabandla amasha ayesizile ekumisweni kwawo. Ngaphezu kwalokho, wayengaphelele futhi kwakudingeka aphile ‘neva enyameni,’ mhlawumbe ukungaboni kahle. (2 Korinte 12:7; Roma 7:15; Galathiya 4:15) Abanye babemhleba nokumhleba uPawulu, futhi lokhu kwafika ezindlebeni zakhe.—2 Korinte 10:10.
Noma kunjalo, uPawulu akakuvumelanga ukudumazeka kumnqobe. Cha, wayengeyena umuntu ongenamaphutha. (2 Korinte 11:29, 30) Yini eyagcina ‘amalahle akhe angaphakathi’ evutha? Ngokwesibonelo, wayenabangane ababemsekela, abanye bemphelezela nokumphelezela eya eRoma lapho ayeboshwe khona endlini. (IzEnzo 28:14-16) Okwesibili, lomphostoli wabheka isimo sakhe ngendlela elinganiselayo. Abashushisi nabaphikisi bakhe yibo ababenecala, hhayi uPawulu. Ngasekupheleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, wahlaziya inkonzo yakhe ngendlela eqondile wathi: “Kusukela kulesisikhathi kuqhubeke ngigcinelwe umqhele wokulunga, lowo iNkosi, umahluleli olungileyo, eyonginika wona njengomvuzo.”—2 Thimothewu 4:8.
Ngaphezu kwakho konke, uPawulu wayeya njalo kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo, futhi ‘iNkosi yema eduze kwakhe futhi yamfaka amandla.’ (2 Thimothewu 4:17) UPawulu wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.” (Filipi 4:13) Ukuxhumana noNkulunkulu namaKristu ayenawo, kanye nokuhlaziya inkonzo yakhe ngombono oqondile, kwasiza uPawulu ukuba aqhubekele phambili enkonzweni kaJehova.
UNkulunkulu waphefumulela uPawulu ukuba abhale: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.” (Galathiya 6:7-9) Sivuneni? Ukuphila okumi phakade. Ngakho-ke, yiba njengoJeremiya, uPawulu, nabanye ofakazi bakaJehova abaningi abakholekile okukhulunywe ngabo emiBhalweni. Yebo, yiba njengabo, futhi ungakuvumeli ukunqotshwa ukudumazeka. Ungavumi ukuba isibani sakho sicime.—Qhathanisa noMathewu 5:14-16.
[Izithombe ekhasini 25]
UPawulu noJeremiya abavumanga ukuba isibani sabo sicime