Bathola Ukuthula Ezweni Elinesiyaluyalu
UMFANEKISO osesembozweni salomagazini ubonisa isigcawu sempi eshisayo yaseBosnia naseHerzegovina. Ingabe ukuthula kungaba khona endaweni enjalo? Ngokumangalisayo, impendulo inguyebo. Nakuba kulelozwe elisosizini imiphakathi yamaRoma Katolika, yobu-Orthodox baseMpumalanga, neyamaSulumane ilwela indawo, abantu abaningi balangazelela ukuthula, futhi abanye baye bakuthola.
AbakwaDjorem babeyizakhamuzi zaseSarajevo, futhi bengoFakazi BakaJehova. Phakathi naso sonke isiyaluyalu kulelo dolobha, babevame ukuvakashela omakhelwane babo ukuze bahlanganyele nabo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Ngani? Ngoba umkhaya wakwaDjorem wawazi ukuthi loMbuso ungokoqobo, ukuthi usumisiwe kakade emazulwini, nokuthi uyikhambi lesintu elingcono kakhulu neliwukuphela kwalo elingaletha ukuthula. OFakazi BakaJehova baqiniseka ngokuphelele ngalokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi “izindaba ezinhle zokuthula.” (Efesu 2:17) Ngenxa yabantu abanjengoBozo noHena Djorem, abaningi bathola ukuthula eBosnia naseHerzegovina.
Kuza Ukuthula Kwangempela
Kunokwengeziwe esingakusho ngabakwaDjorem. Nokho, ake siqale sikhulume ngomunye umbhangqwana owafunda ukuthembela eMbusweni kaNkulunkulu. Amagama awo ngo-Artur no-Arina. Wona namadodana awo asemancane wawuhlala kuyi-republic esendaweni eyayiyiSoviet Union. Lapho kugqashuka impi yombango, u-Artur walwa kolunye lwezinhlangothi. Nokho, ngokushesha wazibuza, ‘Ngilwelani nalabantu ababekade bengomakhelwane bami?’ Walishiya lelozwe, futhi ngemva kwezinkinga eziningi, wafika e-Estonia nomkhaya wakhe omncane.
Lapho evakashele eSt. Petersburg, u-Artur wahlangana noFakazi BakaJehova futhi wahlatshwa umxhwele yilokho akufunda ngoMbuso kaNkulunkulu. Intando kaJehova iwukuthi ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uzoba ukuphela kobubusi phezu kwesintu. (Daniyeli 2:44) Khona-ke umhlaba uyoba indawo enokuthula, ungabi nazimpi zemibango noma zezwe lonke. U-Isaya waprofetha ngaleso sikhathi: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.
Ephawula umfanekiso odwetshiwe walowo mhlaba onokuthula wesikhathi esizayo kuyinsiza-kufundisa yeBhayibheli ayeyiboniswa uFakazi, u-Artur wathi wayekade ehlala endaweni ebukeka njengaleyo. Nokho, manje yase yonakaliswe impi yombango. Emuva e-Estonia, u-Artur nomkhaya wakhe bafunda okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova.
Ukuthula Phakathi Kwesiyaluyalu
IHubo 37:37 lithi: “Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.” Eqinisweni, ukuthula komuntu ongasolekiyo noqotho emehlweni kaNkulunkulu akukhona okwesikhathi esizayo kuphela. Ukujabulela khona manje. Kungenzeka kanjani lokho? Cabangela okuhlangenwe nakho kwendoda okuthiwa nguPaul.
UPaul uhlala ekamu lababaleki elikude eningizimu-ntshonalanga yeTopiya, nakuba empeleni evela ezweni elingumakhelwane. Ezweni lakubo, wahlangana nomunye woFakazi BakaJehova owayesebenzela inkampani kawoyela, futhi lendoda yamnikeza insiza-kufundisa yeBhayibheli ethi, IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade.a UPaul akaphindanga ahlangane naloFakazi, kodwa wayitadisha ngokucophelela lencwadi. Ngenxa yempi yombango wabalekela ekamu lababaleki eTopiya, futhi lapho, wakhuluma nabanye ngalokho ayekufundile. Iqembu elincane lamukela lokhu njengeqiniso. Ngokusekelwe kulokho ababekufundile, ngokushesha base beshumayela kwabanye kuleli kamu.
UPaul wabhalela indlunkulu ye-Watch Tower Society ecela usizo. Isikhonzi esathunyelwa sisuka e-Addis Ababa samangala lapho sithola abantu abangu-35 besilindile, belungele ukufunda okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu. Kwenziwa amalungiselelo okuba banikezwe usizo ngokuqhubekayo.
Kungashiwo kanjani ukuthi abantu abanjengoPaul bajabulela ukuthula? Ukuphila kwabo akulula, kodwa banokholo kuNkulunkulu. Lapho bethintwa isiyaluyalu salelizwe, basebenzisa iseluleko seBhayibheli: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” Ngenxa yalokho, banokwaneliseka okunqabile namuhla. Amazwi omphostoli uPawulu ayeqondiswe ebandleni laseFilipi ayasebenza kubo: “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” Ngempela, bazizwa benobuhlobo obuseduze noJehova, “uNkulunkulu wokuthula.”—Filipi 4:6, 7, 9.
Ukuthula Kwamanje
INkosi emisiwe yoMbuso kaNkulunkulu inguJesu Kristu, eBhayibhelini ebizwa ngokuthi “iNkosi yokuthula.” (Isaya 9:6) Omunye umprofethi wasendulo wathi ngayo: “Iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni kuze kufike emajukujukwini omhlaba.” (Zakariya 9:10) Amazwi aphefumulelwe anjengalawa aba nethonya elikhulu ekuphileni kwendoda okuthiwa nguJosé.
Ngesinye isikhathi uJosé wayesetilongweni. Wayengumshokobezi futhi wayeboshwe ngenkathi enza amalungiselelo okuqhumisa amakamu amaphoyisa. Wayecabanga ukuthi ubudlova kuphela obabungaphoqa uhulumeni ukuba athuthukise izimo ezweni lakubo. Ngenkathi esetilongweni, oFakazi BakaJehova baqala ukutadisha iBhayibheli nomkakhe.
Ngemva kokukhululwa kukaJosé, naye watadisha iBhayibheli, futhi ngokushesha amazwi eHubo 85:8 aqala ukusebenza kuye: “Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo.” Nokho, lelo vesi liphetha ngesixwayiso: “Mabangabuyeli [ekuzethembeni, NW].” Ngakho, umuntu ofuna ukuthula kukaJehova ngeke alokothe enze ngokuzibusa noma ngokumelene nentando yaKhe.
Namuhla, uJosé nomkakhe bayizikhonzi ezingamaKristu. Baqondisa abanye eMbusweni kaJehova njengoyikhambi lezinkinga lezo ngaphambili uJosé ayezama ukuzixazulula ngamabhomu okuzakhela. Bazimisele ukuthembela eBhayibhelini, elithi: “UJehova uyakuveza okuhle.” (IHubo 85:12) Empeleni, muva nje uJosé uye wavakashela amakamu ayehlela ukuwacekela phansi. Ngani? Ukuze akhulume nemikhaya ehlala kuwo ngoMbuso kaNkulunkulu.
Abantu Abanokuthula
KumaHubo 37:10, 11, iBhayibheli lithi: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” Yeka ithemba elikhazimulayo!
Nokho, phawula ukuthi ukuthula kukaJehova ‘kungokwabathobekileyo’ kuphela. Labo abafuna ukuthula kungase kudingeke bafunde ukuba nokuthula. Kwaba njalo ngoKeith, ohlala eNew Zealand. UKeith wayechazwa ‘njengoyisidlakela nolukhuni, onochuku, nothanda impikiswano.’ Wayeyilungu leqembu lezigilamkhuba futhi ehlala emzini owawuyinqaba uqobo lwayo, amagceke awo eqashwe izinja zokugada ezintathu ukuze kuvinjelwe abantu abafohlayo. Umkakhe, unina wezingane zakhe eziyisithupha, wayehlukanisile naye.
Lapho uKeith ehlangana noFakazi BakaJehova, izindaba ezinhle zaba nethonya elikhulu kuye. Ngokushesha yena nezingane zakhe base beya emihlanganweni yoFakazi. Wagunda izinwele zakhe ezishaya eqolo futhi waqala ukukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu kulabo ababekade bengabangane bakhe. Abanye babo nabo baqala ukutadisha iBhayibheli.
Njengezigidi zabanezinhliziyo ezilungile emhlabeni wonke, uKeith wayeseqale ukusebenzisa amazwi omphostoli uPetru: “Lowo obengathanda ukuphila futhi abone izinsuku ezinhle, . . . makafulathele okubi futhi enze okuhle; makafune ukuthula futhi akuphishekele.” (1 Petru 3:10, 11) UmkaKeith wesikhathi esidlule wavuma ukuphinde ashade naye, futhi manje uKeith usefunda ‘ukufuna ukuthula futhi akuphishekele.’
Ukuthula kukaJehova kuye kwaba umhlengi wokuphila kwabaningi, kuhlanganise nowayekade engumgijimi owazalelwa endaweni eyayiyi-U.S.S.R. Lendoda yayizuza izimendlela emncintiswaneni wama-Olympic, kodwa yasambatheka yase iphendukela ezidakamizweni nasophuzweni oludakayo. Ngemva kweminyaka engu-19 enezigigaba eziningi ezihlanganisa nesigwebo seminyaka emithathu ekamu lomsebenzi onzima eSiberia, ukubhaca emkhunjini oya eCanada, namahlandla amabili icishe ifa ngenxa yomkhuba wayo wokusebenzisa izidakamizwa, yathandaza kuNkulunkulu icela usizo ekutholeni injongo yangempela ekuphileni. Ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova abakhuluma ulimi lwaseRussia kwayisiza ukuba ithole izimpendulo zemibuzo yayo. Namuhla lendoda, njengezigidi zabanye, iye yaba nokuthula noNkulunkulu nakuyo ngokwayo.
Ithemba Lovuko
Ekugcineni, ake siphindele kuBozo noHena Djorem eSarajevo. Lombhangqwana wawunendodakazi eneminyaka emihlanu, uMagdalena. Ngo-July odlule, bobathathu laba babephuma ekhaya ukuze baphinde bahlanganyele emsebenzini wabo wokushumayela lapho bonke bebulawa imbumbulu eyayiqhuma. Kuthiwani ngokuthula ababeshumayele ngakho kwabanye? Ingabe imbumbulu eyababulala yabonisa ukuthi lokhu kwakungekhona ukuthula kwangempela?
Lutho neze! Kulesi simiso sezinto, izinhlekelele ziyenzeka. Abantu babulawa amabhomu noma izimbumbulu. Abanye babulawa ukugula noma izingozi. Abaningi babulawa ukuguga. Labo abajabulela ukuthula kukaNkulunkulu abagonyiwe, kodwa ukuthi izehlakalo ezinjalo zingenzeka akubenzi bangabi nathemba.
UJesu wathembisa umngane wakhe uMarta: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” (Johane 11:25) AbakwaDjorem babekukholelwa lokhu, njengoba bonke oFakazi BakaJehova bekukholelwa. Futhi abakwaDjorem babenokholo lokuthi uma befa, babeyovuselwa emhlabeni oyobe uyindawo enokuthula ngempela ngaleso sikhathi. UJehova uNkulunkulu ‘uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’—IsAmbulo 21:4.
Ngaphambi nje kokuba afe, uJesu wathi kubalandeli bakhe: “Ngininika ukuthula kwami. . . . Ningavumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke.” (Johane 14:27) Sijabula nabakwaDjorem ababenalokho kuthula futhi ngokuqinisekile abayokujabulela ngokugcwele nakakhulu lapho bevuswa. Sijabula ngabo bonke abakhonza uJehova, uNkulunkulu wokuthula. Abanjalo banokuthula kwengqondo. Bajabulela ukuthula noNkulunkulu. Bahlakulela ukuthula nabanye. Futhi banethemba lekusasa elinokuthula. Yebo, baye bathola ukuthula, nakuba bephila ezweni elinesiyaluyalu. Ngempela, bonke abakhulekela uNkulunkulu ngomoya nangeqiniso bajabulela ukuthula. Kwangathi nawe ungakuthola lokho kuthula.
[Umbhalo waphansi]
a Eyayinyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Izithombe ekhasini 7]
Baye bathola ukuthula nakuba bephila ezweni elinesiyaluyalu