Ungaba Nobungane Obuhlala Njalo
KUNEZITHIYO ezivimbela ubungane. Eqinisweni, iBhayibheli labikezela ukuthi kulezi ‘zinsuku zokugcina’ kwakuyoba khona ukuntuleka kothando, ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, nokwethembeka. (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:12) Lezi zimo ziye zabangela umshayabhuqe wesizungu ongakaze ubonwe. Omunye umuntu wathi: “Endaweni yakithi kunjengasemkhunjini kaNowa. Uma ningewona umbhangqwana, nikhishwa inyumbazane.” Umuntu ngamunye onesizungu akanakusolwa ngokuphelele ngalokhu. Kwezinye izingxenye zezwe, izinselele zobungane obuhlala njalo zihlanganisa nezinto ezinjengokuthutha njalo kwabantu, imikhaya ehlukanayo, amadolobha angenamfudumalo nayingozi, nokuncipha okuphawulekayo kwesikhathi sokuphumula.
Umuntu ohlala edolobheni namuhla angase axhumane nabantu abaningi ngesonto kunalabo umuntu wasemaphandleni wangekhulu le-18 ayebabona ngonyaka noma ngisho ekuphileni kwakhe konke! Nokho, namuhla ubuhlobo buvame ukwenziwa ngendlela yokugcina icala. Abaningi bangena shí ekungcebelekeni kwamaqembu kwasikhathi sonke nasemizamweni yokuzijabulisa. Nokho, kumelwe sivume ukuthi ukuzijabulisa okuyize nabangane abangebahle kunjengokubasa umlilo ngameva. UmShumayeli 7:5, 6 uthi: “Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. Njengokucacamba kwezintathawe [ameva] eziphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.” Ameva enza ikloba lomlilo obanga umsindo okwesikhashana, kodwa awanele ukuba usigcine sifudumele. Ngokufanayo, abangane abanomsindo abahlekayo, bangase basilibazise okwesikhashana, kodwa ngeke baqede sonke isizungu futhi banelise isidingo sethu sabangane beqiniso.
Ukuba wedwa kuhlukile ekubeni nesizungu. Ukuba wedwa isikhathi esithile kudingekile ukuze siqabuleke futhi kanjalo sibe nokwengeziwe esingakwenzela umngane. Lapho benesizungu, abaningi basheshe baphendukele ohlotsheni oluthile lokuzijabulisa ngemishini. Okunye ukuhlola kwathola ukuthi enye yezindlela ezivame kakhulu zokusabela ekubeni nesizungu ukubukela ithelevishini. Nokho, abacwaningi baphetha ngokuthi ukubukela ithelevishini isikhathi eside kungenye yezinto ezimbi kakhulu esingazenza lapho sinesizungu. Kukhuthaza ukuba yisithuli, ukucobeka, nokuphupha, indlela embi yokuvala isikhala sokuba nobuhlobo bomuntu siqu nabanye abantu.
Empeleni, ukuba wedwa kungaba usizo kakhulu uma sisebenzisa isikhathi sethu ngendlela eyakhayo. Lokhu singakwenza ngokufunda, ukubhala izincwadi, ukwenza izinto, nokuphumula. Ukuba wedwa okwakhayo kuhlanganisa nokuthandaza kuNkulunkulu, ukutadisha iBhayibheli, nokuzindla ngalo. (IHubo 63:6) Lezi izindlela zokusondela kuJehova uNkulunkulu, lowo ongaba uMngane wethu omkhulu kunabo bonke.
Izibonelo Zobungane EziseBhayibhelini
Nakuba kukuhle ukuba nobungane nabantu abaningi, iBhayibheli lisikhumbuza ukuthi “kukhona abangane ababambelela kuneselamani.” (IzAga 18:24) Sonke siyabadinga abangane abambalwa abaseduze abasikhathalela ngempela, abanobungane obusijabulisayo, obusinikeza amandla, nokuthula. Nakuba ubungane beqiniso obunjalo bungase bube obungavamile namuhla, izibonelo ezithile zasendulo ziphawulwe ngokukhethekile eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, kwakunobungane obuvelele bukaDavide noJonathani. Yini esingayifunda kubo? Kungani ubungane babo bahlala njalo?
Phakathi kokunye, uDavide noJonathani babenezinto ezibalulekile ababefana ngazo. Okubaluleke kakhulu, bobabili babenokuzinikela okujulile kuJehova uNkulunkulu. Lapho eqaphela ukholo lukaDavide kuNkulunkulu nezenzo zakhe zokuvikela abantu bakaJehova, “inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.” (1 Samuweli 18:1) Khona-ke, uthando lwabangane ababili ngoNkulunkulu luyasiza ekubenzeni banamathelane.
UJonathani noDavide babengabantu abanamandla ababephila ngezimiso zokuhlonipha uNkulunkulu. Ngakho babekwazi ukuhloniphana. (1 Samuweli 19:1-7; 20:9-14; 24:6) Ngempela sibusisiwe uma sinabangane abahlonipha uNkulunkulu ababuswa izimiso ezingokomBhalo.
Kunezinye izici ezazinengxenye ebalulekile ebunganeni bukaDavide noJonathani. Ubuhlobo babo babunokwethembeka nobuqotho, futhi babethembana. Ngobuqotho uJonathani wayebeka izithakazelo zikaDavide ngaphambi kwezakhe. Wayengenawo umhawu ngokuthenjiswa kukaDavide ubukhosi; kunalokho, uJonathani wamsekela ngokomzwelo nangokomoya. Futhi uDavide walwamukela usizo lwakhe. (1 Samuweli 23:16-18) Ngezindlela ezifanele ngokomBhalo, uDavide noJonathani bavezelana imizwa yabo ngomunye nomunye. Ubungane babo bokuhlonipha uNkulunkulu babusekelwe ekwaziseni nasothandweni lweqiniso. (1 Samuweli 20:41; 2 Samuweli 1:26) Babungenakunqamuka ngoba womabili lamadoda ahlala ethembekile kuNkulunkulu. Ukusebenzisa izimiso ezinjalo kungasisiza ukuba sakhe futhi silondoloze ubungane beqiniso.
Indlela Yokuhlakulela Ubungane
Ingabe ufuna abangane beqiniso? Kungase kungadingeki ubafune kude. Abanye phakathi kwabantu ovame ukuxhumana nabo bangaba abangane bakho, futhi bangase babudinge ubungane bakho. Ikakhulukazi ngokuqondene namaKristu esikanye nawo, kuwukuhlakanipha ukusebenzisa iseluleko somphostoli uPawulu ‘sokwanuleka.’ (2 Korinte 6:11-13) Nokho, ungakhathazeki uma yonke imizamo yokwakha ubungane ingaphumeli esibophweni esijulile. Ngokuvamile kuthatha isikhathi ukwakha ubungane, futhi akubona bonke ubuhlobo obuyoba obujule ngokulinganayo. (UmShumayeli 11:1, 2, 6) Yebo, ukuze sijabulele ubungane bangempela, kumelwe singabi nabugovu, futhi kudingeka silandele iseluleko sikaJesu: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.
Obani abadinga ubungane bakho? Ngaphandle kwalabo abangangawe, kuthiwani ngabasebasha noma asebekhulile? Ubungane bukaDavide noJonathani, uRuthe noNawomi, nobukaPawulu noThimothewu bonke babuhilela ukushiyana okuthile ngeminyaka yobudala. (Ruthe 1:16, 17; 1 Korinte 4:17) Ingabe ubungane bakho ungabandisa buhlanganise nabafelokazi nabanye abantu abangashadile? Cabanga nangalabo abasanda kufika endaweni yakini. Kungenzeka baye badela ubudlelwane babangane babo abaningi noma bonke ngokuthutha noma ukushintsha indlela yabo yokuphila. Ungalindi ukuba abanye bakuqhwande. Uma ungumKristu, yakha ubungane obuhlala njalo ngokusebenzisa iseluleko sikaPawulu: “Othandweni lobuzalwane yibani nokusondelana okunesisa komunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.”—Roma 12:10.
Singacabanga ngobungane njengohlobo oluthile lokupha. UJesu wathi uma sipha, abantu bayosipha. Wabonisa nokuthi kunenjabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni. (Luka 6:38; IzEnzo 20:35) Ingabe uke wahlangana nabantu abanezizinda ezihlukene? Imihlangano yezizwe yoFakazi BakaJehova iye yabonisa ukuthi abantu bezizwe ezihlukahlukene bangabakha ubungane beqiniso nobuhlala njalo lapho behlanganiswe ukukhulekela kukaNkulunkulu.
Ukugcina Ubungane Buqinile
Ngokudabukisayo, ngezinye izikhathi abantu ababonakala bengabangane bazwisana ubuhlungu. Inhlebo elimazayo, ukungathembeki, ukungabi nokwazisa—lokhu kuphakathi kwezinto ezibuhlungu kakhulu lapho zenziwa othile obumbheka njengomngane weqiniso. Yini engase yenziwe ezimweni ezinjalo?
Beka isibonelo esihle. Yenza konke ongakwenza ukuze ugweme ukubangela ubuhlungu obungadingekile. Kwezinye izindawo kuyinto evamile ngabangane ukuba bagconane ngamaphutha abo. Kodwa ukuphathana ngokhahlo noma ukukhohlisana ngeke kubasondeze eduze abangane, ngisho noma bethi ‘bayantela.’—IzAga 26:18, 19.
Zikhandle ukuze ulondoloze ubungane. Ngezinye izikhathi kuba nokungaqondi kahle lapho abangane belindele okukhulu ngokwedlulele komunye nomunye. Umngane ogulayo noma oxinekile ngenxa yenkinga engathi sína cishe ngeke akwazi ukubonisa imfudumalo evamile. Khona-ke, ngezikhathi ezinjalo zama ukuba oqondayo nosekelayo.
Xazulula izinkinga ngokushesha nangomusa. Lokhu kwenze ngasese uma kungenzeka. (Mathewu 5:23, 24; 18:15) Qiniseka ukuthi umngane wakho uyazi ukuthi ufuna ukulondoloza ubuhlobo obuhle. Abangane abaqotho bayathethelelana. (Kolose 3:13) Ingabe uyoba yilolo hlobo lomngane—umngane obambelela ukudlula iselamani?
Ukufunda nokucabanga ngobungane kumane nje kuyisiqalo. Uma sinesizungu, masithathe isinyathelo esifanele, khona-ke ngeke sibe nesizungu isikhathi eside. Uma sanuleka, singabakha abangane beqiniso. Siyokwakha isibopho esikhethekile nabanye babo. Kodwa akukho muntu ongathatha indawo kaNkulunkulu, uMngane omkhulu kunabo bonke. UJehova kuphela ongase asazi, asiqonde, futhi asisekele ngokugcwele. (IHubo 139:1-4, 23, 24) Ngaphezu kwalokho, iZwi lakhe linikeza ithemba elimangalisayo lesikhathi esizayo—izwe elisha lapho kuyoba nokwenzeka khona ukuba nabangane beqiniso phakade.—2 Petru 3:13.
[Izithombe ekhasini 5]
UDavide noJonathani babenobungane beqiniso, nathi singaba nabo