Benza Intando KaJehova
Ukulalela Amazwi KaJesu Okuvalelisa
KUSIHLWA ngo-Nisan 14, 33 C.E., uJesu Kristu nabaphostoli bakhe abakholekile abangu-11 babehlezi-bulala etafuleni ekamelweni eliphezulu eJerusalema. Eqaphela ukuthi ukufa kwakhe kwase kuseduze, wabatshela: “Ngisenani okwesikhashana.” (Johane 13:33) Eqinisweni, kakade uJuda Iskariyothe wayesesendleleni eyobopha uzungu namadoda amabi ayefuna ukuba uJesu abulawe.
Akekho kulelo kamelo eliphezulu owayeqaphela ukuphuthuma kwesimo ngaphezu kukaJesu. Wayazi kahle ukuthi wayesezohlupheka. UJesu wayazi nokuthi abaphostoli bakhe babezomhlamuka ngabo kanye lobo busuku. (Mathewu 26:31; Zakariya 13:7) Njengoba leli kwakuyithuba lokugcina lokuba uJesu akhulume nabaphostoli bakhe ngaphambi kokuba afe, singaqiniseka ukuthi amazwi akhe okuvalelisa agxila ezintweni ezibaluleke kakhulu.
“Qhubekani Nikwenza Lokhu Ningikhumbula”
UJesu wamisa umkhosi omusha nabaphostoli bakhe abakholekile, owawuyothatha indawo yePhasika lamaJuda. Umphostoli uPawulu wawubiza ngokuthi “isidlo seNkosi sakusihlwa.” (1 Korinte 11:20) Ethatha isinkwa esingavutshelwe, uJesu wathandaza. Khona-ke wasihlephula futhi wasinika abaphostoli bakhe. Wathi: “Thathani, yidlani. Lokhu kusho umzimba wami.” Khona-ke wathatha indebe yewayini, wathandaza ebonga wabe eseyinikeza abaphostoli, ethi: “Phuzani kuyo, nonke; ngoba lokhu kusho ‘igazi’ lami ‘lesivumelwano,’ elizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.”—Mathewu 26:26-28.
Sasibaluleke ngani lesi senzakalo? Njengoba uJesu abonisa, isinkwa sasimelela umzimba wakhe ongenasono. (Heberu 7:26; 1 Petru 2:22, 24) Iwayini lalifanekisela igazi likaJesu elachithwa, elaliyokwenza kube nokwenzeka ukuthethelelwa kwezono. Futhi igazi lakhe eliwumhlatshelo laliyogunyaza isivumelwano esisha phakathi kukaJehova uNkulunkulu nabantu abangu-144 000, ekugcineni ababeyobusa noJesu ezulwini. (Heberu 9:14; 12:22-24; IsAmbulo 14:1) Ngokumema abaphostoli bakhe ukuba bahlanganyele kulesi sidlo, uJesu wabonisa ukuthi babeyohlanganyela naye eMbusweni wasezulwini.
Ngokuphathelene nalesi sidlo esiyisikhumbuzo, uJesu wayala: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Yebo, iSidlo SeNkosi Sakusihlwa sasiyoba isenzakalo saminyaka yonke, njengoba nje iPhasika lalikade linjalo. Njengoba iPhasika laliyisikhumbuzo sokukhululwa kwama-Israyeli ebugqilini eGibithe, iSidlo SeNkosi Sakusihlwa sasiyogxila ekukhululweni okukhulu kakhulu—ukukhululwa kwesintu esidinga ukuhlengwa ebugqilini besono nokufa. (1 Korinte 5:7; Efesu 1:7) Ngaphezu kwalokho, labo abadla isinkwa newayini okuyizifanekiselo babeyokhunjuzwa ngamalungelo abo esikhathi esizayo njengamakhosi nabapristi eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini.—IsAmbulo 20:6.
Ukufa kukaJesu Kristu ngempela kwakuyisenzakalo esibaluleke kunazo zonke emlandweni wesintu. Labo abakuqondayo lokho uJesu akwenza balalela umyalo wakhe ngokuphathelene neSidlo SeNkosi Sakusihlwa: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” OFakazi BakaJehova bagubha isikhumbuzo sokufa kukaJesu minyaka yonke ngosuku oluqondana no-Nisan 14. Ngo-1996 lolu suku luyoba ngo-April 2, ngemva kokushona kwelanga. Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona eHholo LoMbuso elisendaweni yakini.
“Ngininika Umyalo Omusha”
Ngalé kokumisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, uJesu wayeneseluleko esithile sokuvalelisa kubaphostoli bakhe. Naphezu kokuqeqeshwa kahle, kwakukuningi lamadoda okwakufanele akufunde. Ayengayiqondi ngokugcwele injongo kaNkulunkulu ngoJesu, ngawo, noma ngekusasa. Kodwa uJesu akazange azame ukucacisa zonke lezi zinto ngalesi sikhathi. (Johane 14:26; 16:12, 13) Kunalokho, wakhuluma ngokuthile okubaluleke kakhulu. “Ngininika umyalo omusha,” esho, “wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane.” Khona-ke uJesu wanezela: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:34, 35.
Kungayiphi indlela lona ‘kwakungumyalo omusha’? Phela, uMthetho kaMose wayala: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Levitikusi 19:18) Nokho, uJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba babonise uthando lokuzidela olwaluyofinyelela ezingeni lokuba umuntu anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yamaKristu akanye nawo. Yebo, ‘lomthetho wothando’ wawuyosebenza nasezintweni ezingabalulekile kangako. Kuzo zonke izimo umlandeli kaJesu Kristu wayeyothatha isinyathelo kuqala ekuboniseni uthando ngokusiza abanye ngokomoya nangezinye izindlela.—Galathiya 6:10.
Ngalobu busuku bokugcina bokuphila kukaJesu kwasemhlabeni, uthando lwamshukumisela ukuba athandazele abafundi bakhe kuJehova uNkulunkulu. Ngokwengxenye, wathandaza wathi: “Bona basezweni futhi mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, babheke ngenxa yegama lakho siqu onginike lona, ukuze babe munye njengoba nje nathi simunye.” (Johane 17:11) Kuyaphawuleka ukuthi lapho enxusa uYise ngalendlela, uJesu wathandazela ukuba abalandeli bakhe babe nobunye obunothando. (Johane 17:20-23) Kwakudingeka ‘bathandane njengoba nje naye ayebathandile.’—Johane 15:12.
Abaphostoli abakholekile bawalalela amazwi kaJesu okuvalelisa. Nathi kufanele sivumelane nemiyalo yakhe. Kulezi ‘zinsuku zokugcina’ ezibucayi, uthando nobunye phakathi kwabakhulekeli beqiniso kubaluleke kakhulu kunanini ngaphambili. (2 Thimothewu 3:1) Ngempela, amaKristu eqiniso alalela imiyalo kaJesu futhi abonisa uthando lobuzalwane. Lokhu kuhlanganisa ukulalela umyalo wakhe wokugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa.