UJehova—Umthandi Wokulunga Nobulungisa
INTOMBAZANYANA ethile yaseSarajevo izibuza ukuthi kungani izingane zasedolobheni lakubo kumelwe zikhuthazelele ukuhlupheka okukhulu kangaka. “Asenzanga lutho. Asinacala,” isho. Sekuyiminyaka engaba ngu-15 omama base-Argentina abaphithene beya emgwaqweni oyinhlukana-ndlela waseBuenos Aires, bebhikishela ukunyamalala kwamadodana abo. Umuntu wase-Afrika okuthiwa u-Emmanuel, onina nodadewabo abathathu babulawa ngesihluku lapho kuqala udlame ohlangeni lwakubo, uyagcizelela: “Bonke abantu kumelwe bathole umvuzo wabo obafanele . . . Sifuna ubulungisa.”
Ubulungisa bungenye yezimfanelo zikaJehova uNkulunkulu eziyinhloko. IBhayibheli lithi: “Zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.” Ngempela, uJehova “uthanda ukulunga nobulungisa.” (Duteronomi 32:4, qhathanisa ne-NW; IHubo 33:5, qhathanisa ne-NW.) Ukuze simazi kahle uNkulunkulu, kumelwe siqonde indlela abubheka ngayo ubulungisa futhi sifunde ukuyilingisa.—Hoseya 2:19, 20; Efesu 5:1.
Kungenzeka ukuthi umbono wethu ngobulungisa uye walolongwa yilokho abantu abacabanga ukuthi lemfanelo iyikho. Kwezinye izingxenye zomhlaba, ubulungisa buvame ukuvezwa njengowesifazane ombozwe amehlo ophethe inkemba nesikalo. Ubulungisa babantu kufanele bungakhethi, okungukuthi, bungayinaki ingcebo noma ithonya. Kufanele ngokucophelela bulinganise esikalweni icala noma ubumsulwa balowo omangalelwayo. Ngenkemba yabo, ubulungisa kufanele buvikele abangenacala futhi bujezise abenzi bobubi.
Incwadi ethi Right and Reason—Ethics in Theory and Practice ithi “ubulungisa buhlobene nomthetho, isibopho, amalungelo, nemithwalo yemfanelo, futhi bukhipha izahlulelo zabo ngokulingana noma ngokwalokho umuntu okumfanele.” Kodwa ubulungisa bukaJehova budlulela ngalé kwalokho. Lokhu singakubona ngokucabangela izenzo nezimfanelo zikaJesu Kristu, ofuze uYise wasezulwini wangamshiya.—Heberu 1:3.
Umlobi weVangeli uMathewu wawasebenzisa kuJesu amazwi ka-Isaya 42:3, ethi: “Akukho mhlanga olimele ayowuchoboza, futhi akukho ntambo yefilakisi elokozayo ayoyicima, kuze kube yilapho ethumela ubulungisa ngokuphumelelayo.” UJesu wamemezela isigijimi esiduduzayo kubantu ababenjengomhlanga olimele owawugobekile futhi unyathelwa. Babenjengentambo yesibani elokozayo, njengokungathi inhlansi yokugcina yokuphila kwabo yayicishe yacima. Kunokuba achoboze imihlanga eyayilimele futhi acime izintambo ezilokozayo ngomqondo ongokomfanekiso, uJesu wabahawukela abacindezelekile, wabafundisa futhi wabaphulukisa, futhi wabacacisela ubulungisa bukaJehova uNkulunkulu. (Mathewu 12:10-21) Njengoba isiprofetho sika-Isaya sabikezela, lolo hlobo lobulungisa lwalunikeza ithemba.
Isihe Nobulungisa BukaJehova
Isihe siwumnyombo wobulungisa bukaNkulunkulu. Lokhu kwabonakala ngokucacile lapho uJesu esemhlabeni. Wamelela izindinganiso zikaNkulunkulu zobulungisa nokulunga ngokuphelele. Nokho, ababhali nabaFarisi abangamaJuda bafuna ukufinyelela ukulunga ngokulandela isimiso esinemithetho eqinile—eminingi yayo ababezenzele yona. Ubulungisa babo bokunamathela emthethweni ngokuvamile babungenaso isihe. Ukungqubuzana okuningi phakathi kukaJesu nabaFarisi kwakugxile ekutheni: Buyini ubulungisa nokulunga kweqiniso?—Mathewu 9:10-13; Marku 3:1-5; Luka 7:36-47.
UJesu wabonisa indlela yokuphatha abanye ngobulungisa nokulunga. Indoda ethile eyayijwayelene kahle noMthetho yake yabuza uJesu ukuthi yini eyayidingekile ukuze umuntu azuze njengefa ukuphila okumi phakade. Ephendula uJesu wayibuza umbuzo wabe eseyincoma lapho iphendula ngokuthi imithetho emibili ebaluleke kunayo yonke kwakuwukuba umuntu athande uNkulunkulu ngenhliziyo yakhe yonke, umphefumulo, ingqondo, nezikhwepha nokuba athande umakhelwane wakhe njengoba ezithanda yena. Khona-ke lendoda yabe isibuza: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” UJesu waphendula ngokulandisa umfanekiso womSamariya olungileyo.—Luka 10:25-37.
Lomfanekiso kaJesu womSamariya wabonisa ukulunga nobulungisa obunesihe bukaJehova. Ngokusiza ngokungenabugovu indoda elimele ayengayazi, lomSamariya wenza into efanele, ewubulungisa, neyisihe. UJesu ngokwakhe wabonisa umoya ofanayo lapho esemhlabeni. Wayelungile futhi enobulungisa. Ngaphezu kwalokho, wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabantu abaswele, ngenxa yesintu esinesono nesingaphelele esibhekana nokuhlupheka, ukugula, nokufa. Umphostoli uPawulu wahlobanisa ukulunga nelungiselelo lesihlengo. Wabhala: “Njengoba ngesiphambeko esisodwa umphumela kubantu bazo zonke izinhlobo waba ukulahlwa, ngokufanayo futhi ngesenzo esisodwa sokuzibonakalisa elungile [noma, “isenzo esisodwa esilungileyo,” umbhalo waphansi we-NW] umphumela kubantu bazo zonke izinhlobo uwukuba kuthiwe balungile kube ukuphila.” (Roma 5:18) Lesi “senzo esisodwa esilungileyo” sasiyindlela kaNkulunkulu yokusindisa isintu esilalelayo emiphumeleni eyinhlekelele yesono sika-Adamu, ababengenakusolwa ngokuqondile ngaso.
Ubulungisa bukaNkulunkulu babufuna ukuba kukhululwe abantu abanesono futhi ngesikhathi esifanayo kuphakanyiswe izimiso zokulunga. Ukungasinaki isono kwakuyoba okungenabulungisa nokungenalo uthando, ngoba kwakuyokhuthaza ukungabi namthetho. Ngakolunye uhlangothi, ukube ubulungisa bukaNkulunkulu babugcine ngokunikeza umvuzo noma ngokukhipha isijeziso, isimo sesintu sasiyoba esingenathemba. NgokweBhayibheli, “inkokhelo isono esiyikhokhayo iwukufa” futhi “akekho umuntu olungileyo, ngisho noyedwa.” (Roma 3:10; 6:23) Nakuba kwasho ukulahlekelwa okukhulu kuye ngokwakhe, naseNdodaneni yakhe ethandekayo, uJehova walungiselela umhlatshelo ohlawulelayo ngenxa yezono.—1 Johane 2:1, 2.
Isihlengo sibonisa ukuthi ubulungisa baphezulu buhlangene nothando olunezimiso (ngesiGreki, a·gaʹpe). Ngempela, ubulungisa bukaNkulunkulu buwukufezwa kwezimiso zakhe zokulunga—ukubonakaliswa kwezindinganiso zakhe zokuziphatha. Ngakho-ke, lapho iboniswa uNkulunkulu, i-a·gaʹpe iwuthando okusekelwe kulo ubulungisa baphezulu. (Mathewu 5:43-48) Ngakho uma sibuqonda ngempela ubulungisa bukaJehova, siyozithemba ngokuphelele izahlulelo zakhe. ‘Njengomahluleli womhlaba wonke,’ wenza okulungile ngaso sonke isikhathi.—Genesise 18:25; IHubo 119:75.
Lingisa Ubulungisa BukaJehova
IBhayibheli lisinxusa ukuba ‘sibe ngabalingisi bakaNkulunkulu.’ (Efesu 5:1) Lokhu kusho ukulingisa ubulungisa kanye nothando lwakhe. Nokho, njengoba singaphelele, izindlela zethu aziphakeme njengezikaJehova uNkulunkulu. (Isaya 55:8, 9; Hezekeli 18:25) Ngakho singazibonakalisa kanjani singabathandi bokulunga nobulungisa? Ngokugqoka “ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.” (Efesu 4:24) Khona-ke siyothanda lokho uNkulunkulu akuthandayo futhi sizonde lokho akuzondayo. ‘Ukulunga kweqiniso’ kuyabugwema ubudlova, ukuziphatha okubi, ukungahlanzeki, nokuhlubuka, ngoba lokhu konakalisa okungcwele. (IHubo 11:5; Efesu 5:3-5; 2 Thimothewu 2:16, 17) Ubulungisa bukaNkulunkulu busishukumisela nokuba sibonise isithakazelo esiqotho kwabanye.—IHubo 37:21; Roma 15:1-3.
Ngaphezu kwalokho, uma sikuqonda ukuthi ubulungisa bukaNkulunkulu bunesihe, ngeke sithambekele ekwahluleleni abafowethu nodadewethu abangokomoya. Kungenzeka kanjani ukuba sibaqonde ngendlela uJehova abaqonda ngayo? Ngeke yini sibahlulele ngombono wethu obandlululayo? Yingakho uJesu axwayisa: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa; ngoba noma isiphi isahlulelo enahlulela ngaso, niyokwahlulelwa ngaso; nesilinganiso enilinganisa ngaso, bayonilinganisela ngaso. Khona-ke, kungani ubheka umucu wotshani osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngomshayo osesweni lakho siqu? Noma ungasho kanjani kumfowenu ukuthi, ‘Ngivumele ngikhiphe umucu wotshani esweni lakho’; kuyilapho, bheka! kunomshayo esweni lakho siqu? Mzenzisi! Khipha kuqala umshayo esweni lakho siqu, khona-ke uyobona ngokucacile ukuthi ungawukhipha kanjani umucu wotshani esweni lomfowenu.” (Mathewu 7:1-5) Ukuhlaziya ngobuqotho ukungapheleli kwethu siqu kuyosivimbela ukuba sahlulele ngendlela uJehova angayibheka njengengalungile.
Abadala bebandla abamisiwe banesibopho sokwahlulela emacaleni obubi obungathi sína. (1 Korinte 5:12, 13) Lapho benza kanjalo, bakhumbula ukuthi ubulungisa bukaNkulunkulu bufuna ukuba kuboniswe isihe lapho kungenzeka khona. Uma singekho isisekelo salokho—njengalapho isoni singaphenduki—isihe asinakuboniswa. Kodwa abadala abamxoshi ebandleni umenzi wobubi onjalo ngomoya wokuphindisela. Banethemba lokuthi sona ngokwaso isenzo sokususa ekuhlanganyeleni siyomenza asanguluke. (Qhathanisa noHezekeli 18:23.) Ngaphansi kobunhloko bukaKristu, abadala bakhonza ngenxa yobulungisa, futhi lokhu kuhlanganisa nokuba babe ‘njengendawo yokucashela umoya.’ (Isaya 32:1, 2) Ngakho-ke kumelwe babonise ukungakhethi nokucabangela.—Duteronomi 1:16, 17.
Hlwanyelani Ngokulunga
Njengoba sisalindele izwe likaNkulunkulu elisha lokulunga, kumelwe ‘sifune ukulunga’ ukuze sithole ukuvunyelwa kwaphezulu. (Zefaniya 2:3; 2 Petru 3:13) Lombono uvezwe kahle ngalamazwi atholakala kuHoseya 10:12: “Zihlwanyeleleni ngokulunga, niyakuvuna ngomusa; qathani umqatho wenu; sekuyisikhathi sokumfuna uJehova aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.”
Ekuphileni kwethu kwansuku zonke, sinamathuba amaningi ‘okuhlwanyela ngokulunga,’ njengoba nje uJesu abonisa ngomfanekiso wakhe womSamariya olungileyo. UJehova uyoqikelela ukuthi ‘sivuna ngomusa.’ Uma siqhubeka sihamba ‘endleleni yobulungisa,’ siyoqhubeka samukela ukufundiswa ngokulunga ngaphansi kokubusa koMbuso. (Isaya 40:14, qhathanisa ne-NW.) Njengoba isikhathi sihamba, akungabazeki ukuthi siyokuqonda ngokugcwele kakhudlwana ukuthi uJehova ungumthandi wokulunga nobulungisa.—IHubo 33:4, 5.
[Isithombe ekhasini 23]
UmSamariya olungileyo wabonisa ubulungisa bukaJehova
[Isithombe ekhasini 23]
UJesu wayenesihawu ngabantu abacindezelekile, ababenjengemihlanga elimele