Imibuzo Evela Kubafundi
Ngezinye izikhathi siye sizwe abazalwane bekhuluma noma bethandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze emhlabeni. Ingabe lena inkulumo efanele?
Uma singagwegwesi, lendlela yokukhuluma ayivumelani nemiBhalo. UMbuso kaNkulunkulu ungowasezulwini. Yingakho umphostoli uPawulu ayengabhala: “INkosi iyongikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi futhi ingisindisele umbuso wayo wasezulwini. Inkazimulo mayibe kuyo kuze kube phakade naphakade. Amen.”—2 Thimothewu 4:18; Mathewu 13:44; 1 Korinte 15:50.
UMbuso wamiswa ezulwini ngo-1914, futhi ngeke udluliselwe ePharadesi lasemhlabeni elibuyiselwe noma kwenye indawo. UJesu Kristu uyiNkosi yaloMbuso. NjengeNkosi, uJesu unegunya phezu kwezingelosi. Ngakho, indawo yakhe efanele yokubusa ingakwesokunene sikaNkulunkulu emazulwini. AmaKristu agcotshiwe ahlanganyela naye njengamakhosi nabapristi ezulwini.—Efesu 1:19-21; IsAmbulo 5:9, 10; 20:6.
Ingabe-ke lokhu kusho ukuthi akusafanele sisho kuNkulunkulu amazwi okunxusa atholakala engxenyeni yoMthandazo WeNkosi ethi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini”? (Mathewu 6:10) Ngokuphambene, lowo mthandazo ufanelekile futhi usenenjongo.
UMbuso kaNkulunkulu usazothatha isinyathelo esiwujuqu kulomhlaba, futhi sisuke sicabanga ngalokhu lapho sithandaza sisebenzisa amazwi afana nalawo aseMthandazweni WeNkosi. Ngokwesibonelo, uDaniyeli 2:44 ubikezela ukuthi uMbuso ‘uzoza’ uzobhubhisa zonke izizwe futhi uzothatha ububusi balomhlaba. IsAmbulo 21:2 sikhuluma ngeJerusalema Elisha elehla livela ezulwini. IJerusalema Elisha lakhiwa amaKristu agcotshiwe angu-144 000 ayoba umlobokazi kaKristu. Futhi ayizindlalifa kanye noJesu eMbusweni. Ngakho IsAmbulo 21:2 sichaza ukubhekisela kwabo ukunakekela emhlabeni, okuphumela ezibusisweni ezinkulu esintwini esithembekile.—IsAmbulo 21:3, 4.
Kuze kube yilapho lezi kanye nezinye iziprofetho ezimangalisayo sezigcwalisekile, kuzoqhubeka kungokufanelekile ukuthandaza kuJehova uNkulunkulu ngokuvumelana namazwi kaJesu athi, “Umbuso wakho mawuze.” Kodwa kufanele sikhumbule ukuthi loMbuso ngeke uze ngokoqobo kuleplanethi enguMhlaba. Uhulumeni waloMbuso usezulwini, hhayi emhlabeni.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Earth: Based on NASA photo