Imibuzo Evela Kubafundi
Namuhla singasho yini ukuthi izinceku zikaNkulunkulu ezinethemba lasemhlabeni zinomoya ongcwele kaNkulunkulu olingana nowamaKristu agcotshwe ngomoya?
Lombuzo awumusha. Lendaba efanayo yakhulunyelwa kwesithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-April 15, 1952. Baningi abaye baba oFakazi kusukela ngaleso sikhathi, ngakho singawucabangela lombuzo futhi lapho senza kanjalo singabukeza lokho okwashiwo ukwaziswa kwasekuqaleni.
Ngokuyisisekelo, impendulo ithi yebo, abazalwane nodade abakholekile besigaba sezinye izimvu bangahlanganyela ngokulinganayo nabagcotshiwe ekwamukeleni umoya ongcwele kaNkulunkulu.—Johane 10:16.
Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi umoya usebenza ngendlela efanayo kubo bonke abantu. Cabanga ngezinceku ezikholekile zangaphambi kwezikhathi zobuKristu, ngokuqinisekile ezawamukela umoya kaNkulunkulu. Ngamandla omoya, ezinye zazo zabulala izilwane ezinonya, zelapha abagulayo, zavusa ngisho nabafile. Futhi zazidinga umoya ukuze zibhale izincwadi zeBhayibheli eziphefumulelwe. (AbAhluleli 13:24, 25; 14:5, 6; 1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:17-37; 5:1-14) Le-Nqabayokulinda yathi: “Nakuba zazingezona ezesigaba sabagcotshiwe, zazigcwele umoya ongcwele.”
Ngakolunye uhlangothi, cabangela amadoda nabesifazane bekhulu lokuqala abagcotshwa ngomoya ongcwele, baba amadodana kaNkulunkulu angokomoya anethemba lasezulwini. Bonke babegcotshiwe, kodwa lokhu akusho ukuthi ngemva kwalokho umoya wasebenza ngendlela efanayo kubo bonke. Lokho kusobala kweyoku-1 Korinte isahluko 12. Lapho, umphostoli uPawulu wakhuluma ngezipho zomoya. Evesini 8, 9, no-11 siyafunda: “Omunye ngomoya unikwa inkulumo yokuhlakanipha, omunye inkulumo yolwazi ngawo umoya ofanayo, omunye ukholo ngawo umoya ofanayo, omunye izipho zokuphulukisa ngawo lowomoya owodwa. Kodwa yonke lemisebenzi yenziwa yilowomoya ofanayo, wabela lowo nalowo ngokuhlukene njengoba nje uthanda.”
Ngokuphawulekayo, akubona bonke abagcotshiwe emuva ngaleso sikhathi ababenezipho zomoya eziyisimangaliso. Kweyoku-1 Korinte isahluko 14, uPawulu wakhuluma ngomhlangano webandla lapho othile ayenesipho sezilimi, kodwa engekho onesipho sokuhumusha. Nakuba kunjalo, esikhathini esingaphambili, ngamunye wabo wayegcotshwe ngomoya. Kwakungaba nengqondo yini ukuthi umzalwane onesipho sezilimi abe nomoya owengeziwe kunabanye ababekhona? Cha. Labo abanye abagcotshiwe babengaswele, njengokungathi babengakwazi ukuqonda iBhayibheli njengaye noma bengakwazi ukubhekana novivinyo njengaye. Umoya wawusebenza ngendlela ekhethekile kumzalwane owayekwazi ukukhuluma ngezilimi. Nakuba kunjalo, yena kanye nabo kwakudingeka bahlale beseduze noJehova futhi ‘baqhubeke begcwaliswa ngomoya,’ njengoba uPawulu abhala.—Efesu 5:18.
Ngokuqondene nalabo bensali namuhla, ngokuqinisekile baye bawamukela umoya kaNkulunkulu. Ngesinye isikhathi wasebenza ngendlela ekhethekile kubo—ngesikhathi begcotshwa futhi bemukelwa njengamadodana omoya. Ngemva kwalokho ‘bayaqhubeka begcwaliswa ngomoya,’ ubasiza lapho befuna ukuqonda iBhayibheli ngokucace kakhudlwana, ukuhola emsebenzini wokushumayela, noma ukubhekana nokuvivinywa—komuntu siqu noma okungokwenhlangano.
Amalungu “ezinye izimvu,” nakuba engazange agcotshwe, ayawamukela umoya ongcwele ngezinye izindlela. INqabayokulinda yesiNgisi ka-April 15, 1952, yaphawula:
“Namuhla ‘ezinye izimvu’ zenza umsebenzi wokushumayela ofanayo nowenziwa insali, ngaphansi kwezimo ezivivinya ngendlela efanayo, futhi zibonisa ukukholeka nobuqotho obufanayo. Zidla etafuleni elingokomoya elifanayo, zidla ukudla okufanayo, zingenisa amaqiniso afanayo. Njengoba zingabesigaba sasemhlabeni, zinamathemba asemhlabeni nesithakazelo esiqotho ezintweni zasemhlabeni, zingase zinake kakhulu imibhalo ephathelene nezimo zasemhlabeni ezweni elisha; kuyilapho insali egcotshiwe, enamathemba asezulwini nesithakazelo esiqotho ezintweni zomoya, ingase itadishe ngenkuthalo eyengeziwe lezo zinto eZwini likaNkulunkulu. . . . Nokho iqiniso elisalayo elokuthi amaqiniso afanayo nokuqonda okufanayo kutholakala kuzo zombili lezi zigaba, futhi kumane nje kuyindlela abantu abazikhandla ngayo ekutadisheni enquma izinga abaqonda ngalo izinto zasezulwini nezasemhlabeni abazitholayo. Umoya weNkosi utholakala ngezinga elifanayo kuzo zombili lezi zigaba, futhi ulwazi nokuqonda kunikezwa ngezinga elifanayo kuzo zombili, kuhlanganise namathuba afanayo okulungenisa.”