Ingabe ulingisa UNkulunkulu Wethu Ongakhethi?
UKUNGAKHETHI—kungatholakalaphi? Kukhona Umuntu oyedwa ongakhethi ngokuphelele, ongenalo ubandlululo. UJehova uNkulunkulu, uMdali wesintu. Nokho, ngokuphathelene nabantu, umlobi wekhulu le-19 oyiNgisi uCharles Lamb ngobuqotho wabhala: “Uma ngilimisa ngesihloko, ngigcwele ubandlululo—oluhlanganisa engikuthandayo nengingakuthandi.”
Lapho kuziwa endabeni yokungakhethi, ubudlelwane babantu buyasilela kakhulu. Emakhulwini amaningi eminyaka adlule iNkosi yakwa-Israyeli ehlakaniphile uSolomoni yaqaphela ukuthi ‘umuntu ubusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Inzondo yobuhlanga, izimpi zezizwe, nezingxabano emikhayeni kuyaqhubeka kwanda. Ngakho-ke, ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi abantu bebodwa bangakha umphakathi ongakhethi?
Kudingeka umzamo oqotho ukuze silawule isimo sethu sengqondo futhi sikhiphe noma yiluphi ubandlululo olugxilile. (Efesu 4:22-24) Singaqaphele, singase sithambekele ekubeni nesimo sengqondo esakhiwe isimo esikuso esingokwenhlalo nesingokwemfundo nesisuka esizindeni sethu somkhaya, uhlanga, nesizwe. Lokhu kuthambekela okubonakala kukuncane ngokuvamile kuyagxila futhi kukhuthaze isimo sengqondo esiholela ekubeni okhethayo. Isazi-mthetho saseScotland esingumhleli uMhlonishwa uFrancis Jeffrey saze savuma: “Ayikho into umuntu angase athathe isikhathi eside ukuyiqaphela, njengezinga namandla obandlululo lwakhe.”
ULenaa ungomunye wabavumayo ukuthi kudingeka umzamo oqotho ukuze ulwe nokuthambekela kokuba okhethayo. Uthi ukuqeda imizwa yobandlululo ephakathi kumuntu “kudinga umzamo omkhulu ngoba indlela okhuliswe ngayo iyithonya elinamandla kakhulu.” ULena uyavuma nokuthi kudingeka izikhumbuzo zasikhathi sonke.
Umlando KaJehova Wokungakhethi
UJehova uyisibonelo esiphelele sokungakhethi. Kusukela ekuqaleni kweBhayibheli, sifunda indlela abonisa ngayo ukungakhethi lapho esebenzelana nabantu. Kuningi esingakufunda kulezi zibonelo nezikhumbuzo ezinhle.
UJehova wabonisa ukungakhethi lapho ehlela izinto ukuze umphostoli uPetru ongumJuda ashumayele izindaba ezinhle kuKorneliyu nakwabanye abantu beZizwe ngo-36 C.E. Ngaleso sikhathi uPetru wathi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Kukho konke ukusebenzelana kwakhe nomkhaya wesintu, uJehova uye wakubonisa ngokungaguquguquki ukungakhethi. UKristu Jesu wathi ngoYise: ‘Wenza ilanga lakhe liphume phezu kwabantu ababi nabahle futhi wenza line phezu kwabantu abalungileyo nabangalungile.’ (Mathewu 5:45) Eqhubeka edumisa uJehova njengoNkulunkulu ongakhethi, uPetru wafakaza: “Uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.”—2 Petru 3:9.
Osukwini lukaNowa, lapho ‘ububi bomuntu babubukhulu emhlabeni futhi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zizimbi njalo,’ uJehova wakhipha isinqumo sokubhubhisa lelozwe lesintu. (Genesise 6:5-7, 11, 12) Nokho, ngokuyala kukaNkulunkulu naphambi kwabantu ababephila ngaleso sikhathi, uNowa wakha umkhumbi. Lapho yena namadodana akhe bakha umkhumbi, uNowa wayebuye abe “umshumayeli wokulunga.” (2 Petru 2:5) Naphezu kokwazi ukuthambekela okubi kwenhliziyo yaleso sizukulwane, ngokungakhethi, uJehova wasithumelela isigijimi esicacile. Wazama ukuthonya izingqondo nezinhliziyo zaso ngokwenza ukuba uNowa akhe futhi ashumayele. Sasinawo wonke amathuba okusabela, kodwa kunalokho ‘asinakanga kwaze kwafika isikhukhula, sasikhukhula sonke.’—Mathewu 24:39.
Yeka isibonelo esihle sokungakhethi uJehova ayiso! Kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi, sishukumisa izinceku zikaNkulunkulu ukuba zishumayele izindaba ezinhle zoMbuso ngokungakhethi okufanayo. Ngaphezu kwalokho, azizigodli ekumemezeleni usuku lukaJehova lwempindiselo. Phambi kwabantu, ziletha isigijimi sikaJehova ngokungakhethi ukuze kuzwe wonke umuntu.—Isaya 61:1, 2.
Izithembiso zikaJehova ezinzalamizini u-Abrahama, u-Isaka, noJakobe zakwenza kwaba sobala ukuthi unguNkulunkulu ongakhethi. Ohlwini lozalo lwazo ngokukhethekile kwakuyovela Lowo omisiwe ‘ezaziyakubusiswa ngaye izizwe zonke zomhlaba.’ (Genesise 22:18; 26:4; 28:14) UKristu Jesu wabonakala eyiLowo omisiwe. Ngokufa nokuvuswa kukaJesu, uJehova wanikeza indlela yokusindiswa kwaso sonke isintu esilalelayo. Yebo, izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaKristu zitholakala ngokungakhethi.
Ezinsukwini zikaMose, ukungakhethi kukaJehova kwazibonakalisa ngendlela ethakazelisa kunazo zonke ngokuphathelene namadodakazi kaSelofehadi. Laba besifazane abahlanu babebhekene nenkinga ngokuphathelene nefa likayise eZweni Lesithembiso. Lokhu kwakungenxa yokuthi kwa-Israyeli kwakuvame ukuba izwe eliyifa lidluliselwe emadodaneni omuntu. Nokho, uSelofehadi wafa engenandodana eyayizokwamukela ifa. Ngakho-ke amadodakazi kaSelofehadi amahlanu aletha kuMose isicelo sawo sokuba aphathwe ngokungakhethi, ethi: “Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.” UJehova wasilalela isicelo sawo futhi wayala uMose: “Uma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe.”—Numeri 27:1-11.
Yeka isibonelo sokungakhethi okunothando! Ukuze kuqinisekwe ukuthi ifa lesizwe alidluliselwa kwesinye isizwe lapho lamadodakazi eshada, kwadingeka ashade “emndenini wesizwe sikayise” kuphela.—Numeri 36:5-12.
Ukuqonda okwengeziwe ngokungakhethi kukaJehova kubonakala ezinsukwini zomahluleli nomprofethi uSamuweli. UJehova wamyala ukuba agcobe inkosi entsha yesizwe sakwaJuda emndenini kaJese waseBetlehema. Kodwa uJese wayenamadodana angu-8. Iyiphi eyayizogcotshwa njengenkosi? USamuweli wahlatshwa umxhwele ukwakheka okungokomzimba kuka-Eliyabe. Nokho, uJehova akathonywa ukubukeka kwangaphandle. Watshela uSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe . . . lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.” Kwakhethwa uDavide, uthumbu emadodaneni kaJese.—1 Samuweli 16:1, 6-13.
Ukufunda Esimweni SikaJehova Sokungakhethi
Abadala abangamaKristu benza kahle uma belingisa uJehova ngokubheka izimfanelo ezingokomoya zalowo abakholwa naye. Kulula ukwahlulela umuntu ngezindinganiso zethu, sivumela ukuba imizwa yethu siqu ifiphaze ukwahlulela kwethu. Kunjengoba omunye umdala akubeka, “Ngizama ukusebenzelana nabanye ngendlela ejabulisa uJehova, hhayi ngokwemibono yami siqu ecatshangelwe kusengaphambili.” Yeka ukuthi kuzuzisa kanjani ukuba zonke izinceku zikaJehova zisebenzise iZwi lakhe njengendinganiso yazo!
Izibonelo zeBhayibheli ezingenhla zisisiza ukuba silwe nemizwa engasuki yobandlululo lohlanga noma lobuzwe. Ngokulingisa ukungakhethi kukaJehova, sivikela ibandla lobuKristu obandlululweni nasekukhetheni.
Umphostoli uPetru wafunda ukuthi “uNkulunkulu akakhethi.” (IzEnzo 10:34) Ukukhetha kuphambene nokungakhethi futhi kuphula izimiso zothando nobunye. UJesu wakhanga abampofu, ababuthaka, nabathobekile, futhi wenza umthwalo wabo waba lula. (Mathewu 11:28-30) Wayehluke ngokuphelele kubaholi benkolo bamaJuda, ababezenza amakhosi phezu kwabantu, bebathwesa umthwalo osindayo wemithetho. (Luka 11:45, 46) Ukwenza lokhu nokukhetha abacebile nabavelele ngokuqinisekile kwakungavumelani nezimfundiso zikaKristu.—Jakobe 2:1-4, 9.
Namuhla, abadala abangamaKristu bazithoba ebunhlokweni bukaKristu futhi babonisa ukungakhethi kubo bonke abantu bakaJehova abazinikezele. Njengoba ‘belusa umhlambi kaNkulunkulu ongaphansi kokunakekela kwabo,’ bayakugwema ukubonisa ukukhetha ngenxa yesimo esingokomnotho, ukungafani kobuntu, noma izibopho zomkhaya. (1 Petru 5:2) Ngokulingisa uNkulunkulu ongakhethi nangokulalela isixwayiso sakhe ngokumelene nezenzo zokukhetha, abadala abangamaKristu bakhuthaza umoya wokungakhethi ebandleni.
Ibandla lobuKristu loFakazi BakaJehova liwubuzalwane bomhlaba wonke. Liwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi umphakathi ongenalo ubandlululo nokukhetha ungaba khona ngaphansi kwesiqondiso sikaJesu Kristu. OFakazi baye ‘bagqoka ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’ (Efesu 4:24) Yebo, bafunda esibonelweni esiphelele sikaNkulunkulu ongakhethi, uJehova, futhi banethemba lokuphila okungunaphakade ezweni elisha elingenakho nokuncane ukukhetha.—2 Petru 3:13.
[Umbhalo waphansi]
a Igama okungelona.
[Isithombe ekhasini 26]
Umphostoli uPetru wafunda ukuthi uNkulunkulu akakhethi