Lapho Ukuhlupheka Kuyobe Kungasekho
UKUHLUPHEKA kwakungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu yokuqala ngomkhaya wesintu. Akazange akuklame, futhi akakufuni. Ungase ubuze, ‘Uma kunjalo, kwaqala kanjani, futhi kungani uNkulunkulu eye wakuvumela ukuba kuqhubeke kuze kube manje?’—Qhathanisa noJakobe 1:13.
Impendulo itholakala embhalweni wokuqala ngqá womlando womuntu, iBhayibheli, ikakhulukazi incwadi kaGenesise. Uthi abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, balandela uSathane uDeveli ekuvukeleni kwakhe uNkulunkulu. Izenzo zabo zaphakamisa izimpikiswano ezibalulekile ezahlasela sona kanye isisekelo somthetho nokuhleleka kwendawo yonke. Lapho bezifunela ilungelo lokuzinqumela okuhle nokubi, babekela ubukhosi bukaNkulunkulu inselele. Bangabaza ukufanelekela kwakhe ukubusa nokuba ukuphela kukamahluleli ‘wokuhle nokubi.’—Genesise 2:15-17; 3:1-5.
Kungani Engazange Avele Aphoqelele Intando Yakhe?
‘Pho, kungani uNkulunkulu engazange avele aphoqelele intando yakhe?’ ungase ubuze. Kwabaningi, lendaba ibonakala ilula kakhulu. Bathi: ‘UNkulunkulu wayenawo amandla. Kwakufanele awasebenzise ukuze abhubhise abavukeli.’ (IHubo 147:5) Kodwa zibuze lokhu, ‘Ingabe ngibashayela ihlombe ngokungananazi bonke abantu abaphakeme abasebenzisa amandla abo ukuze baphoqelele ukwenziwa kwentando yabo? Ingabe angibi nomuzwa wokunengwa ngokuzenzakalelayo lapho umashiqela othile esebenzisa amaqembu ababulali ukuze aqothule izitha zakhe?’ Iningi labantu abanengqondo ephilile liyanengwa yinto enjalo.
Ungase uthi, ‘Phela, uma kunguNkulunkulu owayesebenzisa lawo mandla, akekho owayengabuza ukuthi ukwenzelani.’ Uyaqiniseka ngalokho? Akulona yini iqiniso ukuthi abantu bayayibuza imibuzo ngokuphathelene nokusebenzisa kukaNkulunkulu amandla akhe? Babuza ukuthi kungani engazange awasebenzise ngezikhathi ezithile, njengasekuvumeleni kwakhe ububi. Babuza nokuthi kungani eye wawasebenzisa ngezinye izikhathi. Ngisho no-Abrahama okholekile waba nenkinga ngokusebenzisa kukaNkulunkulu amandla ngokumelene nezitha zaKhe. Khumbula lapho uNkulunkulu enquma ukubhubhisa iSodoma. Ngephutha u-Abrahama wayenovalo lokuthi kwakuyofa abantu abalungile kanye nababi. Wakhamuluka: “Makube-kude nawe ukwenza ngalendlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi.” (Genesise 18:25) Ngisho nabantu abanengqondo ekahle njengo-Abrahama badinga ukuqinisekiswa ukuthi amandla aphelele ngeke asetshenziswe kabi.
Yiqiniso, uNkulunkulu wayengababhubhisa ngaso leso sikhathi o-Adamu, u-Eva noSathane. Kodwa cabanga indlela lokho okwakungase kuzithinte ngayo ezinye izingelosi noma izidalwa zesikhathi esizayo, ezazingase kamuva zizwe ngezenzo zakhe. Ingabe lokhu kwakungase kuzishiye zinemibuzo ebeleselayo ngokufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu? Ingabe kwakungeke kuchaye uNkulunkulu ekumangalelweni ngokuthi empeleni wayengumashiqela othile, njengoba uNietzsche amchaza, uNkulunkulu osusa ngonya noma ubani omphikisayo?
Kungani Engabenzi Abantu Benze Okulungile?
Abanye bangase babuze, ‘Ingabe uNkulunkulu akanakukwazi ukuvele enze abantu benze okulungile?’ Cabanga nangalokhu. Kuwo wonke umlando, ohulumeni baye bazama ukwenza abantu bavumelane nendlela yabo yokucabanga. Abanye ohulumeni noma ababusi baye basebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokulawula izingqondo zabantu, mhlawumbe besebenzisa izidakamizwa noma ukuhlinza, bephanga izisulu zabo isipho esihle senkululeko yokuzikhethela. Asikwazisi yini ukuba nenkululeko yokuzikhethela, ngisho noma kungenzeka ukuba leso sipho sisetshenziswe kabi? Ingabe siyayilahla imizamo yanoma imuphi uhulumeni noma umbusi yokuyihlwitha?
Yini-ke enye uNkulunkulu ayengase ayenze ngaphandle kokusebenzisa amandla ngokushesha ukuze aphoqelele umthetho? UJehova uNkulunkulu wanquma ukuthi ukuvukela kwakuyosingatheka kangcono ngokuvumela isikhashana sokukhululeka ekubuseni kwakhe kulabo abenqaba imithetho yakhe. Lokhu kwakuyovumela umkhaya wesintu, oyinzalo ka-Adamu no-Eva, ukuba ube nesikhathi esilinganiselwe sokuzibusa ngaphandle kokuba ngaphansi komthetho kaNkulunkulu. Kungani enza lokhu? Ngoba wayazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, ubufakazi obungenakuphikwa babuyonqwabelana, bubonise ukuthi indlela yakhe yokubusa ihlale ilungile futhi inobulungisa, ngisho nalapho esebenzisa amandla akhe angenamkhawulo ukuze aphoqelele ukwenziwa kwentando yakhe, nokuthi noma ikuphi ukumvukela kuyogcina kube yinhlekelele.—Duteronomi 32:4; Jobe 34:10-12; Jeremiya 10:23.
Kuthiwani Ngezisulu Ezingenacala?
Ungase ubuze, ‘Kuthiwani njengamanje ngezisulu ezingenacala? Ingabe ngempela kudingeka zizwe ubuhlungu ukuze kufakazelwe iphuzu elithile eliphathelene nomthetho?’ UNkulunkulu akavumeli ububi buqhubeke ukuze nje afakazele iphuzu elithile elingacacile eliphathelene nomthetho. Ngokuphambene nalokho, injongo iwukulenza licace kube kanye iqiniso elibalulekile lokuthi nguye yedwa ongumbusi nokuthi ukulalela imithetho yakhe kudingekile ukuze kube nokuthula nenjabulo okuqhubekayo kuzo zonke izidalwa zakhe.
Into esemqoka okumelwe ikhunjulwe ukuthi uNkulunkulu uyazi ukuthi angakulungisa kanjani ngokuphelele konke ukulimala okungase kulethwe yilokhu emkhayeni wesintu. Uyazi ukuthi ekugcineni, lesi sikhashana sobuhlungu nokuhlupheka siyoba nomphumela ozuzisayo. Cabanga ngomama onkonkoshela ingane yakhe lapho udokotela eyizwisa ubuhlungu ngokuyijova eyigomela isifo esithile ebesingayibulala lengane. Akekho umama ofuna ingane yakhe izwe ubuhlungu. Akekho udokotela ofuna ukubangela ukucindezeleka esigulini sakhe. Okwamanje, ingane ayisiqondi isizathu salobu buhlungu, kodwa kamuva iyoqonda ukuthi kungani bavunyelwa.
Ingabe Kuyaduduza Ngempela Kulabo Abahluphekayo?
Abathile bangase babe nomuzwa wokuthi ukwazi nje lezi zinto akubaduduzi labo abahluphekayo. UHans Küng uveza iphuzu lokuthi incazelo enengqondo ngokuba khona kokuhlupheka “kumuntu ohluphekayo ithi ayifane nesifundo esiphathelene nesayensi yamakhemikhali okudla kumuntu obulawa yindlala.” Ubuza ukuthi: “Ingabe yonke leyo mibono ekhaliphile ingammisa isibindi ngempela umuntu, osecishe akhungathekiswe ukuhlupheka?” Yonke ‘imibono ekhaliphile’ yabantu abalishaya indiva iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ayizange ibamise isibindi abantu abahluphekayo. Leyo mibono yabantu iye yamane yanezela enkingeni ngokusikisela ukuthi uNkulunkulu wayekuhlosile ukuba umuntu ahlupheke nokuthi umhlaba waklanyelwa ukuba ube isigodi sezinyembezi noma inkundla yokuvivinya labo abayozuza ukuphila ezulwini ekugcineni. Yeka ukuhlambalaza!
Nokho, iBhayibheli ngokwalo liyayinikeza induduzo yangempela. Aligcini ngokunikeza incazelo engaguquguquki yokuba khona kokuhlupheka kodwa futhi lakha ukuthembela esithembisweni sikaNkulunkulu esiqinisekile sokuthi uyolungisa konke ukulimala okuye kwabangelwa yilokhu kuvunyelwa kokuhlupheka isikhashana.
‘Ukubuyiselwa Kwakho Konke’
Kungekudala uNkulunkulu uzobuyisela konke esimweni ayehlose ukuba kube kuso ngaphambi kokuvukela kwezidalwa zakhe zokuqala ezingabantu. Isikhathi sakhe esimisiwe sokuzibusa komuntu sesiyaphela. Siphila esikhathini lapho ezothuma khona “uJesu, lowo izulu, ngempela, okumelwe limgcine kulo kuze kube izikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele besikhathi sasendulo.”—IzEnzo 3:20, 21.
Yini uJesu Kristu azoyenza? Uzosusa zonke izitha zikaNkulunkulu emhlabeni. (2 Thesalonika 1:6-10) Lokhu ngeke kube ukubulala kokuxhamazela, okufana nalokho okwenziwa omashiqela abangabantu. Ubufakazi obunqwabelene obufakazela imiphumela eyinhlekelele yokubusa kabi komuntu buyobonisa ukuthi kufaneleka ngokugcwele ukuba uNkulunkulu asebenzise amandla akhe angenamkhawulo ukuze aphoqelele intando yakhe. (IsAmbulo 11:17, 18) Lokhu kuyoqale kusho “usizi” olungakaze lube khona emhlabeni, oluthi alufane noZamcolo wosuku lukaNowa kodwa olukhulu kakhulu kunawo. (Mathewu 24:21, 29-31, 36-39) Labo abayosinda kulolu “sizi olukhulu” bayoba ‘nezinkathi zokuqabuleka’ lapho bebona ukugcwaliseka kwazo zonke izithembiso zikaNkulunkulu azinikeza “ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele.” (IzEnzo 3:19; IsAmbulo 7:14-17) Yini uNkulunkulu ayithembisile?
Phela, abaprofethi bakaNkulunkulu bakudala bathi ukuhlupheka okubangelwa yimpi nokuchithwa kwegazi kuyophela. Ngokwesibonelo, iHubo 46:9 liyasitshela: “Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.” Ngeke kusaba khona zisulu ezingenacala nababaleki abadabukisayo, abantu abadlwengulwayo, abakhubazekile nabafa ezimpini ezinonya! Umprofethi u-Isaya uthi: “Isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Isaya 2:4.
Abaprofethi babikezela nokuphela kokuhlupheka okubangelwa ubugebengu nokungabi nabulungisa. IzAga 2:21, 22 zithembisa ukuthi “abaqotho bayakuhlala ezweni” nokuthi labo ababangela ubuhlungu nokuhlupheka “bayakusishulwa kulo.” Umuntu ngeke ‘esabusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Bonke ababi bayosuswa phakade. (IHubo 37:10, 38) Wonke umuntu uyokwazi ukuphila ngokuthula nokulondeka, ekhululekile ekuhluphekeni.—Mika 4:4.
Ngaphezu kwalokho, abaprofethi bathembisa nokuthi ukuhlupheka okubangelwa izifo ezingokomzimba nezingokomzwelo kuyophela. (Isaya 33:24) U-Isaya uthembisa ukuthi izimpumputhe, izithulu, izishosha nabo bonke abahlushwa ukugula nezifo bayophulukiswa. (Isaya 35:5, 6) UNkulunkulu uyoqeda ngisho nemiphumela yokufa. UJesu wabikezela ukuthi ‘bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo bayozwa izwi lakhe futhi baphume.’ (Johane 5:28, 29) Embonweni wakhe ‘wezulu elisha nomhlaba omusha,’ umphostoli uJohane watshelwa ukuthi “uNkulunkulu ngokwakhe . . . uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:1-4) Cabanga ngalokho! Ubuhlungu, izinyembezi, ukukhala, ukufa kungasekho—ukuhlupheka kungasekho!
Noma yini ebanga usizi okungenzeka ukuthi yenzeka phakathi nalokhu kuvunyelwa kobubi isikhashana iyokwelashwa. Ngisho nezinkumbulo zobuhlungu nokuhlupheka kwabantu—okungakaze kube injongo kaNkulunkulu—kuyocinywa ngokuphelele. U-Isaya waprofetha wathi: ‘Izinhlupheko zakuqala ziyobe zikhohlakele, izinto zakuqala aziyikukhunjulwa.’ (Isaya 65:16, 17) Injongo kaNkulunkulu yokuqala yokuba umkhaya wesintu ophelele uphile ngokuthula okuphelele nenjabulo emhlabeni oyipharadesi iyofezeka ngokugcwele. (Isaya 45:18) Ukuthembela ebukhosini bakhe kuyobe kungokuphelele. Yeka indlela okuyilungelo ngayo ukuphila esikhathini lapho uNkulunkulu ezoqeda konke ukuhlupheka kwabantu, isikhathi lapho ebonisa ukuthi akayena “umashiqela, umkhohlisi, umphangi, umbulali” othile, njengoba uNietzsche ammangalela kanjalo, kodwa ukuthi ngaso sonke isikhathi unothando, uhlakaniphile, futhi unobulungisa ekusebenziseni kwakhe amandla aphelele!
[Isithombe ekhasini 5]
Abanye ababusi baye balawula izingqondo zabantu, bephanga izisulu zabo inkululeko yokuzikhethela
[Umthombo]
UPI/Bettmann
[Isithombe ekhasini 7]
Lapho ukuhlupheka kungasekho, sonke siyojabulela ukuphila ngokugcwele