Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukusakaza Imbewu YoMbuso Ngawo Wonke Amathuba
IZWI likaNkulunkulu, iBhayibheli, likhuthaza ukukhuthala. INkosi uSolomoni yathi: “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba-zinhle zombili ngokufanayo.”—UmShumayeli 11:6.
Ngawo wonke amathuba afanelekayo, oFakazi BakaJehova bahlwanyela “imbewu” ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Emazweni angaphezu kuka-230 nasemaqenjini aseziqhingini, bayaqhubeka “ngaphandle kokuyekethisa befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.” (IzEnzo 5:42) Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa indlela oFakazi BakaJehova ‘abangaphumuzi ngayo izandla zabo’ emsebenzini wokushumayela.
◻ ERepublic yaseCape Verde, omunye woFakazi BakaJehova wayehamba ngasejele esenkonzweni yasensimini. Emagcekeni ejele, ezinye iziboshwa zaziqhwakele emthini. Zibona loFakazi ezansi, lezi ziboshwa zamemeza zicela omagazini. LoFakazi wabophela omagazini abaningana INqabayokulinda ne-Phaphama! etsheni wayesebaphonsa ngalé kodonga lwejele. Ngenxa yalesi sithakazelo sokuqala, kwaqalwa izifundo zeBhayibheli ezingu-12. Ezintathu zalezi ziboshwa ziye zanikezela ukuphila kwazo kuNkulunkulu futhi ziye zabhapathizwa emanzini. Esinye salezi ziboshwa siye sakhonza njengomshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele, noma iphayona, isikhathi esingaphezu konyaka manje. Nokho, ziyenza kanjani imisebenzi yenkonzo yasensimini ejele? Okokuqala ijele liyahlukaniswa libe amasimu. Insimu ibe seyabiwa phakathi kwalaboFakazi abathathu bese isetshenzwa ngokungena esitokisini ngasinye. Laba bamemezeli boMbuso balandelela isithakazelo ngendlela efana kakhulu naleyo oFakazi BakaJehova abenza ngayo emhlabeni wonke—ngokwenza izimpindelo. Nokho, ukuphela komehluko okhona ubuningi bezinsuku okuqhutshwa ngazo izifundo zeBhayibheli. Kunokufunda iBhayibheli kanye noma kabili nje ngesonto isikhathi esingaba ihora, ezinye iziboshwa zifunda nsuku zonke! Ngaphezu kwalokho, umqondisi owengamele wejele uye wanika oFakazi imvume yokuqhuba yonke imihlangano yebandla phakathi ejele.
◻ Owesifazane othile ePortugal wathola ifa lezincwadi eziningana ze-Watch Tower ngemva kokushona kukagogo wakhe. Njengoba ayengeyena omunye woFakazi BakaJehova, wayengenaso isithakazelo sokuzigcina lezi zincwadi. Nokho, wayengafuni ukuzishisa. Ngolunye usuku watshela omunye woFakazi BakaJehova owafika kuye enza inkonzo yendlu ngendlu ngalomtapo. LoFakazi wambuza ukuthi wayekwazi yini ukubaluleka kwangempela kwalomtapo. Lona wesifazane waphendula: “Eqinisweni, angikwazi ukubaluleka kwazo kwangempela, kodwa ngingakuthola kanjani?” Lona wesifazane wamukela isifundo seBhayibheli, futhi kungakabiphi waqala ukuwazisa umtapo kagogo wakhe. Manje naye unguFakazi kaJehova obhapathiziwe. Ngaphezu kwalokho, indodakazi yakhe nomngane oseduze womkhaya nabo bafunda iBhayibheli. Yeka ukuthi lomtapo wezincwadi ube ifa elibaluleke kanjani!