‘Siyabadinga Abantu Abathembekile’
UKWETHEMBEKA kuyivelakancane ezweni lanamuhla. Nakuba kunjalo, kuyimfuneko eyisisekelo kumaKristu. UPawulu wabhala: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Heberu 13:18) Yilokhu uWilma, omunye woFakazi BakaJehova eFaenza, e-Italy, ayefuna ukukwenza.
Iphephandaba i-Resto del Carlino lilandisa ukuthi kwathi lapho ethola isikhwama semali esinesamba esikhulu semali ngaphandle kwesitolo esithile edolobheni lakubo, wasiyisa emaphoyiseni “ngaphandle kokuzindela” ukuze sibuyiselwe kumniniso.
Lapho imeya izwa ngalokhu, ngokushesha yathumelela uWilma incwajana yokubonga. “Egameni leDolobha,” ibhala, “ngibonga ngiyanconcoza ngesenzo sakho esihle. Idolobha lethu elihloniphekile laseFaenza lidinga abantu abanomusa nabathembekile.”
Kungakhathaliseki ukuthi izenzo ezinhle ziyaziwa yini noma cha, ngaso sonke isikhathi kufanele silwele ukwethembeka. Njengoba imiBhalo Engcwele inxusa, “sizama ukwenza okulungile hhayi emehlweni kaNkulunkulu kuphela kodwa nasemehlweni abantu.”—2 Korinte 8:21, The Jerusalem Bible.