Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 6/15 kk. 14-19
  • “Wabadala, Owesilisa Nowesifazane”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Wabadala, Owesilisa Nowesifazane”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubudoda Nobufazi Bangempela
  • Ukubonakala Kwangaphandle
  • Amadoda Nabesifazane AbangamaKristu—Bangamadoda Nabesifazane Bangempela
  • Ingabe Abesifazane Kufanele Babufihle Ubuhle Babo?
    I-Phaphama!—2005
  • Indima Ehloniphekayo Yowesifazane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indima Yowesifazane EmiBhalweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Abesifazane
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 6/15 kk. 14-19

“Wabadala, Owesilisa Nowesifazane”

“UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.”—GENESISE 1:27.

1. Iqiniso liyisibusiso kanjani kwabesilisa nabesifazane abangamaKristu?

YEKA ukuthi kujabulisa kanjani ukuba phakathi kwabantu bakaJehova nokuhlanganyela nabesilisa nabesifazane, kanye nabafana namantombazane, labo into eza kuqala ekuphileni kwabo iwukuthanda nokulalela uNkulunkulu! Iqiniso futhi lisikhulula ezimweni zengqondo nasekuziphatheni okungamjabulisi uJehova uNkulunkulu, futhi lisifundisa ukuphila ngendlela amaKristu okufanele aphile ngayo. (Johane 8:32; Kolose 3:8-10) Ngokwesibonelo, yonke indawo abantu banamasiko noma imibono ngendlela amadoda okufanele abonise ngayo ubudoda bawo nabesifazane ubufazi babo. Ingabe kumane kuwukuthi abesilisa bazalwa benobudoda, abesifazane benobufazi? Noma ingabe kunezinye izici okumelwe zicatshangelwe?

2. (a) Yini okufanele inqume umbono wethu ngobudoda nobufazi? (b) Kuye kwenzekani emibonweni ngobulili babantu?

2 KumaKristu, iZwi likaNkulunkulu liyigunya esilithobelayo, kungakhathaliseki imibono yomuntu siqu, engokwesizinda, noma engokwesiko okungenzeka siye sayithola. (Mathewu 15:1-9) IBhayibheli alenabi ngokuqondene nazo zonke izici zobudoda nobufazi. Kunalokho, linikeza inkululeko yokuhlukahluka, njengoba kunjalo emiphakathini ehlukahlukene. Ukuze amadoda nabesifazane babe yilokho uNkulunkulu abadalela kona, amadoda kumelwe abe nobudoda nabesifazane babe nobufazi. Ngani? Ngoba ngaphandle kokuthi owesilisa nowesifazane benzelwa ukuba baphelelisane ngokomzimba, kwakumelwe baphelelisane ngezimfanelo zobudoda nezobufazi. (Genesise 2:18, 23, 24; Mathewu 19:4, 5) Nokho, imibono ngobulili babantu iye yasonteka futhi yahlanekezelwa. Abaningi bahlobanisa ubudoda nokubusa ngokhahlo, ubulukhuni, noma ukuzazisa kwabesilisa. Kweminye imiphakathi akuvamile noma kuyihlazo ukuba indoda ikhale phambi kwabantu noma ngasese. Nokho, esixukwini ngaphandle kwethuna likaLazaru, “uJesu wakhala izinyembezi.” (Johane 11:35) Lokho kwakungekhona okungafanele ngoJesu, obudoda bakhe babuphelele. Namuhla abaningi baye baba nombono ongalinganiseli ngobufazi, bacabanga ukuthi bumane buwukukhanga kwangaphandle nokobulili.

Ubudoda Nobufazi Bangempela

3. Abesilisa nabesifazane bahluke kanjani?

3 Buyini ubudoda bangempela, futhi buyini ubufazi bangempela? I-World Book Encyclopedia ithi: “Iningi labesilisa nabesifazane akukhona ukuthi lihluke ngokwakheka komzimba kuphela, kodwa nangokuziphatha nezinto elinesithakazelo kuzo. Omunye walomehluko unqunywa izakhi zofuzo. . . . Kodwa ukwehlukana okuningi okungekhona okokwakheka komzimba kubonakala kusekelwe ezindimeni zobulili ezifundwa umuntu ngamunye. Abantu bazalwa bengabesilisa noma abesifazane, kodwa bayakufunda ukuba amadoda noma ukuba abafazi.” Izakhi zethu zofuzo zingase zibe isizathu sezinto eziningi, kodwa ukwakheka kobudoda noma ubufazi obufanelekile kuxhomeke ekufundeni kwethu lokho uNkulunkulu akufunayo nakulokho esikhetha ukukwenza ekuphileni.

4. IBhayibheli lembulani ngezindima zowesilisa nowesifazane?

4 Umlando weBhayibheli wembula ukuthi indima ka-Adamu yayiwukuhola njengenhloko yomkakhe nabantwana. Kwakumelwe futhi avumelane nentando kaNkulunkulu yokugcwalisa umhlaba, awunqobe, kuthi yonke indalo yasemhlabeni ibe ngaphansi kwakhe. (Genesise 1:28) Indima ka-Eva yobufazi emkhayeni yayiwukuba abe “umsizi,” ‘nomphelelisi’ ka-Adamu, azithobe ebunhlokweni bakhe, abambisane naye ekufezeni injongo kaNkulunkulu eyayishiwo ngabo.—Genesise 2:18, qhathanisa ne-NW; 1 Korinte 11:3.

5. Ubuhlobo phakathi kowesilisa nowesifazane bonakala kanjani?

5 Kodwa u-Adamu akazange awufeze umthwalo wakhe wemfanelo, futhi u-Eva wasebenzisa ubufazi bakhe ngendlela ehungayo ukuze ayengele u-Adamu ekubeni ahlanganyele naye ekungalalelini uNkulunkulu. (Genesise 3:6) Ngokuvuma ukwenza lokho ayazi ukuthi akulungile, u-Adamu wahluleka ukubonisa ubudoda bangempela. Ngobuthakathaka wakhetha ukwamukela izwi lomngane wakhe womshado owayekhohlisiwe kunokulalela lokho uYise noMdali wakhe ayekushilo. (Genesise 2:16, 17) Ngokushesha umbhangqwana wokuqala waqala ukubhekana nalokho uNkulunkulu ayebone kusengaphambili ukuthi kwakuyoba umphumela wokungalaleli. U-Adamu, ngaphambili owayethophe umkakhe ngamagama amahle, asankondlo, manje ngokungabi nandaba wambiza ngokuthi ‘owesifazane onginike yena.’ Manje ukungapheleli kwakhe konakalisa ubudoda bakhe futhi kwabuphambukisa, kwaphumela ekubeni ‘abuse umkakhe.’ Kanti u-Eva ‘wayeyonxanela’ umyeni wakhe, cishe ngendlela eyeqisayo noma engalinganiseli.—Genesise 3:12, 16.

6, 7. (a) Yikuphi ukuhlanekezelwa kobudoda okwavela ngaphambi kukaZamcolo? (b) Singafundani esimweni sangaphambi kukaZamcolo?

6 Ukusetshenziswa kabi kobudoda nobufazi kwabonakala ngokucacile ngaphambi kukaZamcolo. Izingelosi ezashiya isikhundla sazo sokuqala ezulwini, zathatha imizimba yabantu ukuze zijabulele ubuhlobo bobulili nabesifazane. (Genesise 6:1, 2) Umlando ukhuluma ngabesilisa kuphela njengabazalwa kulokho kuhlangana okungekhona okwemvelo. Futhi kubonakala sengathi labantwana babeyingxube, bengakwazi ukuzala. Baziwa ngokuthi abanamandla, amaNefili, noma aBawisi, kwazise babewisa abanye. (Genesise 6:4; umbhalo waphansi we-NW) Ngokusobala babenobudlova, benonya, bengabonisi ububele besisa.

7 Ngokusobala, ubuhle bangaphandle, ukuma komzimba, ubungako bomzimba, noma amandla, kona ngokwako akunikezi ubudoda noma ubufazi obamukelekayo. Izingelosi ezaziguqula abantu cishe zazibukeka. Futhi amaNefili ayemakhulu ngomzimba, eyizidlakela, kodwa isimo sawo sengqondo sasisontekile. Izingelosi ezingalaleli nenzalo yazo zagcwalisa umhlaba ngokuziphatha okubi kobulili nobudlova. Ngakho, uJehova waliphelisa lelo lizwe. (Genesise 6:5-7) Nokho, uZamcolo awuzange uliqede ithonya lamademoni, futhi awuzange uyiqede imiphumela yesono sika-Adamu. Ukubonakaliswa okungafanele kobudoda nobufazi kwabuye kwavela ngemva kukaZamcolo, futhi eBhayibhelini kunezibonelo ezinhle nezimbi, esingafunda kuzo.

8. UJosefa wabeka siphi isibonelo esihle sobudoda obufanele?

8 UJosefa nomkaPotifari babonisa umehluko omkhulu phakathi kobudoda obufanelekile nombono wezwe ngobufazi. Njengoba umkaPotifari ayethathekile ngoJosefa owayebukeka, wazama ukumyenga. Ngaleso sikhathi, wawungekho umthetho waphezulu olotshiwe owawenqabela ukuhlobonga noma ukuphinga. Nokho, uJosefa wambalekela lona wesifazane owonakele futhi wazibonakalisa engumuntu kaNkulunkulu ngempela, lowo obonisa ubudoda obabuvunyelwa uNkulunkulu.—Genesise 39:7-9, 12.

9, 10. (a) INdlovukazi uVashiti yabusebenzisa kabi kanjani ubufazi bayo? (b) Yisiphi isibonelo esihle sobufazi u-Esteri asinikeza sona?

9 U-Esteri neNdlovukazi uVashiti banikeza abesifazane izibonelo eziphawulekayo ezingafani. Ngokobufakazi obutholakalayo uVashiti wayecabanga ukuthi muhle kakhulu kangangokuba iNkosi u-Ahashiveroshi yayiyovumelana nezifiso zakhe ngaso sonke isikhathi. Kodwa ubuhle bakhe babugcina ngaphandle. Wayentula isizotha nobufazi, ngoba wahluleka ukubonisa ukuzithoba kumyeni nenkosi yakhe. Inkosi yamlahla yayisikhetha njengendlovukazi yayo owesifazane owayenobufazi bangempela, empeleni owayesaba uJehova.—Esteri 1:10-12; 2:15-17.

10 U-Esteri uyisibonelo esihle kakhulu kwabesifazane abangamaKristu. ‘Wayemuhle, ebukeka,’ kodwa wabonisa isambatho ‘somuntu osithekile wenhliziyo ogqoke isambatho esingenakonakala somoya othule nomnene.’ (Esteri 2:7; 1 Petru 3:4) Akazange abheke isambatho sikanokusho njengento eyinhloko. U-Esteri wabonisa ukuhlakanipha nokuzithiba, ezithoba kumyeni wakhe, u-Ahashiveroshi, ngisho nalapho ukuphila kwabantu bakubo kusengozini. U-Esteri wayethula lapho kuwukuhlakanipha ukwenza kanjalo kodwa ekhuluma ngokungesabi lapho kudingeka futhi kuyisikhathi esifanele. (Esteri 2:10; 7:3-6) Wamukela iseluleko kumzala wakhe ovuthiwe uMoridekayi. (Esteri 4:12-16) Wabonisa uthando nokuthembeka kubantu bakubo.

Ukubonakala Kwangaphandle

11. Yini okufanele siyikhumbule ngokubukeka kwangaphandle?

11 Siyini isihluthulelo sobufazi obufanelekayo? Umama othile wathi: “Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.” (IzAga 31:30) Ngakho ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho kubalulekile, futhi umusa wothando, ubuhle, isizotha, nolimi olumnene kunengxenye enkulu ebufazini kunobuhle bangaphandle.—IzAga 31:26.

12, 13. (a) Ngokudabukisayo, yini ephawula inkulumo yabaningi? (b) Zisho ukuthini IzAga 11:22?

12 Kuyadabukisa ukuthi abesilisa nabesifazane abaningi abayivuli ngokuhlakanipha imilomo yabo, futhi ulimi lwabo alunawo umusa wothando. Inkulumo yabo iyachapha, iyabhuqa, inenhlamba futhi ayinakho ukucabangela. Abanye besilisa bacabanga ukuthi ulimi olungcolile luwuphawu lobudoda futhi abanye besifazane ngobuwula bayabalingisa. Nokho, uma owesifazane emuhle kodwa engenangqondo futhi eqophisana nabantu, ebhuqa, noma eqhosha, kungashiwo yini ukuthi muhle ngempela, ukuthi ungumfazi ngempela? “Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube, unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.”—IzAga 11:22.

13 Ubuhle obuhambisana nenkulumo engahlanzekile, ukubhuqa, noma ukungabi nangqondo, abunakuvumelana nokuzibonakalisa komuntu engumfazi. Empeleni, ukuziphatha okunjalo kokungamhloniphi uNkulunkulu kungaze kwenze ukuba umuntu omuhle ngaphandle abonakale emubi. Singabona kalula ukuthi ukubonakala kwangaphandle kowesilisa noma owesifazane kukodwa ngeke kukusibekele noma kukwenze kufaneleke ukuqhuma kwentukuthelo, ukuthetha, noma inkulumo echaphayo. Wonke amaKristu angase akwazi futhi kufanele azenze akhange kuNkulunkulu nakubantu aphila nabo ngenkulumo nangokuziphatha kwawo okusekelwe eBhayibhelini.—Efesu 4:31.

14. Luhlobo luni lokugqoka olutuswayo kweyoku-1 Petru 3:3-5, futhi uzizwa kanjani ngalokho?

14 Nakuba ubufazi nobudoda bangempela busekelwe ezimfanelweni ezingokomoya, indlela esiziphatha nesibukeka ngayo, kuhlanganise nezingubo esizigqokayo nendlela esizigqoka ngayo, kusho okuthile ngathi. Ngokungangabazeki umphostoli uPetru wayecabanga ngezitayela ezithile zokugqoka nokuzilungisa zekhulu lokuqala, lapho eluleka abesifazane abangamaKristu: “Ningenzi ukuhloba kwenu kube okokwaluka izinwele kwangaphandle nokokufaka imihlobiso yegolide noma okokugqoka izingubo zangaphandle, kodwa makube umuntu osithekile wenhliziyo ogqoke isambatho esingenakonakala somoya othule nomnene, ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu. Ngoba kanjalo, futhi, ngaphambili abesifazane abangcwele ababethembela kuNkulunkulu babezihlobisa, bezithoba kubayeni babo siqu.”—1 Petru 3:3-5.

15. Yini abesifazane abangamaKristu okufanele bazame ukuyibonisa ekugqokeni kwabo?

15 Kweyoku-1 Thimothewu 2:9, 10, sithola amazwi kaPawulu ngokugqoka kwabesifazane: “Ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo . . . ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu, okuwukuthi, ngemisebenzi emihle.” Lapho, wagcizelela isidingo sesizotha nezingubo ezilungiswe kahle ezibonisa ukuhluzeka kwengqondo.

16, 17. (a) Abesilisa nabesifazane abaningi baye bakusebenzisa kabi kanjani ukugqoka namuhla? (b) Kufanele siphethe ngani ngokweseluleko esitholakala kuDuteronomi 22:5?

16 Ukuziphatha noma ukugqoka kwendoda noma owesifazane, umfana noma intombazane, ngendlela evusa inkanuko ngeke kugqamise ubudoda noma ubufazi bangempela, futhi ngokuqinisekile akumdumisi uNkulunkulu. Abantu abaningi ezweni bayeqisa, babukise ngobulili besilisa noma besifazane ngendlela abagqoka nabaziphatha ngayo. Abanye benza kungabonakali ukuthi babulili buni ngezinjongo zokuziphatha okubi. Yeka indlela thina maKristu esingabonga ngayo ngokuthi iBhayibheli lembula ukucabanga kukaNkulunkulu! UJehova wathi ku-Israyeli wasendulo: “Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova.”—Duteronomi 22:5.

17 Ngokuqondene nalokhu, cishe uzokujabulela ukubukeza okwashiwo INqabayokulinda ka-August 15, 1988, ekhasini 17: “Inkinga ayikhona ukuthi mhlawumbe isitayela esithile siwukweqisa emfashinini noma cha kodwa iwukuthi ingabe simfanele yini umuntu ozibiza ngokuthi uyisikhonzi sikaNkulunkulu. (Roma 12:2; 2 Korinte 6:3) Ukugqoka ngokunganaki ngokweqile noma izingubo ezimpintshayo kungalulaza isigijimi sethu. Izitayela eziklanyelwe ukwenza amadoda abonakale enjengabesifazane noma ezenza abesifazane babe njengamadoda ngokuqinisekile azifaneleki. (Qhathanisa noDuteronomi 22:5.) Yiqiniso, amasiko endawo angase ahluke, kuye ngokwesimo sezulu, izidingo zomsebenzi, nokunye, ngakho ibandla lobuKristu alimisi mithetho ewujuqu esebenza kubazalwane emhlabeni wonke.”

18. Singathatha ziphi izinyathelo ekusebenziseni iseluleko seBhayibheli ngokugqoka nokuzilungisa?

18 Yeka iseluleko esilinganiselayo nesifanele! Ngokudabukisayo, amanye amaKristu, awesilisa nawesifazane, alandela ngobuwula noma yini izwe eliyikhuthazayo kwezokugqoka nokuzilungisa ngaphandle kokucabangela indlela okungamthinta ngayo uJehova nebandla lobuKristu. Ngabanye singase sizihlole ukuze sibone ukuthi asithonyiwe yini ukucabanga kwezwe. Noma singase siye kumzalwane noma udade ohloniphekile nonokuhlangenwe nakho sicele imibono yakhe nganoma yikuphi ukulungisa esingakwenza esitayeleni sethu sokugqoka bese sikucabangela ngokungathi sína lokho kusikisela.

Amadoda Nabesifazane AbangamaKristu—Bangamadoda Nabesifazane Bangempela

19. Yiliphi ithonya elingathandeki okudingeka silwe nalo?

19 Unkulunkulu walelizwe nguSathane, futhi ithonya lakhe libonakala ekudidekeni okumayelana nobulili babantu, futhi lokhu kudlulela ngalé kwezingubo zokugqoka. (2 Korinte 4:4) Kwamanye amazwe abesifazane abaningi baqophisana namadoda ngobunhloko, bezishaya indiva izimiso zeBhayibheli. Ngakolunye uhlangothi, amadoda amaningi avele angayinaki imithwalo yawo yemfanelo yobunhloko, njengoba kwenza u-Adamu. Kukhona nalabo abaze bazame nokushintsha indima yabo yobulili ekuphileni ibe ngeyobulili obuhlukile. (Roma 1:26, 27) IBhayibheli alinikezi izindlela zokuphila eziseceleni ezivunyelwa uNkulunkulu. Futhi noma yibaphi ababedidekile ngokuthi babulili buni noma ukuthi bakhetha kuphi, ngaphambi kokuba amaKristu, bangaba nethemba lokuthi kuyobazuzisa phakade ukuphila ngokuvumelana nendinganiso kaNkulunkulu, leyo nakanjani eyokwaziswa yibo bonke abafinyelela ukuphelela kobuntu.

20. EyabaseGalathiya 5:22, 23 kufanele iwuthinte kanjani umbono wethu ngobudoda nobufazi?

20 ImiBhalo ibonisa ukuthi abesilisa nabesifazane abangamaKristu kudingeka bahlakulele futhi babonise izithelo zomoya kaNkulunkulu—uthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) UNkulunkulu, ngokuhlakanipha kwakhe okukhulu, wenza ukuba abesilisa bagqamise ubudoda babo, nabesifazane ubufazi babo, ngokuhlakulela lezo zimfanelo. Kulula ukuhlonipha indoda ebonisa izithelo zomoya, futhi kulula ukuthanda owesifazane owenza kanjalo.

21, 22. (a) UJesu wabeka siphi isibonelo endleleni yokuphila? (b) UJesu wabubonisa kanjani ubudoda bakhe?

21 UJesu Kristu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, futhi amaKristu kufanele alingise indlela yakhe yokuphila. (1 Petru 2:21-23) NjengoJesu, kokubili abesilisa nabesifazane kufanele bazibonise bethembekile kuNkulunkulu futhi belalela iZwi laKhe. UJesu wabonisa izimfanelo ezinhle kakhulu zothando, ubumnene nesihe. NjengamaKristu eqiniso, kulindeleke ukuba simlingise ukuze sibonise ukuthi singabafundi bakhe.—Johane 13:35.

22 UJesu Kristu wayeyindoda yangempela, futhi izimfanelo zakhe zobudoda singazibona lapho sitadisha umlando wokuphila kwakhe ovezwe emiBhalweni. Akazange ashade, kodwa iBhayibheli libonisa ukuthi wayebujabulela ubudlelwane obulinganiselwe nabesifazane. (Luka 10:38, 39) Ubuhlobo bakhe nabesilisa kanye nabesifazane babuhlanzekile futhi buhlonipheka ngaso sonke isikhathi. Uyisibonelo esiphelele sobudoda. Akazange avumele muntu—owesilisa, owesifazane, noma ingelosi engalaleli—ukuba amphuce ubudoda bakhe bokuhlonipha uNkulunkulu nokuthembeka kuJehova. Akazange anqikaze ukwamukela imithwalo yakhe yemfanelo, futhi wenza kanjalo ngaphandle kokukhononda.—Mathewu 26:39.

23. Ngokuqondene nezindima zobulili babantu, amaKristu eqiniso abusiswe kanjani ngokuphawulekayo?

23 Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuba phakathi kwabantu bakaJehova nokuba nobudlelwane namadoda nabesifazane, kanye nabafana namantombazane, labo into eza kuqala ekuphileni kwabo iwukuthanda nokulalela uJehova uNkulunkulu! Asivalelekile ngokulalela iZwi likaNkulunkulu. Kunalokho, sikhululiwe kulelizwe nasezindleleni zalo ezonakalisa ubuhle, injongo nezindima ezingafani zabantu bobulili obuhlukene. Singaba nenjabulo yangempela elethwa ukufeza izindima zethu esizinikezwe uNkulunkulu ekuphileni, kungakhathaliseki ukuthi singabesilisa noma abesifazane. Yebo, yeka indlela esibonga ngayo kuJehova uNkulunkulu, uMdali, ngawo wonke amalungiselelo akhe othando asenzele wona nangokusidala sibe abesilisa nabesifazane!

Ungaphendula Kanjani?

◻ Yiziphi izindima ezifanele zabesilisa nabesifazane ezichazwa iBhayibheli?

◻ Ubudoda bahlanekezelwa kanjani ngaphambi kukaZamcolo, futhi bona kanye nobufazi buye basontwa kanjani esikhathini sethu?

◻ Yisiphi iseluleko seBhayibheli ngokubukeka oyofuna ukusisebenzisa?

◻ Abesilisa nabesifazane abangamaKristu bangazibonisa kanjani bengabesilisa nabesifazane bangempela?

[Isithombe ekhasini 17]

Nakuba ayemuhle, u-Esteri ukhunjulwa ikakhulukazi ngesizotha nomoya wakhe othule nomnene

[Isithombe ekhasini 18]

Kunake ngokulingene ukuzilungisa kuyilapho unaka kakhulu ubuhle bangaphakathi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela