Ingabe Ungumngane KaNkulunkulu?—Lokho Okwambulwa Imithandazo Yakho
INGABE wake wezwa ungaqondile abantu ababili bexoxa? Ngokungangabazeki akukuthathanga isikhathi eside ukubona isimo sobuhlobo babo—ukuthi babesondelene noma babengazani, ukuthi babemane bejwayelene nje noma babengabangane abasondelene nabathembanayo. Ngokufanayo, imithandazo yethu ingambula ubuhlobo bethu noNkulunkulu.
IBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Yebo, usimema ukuba simazi. Singaba ngisho nangabangane bakhe. (IHubo 34:8; Jakobe 2:23) Singajabulela ukusondelana naye ngempela! (IHubo 25:14) Ngokusobala, ubuhlobo bethu noNkulunkulu buyinto eyigugu kunazo zonke thina bantu abangaphelele esingaba nayo. Futhi uJehova uyabazisa ubungane bethu naye. Lokhu kusobala ngoba ubungane bethu naye busekelwe ekubeni kwethu nokholo eNdodaneni yakhe ezelwe yodwa, eyanikela ukuphila kwayo ngenxa yethu.—Kolose 1:19, 20.
Ngakho-ke imithandazo yethu kufanele ibonise uthando nokwazisa okujulile ngoJehova. Nokho, ingabe wake waba nomuzwa wokuthi imithandazo yakho, nakuba ibonisa inhlonipho, ngandlela-thile intula umuzwa wangempela ojulile? Lokhu akuyona into engavamile. Siyini isihluthulelo sokuthuthukisa lesi simo? Ukuthuthukisa ubungane bakho noJehova uNkulunkulu.
Ukuthola Isikhathi Sokuthandaza
Okokuqala, kuthatha isikhathi ukuthuthukisa nokuhlakulela ubungane. Ungase ubingelele noma uze uxoxe nabantu abaningi nsuku zonke—omakhelwane, osebenza nabo, abashayeli bamabhasi nezisebenzi zasesitolo. Nokho, lokho akusho nakancane ukuthi ningabangane ngempela nalabo bantu. Ubungane bukhula lapho ukhuluma isikhathi eside nothile, usuka engxoxweni engasho lutho kuze kube sekuzwakaliseni imizwa nemicabango yakho yangaphakathi.
Ngokufanayo, umthandazo usisiza ukuba sisondele kuJehova. Kodwa kumelwe unikezwe isikhathi esanele; kudingeka okungaphezu kokubonga okusheshayo ngezikhathi zokudla. Lapho ukhuluma ngokwengeziwe noJehova, kuba yilapho ukwazi kakhudlwana ukuhlela imizwa, izisusa nezenzo zakho siqu. Amakhambi ezinkinga ezinzima aqala ukuvela njengoba umoya kaNkulunkulu ukukhumbuza izimiso eziseZwini lakhe. (IHubo 143:10; Johane 14:26) Ngaphezu kwalokho, njengoba uthandaza, uJehova uba ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe futhi usiqaphela ngokwengeziwe isithakazelo nokukhathalela kwakhe kothando ngawe.
Kuba njalo ikakhulukazi lapho uthola impendulo emithandazweni yakho. Phela, uJehova ‘angenza okungaphezu kokuchichimayo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangelayo’! (Efesu 3:20) Lokho akusho ukuthi uNkulunkulu wenza ubone izimangaliso. Nokho, ngeZwi lakhe elilotshiwe, izincwadi zesigaba sesigqila esikholekile, noma ngemilomo yabafowethu nodadewethu abanothando, angase akunike iseluleko noma isiqondiso esidingekayo. Noma angase akunike amandla adingekayo okukhuthazela noma okulwa nesilingo. (Mathewu 24:45; 2 Thimothewu 4:17) Okuhlangenwe nakho okunjalo kugcwalisa izinhliziyo zethu ngokwazisa ngoMngane wethu wasezulwini!
Ngakho-ke kumelwe umuntu azinike isikhathi sokuthandaza. Yiqiniso, isikhathi siyivela kancane kulezi zinsuku ezicindezelayo. Kodwa lapho umkhathalela ngempela othile, ngokuvamile uyasithola isikhathi sokuba naye. Phawula indlela umhubi aveza imizwa yakhe ngayo: “Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena-Nkulunkulu. Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?” (IHubo 42:1, 2) Ingabe ukulangazelela ngendlela efanayo ukukhuluma noNkulunkulu? Khona-ke thengisisa isikhathi sokwenza kanjalo!—Qhathanisa neyabase-Efesu 5:16.
Ngokwesibonelo, ungase uzame ukuvuka ekuseni kakhulu ukuze ube nesikhathi esithile sangasese sokuthandaza. (IHubo 119:147) Ingabe ngezinye izikhathi uyaqwasha ebusuku? Khona-ke, njengomhubi, ungabheka lezo zikhathi eziphazamisayo njengethuba lokuzwakalisa ukukhathazeka kwakho kuNkulunkulu. (IHubo 63:6) Noma kungase kube indaba yokwenza imithandazo emifushane eminingana phakathi nosuku. Umhubi wathi kuNkulunkulu: “Ngikhala kuwe usuku lonke.”—IHubo 86:3.
Ukuthuthukisa Izinga Lemithandazo Yethu
Ngezinye izikhathi uyokuthola kuwusizo nokwelula imithandazo yakho. Emthandazweni omfushane, ungase uthambekele ekukhulumeni ngezinto ezivamile. Kodwa lapho wenza imithandazo emide nejulile, uyizwakalisa kalula ngokwengeziwe imicabango nemizwa yakho yangaphakathi. UJesu wachitha ubusuku bonke ethandaza okungenani kanye. (Luka 6:12) Ngokungangabazeki uyothola ukuthi imithandazo yakho iveza ukusondelana futhi iba nengqondo kakhudlwana uma ugwema ukuyisheshisa.
Lokho akusho ukuthemeleza uma unokuncane kokukusho; futhi akusho ukuphindaphinda okungenangqondo. UJesu waxwayisa: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba nje kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga ukuthi bayothola ukuzwiwa ngokusebenzisa kwabo amazwi amaningi. Ngakho, ningazenzi nifane nabo, ngoba uNkulunkulu uYihlo uyazi ukuthi yiziphi izinto enizidingayo nangaphambi kokuba nicele kuye.”—Mathewu 6:7, 8.
Umthandazo uba nengqondo ngokwengeziwe uma uzicabanga kusengaphambili izinto ofuna ukuxoxa ngazo. Ziningi izinto ongase uzicabangele—injabulo yethu enkonzweni, ubuthakathaka nokungapheleli kwethu, ukudumazeka kwethu, okusikhathazayo ngokwezomnotho, izingcindezi emsebenzini noma esikoleni, inhlalakahle yemikhaya yethu nesimo esingokomoya sebandla lethu lendawo, uma sibala ezimbalwa nje.
Ingabe ingqondo yakho ithambekela ekuzulazuleni ngezinye izikhathi lapho uthandaza? Khona-ke yenza umzamo owengeziwe wokugxilisa ingqondo. Khumbula, uJehova uzimisele ‘ukulalela ukukhala kwethu.’ (IHubo 17:1) Akufanele yini sizimisele ukwenza umzamo oqotho wokulalela imithandazo yethu siqu? Yebo, ‘beka ingqondo yakho ezintweni zomoya,’ futhi ungayivumeli izulazule.—Roma 8:5.
Ibalulekile nendlela esikhuluma ngayo noJehova. Nakuba efuna simbheke njengomngane, akumelwe nanini sikhohlwe ukuthi sikhuluma noMbusi wendawo yonke. Funda futhi uzindle ngombono owesabekayo ovezwe kusAmbulo izahluko 4 no-5. Lapho, uJohane wabona embonweni ubukhazikhazi baLowo esiya kuye ngomthandazo. Yeka ilungelo esinalo lokukwazi ukusondela futhi sikhulume ‘naLowo ohlezi phezu kwesihlalo sobukhosi’! Asifuni nanini ukuba ulimi lwethu lube olungenanhlonipho noma olungenasizotha. Kunalokho, kufanele senze umzamo obumbene wokwenza ‘amazwi emilomo yethu nokuzindla kwezinhliziyo zethu kuthandeke kuJehova.’—IHubo 19:14.
Nokho, kufanele siqaphele ukuthi asimhlabi umxhwele uJehova ngenkulumo enobuciko. Ujabulela amazwi ethu enhlonipho naqotho, kungakhathaliseki ukuthi abekwe ngendlela elula kangakanani.—IHubo 62:8.
Induduzo Nokuqonda Ngezikhathi Zosizi
Lapho sidinga usizo nenduduzo, ngokuvamile siya kumngane oseduze ukuze asisekele futhi azwelane nathi. Akekho umngane ongeneka kalula kunoJehova. “Ufunyaniswa ewusizo impela ekuhluphekeni.” (IHubo 46:1) ‘NjengoNkulunkulu wenduduzo yonke,’ ukuqonda kangcono kunanoma ubani omunye lokho esibhekene nakho. (2 Korinte 1:3, 4; IHubo 5:1; 31:7) Futhi unesihawu nobubele bangempela ngalabo abasesimweni esibucayi. (Isaya 63:9; Luka 1:77, 78) Lapho sibheka uJehova njengomngane oqondayo, siyakhululeka ukukhuluma naye ngentshiseko nangokujulile. Sishukumiseleka ukuba sizwakalise ukwesaba nokukhathazeka kwethu okujule kakhulu. Ngakho sizizwela mathupha indlela ‘ukududuza kukaJehova okuthokozisa ngayo umphefumulo wethu.’—IHubo 94:18, 19.
Ngezinye izikhathi singase sizizwe singakufanelekeli ukusondela kuNkulunkulu ngenxa yeziphambeko zethu. Kodwa kuthiwani uma umngane wakho oseduze ekona futhi ecela intethelelo? Ubungeke yini ushukunyiselwe ukuba umduduze bese uphinda umqinisekisa ngobungane benu? Khona-ke, kungani kufanele ulindele ukuba uJehova enze okuhlukile kulokho? Ubathethelela ngokungagodli abangane bakhe abona ngenxa yokungapheleli kobuntu. (IHubo 86:5; 103:3, 8-11) Ngenxa yokwazi lokhu, asizindeli ukuzivuma ngokukhululekile iziphambeko zethu kuye; singaqiniseka ngothando nesihe sakhe. (IHubo 51:17) Uma sicindezelekile ngenxa yokushiyeka kwethu, singathola induduzo emazwini akweyoku-1 Johane 3:19, 20: “Ngalokhu siyokwazi ukuthi sisuka eqinisweni, futhi siyoqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.”
Nokho, akudingekile ukuba size sibe sesimweni esinzima ukuze sijabulele ukukhathalela kothando kukaNkulunkulu. UJehova unesithakazelo kunoma yini engase ithinte inhlalakahle yethu engokomoya nengokomzwelo. Yebo, akudingekile neze ukuba sicabange ukuthi imizwa, imicabango nokukhathazeka kwethu akubalulekile kakhulu ukuba singakuthinta emthandazweni. (Filipi 4:6) Lapho unomngane oseduze, ingabe uxoxa ngezenzakalo ezinkulu kuphela zokuphila kwakho? Ingabe awumxoxeli nangokukhathazeka okuncane uma kuqhathaniswa? Ngokufanayo, ungazizwa ukhululekile ukukhuluma noJehova nganoma isiphi isici sokuphila kwakho, wazi ukuthi ‘uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.
Yiqiniso, ubuhlobo abuhlali isikhathi eside uma ukhuluma ngawe nje kuphela. Ngokufanayo, imithandazo yethu akufanele igxile kithi ngokwethu. Kufanele sizwakalise nothando lwethu nokukhathalela ngoJehova nangezithakazelo zakhe. (Mathewu 6:9, 10) Umthandazo awulona ithuba lokucela usizo kuNkulunkulu kuphela kodwa uyithuba futhi lokubonga nokudumisa. (IHubo 34:1; 95:2) “Ukungenisa ulwazi” ngesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke kuyosisiza kulokhu, njengoba kusisiza ukuba sijwayelane kangcono noJehova nezindlela zakhe. (Johane 17:3) Ungase ukuthole kuwusizo ngokukhethekile ukufunda incwadi yamaHubo futhi uphawule indlela ezinye izinceku ezikholekile ezikhuluma ngayo noJehova.
Ubuhlobo noJehova buyisipho esiyigugu ngempela. Kwangathi singabonisa ukuthi siyabazisa ngokwenza imithandazo yethu ibonise ukusondelana, isuke enhliziyweni futhi ibe nokusondelana komuntu siqu ngisho nangokwengeziwe. Khona-ke siyoba nenjabulo eyazwakaliswa umhubi, owathi: “Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo.”—IHubo 65:4.
[Izithombe ekhasini 28]
Singathandaza kuNkulunkulu usuku lonke lapho kuvela ithuba