Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 8/1 kk. 3-4
  • Unembeza—Uwuhlupho Noma Uwusizo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unembeza—Uwuhlupho Noma Uwusizo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Unembeza—Umbono WeBhayibheli
  • Ingabe Unembeza Wakho Uqeqeshwe Kahle?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ungawulondoloza Kanjani Unembeza Omuhle?
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Lalela Izwi Elingaphakathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ngingawuqeqesha Kanjani Unembeza Wami?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 8/1 kk. 3-4

Unembeza—Uwuhlupho Noma Uwusizo?

‘UNEMBEZA wami uyangikhathaza!’ Ngezikhathi ezithile, cishe sonke sikhathazwa unembeza. Imizwa enjalo ingaba ukungakhululeki nje noma ibe ubuhlungu obukhulu. Unembeza okhathazekile ungabangela ngisho nokucindezeleka noma umuzwa onamandla wokuhluleka.

Khona-ke, uma ubhekwa ngalombono, ingabe unembeza awulona uhlupho? Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi uyilo. Abantu abacabangayo bezizukulwane zasendulo ngokuvamile babebheka unembeza njengamandla angokwemvelo ozalwa nawo. Abaningi babenomuzwa wokuthi uyisiqondiso sokuziphatha esinikezwa uNkulunkulu ngokuqondile. Ngakho unembeza uye wabizwa ngokuthi “ukuba khona kukaNkulunkulu kumuntu,” “isimo sethu esingokwemvelo,” nangokuthi “izwi likaNkulunkulu.”

Nokho, eminyakeni yamuva, kuye kwaba okuvamile ukugomela ngokuthi unembeza ngokuyinhloko ungamandla azuzwayo—umphumela wethonya labazali nabantu ophila phakathi kwabo. Ngokwesibonelo, ezinye izazi zengqondo zigcizelela ukuthi ingane ifunda ukugwema ukuziphatha okungafanele ngokuyinhloko ngenxa yokwesaba ukujeziswa, zikholelwa ukuthi lokho esikubiza ngokuthi unembeza kumane kuwukuzuza izindinganiso nezinkolelo zabazali bethu. Abanye bakhomba indima yomphakathi uwonke ekudluliseleni izindinganiso. Abanye babheka ukukhathazeka kukanembeza njengokungqubuzana nje kwalokho esingathanda ukukwenza nalokho umphakathi ocindezelayo ofuna sikwenze!

Naphezu kwalezi zinkolelo-mbono, ngokuvamile abantu baye balenqaba ithonya labazali, imikhaya, nayo yonke imiphakathi ngoba betshelwa unembeza wabo ukuba benze kanjalo. Abanye baye bazimisela ngisho nokunikela ngokuphila kwabo ngenxa kanembeza! Futhi naphezu kokungefani ngokuphelele kwamasiko omhlaba, izenzo ezifana nokubulala, ukweba, ukuphinga, ukuqamba amanga, ubuhlobo bobulili nesihlobo cishe zibhekwa njengezingalungile emhlabeni wonke. Ingabe lokhu akufakazeli ukuthi unembeza ungokwemvelo, uzalwa nawo?

Unembeza—Umbono WeBhayibheli

Onegunya langempela kulendaba uJehova uNkulunkulu. Kakade, “nguye [uNkulunkulu] osenzileyo, akuthina.” (IHubo 100:3) Ukuqonda kahle ukubunjwa kwethu. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lichaza ukuthi umuntu wenziwa “ngomfanekiso” kaNkulunkulu. (Genesise 1:26) Umuntu wadalwa ekwazi ukuhlukanisa okuhle nokubi; unembeza wawuyingxenye engokwemvelo yesimo somuntu kwasekuqaleni.—Qhathanisa noGenesise 2:16, 17.

Umphostoli uPawulu wakufakazela lokhu encwadini yakhe eya kwabaseRoma, ebhala: “Noma nini lapho abantu bezizwe abangenawo umthetho [kaNkulunkulu] benza ngokwemvelo izinto zomthetho, lababantu, nakuba bengenawo umthetho, bangumthetho kubo ngokwabo. Yibo kanye ababonisa ukuthi ingqikithi yomthetho ilotshiwe ezinhliziyweni zabo, lapho unembeza wabo ufakazelana nabo, futhi phakathi kwemicabango yabo siqu, babekwa icala noma baze ngisho bavunwe.” (Roma 2:14, 15) Phawula ukuthi abaningi ababengazange bakhuliswe ngaphansi koMthetho waphezulu owanikwa amaJuda babezilandela ezinye zezimiso zomthetho kaNkulunkulu, hhayi ngokucindezelwa abantu ababephila phakathi kwabo, kodwa “ngokwemvelo”!

Khona-ke, kunokuba ube uhlupho, unembeza uyisipho saphezulu, uwusizo. Kuyavunywa, ungasibangela ukucindezeleka. Kodwa lapho ulalelwa ngokufanele, ungasivuza nangemizwa yokwaneliseka okukhulu nokuthula kwangaphakathi. Ungasiqondisa, usivikele futhi usikhuthaze. I-Interpreter’s Bible iyaphawula: “Impilo engokwengqondo nengokomzwelo ingalondolozwa kuphela lapho umuntu ezama ukuvala igebe eliphakathi kwalokho akwenzayo nalokho anomuzwa wokuthi kufanele akwenze.” Umuntu angalivala kanjani lelo gebe? Kungenzeka yini ukuba silolonge futhi siqeqeshe unembeza wethu? Lemibuzo izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela