Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 8/1 kk. 4-6
  • Indlela Ongawuqeqesha Ngayo Unembeza Wakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Ongawuqeqesha Ngayo Unembeza Wakho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingqondo, Inhliziyo Nonembeza Wakho
  • Lapho Sona
  • “Yibani Nonembeza Omuhle”
  • Ungawulondoloza Kanjani Unembeza Omuhle?
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ingabe Unembeza Wakho Uqeqeshwe Kahle?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ingabe Ungawethemba Unembeza Wakho Ukuba Ukuqondise?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ngingawuqeqesha Kanjani Unembeza Wami?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 8/1 kk. 4-6

Indlela Ongawuqeqesha Ngayo Unembeza Wakho

“UNEMBEZA ohlanzekile ungumcamelo ongcono kakhulu.” Lesi sisho sakudala siqokomisa iqiniso elibalulekile: Lapho silalela onembeza bethu, sijabulela ukuthula nokuzola kwangaphakathi.

Nokho, akubona bonke abakhetha ukwenza kanjalo. U-Adolf Hitler wamemezela ukuthi wayesemkhankasweni wokukhulula abantu embonweni ongamanga owonakalisayo, noma odukisayo owaziwa ngokuthi unembeza. Ukubusa kwakhe okwakunobudlova kunikeza umbono odangalisayo wendlela abantu abangaba nonya ngayo lapho belahla onembeza babo. Nokho, izelelesi eziningi zanamuhla ezinobudlova zinonya ngendlela efanayo—lezo ezidlwengula futhi zibulale ngaphandle kokuzisola. Amanani andayo alezi zelelesi aseyizingane. Ngakho incwadi ecwaninga ngalendaba yayinesihlokwana esithi Izingane Ezingenanembeza.

Nakuba iningi labantu lingasoze lacabanga ukwenza ubulelesi obunobudlova, alibi nawo umuzwa wokungakhululeki lapho lihileleka ekuziphatheni okubi ngokobulili, ukuqamba amanga noma ukukhohlisa. Isimilo siyawohloka embulungeni yonke. Ebhekisela ekuhlubukeni okukhulu ekukhulekeleni kweqiniso, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi amanye amaKristu ayeyovumela ithonya lezwe, ngaleyo ndlela abe ‘aphawulwe konembeza bawo njengokungathi ngensimbi yokubeka uphawu.’ (1 Thimothewu 4:2) Ukonakala kusongela ngisho nakakhulu namuhla phakathi nalezi ‘zinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Ngakho-ke amaKristu kumelwe azikhandle ukuze alondoloze onembeza bawo. Lokhu singakwenza ngokubaqeqesha nangokubathuthukisa.

Ingqondo, Inhliziyo Nonembeza Wakho

Umphostoli uPawulu wathi: “Ngikhuluma iqiniso mayelana noKristu; angiqambi manga, njengoba unembeza wami ufakazelana nami emoyeni ongcwele.” (Roma 9:1) Ngakho-ke unembeza ungaba ufakazi. Ungahlola inkambo yokuziphatha bese uyayamukela noma uyilahle. Ingxenye enkulu yemizwa yethu yokuhle nokubi iye yafakwa kithi uMdali wethu. Nakuba kunjalo, onembeza bethu bangalolongwa futhi baqeqeshwe. Kanjani? Ngokungenisa ulwazi olunembile oluseZwini likaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu uthi: “Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Njengoba ugxilisa imicabango nentando kaNkulunkulu engqondweni yakho, unembeza wakho uqala ukusebenza ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu kakhudlwana.

OFakazi BakaJehova baye basiza izigidi emhlabeni wonke ukuba ‘zingenise ulwazi ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.’ (Johane 17:3) Ngelungiselelo labo lesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, bafundisa abanhliziyo ziqotho izindinganiso zikaJehova uNkulunkulu ngobulili, uphuzo oludakayo, umshado, ukusebenzelana kwezamabhizinisi nezinye izindaba eziningi.a (IzAga 11:1; Marku 10:6-12; 1 Korinte 6:9, 10; Efesu 5:28-33) Ukungenisa lolu “lwazi olunembile” kuyisinyathelo esibalulekile sokuba nonembeza ohlonipha uNkulunkulu. (Filipi 1:9) Yiqiniso, ngisho nalapho umKristu esevuthiwe ekuqondeni iBhayibheli, kumelwe aqhubeke ondla ingqondo yakhe ngeZwi likaNkulunkulu njalo ukuze unembeza wakhe uhlale uphila.—IHubo 1:1-3.

IBhayibheli futhi lihlobanisa unembeza nenhliziyo engokomfanekiso, ehlanganisa imizwa nemizwelo yakho. (Roma 2:15) Ingqondo nenhliziyo kumelwe kusebenzelane ukuze unembeza usebenze ngendlela efanele. Lokho kusho ukwenza okungaphezu kokungenisa ukwaziswa engqondweni. Kumelwe futhi ulolonge inhliziyo yakho—imizwa, izifiso nokulangazelela kwakho kwangaphakathi. Ngakho incwadi yezAga isebenzisa amazwi anjengokuthi ‘thobisa inhliziyo yakho,’ ‘beka inhliziyo yakho,’ nokuthi ‘hola inhliziyo yakho.’ (IzAga 2:2; 23:19; 27:23) Enye indlela yokwenza kanjalo iwukuzindla nokucabanga ngemiBhalo. AmaHubo 77:12 athi: “Ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.” Ukuzindla kusisiza ukuba sifinyelele imizwa nezisusa zethu zangaphakathi.

Ngokwesibonelo, ake sithi unomkhuba ongahlanzekile njengokuluthwa ugwayi. Njengabantu abaningi, ngokungangabazeki uyaziqaphela izingozi zawo ezingokwempilo. Nokho, naphezu kokuncengwa abangane nomkhaya, uye wakuthola kunzima ukuwuyeka. Ukuzindla ngesigijimi seBhayibheli kungawuqinisa kanjani unembeza wakho kulendaba?

Ngokwesibonelo, zama ukuzindla ngamazwi omphostoli uPawulu akweyesi-2 Korinte 7:1: “Ngakho-ke, njengoba sinalezizithembiso, bathandekayo, masizihlanzeni kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ekwesabeni uNkulunkulu.” Thola umqondo walamazwi. Zibuze, ‘Ziyini ngempela “lezizithembiso” uPawulu abhekisela kuzo?’ Ngokufunda umongo, uzophawula ukuthi ivesi elandulelayo lithi: “‘“Phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,” kusho uJehova, “futhi niyeke ukuthinta into engahlanzekile”’; ‘“ngizonamukela.”’ ‘“Futhi mina ngiyoba uyihlo, nina niyoba amadodana namadodakazi kimi,” kusho uJehova uMninimandla onke.’”—2 Korinte 6:17, 18.

Umyalo kaPawulu wokuba ‘sizihlanze ekungcoleni’ manje usunamandla engeziwe! Njengesikhuthazo esinamandla sokwenza kanjalo, uNkulunkulu uthembisa ‘ukusamukela,’ okusho ukusifaka ngaphansi kokunakekela kwakhe okuyisivikelo. Ungase uzibuze: ‘Ingabe ngingabujabulela ubuhlobo obuseduze naye—obunjengobendodana noma indodakazi noyise?’ Awukhangi kakhulu yini umcabango ‘wokwamukelwa’ noma ukuthandwa uNkulunkulu ohlakaniphile nonothando? Uma lowo mcabango uzwakala ungajwayelekile kuwe, phawula indlela obaba abanothando ababonisa ngayo uthando ezinganeni zabo. Manje cabanga ngesibopho esinjalo siphakathi kwakho noJehova! Lapho uzindla ngokwengeziwe ngaso, isifiso sokuba nobuhlobo obunjalo sikhula nakakhulu.

Kodwa phawula: Ukusondelana noNkulunkulu kungenzeka kuphela uma ‘uyeka ukuthinta into engahlanzekile.’ Zibuze: ‘Ingabe ukuluthwa ugwayi akukho phakathi “kwezinto ezingahlanzekile” uNkulunkulu azilahlayo? Ingabe ukuwusebenzisa kungaba “ukungcola kwenyama,” okwenza ngizichaye kuzo zonke izinhlobo zezingozi ezingokwempilo? Njengoba uJehova enguNkulunkulu ohlanzekile, noma “ongcwele,” ingabe angakwamukela ukuzingcolisa kwami ngamabomu ngalendlela?’ (1 Petru 1:15, 16) Phawula ukuthi uPawulu uxwayisa ‘nangokungcola komoya womuntu,’ noma ukuthambekela okungokwengqondo. Zibuze: ‘Ingabe lokhu kulutheka kubusa ukucabanga kwami? Ingabe ngingenza konke okusemandleni ukuba nganelise ukuqaleka kwami, mhlawumbe ngifaka impilo yami, yomkhaya wami, ngisho nokuma kwami phambi kukaNkulunkulu engozini? Ingabe ngiye ngakuvumela ngezinga elingakanani ukuluthwa kwami ugwayi ukuba kulimaze ukuphila kwami?’ Ukubhekana nalemibuzo ebuhlungu kungase kukunike isibindi sokuyeka!

Yiqiniso, ungase udinge usizo nokusekela kwabanye ukuze unqobe ukuluthwa ugwayi. Nokho, ukuzindla ngeBhayibheli kungenza lukhulu ekuqeqesheni nasekuqiniseni unembeza wakho ukuze uzikhulule ekuluthekeni.

Lapho Sona

Naphezu kwemizamo yethu eqotho yokwenza okulungile, ngezinye izikhathi ukungapheleli kwethu kuyasinqoba futhi sone. Onembeza bethu bayobe sebesikhathaza, kodwa singase silingekele ekubeni sizame ukubashaya indiva. Noma singase sidumazeke kangangokuba sifune ukuyeka yonke imizamo yokukhonza uNkulunkulu. Nokho, khumbula indaba yeNkosi uDavide. Ngemva kokuba iphinge noBati-Sheba, unembeza wayo wayikhathaza. Ichaza ukuhlupheka eyakuzwa ngokuthi: “Imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo.” (IHubo 32:4) Ingabe kwakubuhlungu? Ngokuqinisekile! Nokho lokhu kudabuka kokuhlonipha uNkulunkulu kwashukumisela uDavide ukuba aphenduke futhi abuyisane noNkulunkulu. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 7:10.) Ukucela kamunyu kukaDavide intethelelo kunikeza ubufakazi obanele bokuphenduka kwakhe okuqotho. Ngenxa yokulalela unembeza wakhe, uDavide wasizwa ukuba ashintshe futhi ekugcineni aphinde abe nenjabulo.—IHubo 51.

Kungenzeka okufanayo nanamuhla. Abanye báfunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova ezikhathini ezidlule kodwa bayeka lapho bethola ukuthi ukuphila kwabo akuvumelani nezindinganiso eziphakeme zikaNkulunkulu. Mhlawumbe babehlala nelungu lobulili obuhlukile bengashadile noma beyizigqila zemikhuba engahlanzekile. Onembeza babo babakhathaza!

Uma usesimweni esinjalo, cabangela amazwi omphostoli uPetru ngosuku lwePhentekoste. Lapho edalula izono zamaJuda ezwe lakubo, ‘ahlabeka enhliziyweni.’ Kunokuba aphele amandla, alalela iseluleko sikaPetru sokuba aphenduke, futhi azuza umusa kaNkulunkulu. (IzEnzo 2:37-41) Ungenza okufanayo! Kunokushiya iqiniso ngenxa yokuba unembeza wakho ukukhathaza, vumela unembeza wakho ukushukumisele ukuba ‘uphenduke futhi uguquke.’ (IzEnzo 3:19) Ngokuzimisela nomzamo, ungalwenza ushintsho oludingekile ukuze uzuze umusa kaNkulunkulu.

“Yibani Nonembeza Omuhle”

Kungakhathaliseki ukuthi usanda kuqala ukufunda izindlela zikaJehova noma uneminyaka eminingi ungumKristu ovuthiwe, umyalo kaPetru uyafaneleka: “Yibani nonembeza omuhle.” (1 Petru 3:16) Uwusizo, awulona uhlupho. Wuqeqeshe ngokondla ingqondo nenhliziyo yakho ngokuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Lalela unembeza wakho lapho ukuxwayisa. Jabulela ukuthula kwengqondo kwangaphakathi okungalethwa ukulalela unembeza wakho.

Kuyavunywa, ukuqeqesha nokulolonga unembeza wakho akuwona umsebenzi olula. Nokho, ungathandaza kuJehova uNkulunkulu ukuba akusize. Ngosizo lwakhe, uyokwazi ukukhonza uNkulunkulu ‘ngonembeza omuhle nokholo olungenabuzenzisi.’—1 Thimothewu 1:5.

[Umbhalo waphansi]

a Zizwe ukhululekile ukuthintana nebandla langakini loFakazi BakaJehova noma ukubhalela abanyathelisi balomagazini uma ungathanda ukuthola isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

[Isithombe ekhasini 6]

Ukufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu kusisiza ukuba siqeqeshe onembeza bethu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela