Ukusindiswa—Lokho Okukushoyo Ngempela
‘INGABE usindisiwe?’ Ngokuvamile, labo ababuza lombuzo banomuzwa wokuthi basindisiwe ngoba baye ‘bamukela uJesu njengoMsindisi wabo.’ Kanti abanye banomuzwa wokuthi kunezindlela ezihlukahlukene eziya ensindisweni nokuthi uma nje ‘uJesu esenhliziyweni yakho,’ akunandaba ukuthi yini oyikholelwayo noma ungowaliphi isonto.
IBhayibheli lithi kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe.” (1 Thimothewu 2:3, 4) Ngakho insindiso ingatholwa yibo bonke abayoyamukela. Kodwa kusho ukuthini ngempela ukusindiswa? Ingabe ngempela kungokuthile okumane kwenzeke kuwe ngokwenza umzamo omncane noma ungazange uwenze nhlobo umzamo?
Igama elithi “ukusindiswa” lisho “ukukhululwa engozini noma ekubhujisweni.” Ngakho ukusindiswa kwangempela kuhilela okungaphezu kwesimo sengqondo esizolile. Kusho ukusindiswa ekubhujisweni kwalesi simiso sezinto esibi samanje futhi ekugcineni nasekufeni ngokwakho! Kodwa obani ngempela abayosindiswa uNkulunkulu? Ukuze siphendule, ake sihlole lokho uJesu Kristu akufundisa ngalendaba. Imiphumela yophenyo lwethu ingase ikumangaze.
Insindiso—Ingabe Itholakala Kuzo Zonke Izinkolo?
Kwesinye isenzakalo, uJesu waxoxa nowesifazane ongumSamariya. Nakuba ayengeyena umJuda, wayekholelwa ngokufanelekile ukuthi uMesiya “obizwa ngokuthi uKristu” wayeyofika. (Johane 4:25) Ingabe inkolelo enjalo yayanele ukuze asindiswe? Cha, ngoba uJesu watshela lona wesifazane ngesibindi: “Nina nikhulekela eningakwaziyo.” UJesu wayazi ukuthi ukuze lona wesifazane asindiswe, kwakuyodingeka ashintshe indlela yakhe yokukhulekela. Ngakho-ke uJesu wachaza: “Noma kunjalo, ihora liyeza futhi kuyilo manje lapho abakhulekeli beqiniso beyokhulekela khona uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.”—Johane 4:22, 23.
Esinye isenzakalo uJesu ambula kuso umbono wakhe ngensindiso sasihilela abaFarisi, ihlelo elivelele lenkolo yobuJuda. AbaFarisi babakhe isimiso sokukhulekela futhi bekholelwa ukuthi sasivunyelwa uNkulunkulu. Kodwa lalela amazwi uJesu awasho kubaFarisi: “Bazenzisi! U-Isaya wayeqinisile lapho eprofetha ngani ethi: ‘Laba bantu bangidumisa ngezindebe zabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nami. Bangikhulekela ngeze; izimfundiso zabo zimane nje ziyimithetho efundiswa abantu.’”—Mathewu 15:7-9, New International Version.
Kuthiwani ngamaqembu amaningi ezinkolo namuhla athi akholelwa kuKristu? Ingabe uJesu wayeyowagunyaza wonke njengayizindlela ezamukelekayo zokusindiswa? Akudingekile ukuba siqagele kulokhu, ngoba uJesu washo ngokucacile: “Akuwona wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini nguye oyongena. Abaningi bayothi kimi ngalolosuku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, futhi saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngalesosikhathi: Angizange nginazi! Sukani kimi, nina zisebenzi zokungabi namthetho.”—Mathewu 7:21-23.
Ulwazi Olunembile NgoJesu Lubalulekile Ukuze Usindiswe
Lamazwi kaJesu ayasangulukisa. Abonisa ukuthi abantu abaningi abazinikele bayahluleka ‘ukwenza intando kaBaba.’ Khona-ke, umuntu angasindiswa kanjani ngempela? Eyoku-1 Thimothewu 2:3, 4 iyaphendula: ‘Intando kaNkulunkulu iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’—Qhathanisa neyabaseKolose 1:9, 10.
Ulwazi olunjalo lubalulekile ukuze usindiswe. Lapho umgcini wejele ongumRoma ebuza umphostoli uPawulu nayekanye naye, uSila ethi, “Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngisindiswe?” baphendula: “Kholelwa eNkosini uJesu futhi uzosindiswa, wena nendlu yakho.” (IzEnzo 16:30, 31) Ingabe lokho kwakusho ukuthi ukuphela kwento umgcini wejele nabendlu yakhe okwakudingeka bayenze kwakuwukuba nomuzwa othile ezinhliziyweni zabo? Cha, ngoba ‘babengenakukholelwa ngempela eNkosini uJesu’ ngaphandle kokuba babe nokuqonda okuthile ngokuphathelene nokuthi wayengubani uJesu, lokho akwenza nalokho akufundisa.
Ngokwesibonelo, uJesu wafundisa ngokumiswa kukahulumeni wasezulwini—‘umbuso kaNkulunkulu.’ (Luka 4:43) Wamisa nezimiso zokuziphatha zobuKristu. (Mathewu, izahluko 5-7) Waveza ukuma okwakuyothathwa abafundi bakhe lapho kuziwa ezindabeni zezombangazwe. (Johane 15:19) Wasungula isimiso sokufundisa somhlaba wonke futhi wayala abalandeli bakhe ukuba bahlanganyele kuso. (Mathewu 24:14; IzEnzo 1:8) Yebo, ‘ukukholelwa kuJesu’ kwakusho ukuqonda izinto eziningi! Kungakho-ke uPawulu noSila “bakhuluma [kumgcini wejele] izwi likaJehova kanye nabo bonke labo ababesendlini yakhe” ngaphambi kokuba laba ababesanda kukholwa babhapathizwe.—IzEnzo 16:32, 33.
Ulwazi Olunembile NgoNkulunkulu Nalo Lubalulekile
Ingxenye edingekayo yokukholelwa ngempela kuJesu ihilela ukukhulekela uNkulunkulu okhulekelwa uJesu. UJesu wathandaza: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Phakathi nenkonzo yayo yasemhlabeni, iNdodana kaNkulunkulu yayihlale iqondisa ukunakekela kuYise hhayi kuyo. Ayikaze ithi inguNkulunkulu uMninimandla onke. (Johane 12:49, 50) Ezikhathini eziningi uJesu wenza isikhundla sakhe elungiselelweni likaNkulunkulu sacaca ngokusho ukuthi wayengaphansi kukaYise. (Luka 22:41, 42; Johane 5:19) Phela, uJesu wathi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) Ingabe isonto okulo liye lakufundisa ubuhlobo bangempela phakathi kukaNkulunkulu noKristu? Noma ingabe uye wenziwa wakholelwa ukuthi uJesu ngokwakhe unguNkulunkulu uMninimandla onke? Ukusindiswa kwakho kuxhomeke ekubeni nokuqonda okunembile.
EMthandazweni WeNkosi, uJesu wanxusa abafundi bakhe ukuba bathandaze: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Izinguqulo eziningi zeBhayibheli ziye zalifihla igama likaNkulunkulu, zilihumusha ngokuthi “Nkosi.” Kodwa emakhophini asendulo ‘eTestamente Elidala,’ igama likaNkulunkulu livele izikhathi ezingaphezu kwezinkulungwane eziyisithupha! Ngakho iHubo 83:18 lifundeka kanje: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (Omalukeke sizenzele.) Ingabe uye wafundiswa ukusebenzisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova? Uma kungenjalo, ukusindiswa kwakho kusengozini, ngoba “wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa”!—IzEnzo 2:21; qhathanisa noJoweli 2:32.
Ngomoya Nangeqiniso
UJesu Kristu naye waqondisa ukunakekela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Lapho echaza umbono kaNkulunkulu ezindabeni ezithile, wayevame ukuthi: “Kulotshiwe.” (Mathewu 4:4, 7, 10; 11:10; 21:13) Ngobusuku obungaphambi kokufa kwakhe, uJesu wathandazela abafundi bakhe: “Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.”—Johane 17:17.
Ngakho, ukuqonda izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, enye yezinto ezidingekayo ukuze usindiswe. (2 Thimothewu 3:16) IBhayibheli kuphela eliphendula imibuzo enjengokuthi: Iyini injongo yokuphila? Kungani uNkulunkulu evumele ukuba ububi buqhubeke isikhathi eside kangaka? Kwenzekani kumuntu lapho efa? Ingabe uNkulunkulu uyabahlupha ngempela abantu esihogweni somlilo? Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba?a Umuntu ngeke akwazi ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela efanele ngaphandle kokukuqonda ngokunembile lokho, ngoba uJesu wathi: “Abakhulekeli beqiniso [ba]yokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:23.
Ukholo Lushukumisela Esenzweni
Ukusindiswa kuhilela okungaphezu kokumane uthole ulwazi. Enhliziyweni esabelayo, ulwazi olunembile ngoNkulunkulu lwakha ukholo. (Roma 10:10, 17; Heberu 11:6) Ukholo olunjalo lushukumisela umuntu esenzweni. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyayala: “Ngakho-ke, phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu, ukuze izinkathi zokuqabuleka zifike zivela ebusweni bukaJehova.”—IzEnzo 3:19.
Yebo, ukusindiswa kuhilela nokuzivumelanisa nezindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha. Ngaphansi kwethonya eliguqulayo leZwi likaNkulunkulu, imikhuba yokuqamba amanga nokukhohlisa umuntu asenesikhathi eside enayo ithathelwa indawo ukuthembeka nokuba neqiniso. (Thithu 2:10) Imikhuba yokuziphatha okubi, njengobungqingili, ukuphinga nobufebe iyalahlwa futhi ithathelwe indawo ukuziphatha okumsulwa. (1 Korinte 6:9-11) Lokhu akukhona ukuzithiba kwesikhashana okusekelwe emizwelweni kodwa ushintsho oluhlala njalo oluwumphumela wokutadisha ngokucophelela nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu.—Efesu 4:22-24.
Ngokuhamba kwesikhathi, uthando nokwazisa ngoNkulunkulu kushukumisela umuntu onenhliziyo eqotho ukuba azinikezele ngokugcwele kuNkulunkulu futhi akubonakalise ngobhapathizo lwamanzi. (Mathewu 28:19, 20; Roma 12:1) AmaKristu abhapathiziwe asindisiwe emehlweni kaNkulunkulu. (1 Petru 3:21) Phakathi nokubhujiswa okuzayo kwalelizwe elibi, uNkulunkulu uyowasindisa ngokuphelele ngokuwalondoloza kulolo sizi.—IsAmbulo 7:9, 14.
Lokho Ukusindiswa Okungase Kukusho Ngawe
Ngokwalengxoxo emfushane kusobala ukuthi ukusindiswa kuhilela okungaphezu ‘kokuba neNkosi uJesu enhliziyweni yakho.’ Kusho ukungenisa ulwazi olunembile ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu Kristu nokwenza ushintsho oludingekayo ekuphileni kwakho. Ukwenza lokhu kungase kuzwakale kunzima, kodwa oFakazi BakaJehova bazimisele ukukusiza kulomzamo. Ngesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, bangakusiza ukuba uqale ukuhamba endleleni eya ensindisweni yangempela.b
Ngenxa yokusondela kosuku lokwahlulela lukaNkulunkulu, ukwenza kanjalo kuphuthuma kakhulu kunanini ngaphambili! Manje isikhathi sokulalela amazwi omprofethi: “Lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova. Funani uJehova nina nonke-bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”—Zefaniya 2:2, 3.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ephathelene nalokho, siza ubheke incwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Uma ungathanda ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya, siza uthintane nebandla lendawo loFakazi BakaJehova. Noma ungase ubhalele abanyathelisi balomagazini.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Ukusindiswa Kutholakala . . .
◻ Ngokuzuza ulwazi olunembile ngoNkulunkulu noJesu.—Johane 17:3.
◻ Ukuba nokholo.—Roma 10:17; Heberu 11:6.
◻ Ukuphenduka nokuguquka.—IzEnzo 3:19; Efesu 4:22-24.
◻ Ukuzinikezela nobhapathizo.—Mathewu 16:24; 28:19, 20.
◻ Ukuqhubeka uvuma obala.—Mathewu 24:14; Roma 10:10.
[Izithombe ekhasini 7]
Ukufunda iBhayibheli, ukusebenzisa okufundile, ukuzinikezela nobhapathizo yizinyathelo eziholela ensindisweni