Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 9/1 kk. 30-31
  • Ubaba Okulungele Ukuthethelela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubaba Okulungele Ukuthethelela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ebilahlekile Yatholakala
  • Lokho Esikufundayo
  • Indodana Ebilahlekile Iyabuya
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Yendodana Yolahleko
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Lapho Kutholakala Indodana Yolahleko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ababuyayo Bamukelwa Ngezandla Ezimhlophe
    Ukusindela Emhlabeni Omusha
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 9/1 kk. 30-31

Benza Intando KaJehova

Ubaba Okulungele Ukuthethelela

UYE wabizwa ngokuthi indatshana enhle kunazo zonke ezike zabhalwa—ngesizathu esihle. Umfanekiso kaJesu wothando lukababa ngendodana yakhe elahlekile unjengefasitela esithola ngalo umbono omuhle wobubele bukaNkulunkulu ngezoni eziphendukayo.

Ebilahlekile Yatholakala

Indoda ethile yayinamadodana amabili. Encane yathi kuyo: ‘Ngifuna ifa lami manje, kunokuba ngilinde uze ufe.’ Uyise wenza kanjalo, cishe eyinika ingxenye yesithathu yakho konke okungokwakhe—isabelo esingokomthetho sendodana encane emadodaneni amabili. (Duteronomi 21:17) Ngokushesha lona osemusha waqoqa impahla yakhe waya ezweni elikude lapho achitha khona yonke imali yakhe ephila ukuphila kokuzitika ngamanyala.—Luka 15:11-13.

Kwabe sekuba nendlala enkulu. Iphelelwe ithemba, lensizwa yamukela umsebenzi wokwalusa izingulube—umsebenzi onyanyekayo kumaJuda. (Levitikusi 11:7, 8) Ukudla kwakuyindlala kangangokuba yaqala ukulangazelela imidumba yamakharobhu eyayiwukudla kwezingulube! Ekugcineni, lensizwa yasanguluka. ‘Izinceku zikababa zondliwa kangcono kunami!’ icabanga. ‘Ngizobuyela ekhaya, ngivume izono zami, futhi ngicele ukuba ngomunye wabaqashwa bakababa.’a—Luka 15:14-19.

Lensizwa yazihudula ibuyela ekhaya. Akungabazeki ukuthi ukubukeka kwayo kwakushintshe kakhulu. Nakuba kunjalo, uyise wayibona “isekude.” Eshukunyiswa isihawu, wagijimela endodaneni yakhe, wayisingatha, “wayanga ngesisa.”—Luka 15:20.

Lokhu kwamukelwa ngokufudumele kwenza kwaba lula ngalensizwa ukuba ivume ububi bayo. “Baba,” isho, “ngonile kulo izulu nakuwe. Angisakufanelekeli ukubizwa ngokuthi ngiyindodana yakho. Ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.” Uyise wabiza izigqila zakhe. “Sheshani!” eyala. “Khiphani isivatho, esihle kunazo zonke, futhi nimgqokise sona, futhi nifake indandatho esandleni sakhe nezimbadada ezinyaweni zakhe. Futhi lethani inkunzi esencane ekhuluphalisiwe, niyihlabe futhi sidle sizijabulise, ngoba lendodana yami ibifile yabuye yaphila; ibilahlekile futhi yatholakala.”—Luka 15:21-24.

Kwaba nesiphihli sedili, elalihlanganisa umculo nokudansa. Lapho indodana enkulu ibuya ensimini yezwa umsindo. Kwathi lapho izwa ukuthi umfowabo wayebuyile ekhaya nokuthi yilokho okwakubangele ukuba kwenziwe idili, yathukuthela. ‘Ngibe yisigqila sakho iminyaka eminingi, futhi angikaze ngingakulaleli, kodwa awukaze unginike izinyane ukuba ngizijabulise nabangane bami,’ ikhonona kuyise. ‘Kodwa manje ngokushesha nje lapho lendodana yakho echithe ingcebo yakho ibuya, uyenzela idili.’ ‘Mntwana,’ kuphendula uyise ngesisa, ‘ubulokhu unami ngaso sonke isikhathi, futhi konke okungokwami kungokwakho. Kodwa bekumelwe nje sijabule ngoba umfowenu ubefile futhi waphila. Ubelahlekile watholakala.’—Luka 15:25-32.

Lokho Esikufundayo

Ubaba emfanekisweni kaJesu umelela uNkulunkulu wethu onesihe, uJehova. Njengendodana elahlekile, abanye abantu bashiya ukulondeka kwendlu kaNkulunkulu isikhathi esithile kodwa babuye kamuva. UJehova ubabheka kanjani abantu abanjalo? Labo ababuyela kuJehova ngokuphenduka okuqotho bangaqiniseka ukuthi “akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube-phakade.” (IHubo 103:9) Emfanekisweni, ubaba wagijima eyokwamukela indodana yakhe. Ngokufanayo, uJehova akazimisele nje kuphela ukuthethelela izoni eziphendukayo kodwa uyakushisekela. “Ukulungele ukuthethelela,” futhi ukwenza “kube-kukhulu.”—IHubo 86:5, qhathanisa ne-NW; Isaya 55:7; Zakariya 1:3.

Emfanekisweni kaJesu, uthando lwangempela lukababa lwenza kwaba lula ngendodana ukuba iqunge isibindi sokubuya. Kodwa cabangela lokhu: Kwakuyokwenzekani ukube ubaba wayemlahlile umfana noma wamtshela ngentukuthelo ukuba angaphinde abuye? Isimo sengqondo esinjalo cishe sasiyokwenza lensizwa iduke nezwe unomphela.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 2:6, 7.

Khona-ke, ngomqondo othile, ubaba wacaba indlela yokubuya kwendodana yakhe lapho ihamba. Ngezinye izikhathi, abadala abangamaKristu namuhla kuyaye kudingeke bakhiphe izoni ezingaphenduki ebandleni. (1 Korinte 5:11, 13) Lapho benza kanjalo, bangaqala ukucaba indlela yokubuya kwesoni ngokubonisa ngothando izinyathelo esingazithatha ukuze sibuyiselwe esikhathini esizayo. Inkumbulo yokuncenga okunjalo okusuka enhliziyweni kamuva iye yashukumisela abaningi abalahlekile ngokomoya ukuba baphenduke futhi babuyele endlini kaNkulunkulu.—2 Thimothewu 4:2.

Futhi ubaba wabonisa ububele lapho indodana yakhe ibuya. Akuzange kumthathe isikhathi ukuba abone ukuphenduka okuqotho komfana. Khona-ke, kunokuba aveze yonke imininingwane yeziphambeko zendodana yakhe, wagxila endabeni yokuyamukela, futhi wabonisa ukukujabulela kakhulu ukwenza kanjalo. AmaKristu angasilingisa lesi sibonelo. Kufanele akujabulele ukuthi obelahlekile uye watholakala.—Luka 15:10.

Isenzo sikababa senza kungangabazeki ukuthi kwase kukudala elindele ukubuya kwendodana yakhe eyayidukile. Yiqiniso, lokho kumane kubonisa ukulangazelela uJehova anakho ngabo bonke abaye bashiya indlu yakhe. “Akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Ngakho-ke labo abaphendukayo ezonweni zabo bangaqiniseka ukuthi bayobusiswa ‘ngezinkathi zokuqabuleka ezivela ebusweni bukaJehova.’—IzEnzo 3:19.

[Umbhalo waphansi]

a Nakuba isigqila sasibhekwa njengesiyingxenye yomkhaya, umqashwa wayeyisisebenzi sosuku esasingaxoshwa noma nini. Lensizwa yacabanga ukuthi yayizozimisela ukwamukela ngisho nesikhundla esiphansi kunazo zonke endlini kayise.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela